Kungani Kufanele Uye Kudokotela Wamazinyo?
NGAPHAMBI kokuba khona kodokotela bamanje bamazinyo, abantu babevame ukuphathwa amazinyo futhi aphume besebancane. Abaningi babegcina bengasabukeki ngenxa yamazinyo amnyama, agobile noma aphumile. Abantu asebekhulile abangenamazinyo babengondleki kahle futhi befa ngokushesha ngoba bengakwazi ukuhlafuna. Namuhla, abantu abaningi abaya kodokotela bamazinyo bangaphila ngaphandle kobuhlungu bamazinyo, babe namazinyo konke ukuphila kwabo, futhi babe bahle lapho bemomotheka. Odokotela banamuhla bamazinyo bakwaze kanjani ukufinyelela lezi zinto ezintathu ezibalulekile?
Ukuya njalo kudokotela wamazinyo ukuze uhlolwe futhi ufunde ngokunakekelwa kwawo kuye kwaba isici esibalulekile ekugwemeni ukubola nokuphuma kwamazinyo. UJesu wathi: “Abaphilile abamdingi udokotela.” (Luka 5:31) Ngenxa yalokho, abanye baye bazuza kakhulu ngokufundiswa ngenhlanzeko yamazinyo kangangokuba akuvamile ukuba badinge ukwelashwa amazinyo.a Noma kunjalo, abaningi bayamgwema udokotela wamazinyo. Abanye abawanakekeli amazinyo abo ngenxa yokunganaki. Abanye bathiywa yizindleko. Abanye-ke bahlushwa ukwesaba. Kungakhathaliseki ukuthi ziyini izimo zakho, kuyafaneleka ukuzibuza: Angangenzelani udokotela wamazinyo? Ingabe kufanele ngiye kuye? Ukuze sibone ukubaluleka kokuhlolwa amazinyo njalo, kudingeka siqonde ukuthi yini odokotela bamazinyo abasuke bezama ukuyivimbela.
Indlela Odaleka Ngayo Umonakalo
Odokotela bamazinyo bangasiza ekuvimbeleni ubuhlungu bamazinyo nokuphuma kwawo. Ngokubambisana nabo, odokotela bazama ukulwa nemiphumela ye-plaque, ungwengwezi oluthambile olunamagciwane olunamathela emazinyweni. La magciwane ayachuma lapho edla izinhlayiyana zokudla. Aguqula ushukela ube i-asidi ehlasela ulwelwesi lwangaphandle lwamazinyo, alwenze lube nezimbotshana. Ngokuhamba kwesikhathi, amazinyo ayadleka lapho le ndawo enezimbotshana iwohloka bese eyabola. Awuzwa lutho uma lokhu kwenzeka, kodwa lapho ukubola sekufinyelela phakathi ezinyweni lakho, ungase uzwe ubuhlungu obukhulu.
Amagciwane abangela i-plaque anenye indlela yokukubangela ubuhlungu. Uma i-plaque ingasuswa kahle lapho uxubha, iyaqina ibe uqweqwe okuthiwa i-calculus, noma i-tartar, olwenza izinsini zivuvukale futhi ziqale ukuvuleka. Lokhu kuvula igebe phakathi kwezinyo nezinsini lapho ukudla kungena khona bese kuba idili lamagciwane angase ahlasele izinsini. Udokotela wakho wamazinyo angasiza ekulawuleni lesi simo, kodwa uma le nkinga inganakwa, izinsini zamazinyo akho zingalimala kangangokuba empeleni amazinyo angaziphumela kalula. Baningi abantu abanamazinyo aphuma ngale ndlela kunalabo aphuma ngenxa yokubola.
Amathe ayisivikelo ngezinga elithile kulokhu kuhlasela kwamagciwane okukabili. Kungakhathaliseki ukuthi udle washaya esentwala noma udle ikhekhe nje, amathe adinga imizuzu ephakathi kwengu-15 nengu-45 ukuze asuse izinhlayiyana zokudla futhi aqede i-asidi ekuyi-plaque emazinyweni akho. Isikhathi esidingekayo sixhomeke ekutheni ungakanani ushukela onamathelayo noma izinsalela zokudla ezinamathela emazinyweni. Kubonakala sengathi amazinyo alimala phakathi nalesi sikhathi. Ngakho, izinga lomonakalo odaleka emazinyweni lingase lingaxhomeki ekutheni ungakanani ushukela owudlile kodwa ekutheni ukudle kangaki ukudla nezinto ezinoshukela. Njengoba amathe encipha lapho ulele, enye yezinto eziyingozi kakhulu ongazenza emazinyweni kungaba ukudla noma uphuze izinto ezinoshukela bese uyolala ungaxubhanga. Ngakolunye uhlangothi, ukuhlafuna ushungamu ongenashukela ngemva kokudla kuthiwa kwandisa amathe futhi kuyasiza ekuvikeleni amazinyo.
