Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 7/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—1998
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2000
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 7/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ukuhwebelana Kwembulunga Yonke Ngifisa ukunibonga kakhulu ngokwaziswa okucacile okusesihlokweni esithi “Ukuhwebelana Kwembulunga Yonke—Indlela Okukuthinta Ngayo.” (September 8, 1999) Manje sengiqonda kahle ukuthi kungani kunegebe phakathi kwamazwe acebile nampofu.

M. Z., Italy

Ngifunda izifundo zezomnotho ekolishi futhi ngisanda kuqeda isihloko esikhuluma ngokuhwebelana komhlaba wonke. Isihloko senu sasinamaphuzu esingazange sixoxe ngawo ekilasini. Ngizowasebenzisa lapho sengibhala izivivinyo ngenyanga ezayo.

H. N., Zimbabwe

I-laser Okungeyona? Isihlokwana esisengosini ethi “Ukubuka Okwezwe” esithi “Udokotela Wamazinyo Ongakuzwisi Buhlungu?” (October 22, 1999) sakhuluma ngokusetshenziswa “komsebe we-laser we-erbium:YAG ekuhlinzeni amazinyo.” Ingabe kwakungamelwe kuthiwe “i-neodymium:YAG”?

D. B., Canada

Nakuba i-Academy of Laser Dentistry ichaza i-“laser” i-“neodymium”:YAG “njengomsebe ovame ukusetshenziswa ekuhlinzeni amazinyo,” isihloko esikuyi-“Journal of the American Dental Association” (August 1997, Umqulu 128, amakhasi 1080-7) sikhuluma ngokusetshenziswa kwe-“laser” i-“erbium”:YAG njengoba kwachaza i-“FDA Consumer.”—ED.

Ama-crossword Puzzle Mayelana nama-crossword puzzle (kumagazini wesiNgisi), beningeke yini nikhiphe izimpendulo kumagazini olandelayo? Ngokuvamile ngiqale ngifunde wonke umagazini bese ngiwenza kamuva ama-puzzle, futhi kuyinselele ukufunda ikhasi elinezimpendulo ngaphandle kokuzithi shazí.

J. L., United States

Siyakwazisa lokhu kusikisela. Nokho, njengoba i-“Phaphama!” isakazwa endlini ngendlu, abafundi bethu abaningi ababatholi omagazini abalandelayo. Ngakho sinomuzwa wokuthi kungcono ukunyathelisa izimpendulo kumagazini ofanayo. Zama ukuba ungazibheki kusengaphambili!—ED.

Ubuthakathi Ngineminyaka engu-13 ubudala, futhi esikoleni ngahlangana nentombazane ekholelwa ekuthakatheni. Ngelinye ilanga yangibuza ukuthi ngicabangani ngakho. Ngayitshela ukuthi ngingomunye woFakazi BakaJehova futhi angikholelwa ekusebenziseni amandla obuthakathi. Yathukuthela futhi kusukela ngaleso sikhathi ibilokhu ingibelesela ngale ndaba. Ngathandaza ngicela usizo kuJehova, futhi lwafika ngesihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Yini Eyisisusa Sobuthakathi?” (November 8, 1999) Ngayinika lesi sihloko, futhi ngemva kokusifunda, ayizange iphinde ibuze ukuthi ngizizwa kanjani ngale ndaba.

K. E., United States

Ukudla Okwehl’ esiphundu Okunukayo Ngiyabonga ngesihloko esithi “I-surströmming—Ukudla Okwehl’ esiphundu Okunukayo.” (July 8, 1999) Sasingakaze sizwe ngakho ngaphambili, ngakho sakhuluma nomunye esikholwa naye odabuka eSweden. Wakuchaza ngendlela ekhangayo lokhu kudla okwehl’ esiphundu futhi kamuva wasimangaza ngokusipha amathini amabili. Sanquma ukuba sikujabulele ndawonye njengeqembu lasebandleni. Silalela isixwayiso esikulesi sihloko, sawavulela ngaphandle engadini amathini. Sasenzé kahle. Iphunga lako lalinamandla! Sehluleka ukuchaza kahle ukuthi kunambitheka kanjani loku kudla! Kodwa siyabonga ngalesi sihloko, ngoba ngaphandle kwaso sasingeke sikuthole okuhlangenwe nakho okunjalo esiyokukhohlwa sifile.

C. B., Germany

I-RSD Kungithathe iminyaka emibili ukuba nginibhalele ngibonge ngesihloko esithi “I-RSD—Isifo Esiyindida, Esibuhlungu.” (September 8, 1997) Ngangingakaze ngizwe ngalesi sifo kwaze kwaba yilapho ngithola ukuthi nginaso engalweni yami yesokunxele. Udokotela wami owelapha umzimba wathi wayefunde okuningi kulesi sihloko kunalokho ayekufunde ezifundweni zasekolishi. Ngiyabonga ngalesi sihloko. Ngempela siye sangisiza ngakwazi ukubekezela.

L.M.K., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela