Intsha Iyabuza . . .
Kungani Ngingenabo Abazali?
“Kwakunjani ukuphila ngaphandle kwabazali bami? Ngingasho ukuthi kwakudabukisa ngenxa yezizathu eziningi. Kunzima kakhulu ukukhula ngaphandle kothando lwabazali bakho.”—UJoaquín.
“Inselele enkulu engangibhekana nayo kwakuyilapho abazali kumelwe baye esikoleni beyosayina ikhadi lemiphumela yezifundo. Ngangizizwa ngidumele futhi nginesizungu. Ngisazizwa ngaleyo ndlela ngezinye izikhathi.”—U-Abelina oneminyaka engu-16 ubudala.
KUYINHLEKELELE yezikhathi zethu—izigidi zentsha zikhula zingenabo abazali. EMpumalanga Yurophu izinkulungwane ziye zaba izintandane ngenxa yempi. E-Afrika umqedazwe wengculaza uye wabangela umonakalo ofanayo. Ezinye izingane zimane zashiywa abazali bazo. Imikhaya iye yahlukana ngenxa yempi noma inhlekelele engokwemvelo.
Izimo ezinjengalezi zazivamile ngisho nasezikhathini zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, imiBhalo ikhuluma kaningi ngosizi lwentandane. (IHubo 94:6; Malaki 3:5) Izimpi nezinye izinhlekelele kwakuhlukanisa imikhaya nangaleso sikhathi. Ngakho iBhayibheli likhuluma ngentombazane eyathunjwa kubazali bayo lapho ithathwa ibutho labaphangi bama-Aramu.—2 AmaKhosi 5:2.
Mhlawumbe nawe ungomunye wezigidi zentsha ezithola ingenabazali. Uma kunjalo, uyazi ukuthi isimo esinjalo singacindezela kakhulu. Kungani uye wehlelwa yilokhu?
Akulona Iphutha Lakho
Ingabe uke ube nomuzwa wokuthi uNkulunkulu uyakujezisa? Noma mhlawumbe uthukuthelele abazali bakho ngokuthi bafa—njengokungathi bakwenza ngamabomu. Okokuqala, qiniseka ukuthi uNkulunkulu akakuthukuthelele. Abazali bakho nabo abazange bakhethe ukukushiya ngamabomu. Ukufa kuyingxenye yosizi isintu esingaphelele esibhekene nalo, futhi ngezinye izikhathi kwehlela abazali lapho izingane zabo zisezincane. (Roma 5:12; 6:23) Kubonakala sengathi uJesu Kristu naye wabhekana nokushona kukasingayise, uJosefa.a Ngokuqinisekile lokho akubangelwanga ukuthi uJesu wayenze isono esithile.
Qaphela futhi ukuthi siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Ubudlova, impi nobugebengu kuye kwabulala izigidi zabantu ngokungakhethi kuleli khulu leminyaka. Abanye baye bafa ngenxa yokuhlangabezana “nesikhathi nethuba,” okungehlela noma ubani. (UmShumayeli 9:11) Kungakhathaliseki ukuthi ukushona kwabazali bakho kubuhlungu kangakanani, kwakungelona neze iphutha lakho. Kunokuba uzibeke icala noma uqhathe umunyu, thola induduzo esithembisweni sikaNkulunkulu sovuko.b UJesu wabikezela: “Ningamangali ngalokhu, ngoba ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo beyozwa khona izwi layo futhi baphume.” (Johane 5:28, 29) U-Abelina, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Ukuthanda uJehova nethemba lovuko kuye kwangisiza kakhulu.”
Nokho, kuthiwani uma abazali bakho besaphila kodwa bekulahlile? UNkulunkulu ufuna ukuba abazali bakhulise futhi bondle izingane zabo. (Efesu 6:4; 1 Thimothewu 5:8) Nokho, ngokudabukisayo abanye abazali baye babonisa ukuntula “ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo” nezingane zabo ngendlela eshaqisayo. (2 Thimothewu 3:3) Abanye, balahla izingane ngenxa yobubha, ukuluthwa izidakamizwa, ukugqunywa emajele noma ukuba imilutha yotshwala. Kuyavunywa, bakhona nabazali abalahla izingane zabo ngenxa yobugovu. Kungakhathaliseki ukuthi siyini isizathu, ukuhlukaniswa nabazali kuyakhungathekisa. Kodwa lokhu akusho ukuthi kukhona into engalungile ngawe noma ukuthi kumelwe uzibeke icala. Empeleni, abazali bakho yibona abayolandisa kuNkulunkulu ngendlela abakuphathe ngayo. (Roma 14:12) Yiqiniso, uma abazali bakho beye baphoqelelwa ukuba bahlukane nawe ngenxa yezimo ezingaphezu kwamandla abo, njengenhlekelele engokwemvelo noma ukugula, khona-ke akekho okumelwe abekwe icala! Kungenzeka nibuye nihlangane futhi, ngisho noma lelo themba kubonakala sengathi liyafiphala ngezinye izikhathi.—Qhathanisa noGenesise 46:29-31.
