Impilo Nokuphepha EYurophu
Ngumlobeli we-Phaphama! eBrithani
BANGAPHEZU kuka-16 000 abesilisa nabesifazane abasebenza endlunkulu ye-Watch Tower Bible and Tract Society nasemahhovisi amagatsha ayo angu-109. Ezinye zalezi zisebenzi zokuzithandela ziyanyathelisa, zinakekela amashabhu kanye nemishini. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi siyini isabelo sazo, zinemikhuba emihle yokusebenza, evikela ukuphila nempilo.
Izinga eliphakeme lefektri yegatsha laseBrithani eMill Hill, eLondon, laqashelwa obala ngo-1998, ngemva kweSonto LaseYurophu Lezokuphepha Nempilo Ngo-1997. Indebe yekristalu ebhalwe amazwi athi “ISonto LaseYurophu Lezokuphepha Nempilo—Ozuze Umklomelo Ka-1997” yanikezwa iNhlangano. Yini eyenza ukuba ithole lo mklomelo ophambili kangaka?
Ngo-1994 i-Watch Tower Society yanika i-Health and Safety Executive (HSE) ucwaningo oluningilizayo lwendlela yokunciphisa ubuhlungu beqolo emsebenzini. Ekupheleni kwalo mkhankaso, iNhlangano yathola isitifiketi se-HSE ngenxa yokusekela kwayo. Ngo-1996 iNhlangano yacelwa ukuba yenze umbiko omfushane ngezimiso zempilo nokuphepha ezisebenzisayo. Ngenxa yalokho, kwakhishwa isitifiketi sanikezwa i-“Watchtower Bible & Tract Society ngenxa yeqhaza layo elibalulekile” kwezempilo nokuphepha.
Ngonyaka owalandela, u-1997, i-HSE yamema i-Watch Tower ukuba ihlanganyele emkhankasweni wayo wezempilo nokuphepha. Ngesikhathi esifanele iNhlangano yahambisa umbiko onemininigwane eminingi, onezithombe, obonisa ukuthi ungakwazi ukunciphisa uthuli endaweni yokusebenza ngamapulangwe ngamaphesenti angu-90 futhi unciphise nezicucwana zokhuni ngamaphesenti ayikhulu, ngemali engaphansi kuka-£250 (R2 480), ngokuxhuma amathuluzi okusebenza emshinini omkhulu obamba uthuli.
Ngenxa yalokho, iNhlangano yaba phakathi kwabangu-30 ababethole imiklomelo abamenywa ukuba bahlangane nabameleli be-European Commission nabakahulumeni waseBrithani kanye nosihlalo we-Health and Safety Commission. Lapho eyinika indebe, wathi: “Nenze kahle, Watch Tower!”
[Izithombe ekhasini 31]
Imiklomelo eyaklonyeliswa i-Watch Tower ngenxa yezimiso zayo eziphakeme zempilo nokuphepha