Ukuya Kudokotela Uyohlolwa
Odokotela bamazinyo batusa ukuba uhlolwe njalo kanye noma kabili ngonyaka, kuye ngesimo samazinyo akho. Lapho uhlolwa, cishe udokotela uyothwebula izithombe ze-X-ray abese ehlolisisa amazinyo ukuthi awadlekile yini. Ngokukujova ngesibulala-zinzwa nomshini wokubhoboza imbobo ezinyweni, ngokuvamile angagcwalisa yonke imigodi ayitholayo ngaphandle kokukuzwisa ubuhlungu. Kulabo abesaba ngokukhethekile, odokotela abambalwa sebesebenzisa ama-laser noma ujengezi oludla ukubola, okungase kunciphise noma kuqede isidingo sokusebenzisa lo mshini noma umjovo wokubulala izinzwa. Kubantwana, odokotela bamazinyo banakekela ngokukhethekile amabamba asanda kuvela ukuze babone ukuthi anazo yini izimfa noma imifantu phezulu okuyoba nzima ukuyigeza ngesixubho. Udokotela angase atuse ukuba leyo mifantu ivalwe ngengxube yokuvala ukuze izinyo libe bushelelezi futhi kube lula ukuligeza, kanjalo livikeleke ekuboleni.
Kubantu abadala, odokotela bakhathalela ngokukhethekile ukuvimbela izifo zezinsini. Ngakho uma udokotela ethola uqweqwe oluqinile lwe-calculus, uyolususa. Abantu abaningi bavame ukungafinyeleli ezindaweni ezithile zamazinyo abo lapho bexubha, ngakho udokotela wamazinyo angase akubonise ukuthi ungayithuthukisa kanjani indlela oxubha ngayo. Abanye odokotela bathumela iziguli kubanakekeli bamazinyo abaqeqeshwe ngokukhethekile ukuze benze lo msebenzi obalulekile.
Ukulungisa Amazinyo Onakele
Uma amazinyo akho elimele, ephumile noma egobile, uyojabula ukwazi ukuthi odokotela bamazinyo sebenezindlela eziningi zokuwalungisa. Kodwa lo msebenzi wokuwalungisa uyabiza, ngakho kufanele uqaphele ungazifaki ezindlekweni ezingaphezu kwamandla akho. Nokho, abantu abaningi banomuzwa wokuthi ukulungiswa kwamazinyo kuyifanele imali yabo. Mhlawumbe udokotela angakusiza ukwazi ukuhlafuna futhi. Noma angase akwazi ukwenza ukumomotheka kwakho kube kuhle nakakhulu—okuyinto ebaluleke kakhulu, ngoba amazinyo ame kabi angathinta izinga lokuphila kwakho.
Uma amazinyo angaphambili eqhephukile noma egqwalile, udokotela angase atuse amazinyo okwenziwa (veneer), enziwe mhlawumbe ngobumba olumhlophe olufana nsé namazinyo angokwemvelo. La mazinyo okwenziwa afakwa emsukeni wezinyo elilimele, alenze libukeke ngendlela ehlukile. Emazinyweni onakele kakhulu, udokotela angase abone kungcono ukuliphesha, okuvame ukubizwa ngokuthi i-crown. Leli pheshi liyivala ngokuphelele ingxenye esele yezinyo futhi lilenze libe nengaphandle elisha eliyigolide noma elibukeka njengezinyo elingokwemvelo.
Yini udokotela angayenza ngezisini? Angafaka izinyo lokufakelwa eliphumayo, noma angase enze ibhuloho elifakwa ezinsinini elivala izinyo ohlangothini ngalunye lwesisini libambe izinyo elilodwa noma ngaphezulu ukuze anganyakazi. Enye indlela esithandwa kakhulu ukufakelwa amazinyo ezinsinini (implant). Udokotela ufaka isisekelo se-titanium ethanjeni lomhlathi lapho kwakunezinyo khona, kuthi lapho ithambo nezinsini sekuvaleke kahle, afake izinyo lokwenziwa kuleso sisekelo. Kucishe kufane nokuba nezinyo langempela.
Amazinyo agobile angabangela amahloni futhi kungaba nzima ukuwaxubha, kanjalo achayeke ezifweni. Uma amazinyo engakhuli aqondane kahle, angase abe buhlungu kube nzima nokuhlafuna. Ngenhlanhla, ngokuvamile odokotela bangazilungisa izinkinga ezinjalo ngezinsimbi zokuwaqondisa. Ngenxa yentuthuko yamuva nje ekuklameni lezi zinsimbi, ezesimanje azibonakali kalula futhi akudingeki ukuba zilungiswe njalo.
