Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Izinso Ngifisa ukunazisa indlela esangishukumisa ngayo isihloko esithi “Izinso Zakho—Izisefo Ezisekela Ukuphila.” (August 8, 1997) Udokotela ungitshele ukuthi nginenkinga yezinso. Ngenxa yalesi sihloko, angizizwa ngifelwe yizwe ngenxa yalesi sifo.
V. M., United States
Nginesifo sezinso esangilalisa esibhedlela izinyanga ezine. Ukufunda isihloko senu kwangisiza ngabona ukuthi ngangingawazi kangakanani umzimba wami. Manje ngingakwazi ukusichaza kangcono isimo sami kwabanye.
S. H., Japan
Lesi sihloko safika ngesikhathi umkami ayesanda kutshelwa ngaso ukuthi unomdlavuza wezinso. Nakuba ukutholwa kwalesi sifo kwasishaqisa, sakwazi ukuyiqonda ngokucacile imisebenzi ehlukahlukene yezinso lapho udokotela ohlinzayo esichazela. Umkami wakhishwa inso futhi manje uyalulama.
G. S., India
Indaba Yomqophi Wezithombe Kwangithinta inhliziyo ukufunda okuhlangenwe nakho kukaCelo Pertot esihlokweni isithi “Okuthile Okungcono Kunodumo Lwezwe.” (August 22, 1997) Ngaphambi kokuba ngibe umKristu, ngangingumculi nomdlali waseshashalazini. Ngobusuku obandulela usuku engabhaphathizwa ngalo, ngathola ucingo oluvela kubabhali bomdlalo odumile wethelevishini. Lapho ngibatshela ukuthi ngangingaseyena usaziwayo wezokuzilibazisa, bathi, “Ingabe usangene?” NjengoCelo Pertot, ngicabanga ukuthi uJehova uye wabusisa isinqumo sami ngendlela emangalisayo.
R. F., United States
Isazi Semfundiso Yenkolo SaseRussia Nginibonga kakhulu ngokunyathelisa isihloko esithi ‘OFakazi BakaJehova ERussia.’ (August 22, 1997) Ngiyamhlonipha kakhulu futhi ngiyamncoma uSergei Ivanenko ngokuba nesibindi nesifiso sokunyathelisa iqiniso ngoFakazi BakaJehova.
S. M., United States
Inzondo Uchungechunge oluthi “Kungani Kunenzondo Kangaka? Kungani Lungekho Kangaka Uthando?” (September 8, 1997) lwalunesembozo esihle kunazo zonke enake nazinyathelisa. Lezi zihloko zangisiza ngabona ngokucacile ukuthi kungani abantu bengazithembi izihambi nabantu abanezizinda ezihlukile.
J. M., United States
I-RSD—Isifo Esibuhlungu Ngizizwa ngibophekile ukuba nginibhalele ngemva kokufunda isihloko esithi “I-RSD—Isifo Esiyindida, Esibuhlungu.” (September 8, 1997) Ngo-January, ngathola ukuthi ngine-RSD. Ngazama ukuthola ukwaziswa okuphathelene nayo. Ngakho-ke, ngakhala lapho ngibona lesi sihloko. Sasiwusizo, futhi saphendula imibuzo yami eminingi.
W. B., England
Sekuyiminyaka emine ngiphethwe yi-RSD. Ngibonga umzamo wenu wokucwaningisisa ngale ndaba. Kwabonisa ngempela ukuthi ninothando ngomakhelwane.
G. S., Germany
Umyeni wami uphethwe yi-RSD, futhi besikuthola kunzima ukuchazela abanye abantu ngalesi sifo. Njengoba manje sesidingidwe kahle kangaka kulesi sihloko, kuye kwaba lula kakhulu ngathi. Futhi siye sadlulisela lokhu kwaziswa kodokotela nasezikhungweni zokwelapha. Ukufunda ukulandisa kukaKaren Orf ngomshikashika wakhe ephethwe yi-RSD kwakunjengokufunda ngokuphila komyeni wami! NjengoKaren, sibheke phambili ezweni elisha, lapho ubuhlungu buyobe bungasekho khona.
K. P., Australia
Ngiyambonga uKaren ngendaba ayilandisa. Ngicabanga ngaye futhi ngiyamthandazela, futhi ngithemba ukuthi uyoqhubeka elulama. Ngihlaselwe yi-RSD kusuka emhlane kwehle ngemilenze kuze kuyoshaya ematheni ezinyawo. Ukuhlala emihlanganweni nokuhamba enkonzweni yasensimini kungibangela ubunzima nobuhlungu obunjunjuthayo. Nokho, ngokusekela kukaJehova, lokhu akukabi isithiyo.
C. K., England