Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Owayekade Eyisigebengu Kumelwe nginibhalele ngisho ukuthi ngikwazisa kangakanani okuhlangenwe nakho kuka-Enrique Torres, Jr., okunesihloko esithi “Ukusuka Ekubeni Ibhubesi Elibhongayo Kuya Ekubeni Iwundlu Elimnene.” (August 8, 1999) Saqokomisa uthando nomusa kaNkulunkulu wethu, uJehova nendlela asibekezelela ngayo. Futhi sabonisa ukuthi thina njengabazali, akumelwe silahle ithemba ngezingane zethu, kungakhathaliseki ukuthi zideda kangakanani ezindinganisweni zikaNkulunkulu.
J. F., England
Ngakhuliswa njengomKristu, kodwa ngenxa yokuzihlanganisa nababi, ngahileleka ekusebenziseni izidakamizwa nobudlova. Lapho ngineminyaka engu-18 ubudala, ngagwetshwa iminyaka engu-25 ejele. Nakuba sengibuyiselwe ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu, ngivame ukuzizwa ngingafaneleki. Nokho, ngemva kokufunda lesi sihloko, ngabona ukuthi uJehova akakude nalabo abamfunayo. Nakuba ngisesejele, lokhu okuhlangenwe nakho kwangikhuthaza ukuba ngime ngiqine.
R. B., United States
Ama-hummingbird Isihloko esithi “Inyoni Eqabula Izimbali” (August 8, 1999) sasisihle kakhulu. Ngike ngawabuka ama-hummingbird ngaphambili, kodwa angizange ngiqaphele ukuthi angaba mancane kangaka. Ngamagama nangezithombe, nivuse isithakazelo sami kulezi zidalwa ezithakazelisayo.
R. H., Germany
Ukwaziswa nemifanekiso emihle kwangihlaba umxhwele. Ama-hummingbird avame ukuvakashela ingadi yami ehlobo. Kuyajabulisa ngempela ukubuka lezi zinyoni ezimangalisayo. Ngokuvamile, ukuzibuka nje kungenza ngizizwe ngijabule.
C.S.S., Brazil
Ukuphepha Kweladi Ngiyabonga ngesihloko esithi “Ukusebenzisa Amaladi—Ingabe Uyazithatha Lezi Zinyathelo Zokuphepha?” (August 8, 1999) Ngiwe eladini muva nje futhi kwadingeka ngihlinzwe idolo ngenxa yalokho. Ngiyakwazisa ukusikisela okuyishumi enakunikeza futhi ngizokukhumbula uma ngiphinda ngisebenzisa iladi.
D. N., Mexico
Isikhungo Sasemkhathini Ngineminyaka engu-16 ubudala, futhi bengilokhu ngikuthakazelela ukuhlolwa komkhathi. Ngakho ngifisa ukuzwakalisa ukwazisa kwami ngesihloko esithi “I-International Space Station—Isikhungo Sokucwaninga Esihamba Emkhathini.” (August 22, 1999) Ngiyazithanda kakhulu izihloko ezinjengalesi!
K. E., United States
Nincoma lesi sikhungo sasemkhathini ngaphandle kokusigxeka nakancane. UNkulunkulu akakaze akhulume ngalokhu njengengxenye yecebo lakhe ngomuntu. Futhi izindleko zokusiciba emkhathini, kuyilapho izigidi zibulawa yindlala, zibangela amahloni. Nihlazisa uNkulunkulu uma nidumisa izinto ezinjalo.
P.N.M., England
IBhayibheli lithi ‘umhlaba wanikwa abantwana babantu.’ (IHubo 115:16) Nokho, akunasisekelo esingokomBhalo esibonisa ukuthi kubi ukuba umuntu abe nesithakazelo emkhathini. Empeleni, iBhayibheli likhuthaza abantu bokholo ukuba babuke amazulu njengendlela yokubona ukuhlakanipha namandla kaNkulunkulu okudala. (IHubo 8:3, 4; 19:1) Noma kunjalo, kwakungeyona inhloso yethu ukudumisa lesi sikhungo sasemkhathini esihlongozwayo; samane sabika ngohlelo lokwakhiwa kwaso. Ukuthi lesi sikhungo sasemkhathini sizovula amathuba ocwaningo ayokwenza ukuba izindleko zaso ezinkulu zifaneleke noma cha kusazobonakala.—ED.
Ukukhuthazelela Ushushiso Ngisanda kuqeda ukufunda isihloko esithi “Ukukhonza UNkulunkulu Sibhekené Nokufa.” (August 22, 1999) Ngenxa yokukhuthazela kwabazalwane base-Angola iminyaka engaphezu kwengu-17, izwe elalibonakala liyihlane ngokomoya manje selibusiswe ngomkhiqizo ochichimayo!
R. Y., Japan