Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 5/8 k. 26-k. 27 isig. 7
  • AmaKristu Kufanele Alibheke Kanjani IMisa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • AmaKristu Kufanele Alibheke Kanjani IMisa?
  • I-Phaphama!—1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe IMisa LingokomBhalo?
  • UKristu Wenziwa Umhlatshelo—Kangaki?
  • IMisa
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • ISonto Eliguqukayo EFrance
    I-Phaphama!—1993
  • Kungani OFakazi BakaJehova Begcina ISidlo SeNkosi Sakusihlwa Ngendlela Ehlukile Kweyezinye Izinkolo?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • UMthendeleko—Amaqiniso Ahambisana Naleli Siko
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1999
g99 5/8 k. 26-k. 27 isig. 7

Umbono WeBhayibheli

AmaKristu Kufanele Alibheke Kanjani IMisa?

AMAKATOLIKA azinikele avumelana noPapa John Paul II, muva nje “ogcizelele ukuthi isonto likubheka njengesono uma umKatolika ephuthelwa iMisa,” ngokusho kwe-New York Times. Liyini iMisa? Ingabe isonto neBhayibheli kuyavumelana kule ndaba?

Encwadini ethi Things Catholics Are Asked About, umpristi ongumKatolika uMartin J. Scott uchaza iMisa ngale ndlela elandelayo: “IMisa liwumhlatshelo ongenagazi woMzimba neGazi likaKristu. IKhalvari kwakuwumhlatshelo kaKristu onegazi. Ngokuyisisekelo, iMisa liwumhlatshelo ofana nowesiphambano. Lokhu akusona isifenqo, isingathekiso noma ihaba.” Futhi uthi: “IMisa libeka iNdodana kaNkulunkulu ema-altare ethu, ukuze yenziwe umhlatshelo kuNkulunkulu.”

Ingabe IMisa LingokomBhalo?

AmaKatolika aqotho akholelwa ukuthi iMisa lisekelwe emfundisweni engokomBhalo. Ukuze afakazele lokho, acaphuna amazwi uJesu awasho phakathi nalokho ngokuvamile okubizwa ngokuthi iSidlo Sakusihlwa Sokugcina. Lapho uJesu edlulisa isinkwa newayini kubaphostoli bakhe, washo la mazwi, ebhekisela esinkweni: “Lokhu kungumzimba wami.” Lapho ekhuluma ngewayini, wathi: “Lokhu kuyigazi lami.” (Mathewu 26:26-28)a AmaKatolika akholelwa ukuthi lapho esho la mazwi, empeleni uJesu waphendula isinkwa newayini kwaba umzimba negazi lakhe. Nokho, i-New Catholic Encyclopedia (ka-1967) iyaxwayisa: “Akufanele sincike kakhulu ekubeni ngokoqobo kwamazwi athi ‘Lokhu kungumzimba wami’ noma athi ‘Lokhu kuyigazi lami.’ . . . Ngenxa yokuthi izinkulumo ezinjengokuthi ‘ukuvuna kuwukuphela kwezwe’ (Mat 13.39) noma ethi ‘ngingumvini weqiniso’ (Joh 15.1) [isenzo esithi “kuwu-” noma “ngingu-”] zimelela okuthile.” Ngakho, ngisho nale encyclopedia eyigunya iyavuma ukuthi indlela amazwi akuMathewu 26:26-28 abekwe ngayo ayikufakazeli ukuthi isinkwa newayini kwashintsha kwaba umzimba negazi likaJesu elingokoqobo ngeSidlo Sakusihlwa Sokugcina.

Mhlawumbe uyakhumbula ukuthi uJesu wake wathi: “Ngiyisinkwa esiphilayo esehla sivela ezulwini. . . . Noma ubani odla inyama yami aphuze igazi lami unokuphila okuphakade.” (Johane 6:51, 54) Abanye kubantu ababelalele uJesu bawathatha ngokoqobo amazwi akhe futhi bashaqeka. (Johane 6:60) Kodwa singabuza, Ingabe uJesu waguqula inyama yakhe yaba isinkwa ngaleso sikhathi? Phinde! Wayefanekisa. Wayezifanisa nesinkwa ngoba ngomhlatshelo wakhe wayezodlulisela ukuphila esintwini. UJohane 6:35, 40 ubonisa ngokucacile ukuthi umuntu wayengadla futhi aphuze ngokubonisa ukholo kuJesu Kristu.

Njengoba iMisa liyisiko eliyinhloko leSonto LamaKatolika, umuntu angase alindele ukuthi imiBhalo ilisekele. Ayilisekeli. I-Catholic Encyclopedia (inguqulo ka-1913) yachaza ukuthi kungani: “Umthombo oyinhloko wemfundiso yethu . . . yisiko, lelo kusukela ezikhathini zasendulo eligcizelela ukuthi uMhlatshelo weMisa unamandla [okunxusa].” Yebo, iMisa lamaRoma Katolika lisekelwe esikweni, hhayi eBhayibhelini.

Kungakhathaliseki ukuthi ligcinwa ngobuqotho kangakanani, isiko eliphikisana neBhayibheli alamukeleki kuNkulunkulu. UJesu wasola abaholi benkolo bosuku lwakhe: “Nilenze laba yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu.” (Mathewu 15:6) Njengoba uJesu ayelihlonipha iZwi likaNkulunkulu, ake sihlole imfundiso yeMisa ngombono wemiBhalo Engcwele.

UKristu Wenziwa Umhlatshelo—Kangaki?

ISonto LamaKatolika lifundisa ukuthi isikhathi ngasinye lapho kugujwa iMisa, uJesu wenziwa umhlatshelo, nakuba livuma ukuthi akafi ngokoqobo nokuthi umhlatshelo awunagazi. Ingabe iBhayibheli liyavumelana nalo mbono? Qaphela amaHeberu 10:12, 14: “[UJesu] wanikela umhlatshelo owodwa wezono, wabe esehlala phakade, ngakwesokunene sikaNkulunkulu. Ngenxa yalowo mhlatshelo owodwa, uye wathola ukupheleliswa okuphakade kwabo bonke abangcwelisiwe.”

Nokho, umKatolika oqotho angase aphikise ngokuthi: ‘Bekungeke yini kudingeke uJesu azinikele njalo? Sonke siyona ngokuphindaphindiwe.’ Impendulo yeBhayibheli ilotshwe kumaHeberu 9:25, 26: “[UKristu] akudingeki ukuba azinikele kaningi. . . . Uye wazibonakalisa kanye kuphela, ekupheleni kwenkathi yokugcina, ukuze asuse isono ngokuzinikela.” Qaphelisisa lokhu: uKristu “akudingeki ukuba azinikele kaningi.” KumaRoma 5:19, umphostoli uPawulu uchaza isizathu: “Ngokungalaleli komuntu oyedwa [u-Adamu] abaningi benziwa izoni, ngakho ngesenzo sobulungisa somuntu oyedwa [uJesu] abaningi benziwa abalungileyo.” Isenzo esisodwa sokungalaleli kuka-Adamu senza ukuba sonke singene ekufeni; isenzo esisodwa sikaJesu somhlatshelo sabeka isisekelo ukuze sonke esibonisa ukholo kulowo mhlatshelo sithethelelwe izono zethu manje futhi sijabulele ukuphila okumi phakade esikhathini esizayo.

Kwenza mehluko muni ukuthi uJesu wenziwa umhlatshelo kanye noma ukuthi wenziwa umhlatshelo njalo? Kuyindaba yokwazisa inani lomhlatshelo kaJesu. Leso isipho esikhulu kakhulu esasiphiwa—isipho esiyigugu nesiphelele kangangokuba ngeke kudingeke siphindwe.

Ngokuqinisekile, umhlatshelo kaJesu kufanele ukhunjulwe. Kodwa kunomehluko phakathi kokukhumbula isenzakalo esithile nokusiphindaphinda. Ngokwesibonelo, umbhangqwana ogubha usuku lwawo lomshado ungase ukhumbule usuku owashada ngalo, ngaphandle kokuphinda umkhosi ngokwawo. Unyaka ngamunye, oFakazi BakaJehova bakhumbula usuku lokufa kukaJesu, benza kanjalo ngendlela eyashiwo uJesu—“ningikhumbula,” hhayi ngokwenza umhlatshelo wakhe. (Luka 22:19) Ngaphezu kwalokho, phakathi nawo wonke unyaka la maKristu azama ukuhlakulela ubuhlobo obufudumele noJehova uNkulunkulu ngoJesu Kristu ngokuvumelanisa ukuphila kwawo, izenzo nezinkolelo zawo nemiBhalo Engcwele.

Ngokuvamile, ukwenza kanjalo kusho ukuguqula indlela yawo yokucabanga. Kodwa oFakazi bayajabula ngokwazi ukuthi uma besekela iZwi likaNkulunkulu ngokwethembeka, hhayi amasiko abantu, bayobusiswa. Futhi uma bebonisa ukholo egazini likaJesu elanikelwa, elachithwa kanye kuphela eminyakeni engaba yizinkulungwane ezimbili edlule, liyobahlanza kuzo zonke izono.—1 Johane 1:8, 9.

[Umbhalo waphansi]

a Yonke imiBhalo ekulesi sihloko icashunwe kuyi-New Jerusalem Bible yamaKatolika.

[Isithombe ekhasini 26]

IMisa likaSt. Giles (umfanekiso okhulisiwe)

[Umthombo]

Erich Lessing/Art Resource, NY

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela