Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 12/22 k. 3
  • Ukuthumba—Yibhizinisi Lembulunga Yonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthumba—Yibhizinisi Lembulunga Yonke
  • I-Phaphama!—1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthumba—Inkathazo Eyenziwa Ibhizinisi
    I-Phaphama!—1999
  • Ingabe Likhona Ikhambi Lokuthumba?
    I-Phaphama!—1999
  • Izimbangela Eziyinhloko Zokuthumba
    I-Phaphama!—1999
  • Lapho Izingane Zithunjwa Abazali
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1999
g99 12/22 k. 3

Ukuthumba—Yibhizinisi Lembulunga Yonke

PHAKATHI neshumi leminyaka elidlule, izinga lokuthumba liye lakhuphuka ngokuphawulekayo emhlabeni wonke. Omunye umbiko uthi phakathi no-1968 no-1982, kwakuthunjwa abantu abangaba yinkulungwane emazweni angu-73. Kodwa ngasekupheleni kwawo-1990, sekuthunjwa abantu ababalelwa ku-20 000 kuya ku-30 000 unyaka ngamunye.

Ukuthumba sekuthandwa izigebengu embulungeni yonke futhi abathumbi bazimisele ukuthumba noma yini ephilayo. Kwesinye isenzakalo kwathunjwa usana olwalungakaqedi ngisho nosuku olulodwa vó. EGuatemala, kwathunjwa isalukazi esasineminyaka engu-84 ubudala esasisesihlalweni sabakhubazekile futhi sagcinwa izinyanga ezimbili. ERio de Janeiro, izigelekeqe zivele zigxavule abantu bezihambela emgwaqweni, ngezinye izikhathi zifuna imali encane ngangamaRandi angu-600 eyisihlengo.

Ngisho nezilwane aziphephile. Eminyakeni ethile edlule ezinye izigebengu eThailand zathumba indlovu esebenzayo engamathani ayisithupha futhi zafuna isihlengo esingamaRandi angu-9 000. Kuthiwa amaqembu ezigelekeqe eMexico akhuthaza amalungu awo asemancane ukuba aqale azijwayeze ngokuthumba izilwane ezifuyiwe ukuze ajwayele ngaphambi kokuba athumbe abantu.

Kuqala, abathumbi babethanda izicebi, kodwa izikhathi sezishintshile. Umbiko we-Reuters uthi: “Ukuthumba sekuyinto yansuku zonke eGuatemala, okwenza abantu bakhumbule izinsuku zakudala lapho abashokobezi babethumba idlanzana lezinkinsela kuphela. Manje amaqembu abathumbi athumba abacebile nabampofu, abancane nabadala.”

Ngokuvamile imithombo yezindaba isakaza amacala adumile, kodwa ziningi kakhulu izenzakalo zokuthunjwa ezigcina zingasakazwanga. Eqinisweni, ziningana izizathu ezenza ukuba amazwe “angabi nalutho oluwashukumisela ukuba asakaze inkinga yokuthunjwa.” Isihloko esilandelayo sizocabangela izizathu ezinjalo eziningana.

[Ibalazwe ekhasini 3]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

EMEXICO

Ukuthumba kuye kwabizwa ngokuthi “imboni encane” njengoba kuthunjwa abantu abangaba ngu-2 000 ngonyaka.

EGREAT BRITAIN

Umshuwalense wokuthunjwa wakwa-Lloyd’s of London uye wakhuphuka ngamaphesenti angu-50 unyaka ngamunye kusukela ngo-1990.

ERUSSIA

Esifundeni saseCaucasus sisodwa, esiseningizimu yeRussia, inani labathunjwa lakhuphuka lisuka kwabangu-272 ngo-1996 laya kwabangu-1 500 ngo-1998.

EPHILIPPINES

Ngokwe-“Asiaweek,” “kungenzeka ukuthi iPhilippines iyisikhungo sokuthumba sase-Asia.” Kunamaqembu okuthumba angaphezu kuka-40 khona.

EBRAZIL

Kubikwa ukuthi ngomunye unyaka abathumbi bathola imali eyizigidi eziyizinkulu-ngwane ezingu-7,3 zamaRandi eyisihlengo.

ECOLOMBIA

Eminyakeni yamuva kuye kwathunjwa izinkulungwane zabantu unyaka ngamunye. Ngo-May 1999, abashokobezi bathumba amalunga esonto ayikhulu phakathi neMisa.

[Umthombo]

Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela