Ubuciko Bokuhlobisa Izindondolo
Ngumlobeli we-Phaphama! eBrithani
“NGIYAYE ngimangale njalo ukuzwa ukuthi kunezindawo eBritish Isles lapho bonke abantu bakhona bengazi lutho nje ukuthi ukhuluma ngani uma uthi umsebenzi wakho wokuzilibazisa ukuhlobisa izindondolo,” kusho omunye uchwepheshe walobu buciko.
Abaningi balujwayele ubhoko noma induku yokwelusa. Ukuwahlobisa la mathuluzi kuwashintsha abe umsebenzi wobuciko ongavamile. Sekungamakhulu eminyaka abelusi nezisebenzi zasemapulazini bazi ukuthi lobu buciko budinga ikhono elikhulu—nesineke esikhulu. Kodwa yini ehilelekile ekuhlobiseni izindondolo?
Ukukhetha Ukhuni
Isinyathelo sokuqala siwukukhetha ukhuni. Noma yiluphi ukhuni olunobukhulu obufanele lungasetshenziswa—i-blackthorn, um-apula, noma esegonandoda. Ngokuvamile kukhethwa i-holly ngenxa yamaqhuzu ayo amahle nakhangayo. Kodwa abahlobisi abaningi bezindondolo bakhetha ukusebenzisa isihlahla i-hazel. Ngezinye izikhathi isihlahla siba nehlumela eliphuma litsheke egatsheni noma empandeni. Lokhu kwenza ukwazi ukwenza induku ephelele—induku nesibambo—usebenzisa ingxenye eyodwa yesihlahla.
Isiphi isikhathi esingcono sokugawula induku? Ngokuvamile kungcono lapho isihlahla sesingasakhuli futhi singaphumi inkovu, nakuba abanye abahlobisi bezindondolo begcizelela ukuthi isikhathi esingcono kakhulu siwukukwenza ngokushesha—ngaphambi kokuba omunye asithole! Kunoma ikuphi, lapho umhlobisi wezindondolo esenelisekile ukuthi ugawule ukhuni oluhle, kufanele leyo ndawo ayigawulile ayigcobe ngamafutha noma upende, ukuze avimbele ukuklayeka kokhuni. Kumelwe-ke ukhuni lukhishwe inkovu, okuyinqubo ethatha iminyaka emibili noma ngaphezulu. Umhlobisi wezindondolo uyobe-ke eseqala ukubaza.
Ukubaza Isibambo
Uma induku ingenaso isibambo, noma ikhanda, umhlobisi angase asakhe ngokusebenzisa uphondo lwenkomo, lwemvu noma lwembuzi. Njengokhuni, uphondo kufanele lomiswe, ngokuvamile okuthatha unyaka. Khona-ke, esebenzisa udlawu, umhlobisi uyalulolonga lolu phondo lume ngendlela ayifunayo. Isikhathi eside abelusi bebesebenzisa umlilo wabakhandi bensimbi, amanzi abilayo, umlilo obaswe ngotshani obomisiwe noma ngisho ukushisa kwesibani sikapharafini ukuze benze uphondo lugobeke kalula. Khona-ke luyobe selukulungele ukuba lube yinoma yini umalusi ayicabangayo nangase abe nekhono lokuyenza. Ngokwesibonelo, wayengase abaze isibambo sifane nenja yokuzingela, inyoni, inhlanzi ensundu, ikhanda lenkwali noma isilwane esincane.
Njengoba ebaza uphondo, umhlobisi wodondolo unakisisa imininingwane. Ngokwesibonelo, uma ebaza inhlanzi, umsila namathambo amaphiko kwenziwa ngensimbi eshisayo bese udlawu lokubhoboza oluyindilinga lusetshenziselwa ukwenza amazekece. Amehlo angenziwa ngophondo lwenyathi emnyama. Umzimba upendwa ngopende esikhundleni sikayinki. Kufanele uyinki ufakwe isikhathi esingaphezu kwesisodwa, futhi ukupenda into eshelelayo kungaba isicefe. Ukupenda kokugcina okokuvikela upende ngokufaka ivanishi.
Umsebenzi Omuhle Wobuciko
Uphondo luhlanganiswa nenduku ngebholidi, isipikili noma isikhonkwane esiwukhuni. Umhlobisi wodondolo ngobuciko ube esekhuhla lolu dondolo ngesikhuhli samabhodwe. Ngokulandelayo, uyalupholisha abese elupenda ngovanishi. “Ukwenza inhlanzi, ngenze amaphiko, njalonjalo, bese ngenza amazekece emzimbeni walo, ngilupende kahle okokugcina kungangithatha amahora ayikhulu,” kubhala omunye umhlobisi wezindondolo ongumakad’ebona.
Ukuhlobisa izindondolo ngokusobala kuwumsebenzi okhathazayo. Kodwa uma usuqediwe ungaba umsebenzi omuhle wobuciko, futhi abanye baze bangenele nemincintiswano. Kunoma ikuphi, umhlobisi wezindondolo ubheka umsebenzi wakhe wobuciko njengoyisikhumbuzo senkathi yokuthula, njengoqeda ukucindezeleka okubangelwa izikhathi zanamuhla.