Isenzakalo Esibuhlungu
Okwamanje, ungase ubhekane nezinkinga eziningi ezinzima. Ukuhlola okwenziwe yi-United Nations Children’s Fund, okubizwa ngokuthi Izingane Ezisempini, kwembula ukuthi: “Izingane ezingenabanakekeli ziyizisulu eziyinhloko—lezo . . . ezibhekana nezithiyo ezinzima ukuze ziqhubeke ziphila, ezintula ukusekelwa ukuze zikhule kahle futhi ezixhashazwayo. Ukuhlukaniswa nabazali kungaba ukulahlekelwa okubuhlungu kunakho konke enganeni.” Mhlawumbe ulwa nemizwa yokucindezeleka nokukhungatheka.
Khumbula uJoaquín, okukhulunywe ngaye ekuqaleni. Abazali bakhe bahlukana base bebalahla yena nezingane zakubo. Ngaleso sikhathi wayenonyaka owodwa kuphela ubudala futhi wakhuliswa odadewabo abadala. Uyachaza: “Ngangivame ukubuza ukuthi kungani singenabo abazali njengabangane bami. Futhi lapho ngibona ubaba othile edlala nomfana wakhe, ngangifisa sengathi ngabe ungubaba wami.”
Ukuthola Usizo
Nakuba kunzima ukukhula ungenabo abazali, akusho ukuthi uzoba isehluleki. Ngosizo nangokusekelwa, ngeke nje uqhubeke uphila kuphela kodwa ungachuma. Lokhu kungase kube nzima ukuba ukukholelwe, ikakhulukazi uma udabukile futhi usosizini. Nokho, qaphela ukuthi imizwa enjalo ingokwemvelo kanti ngeke ikuhluphe phakade. KumShumayeli 7:2, 3, siyafunda: “Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili . . . Usizi lungcono kunokuhleka, ngokuba ngokudabuka kobuso inhliziyo yenzelwa okuhle.” Yebo, kungokwemvelo futhi kunempilo ukukhala lapho kwenzeke inhlekelele embi. Ungase ukuthole kuwusizo nokukhuluma nomngane oqondayo noma ilungu elivuthiwe lebandla ngobuhlungu obuzwayo.
Yiqiniso, ungase ufune ukuzehlukanisa. Kodwa IzAga 18:1 ziyaxwayisa: “Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso, uphika konke ukuhlakanipha.” Kungcono ukucela usizo kothile onomusa noqondayo. IzAga 12:25 zithi: “Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa, kepha izwi elihle liyayithokozisa.” Lelo ‘lizwi elihle’ ungalithola kuphela uma utshela othile ‘ngokukhathazeka’ kwakho.
Ubani ongamtshela? Funa abantu abangakusekela ebandleni lobuKristu. UJesu uthembisa ukuthi lapho, ungathola ‘abafowenu nodadewenu nonyoko’ abayokuthanda futhi bakukhathalele. (Marku 10:30) UJoaquín uyakhumbula: “Ukujwayelana nabazalwane abangamaKristu kwangenza ngaba nombono ohlukile ngokuphila. Ukuba khona njalo emihlanganweni kwangenza ngathanda uJehova ngokwengeziwe futhi ngafuna ukumkhonza. Abafowethu abavuthiwe banika umkhaya wakithi usizo olungokomoya neseluleko. Namuhla, ezinye izingane zakithi ziyizikhonzi zesikhathi esigcwele.”
Futhi khumbula ukuthi uJehova “uyise wezintandane.” (IHubo 68:5, 6) Ezikhathini zeBhayibheli, uNkulunkulu wakhuthaza abantu bakhe ukuba baphathe izintandane ngomusa nangobulungisa. (Duteronomi 24:19; IzAga 23:10, 11) Futhi usayikhathalela ngokufanayo intsha engenabo abazali namuhla. Ngakho thandaza kuNkulunkulu, uqiniseke ukuthi uyakukhathalela nokuthi uyokuphendula. INkosi uDavide yabhala: “Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela. Lindela uJehova, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi.”—IHubo 27:10, 14.
Nakuba kunjalo, osemusha ongenabo abazali ubhekana nezinselele eziningi nsuku zonke. Uzohlalaphi? Uyophumelela kanjani ngokwezimali? Isihloko sangesikhathi esizayo siyokhuluma ngendlela ongabhekana ngayo ngokuphumelelayo nezinye zalezi zinselele.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu waphathisa umfundi wakhe uJohane umthwalo wokuba anakekele unina, okuyinto cishe ayengeke ayenze ukuba usingayise, uJosefa, wayesaphila.—Johane 19:25-27.
b Ukuze uthole ukwaziswa okuphathelene nokubhekana nokushona komzali, bheka izihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . . ” ezikumagazini i-Phaphama! ka-August 22 neka-September 8, 1994.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 24]
“Ukuthanda uJehova nethemba lovuko kuye kwangisiza kakhulu”
[Isithombe ekhasini 24]
Ngezinye izikhathi ungazizwa unesizungu
[Izithombe ekhasini 25]
Ebandleni kunabangane abangakusiza futhi bakukhuthaze