Abanye odokotela bamazinyo bagxila kakhulu ekuqedeni iphunga elibi emlonyeni. Abanye abantu baba nenkinga yephunga elibi ngezikhathi ezithile, abanye njalo. Lingase libangelwe yizizathu ezimbalwa. Abanye odokotela bamazinyo banolwazi lokuhlonza imbangela ethile eyinhloko. Ngokuvamile libangelwa amagciwane, ahlala emuva ngasekupheleni kolimi. Ukuxubha noma ukuhwaya ulimi kungase kusize, njengoba kunjalo nangokwandisa amathe emlonyeni ngokuhlafuna ushungamu ongenashukela. Ukuxubha kubalulekile ikakhulukazi ngemva kokudla imikhiqizo yobisi, inyama noma inhlanzi.
Ukubhekana Nokwesaba
Uma ukuya kudokotela wamazinyo kukwenza ube nexhala, udokotela wakho angase athande ukukusiza ubhekane nalokho kwesaba. Ngakho mtshele indlela ozizwa ngayo. Sikisela uphawu lwesandla ozolusebenzisa ukuze ubonise ukuthi uzwa ubuhlungu noma uyesaba. Iziguli eziningi ziye zathola ukuthi lokhu kuzenza zizole.
Mhlawumbe usaba ukuthethiswa. Ungase wesabe ukuthi udokotela uzokuphoxa ngenxa yokungawanakekeli kahle amazinyo. Kodwa njengoba ukukhuluma kanjalo kungase kuxoshe iziguli, kungenzeka ukwesaba kwakho ukuthethiswa akunasisekelo. Odokotela abaningi bamazinyo bayakuthanda ukukhuluma neziguli zabo ngomusa.
Abantu abaningi bayakugwema ukuya kudokotela wamazinyo ngenxa yokwesaba izindleko. Kodwa uma kunendlela yokuba uhlolwe manje, ungase ugweme izinkinga nokwelashwa okubizayo kamuva. Ezindaweni eziningi kunezinkonzo ezihlukahlukene zokunakekelwa kwamazinyo ezingafinyelelwa yibo bonke abantu. Ngisho nehhovisi elivamile likadokotela wamazinyo cishe liyoba nawo umshini we-X-ray kanye nomshini wokubhoboza izinyo. Odokotela bangenza izinto eziningi ngaphandle kokuhlukumeza isiguli. Izindleko zomjovo obulala izinzwa ziphansi futhi abantu abaningi bangakwazi ukuzifinyelela, ngisho nalabo abanemali elinganiselwe.
Umsebenzi wodokotela bamazinyo uwukuqeda izinhlungu, hhayi ukuzibangela. Ukunakekelwa kwamazinyo akusahlukumezi ngendlela okwakungayo ngesikhathi sikagogo nomkhulu wakho. Njengoba amazinyo anempilo ethuthukisa yonke impilo yomuntu futhi engakusiza ukuba ujabulele ukuphila ngezinga eligcwele, kungani ungavakasheli udokotela wakho wamazinyo? Ungase ukujabulele ngendlela emangalisayo.
[Umbhalo waphansi]
a Lesi sihloko sigxile kulokho udokotela wamazinyo angakwenza ukuze asize iziguli. Ukuze uthole ukwaziswa kokuthi yini wena ongayenza ukuze uvikele amazinyo akho, siza ubheke isihloko esithi “Indlela Yokuvikela Ukumomotheka Kwakho,” kuyi-Phaphama! yesiNgisi ka-November 8, 2005.
[Izithombe ekhasini 29]
Ukubukeka Kwezinyo Elinempilo
Ungwengwezi lwangaphandle
I-dentin
Izinsini (i-gingiva)
Ingaphakathi nezinzwa kanye nemithambo yegazi
Ithambo
I-crown
Izimpande
Ukubola Kwezinyo
Ukubola
Ukugcwaliswa kwezinyo kuvimbela ukuba ukubola kungaqhubeki
Izinsini Ezinesifo
I-plaque kufanele isuswe ngesixubho noma ngentambo yokukhipha ukudla phakathi kwamazinyo (i-floss)
I-calculus, noma i-tartar, kunzima ukuyisusa futhi yenza izinsini zivuleke
Izinsini ezivulekayo
[Izithombe ekhasini 30]
Ukulungisa Amazinyo
Izinyo lokwenziwa linamathela kwelemvelo
Ipheshi
Izinyo elifakelwe
Ibhuloho livala izinyo ohlangothini ngalunye lwesisini libambe izinyo lokufakelwa linganyakazi