Ingabe Ikhofi Lenyusa Izinga Le-cholesterol?
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRAZIL
ABACWANINGI eWageningen Agricultural University, eNetherlands, bathi ukuphuza ikhofi elingasefiwe kwenyusa izinga le-cholesterol yakho.
Igama elibalulekile yileli elithi “elingasefiwe.” Ngani? I-Research Reports, iphephandaba le-Netherlands Organization for Scientific Research, ithi izinhlamvu zekhofi zinekhemikhali ekhuphula izinga le-cholesterol ebizwa ngokuthi i-cafestol. Uma amanzi abilayo ethelwa ngokuqondile ezinhlamvwini zekhofi, zikhipha i-cafestol. Kwenzeka into efanayo uma ikhofi elicolisekile libiliswa emanzini izikhathi ezimbalwa, njengoba kwenziwa ngekhofi laseTurkey, noma uma kusetshenziswa isisefo sensimbi esikhundleni sesisefo sephepha, njengomshini wokucindezela izinhlamvu zekhofi osetshenziswa eFrance. Uma singekho isisefo sephepha, i-cafestol isala ekhofini.
Inkomishi eyodwa yekhofi elingasefiwe, engaba nama-milligram amane e-cafestol, ingenyusa izinga le-cholesterol ngephesenti elilodwa. I-espresso nayo ine-cafestol, ngoba ayenziwa ngesisefo sephepha. Nokho, ikhemikhali yayo yokwenyusa i-cholesterol incane uma uyiphuza ngenkomishi encane. I-espresso encane ine-cafestol encane—mhlawumbe engaba yi-milligram elilodwa noma amabili ngenkomishi. Nokho, i-Research Reports ixwayisa ngokuthi izinkomishi ezinhlanu ze-espresso ngosuku zingenyusa izinga le-cholesterol emzimbeni ngamaphesenti amabili.
Iphuzu liwukuthi ikhofi elisefwe ngesisefo sephepha alinayo i-cafestol.