Ukusebenzisa Amaladi—Ingabe Uyazithatha Lezi Zinyathelo Zokuphepha?
Ngumlobeli we-Phaphama! e-Ireland
UPAUL kwakudingeka ashintshe isibani sikagesi sangaphandle emzini wakhe. Kwakudingeka ahlanze nengaphandle lamafasitela asekamelweni eliphezulu—umkakhe wayesemcele izikhathi eziningana. Kodwa uPaul wayelokhu eyihlehlisa le misebenzi. Ngani? Ngoba kwakudingeka asebenzise iladi.
Wayekhathazeke kufanele. Wayazi ukuthi izingozi zokusebenzisa iladi zingalimaza, futhi zingabulala nokubulala. Lokhu kuvame ukwenzeka uma osebenzisa iladi engazange acabangisise ukuthi angalisebenzisa kanjani ngokufanele.
Ngaphambi kokuba enze le misebenzi, yini uPaul okwakudingeka ayicabangele ngamaladi? Nakhu ukusikisela okuyishumi okwamsiza ukuba enze izinto ngokuphephile.
Ingabe Iladi Liphephile?
1 Thola iladi elikahle. Kungase kudingeke ukuba ucokame uma iladi lilifushane kakhulu. Uma lilide kakhulu kungase kudingeke ukuba ulibeke endaweni eyingozi. Gwema ukusebenzisa iladi elizimelayo uma uya ekamelweni eliphezulu. Yiba neladi elakhelwe ekamelweni eliphezulu, noma usebenzise iladi ozolincikisa kulo.
2 Hlolisisa iladi lakho. Ingabe iladi lakho belihleli ngaphandle? Amaladi amapulangwe ayavokomala uma emanzi kanti ayaqina uma omile. Ngokuhamba kwesikhathi, amabhaxa angase axege, enze iladi linyakaze. Ingabe likhona ibhaxa eliklayekile noma elinezimpawu zokubola? Ngokuvamile kuba nensimbi esekele ibhaxa ngalinye eliyipulangwe. Ingabe isendaweni yayo futhi isahleli kahle? Ingabe izikulufu okwashayelelwa ngazo amabhaxa ensimbi ezingodweni ezimile seziphumile noma sezigqwalile? Amaladi elulwayo angase abe nezinsinjana zokuwaqinisa nezindophi. Ingabe izinsinjana zokuwaqinisa zisebenza kahle? Ingabe indophi isiyaguga futhi ingabe iseyinde ngokwanele? Lungisa ngokushesha lapho kudingeka khona, ushintshe okudinga ukushintshwa.
Ngokuvamile amabhaxa anemisedlana evimbela ukushelela. Qikelela ukususa noma ikuphi ukungcola okungenzeka sekunqwabelene kule misedlana. Wonke amaladi kufanele abe nezinto ezivimbela ukusheleleka ezansi. Bheka ukuthi zikhona nokuthi azigugile yini.
3 Wathuthe ngokuphephile amaladi. Uma usebenzisa imoto, bophela iladi endaweni yalo efanele noma ulibophele enqoleni edonswayo yemoto okungenani ezindaweni ezimbili. Iladi elide lingase libe lide kunemoto eliboshelwe kuyo, ngakho-ke bophela iduku lokuxwayisa ngemuva ukuze libonakale kalula kumuntu okulandelayo.
Kuphephile ukuba iladi elide lithwalwe abantu ababili. Kodwa uma kudingeka ulithwale wedwa futhi ukhetha ukulithwala ulilalise, libambe liqine ehlombe ulixhake ngesandla esisodwa, ulisekele ngesinye ngaphansi. Ukuze ugweme ukushayisa abantu, liphakamise ngaphambili libe ngaphezu kwekhanda. Nokho, khumbula ukuba ubude beladi ngemuva bulingane nobangaphambili! Imidlalo yamahlaya ikwenza kubonakale sengathi kuyahlekisa uma abantu beshaywa iladi. Kodwa ezimweni ezingokoqobo, akuhlekisi—ikakhulu uma kunguwe oshayisiwe.
Uma uphethe iladi ulimisile, yithi ukuliphakamisa kancane, usebenzise isandla esisodwa ukulibamba, esinye isandla sibe ngaphezu kwehlombe ukuze ulisekele. Qaphela izintambo ezihamba phezulu, izibani zikagesi nezimpawu!
4 Limise kahle iladi. Ngenxa yokuphepha, iladi akufanele lincikiswe ezinhlangothini futhi kufanele lime lithi ukutsheka kancane ngo-75° ukusuka phansi.
5 Lisekele phansi naphezulu. Qaphela lapho uncikisa khona iladi phezulu. Qiniseka ukuthi phezulu lapho iladi lincike khona akunyakazi futhi akusheleli. Ungalokothi uncikise iladi engilazini noma kupulasitiki. Uma kunokwenzeka, libophele entweni esodongeni bese lidlula cishe ngemitha ukuya phezulu.
Qaphelisisa uma usakhwela okokuqala uyobophela iladi phezulu. Lokho kukhwela kokuqala akuphephile, njengoba nje kungaphephile nokokugcina uma sewehla ngemva kokuba usuliqaqile phezulu. Ukuze ukukhwela kokuqala nokokugcina kube okuphephile, cela othile abambe iladi phansi ngesikhathi ukhwela. Nokho, lokhu kungaphumelela kuphela uma iladi lingaphansi kwamamitha amahlanu ubude.
Uma phansi kwesakhiwo kwehlela, beka okuthile okusindayo phansi okuzovimba iladi noma ubophele ibhaxa eliphansi entweni ethile enganyakazi. Uma phansi kungalingani kodwa kuqinile, beka okuthile okuzokwenza kulingane. Beka ipulangwe noma okuthile okufana nalo ukuze phansi kuqine uma inhlabathi ithambile noma kumahhadlahhadla.
Uma usebenzisa iladi elizimelayo, qiniseka ukuthi zozine izinyawo zalo zizimelele phansi futhi izinhlangothi zalo ezimbili zigxamalaze ngokuphelele futhi izinto zokulibamba zilibambe kahle.
Ingabe Uphephile?
6 Bheka izicathulo zakho. Ngaphambi kokuba ugibele eladini, qiniseka ukuthi izicathulo zakho zomile ngaphansi. Susa noma yini enjengodaka, engakwenza ushibilike.
7 Bamba izinto ngokucophelela. Uma kungenzeka, phatha amathuluzi ngesikhwama esiboshelwa ebhandeni lasokhalweni ukuze izandla zakho zingaphathi lutho lapho ukhwela. Zama ukuthola ezinye izindlela zokuphakamisa izinto ezingabambeki kahle, kodwa uma kudingeka ukhuphuke nazo, hlala ubambelele eladini ngesandla esingaphethe njengoba ukhuphuka. Ungaxhamazeli futhi yenza izinto ngokuhleleka, ungatatazeli.
Uma usebenzisa amathuluzi kagesi, ungawabambi ngezandla zombili. Ngokwesibonelo, ithuluzi lokubhola izimbobo lingase liyeke ukusebenza ungalindele noma liphunyuke, lenze ukuba ungakwazi ukuzimelela bese uyawa. Ungawaxhumi kugesi uma ungawasebenzisi; angase awe kanti axhunyiwe.
8 Cabangela abanye. Uma usebenza endaweni yomphakathi, beka iladi endaweni ebonakalayo futhi uma kungenzeka, lizongolozele ngokuthile. Uma kudingeka ubeke iladi ekhoneni, khumbula ukuthi abanye bazobe bengalindele. Memeza ubaxwayise ngomusa, futhi uqikelele ukuthi lingavimbi indlela.
Uma unamathuluzi kuwe njengoba useladini, khumbula ukuthi ngisho nethuluzi lokufaka izikulufu elincane lingamlimaza umuntu uma liwa phezulu. Uma kudingeka uhambe ngenxa yesizathu esithile futhi ungakwazi ukubophela iladi ngokuphephile, cela othile ukuba ame alinde noma ulilalise phansi ngokuphephile uze ubuye. Ungashiyi kungenamuntu.
9 Hlola isimo sempilo yakho. Njengoba ukukhwela kudinga ukuzimelela nokunyakaza, ungakhweli uma uzizwa ugula noma unesicanucanu noma uma unesiyezi.
10 Khwela ngokucophelela. Ngazo zonke izikhathi, qikelela ukuphepha. Ungalokothi uvumele abantu ababili noma ngaphezulu bagibele iladi kanyekanye. Ungalokothi ukhwele uma kunomoya onamandla ovunguzayo. Ungalokothi ume ebhaxeni eliphezulu leladi elizimelayo noma ngaphezu kwebhaxa lesine ukusuka phezulu eladini elide. Ungalokothi ulelule ngokweqile iladi elelulwayo; okungenani hlala unamabhaxa amathathu angeluliwe. Ungalokothi ucokame kakhulu. Uma ucokama kakhulu useladini, kulula ukuba uhluleke ukuzimelela bese uyawa. Kunokuba uzifake engozini yokulimala, sondeza iladi, ngisho noma kusho ukwenza lowo msebenzi isikhathi eside. Uma ukhwela, bheka phambili.
Noma iziphi izinyathelo zokuphepha ozithathayo, ziyohlale zikhona izingozi uma usebenzisa iladi. Mhlawumbe ungazinciphisa ngokusebenzisa lokhu kusikisela. Kwamsiza uPaul. Ngokukusebenzisa, wasifaka kahle isibani sikagesi esisha ngaphandle. Kuthiwani ngokuhlanza amafasitela? Mhlawumbe . . . lokho uyobuye akwenze!
[Izithombe ekhasini 22, 23]
1 Thola iladi elikahle
2 Hlolisisa iladi lakho
3 Wathuthe ngokuphephile amaladi
4 Limise kahle iladi
5 Lisekele phansi naphezulu
6 Bheka izicathulo zakho
7 Bamba izinto ngokuco-phelela
8 Cabangela abanye
9 Hlola isimo sempilo yakho
10 Khwela ngokuco-phelela