Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 7/8 k. 9
  • Ingabe Impilo Ephelele Iyiphupho Nje?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Impilo Ephelele Iyiphupho Nje?
  • I-Phaphama!—1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukhululwa Ekuguleni
  • Impilo Ephelele Kubo Bonke
    I-Phaphama!—1995
  • Lapho Ukugula Kungasekho!
    I-Phaphama!—2007
  • Ngokushesha—Bonke Abantu Bazoba Yimiqemane!
    I-Phaphama!—2001
  • Ukugula—Liyini Ithemba Lokukhululeka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 7/8 k. 9

Ingabe Impilo Ephelele Iyiphupho Nje?

INGABE wake wagula kakhulu noma wahlinzwa ngenxa yenkinga enkulu? Uma kunjalo, cishe manje ukwazisa nakakhulu ukuphila. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi siyini isimo sakho somzimba, ingabe uyakholelwa ukuthi kungenzeka ujabulele impilo ephelele? Lokhu kungabonakala kuwukuzikhohlisa uma sibheka ukwanda kwezifo ezibhubhisayo ezinjengomdlavuza noma isifo senhliziyo. Yebo, abaningi bethu bayagula ngezikhathi ezithile. Nokho, impilo ephelele ayilona nje iphupho.

Umuntu wadalelwa ukuba ajabulele impilo enhle, hhayi ukuba ahlushwe ukugula nokufa. Ngakho, ukuze aqede ukugula nokufa, uJehova wanikeza isisekelo sempilo ephelele nokuphila okuphakade ngomhlatshelo wesihlengo kaKristu Jesu. “UNkulunkulu walithanda izwe kakhulu kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.” (Johane 3:16) Labo abaphila phakade ezweni elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe ngeke besahlushwa yimpilo ebuthaka noma ukuguga. Uma kunjalo, kuyokwenzekani ngezifo ezibangela ubuthakathaka?

Ukukhululwa Ekuguleni

Indlela uJesu Kristu aphilisa ngayo ababuthaka iyisibonelo. Ngokuphathelene nokuphulukiswa okunjalo kwathiwa: “Izimpumputhe ziyabona futhi, nezinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanzwa nezithulu ziyezwa, nabafileyo bayavuswa, futhi kumenyezelwa izindaba ezinhle kwabampofu.” (Mathewu 11:3-5) Yebo, bonke abakhubazekile abasondela kuJesu “benziwa basinda ngokuphelele.” (Mathewu 14:36) Ngenxa yalokho, “isixuku samangala njengoba sibona izimungulu zikhuluma nezinyonga zihamba nezimpumputhe zibona, sakhazimulisa uNkulunkulu ka-Israyeli.”—Mathewu 15:31.

Yebo, nakuba kungekho muntu namuhla ongaphulukisa ngale ndlela, singaqiniseka ukuthi ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu isintu siyolethwa ekupheleleni, siphiliswe kuzo zonke izifo zengqondo nezomzimba. Isithembiso sikaNkulunkulu silotshwe kusAmbulo 21:3, 4: “Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nesintu, uyohlala naso, futhi siyoba abantu bakhe. Futhi uNkulunkulu ngokwakhe uyoba naso. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”

Cabanga ngezwe lapho kungasekho khona isidingo semboni ethaka imithi noma izibhedlela, ukuhlinzwa kwabantu, noma ukwelashwa! Ngaphezu kwalokho, ePharadesi elibuyiselwe, ukucindezeleka nokugula ngengqondo kuyoba izinto zesikhathi esidlule. Ukuphila kuyoba yinjabulo yangempela; kanti injabulo yona, iyoba umuzwa waphakade. Ngempela, amandla kaNkulunkulu angenamkhawulo ayovuselela ikhono lomzimba lokuzivuselela, futhi izinzuzo zesihlengo ziyoqeda umphumela wesono owohlozayo. “Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.”—Isaya 33:24.

Yeka ithemba elimangalisayo—ukujabulela impilo ephelele ngokomzimba nangokomoya ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu! Njengoba ulondoloza indlela yokuphila elinganiselayo nenempilo manje, bheka phambili ezibusisweni zezwe elisha likaNkulunkulu. Kwangathi uJehova ‘angasuthisa ukulangazela kwakho ngokuhle, ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi’!—IHubo 103:5.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela