Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 12/22 k. 10-k. 12 isig. 9
  • Ingabe Likhona Ikhambi Lokuthumba?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Likhona Ikhambi Lokuthumba?
  • I-Phaphama!—1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kwenziwa Imizamo
  • Kuningi Ukusikisela—Mancane Amakhambi
  • Likhona Ikhambi
  • Imfundo Efanele Ibalulekile
  • Ukususwa Kwabenzi Bobubi
  • Izwe Elisha Lokulunga
  • Ukuthumba—Inkathazo Eyenziwa Ibhizinisi
    I-Phaphama!—1999
  • Izimbangela Eziyinhloko Zokuthumba
    I-Phaphama!—1999
  • Ukuthumba—Yibhizinisi Lembulunga Yonke
    I-Phaphama!—1999
  • Ukuhlakanipha Okuyisivikelo
    I-Phaphama!—2015
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1999
g99 12/22 k. 10-k. 12 isig. 9

Ingabe Likhona Ikhambi Lokuthumba?

“UKUTHUMBA sekufinyelele iqophelo elingenakubekezelelwa kulo lonke izwe, futhi wonke umphakathi kumelwe ulwe nalobu bubi,” kusho undunankulu waseChechnya lapho ethembisa ukuqeda lolu hlupho kuyi-republic yakhe eRussia eyayihlushwa ukuthumba.

Aqede ukuthumba? Umgomo omuhle, kodwa umbuzo uwukuthi, Kanjani?

Kwenziwa Imizamo

Ukuze alwe nokuthumba, uhulumeni waseColombia uye wamisa abaseshi abangu-2 000, abashushisi abangu-24 ngisho nomqondisi okhethekile weqembu elimelene nokuthumba. ERio de Janeiro, eBrazil, umphakathi wabantu abangaba ngu-100 000 wamasha ngenxa yezenzakalo zokuthumba eziningi edolobheni. EBrazil naseColombia, amaqembu amabutho aye ahlaselwa izihlobo zabathunjwa ezithumbayo. Futhi abanye abantu basePhilippines baye baphendukela emaphoyiseni asehlathini—aye ababulala abathumbi!

Uhulumeni waseGuatemala wabeka isigwebo sentambo kubathumbi, futhi umongameli waqoqa amabutho azonqanda umqedazwe wokuthumba. E-Italy uhulumeni wathatha izinyathelo eziqinile zokuvimbela ukuthumba, ngokwenza ukukhokha imali yesihlengo kube icala nokuthatha imali nezimpahla ukuze izihlobo zingakhokhi. Izikhulu zase-Italy ziyaziqhenya ngokuthi lezi zinyathelo ziye zanciphisa ukuthumba. Nokho, abakugxekayo lokho basikisela ukuthi ngenxa yalokho, imikhaya izama ukulungisa isimo ngasese futhi lokho kunciphisa inani elaziwayo lokuthumba. Abameleli bezinkampani zokuphepha ezizimele balinganisela ukuthi inani lokuthumba e-Italy empeleni liye laphindeka kabili kusukela ngawo-1980.

Kuningi Ukusikisela—Mancane Amakhambi

Emikhayeni eminingi yezisulu zokuthunjwa, linye ikhambi elibonakala lisebenza—ukukhokha isihlengo ukuze kukhululwe abathandekayo bayo ngokushesha ngangokunokwenzeka. Kodwa ochwepheshe baxwayisa ngokuthi uma isihlengo sisikhulu futhi sikhokhwa ngokushesha, abathumbi bangase babone ukuthi kulula ukuthola imali kulowo mkhaya futhi baphinde babuye. Noma bangase bafune isihlengo sesibili ngaphambi kokuba bakhulule isisulu.

