Indlela Abanye Abenza Ngayo Iminikelo Emsebenzini Wokushumayela NgoMbuso
◻ IZIPHO: Iminikelo yokuzithandela yemali ingase ithunyelwe ngokuqondile e-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, 25 Columbia Heights, Brooklyn, New York 11201-2483, noma ehhovisi leNhlangano elikhonza izwe lakini. Amatshe ayigugu noma ezinye izinto eziyigugu nakho kunganikelwa. Incwadi emfushane ebonisa ukuthi okunjalo kuyisipho esiqondile kufanele ihambisane naleminikelo.
◻ ILUNGISELELO LOMNIKELO ONO-MBANDELA: Imali ingase inikwe i-Watch Tower Society ngendlela yokuyigcina kuze kufe umniniyo, ngelungiselelo lokuthi uma kuphakama isidingo somuntu siqu, iyobuyiselwa kumniniyo.
◻ UMSHWALENSE: I-Watch Tower Society ingase ibhaliswe njengendlalifa yomshwalense wokuphila noma womhlala-phansi/wokuguga. INhlangano kumelwe yaziswe nganoma yimaphi amalungiselelo anjalo.
◻ AMASHEYA NEZIBAMBISO: Amasheya nezibambiso kunganikelwa e-Watch Tower Society njengesipho esiqondile noma ngaphansi kwelungiselelo lapho inzuzo iqhubeka ikhokhelwa umniniyo.
◻ IZINDLU NEZINDAWO: Izindlu nezindawo ezisesimweni esifanelekile zinganikelwa e-Watch Tower Society ngokwenza isipho esiqondile noma ngokuthi indawo igcinelwe umniniyo osaphila, ongaqhubeka ehlala kuyo phakathi nesikhathi sokuphila kwakhe. Umuntu kumelwe athinte iNhlangano ngaphambi kokuba enze noma yimuphi umnikelo wendlu nendawo eNhlanganweni.
◻ IZINCWADI ZEFA: Impahla noma imali ingabhaliswa nge-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania njengefa ngokusebenzisa incwadi yefa ebhalwe ngokomthetho. Ikhophi yencwadi yefa kumelwe ithunyelwe eNhlanganweni.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokuphathelene nezindaba ezinjalo, bhalela i-Treasurer’s Office, Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ubhalele ihhovisi leNhlangano elikhonza izwe lakini.