Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ababeyizitha Bakhonza UJehova Ngobunye
“MHLA ngiqala ukuzwa ngoFakazi BakaJehova ngangisebenza njengonogada ohlomile eBosnia,” kuchaza uBranko.a
UBranko wayesebenza njengonogada esibhedlela okwakwelashwa kuso abantu abalimele. Omunye wodokotela wayetadisha iBhayibheli noFakazi, futhi lapho esebenza ebusuku, wachazela uBranko okuningi kwalokho ayekufundile ngeBhayibheli.
Lokho uBranko akuzwa ngalobo busuku kwamshukumisa kakhulu kangangokuba ngokushesha wahlukana nezikhali zakhe. Wathintana noFakazi, efuna ukufunda okwengeziwe. Esikhathini esithile kamuva, ngemva kokuthuthela kwelinye izwe laseYurophu, uBranko wafuna iHholo LoMbuso futhi waya emhlanganweni webandla loFakazi BakaJehova laseYugoslavia. Yilapho uBranko ahlangana khona noSlobodan.
USlobodan naye wayesuka eBosnia futhi wayesebenze ngokuzithandela empini efanayo uBranko ayekuyona—kodwa ohlangothini oluphikisayo. USlobodan wayelwele abaseSerbia ababelwa nabaseCroatia. Ngesikhathi laba ababili behlangana, uSlobodan wayesenguFakazi kaJehova obhapathiziwe. Wacela ukutadisha iBhayibheli noBranko, owayekade eyisitha sakhe. Njengoba isifundo sasiqhubeka, uBranko wafunda okwengeziwe ngoJehova, futhi uthando lwakhe ngoNkulunkulu lwakhula. Lokhu kwashukumisela uBranko ukuba anikezele ukuphila kwakhe kuMdali. Ngo-October 1993 wabonisa ukuzinikezela kwakhe ngobhapathizo lwamanzi.
Kwenzeka kanjani ukuba uSlobodan abe omunye woFakazi BakaJehova? Wayeshiye inkundla yempi eBosnia esikhathini esithile ngaphambili. Wayefunde izincwadi ezithile zoFakazi, kodwa isithakazelo sakhe eZwini likaNkulunkulu saze sakhula ngasekuqaleni kuka-1992 lapho kufika oFakazi ababili kwakhe. Ubani owavakashela uSlobodan, wacela ukutadisha naye iBhayibheli? KwakunguMujo, naye owayesuka eBosnia, kodwa owakhuliswa njengeSulumane. Njengoba isifundo seBhayibheli sasiqhubeka, nsuku zonke uMujo noSlobodan, abake baba izitha, babeba ndawonye isikhathi esithile nsuku zonke ukuze baqinise ukholo lomunye nomunye.
Impi yasendaweni eyayiyiYugoslavia isithathe ukuphila kwamakhulu ezinkulungwane zabantu. Kodwa uBranko, uSlobodan, noMujo manje bakhonza njengabashumayeli bezindaba ezinhle besikhathi esigcwele ebandleni elilodwa loFakazi BakaJehova. Baye banqoba inzondo yobuzwe neyobuhlanga, futhi manje bafuna ukuthula njengoba bezithoba kuMdali, uJehova.
Kodwa yini eyabangela lezi zinguquko? Kwakuwuthando lwabo ngoJehova, ukuhlonipha kwabo iBhayibheli, nokuzimisela kwabo ukusebenzisa iqiniso leBhayibheli ekuphileni kwabo. Njengoba imiBhalo Engcwele isho, “izwi likaNkulunkulu liyaphila futhi linamandla . . . futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.”—Heberu 4:12.
[Umbhalo waphansi]
a Kusetshenziswe amagama-mbumbulu.