Eminye imikhaya iye yakhokha isihlengo esikhulu kanti isisulu sesifile kakade. Ngakho-ke ochwepheshe bathi akumelwe ukhokhe isihlengo noma ubonisane nabathumbi ungakatholi bufakazi bokuthi isisulu sisaphila. Ubufakazi obunjalo ungabuthola ngokufuna impendulo yombuzo ongaphendulwa yisisulu kuphela. Eminye imikhaya icela isithombe sesisulu sibambé iphephandaba lamuva.

Kuthiwani ngemizamo yokukhulula othunjiwe? Ngokuvamile kuthiwa iyingozi. UBrian Jenkins, umcwaningi wokuthumba, uthi: “ELatin America amaphesenti angu-79 abathunjwa ayabulawa lapho kuzanywa ukuba akhululwe.” Nokho, ngezinye izikhathi le mizamo iyaphumelela.

Yingakho nje amakhambi amaningi egxila ekuvimbeleni ukuthumba. Akuzona izikhulu zikahulumeni kuphela ezizama ukunqanda ukuthumba. Amaphephandaba afundisa abantu ukuthi bangakugwema kanjani ukuthunjwa, bangaphuma kanjani imoto ihamba, nokuthi bangababamba kanjani ngengqondo abathumbi. Izikhungo ezifundisa amakhono okulwa zifundisa ngokuzivikela ekuthunjweni. Izinkampani zidayisa imishini emincane kazibuthe enogesi (ama-ultra microtransmitter) ebiza amaRandi angu-R91 000, engafakwa emazinyweni ezingane ukuze isize amaphoyisa akwazi ukuzithungatha uma zithunjiwe. Kulabo abangaba nemali, izinkampani zezimoto zithengisa izimoto “ezingathumbeki” ezinemishini ekhipha isisi esikhalisa unyembezi, izimbobo zokudubula, amafasitela okungangeni nhlamvu kuwo, amasondo angasikeki nemishini ekhipha amafutha.

Abanye abacebile bathi ikhambi liwukuba nabaqaphi bakho. Nokho, mayelana nesimo saseMexico, uchwepheshe wezokuphepha uFrancisco Gomez Lerma uthi: ‘Ukuba nabalindi bakho akusizi ngoba kukudonsela amehlo futhi bangahlangana nabathumbi.’

Inkinga yokuthumba inzima futhi nezimbangela zayo zijulile kangangokuthi akukho umuntu angakwenza okubonakala kungayiqeda. Pho-ke, ingabe alikho ikhambi langempela?

Likhona Ikhambi

Ngokuphindaphindiwe lo magazini uye wabhekisela kokuwukuphela kwekhambi langempela lazo zonke izinkinga ezinjalo abantu ababhekene nazo. Lelo khambi yilelo, iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, eyabhekisela kulo lapho ifundisa abalandeli bayo ukuba bathandaze bathi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:10.

Ngokusobala, sidinga uhulumeni olungile womhlaba wonke ozophatha izindaba zabantu abahlukene kangaka—yebo, uMbuso kaNkulunkulu lowo uJesu akhuluma ngawo. Njengoba abantu beye bahluleka ukusungula uhulumeni onjalo, kuwukuhlakanipha ukuthembela kuMdali wethu, uJehova uNkulunkulu. IZwi lakhe, iBhayibheli, lithi uhlose ukwenza khona kanye lokho.—IHubo 83:18.

Umprofethi uDaniyeli waloba injongo kaJehova, wathi: “Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa . . . uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.” (Daniyeli 2:44) IBhayibheli liyachaza ukuthi lo hulumeni kaNkulunkulu uyozithatha kanjani izinyathelo eziqhubekayo zokuqeda bonke ubugebengu, kuhlanganise nokuthumba.

Imfundo Efanele Ibalulekile

Ngokungangabazeki uzovuma ukuthi ukugxilisa kubantu izimiso zokulunga ezinengqondo kubalulekile ukuze kuxazululwe inkinga yokuthumba. Ngokwesibonelo, cabangela ukuthi bekuzoba namuphi umphumela emphakathini ukuba bonke abantu bebelalela lesi siyalo seBhayibheli: “Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali, kuyilapho naneliswa izinto ezikhona.” (Heberu 13:5) “Ningakweleti muntu nento eyodwa, ngaphandle kokuthandana.”—Roma 13:8.

Ungacishe ubone ukuthi ukuphila bekuyoba njani ngokucabangela uhlelo lwemfundo olwenziwa oFakazi BakaJehova emazweni angaphezu kuka-230 emhlabeni wonke. Lolu hlelo luye lwaba nemiphumela emihle kubantu abaningi ababehaha noma ababeyizigebengu eziyingozi. Omunye owayengumthumbi wathi: “Ngokuhamba kwesikhathi, ngaqaphela ukuthi ukuze ngijabulise uNkulunkulu kufanele ngikhumule ubuntu bami obudala ngigqoke obusha—obumnene obufana nobukaKristu Jesu.”

Nokho, ngisho nohlelo oluhle lwemfundo ngeke luzishintshe zonke izigebengu, mhlawumbe luyoshintsha ezimbalwa. Kuyokwenzekani kulezo ezenqaba ukushintsha?

Ukususwa Kwabenzi Bobubi

Abenza ububi ngamabomu ngeke bavunyelwe ukuba babe yizikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu. IBhayibheli lithi: “Anazi yini ukuthi abantu abangalungile ngeke bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu? Ningadukiswa. Izifebe, . . . noma abantu abahahayo, . . . noma abaphangi ngeke bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu.” (1 Korinte 6:9, 10) “Abaqotho bayakuhlala ezweni, . . . Kepha ababi bayakunqunywa ezweni.”—IzAga 2:21, 22.

UMthetho kaNkulunkulu ezikhathini zasendulo wawuthi umthumbi ongaphenduki kumelwe abulawe. (Duteronomi 24:7) Abantu abahahayo, njengabathumbi, ngeke babe nandawo eMbusweni kaNkulunkulu. Izigebengu zanamuhla zingase zibubalekele ubulungisa bomuntu, kodwa ngeke zikwazi ukubalekela ubulungisa bukaNkulunkulu. Noma yibaphi abenzi bokubi kuyodingeka bashintshe izindlela zabo ukuze baphile ngaphansi kokubusa koMbuso kaJehova olungileyo.

Ngokusobala, uma izimo ezandisa ubugebengu zisekhona, nobugebengu buyoba khona. Nokho, uMbuso kaNkulunkulu ngeke ukuvumele lokho, ngoba iBhayibheli liyathembisa: “Umbuso . . . uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso,” kuhlanganise nabo bonke abantu abenza ububi. Lesi siprofetho seBhayibheli siyaqhubeka sithi uMbuso kaNkulunkulu uyoma phakade. (Daniyeli 2:44) Cabanga ngoshintsho oluyoba khona!

Izwe Elisha Lokulunga

Cabangela esinye isiprofetho seBhayibheli. Yileso esilichaza kahle ikusasa ngala mazwi: “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye, ngokuba izinsuku zabantu bami ziyakuba njengezinsuku zomuthi, nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo.”—Isaya 65:21, 22.

UMbuso kaNkulunkulu uyoguqula yonke iplanethi. Bonke abaphilayo bayokwazi ukujabulela ukuphila ngokugcwele, bethuthukisa amakhono abo angokwemvelo ngokwenza umsebenzi owanelisayo futhi bezijabulisa ngokwakhayo. Izimo emhlabeni wonke ziyoba ngendlela yokuthi akekho oyoke acabange ngokuthumba umakhelwane wakhe. Kuyobe kulondeke ngokuphelele. (Mika 4:4) Ngakho-ke, uMbuso kaNkulunkulu uyobe usususe ukuthumba ekubeni usongo lomhlaba wonke okuyilo namuhla, wakwenza umlando okungekho muntu oyobuye acabange ngawo.—Isaya 65:17.

[Isithombe ekhasini 10]

“Akakho oyakubesabisa.”—Mika 4:4

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela