Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 5/8 kk. 22-24
  • ULoida Ufunda Ukukhuluma

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ULoida Ufunda Ukukhuluma
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imizamo Yokukhuluma Yokuqala
  • Ukukwazi Ukukhuluma
  • Intuthuko Engokomoya
  • Wamsiza Ukuba Akhuthazele
  • Izifundo Ezafundwa Esimweni SikaLoida
    I-Phaphama!—2001
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2000
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2001
  • Ukusuka Ekucindezelekeni Ukuya Enjabulweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 5/8 kk. 22-24

ULoida Ufunda Ukukhuluma

Njengoba ilandiswa ngunina kaLoida

NJENGANOMA yimuphi umama okhulelwe, ngangikhathazekile ngokuthi ingane yami ingase izalwe inokukhubazeka okuthile. Nokho, ngangingakulindele ukukhala kukaLoida okuthinta inhliziyo, ingane yami yesithathu, lapho ezalwa. Engahlosile, udokotela wayephule ingqwababa kaLoida ngodlawu lokuhlinza. Emasontweni ambalwa ngemva kokuhlinzwa okwakulungisa lesi simo, uLoida wadedelwa ukuba aye ekhaya. Nokho, injabulo yethu yayingeyesikhashana.

Ezinyangeni ezimbalwa ezalandela, kwaba sobala ukuthi kukhona okwakonakele. Imithi kaLoida yayibangela ukuba umzimba wakhe ungasabeli kahle—okwakuhlanganisa imfiva, uhudo nemiqhakanyeko—futhi imithi yokwelapha lezi zimpawu yayibonakala yenza izinto zibe zimbi kakhulu. Ngokushesha uLoida wayengasakwazi ukulawula ukunyakaza komzimba wakhe. Ekugcineni odokotela basitshela ukuthi uLoida wayelimele ebuchosheni (cerebral palsy). Bathi wayengeke akwazi ukuhamba noma ukukhuluma—noma ngisho ukuqonda lokho esikushoyo.

Imizamo Yokukhuluma Yokuqala

Naphezu kwamathuba angemahle okwelapha lesi sifo, ngangisenomuzwa wokuthi uLoida angakwazi ukuqonda izinto eziningi. Ngakho ngamfundela izincwadi ezilula futhi ngenza imizamo yokumfundisa izinhlamvu zamagama. Kodwa uLoida wayengakwazi ukukhuluma, engabonisi nokuthi wayekuzwa lokho engangikusho. Yayingekho indlela yokwazi ukuthi yikuphi—uma kukhona—ayekwazi ukukuqonda.

Njengoba iminyaka ihamba, imizamo yami yokufundisa uLoida yabonakala ingaphumeleli. Noma kunjalo, ngangichitha amahora amaningi ngimfundela. Sasimhlanganisa naye esifundweni sethu somkhaya seBhayibheli noNoemí, indodakazi yethu encane, sisebenzisa izincwadi Ukulalela UMfundisi Omkhulu nethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli.a Ngafundela uLoida izihloko eziningi kulezi zincwadi ngokuphindaphindiwe.

Ukungakwazi ukukhuluma nomuntu omthandayo ngempela kukwenza ucindezeleke. Lapho ngiya noLoida epaki, wayekhala adazuluke. Kungani? Kimi kwakubonakala sengathi iqiniso lokuthi wayengenakukwazi ukugijima noma ukudlala njengezinye izingane lalimenza akhungatheke. Kwesinye isenzakalo, uLoida wakhala izinyembezi lapho udadewabo engifundela okuthile encwadini yesikole. Ngokusobala, kukhona okwakumhlupha, kodwa ngangingazi ukuthi wayehlushwa yini. Inkulumo kaLoida yayiphelela ekuphimiseleni imisindo engaqondakali, ayeyisebenzisa ukubonisa ukuthi udinga ukudla, amanzi, ukuyolala, noma ukuya endlini yangasese.

Lapho eneminyaka engu-9, uLoida waqala ukufunda esikoleni sezingane ezinezidingo ezikhethekile. Nokho, eminyakeni emithathu eyalandela, isimo sakhe saba sibi kakhulu. Wayesaba ukuhamba ngisho amanyathelo ambalwa ngaphandle kosizo, futhi wacishe wayeka ngokuphelele ukuphimisela imisindo yokukhuluma. Mina nomyeni wami sanquma ukuthi kwakungcono ukumfundisa ekhaya uLoida.

Eminyakeni eyisithupha eyalandela, ngafundisa uLoida ngangokusemandleni ami konke engangikwazi. Ngangibhala izinhlamvu ebhodini, ngethemba ukuthi uLoida wayezokwazi ukuzikopisha. Imizamo yami yayingayi ndawo. Ingabe inkinga ukuthi wayengakwazi ukuqonda izinto, noma ingabe uLoida wayehluleka ukubhala ngoba engakwazi ukulawula izandla zakhe?

Lapho uLoida eseneminyaka engu-18, kwase kunzima ukumnakekela kangangokuba ngobuqotho ngakhuleka kuJehova, ngimnxusa ukuba angisize ngikwazi ukukhuluma nendodakazi yami. Impendulo yomthandazo wami yafika ngendlela engavamile.

Ukukwazi Ukukhuluma

Kwenzeka ushintsho lapho amadodakazi ami elungisa kabusha ikamelo lethu. Ngaphambi kokuxebula i-wallpaper endala, uNoemí wabhala amagama athile odongeni—amagama aseBhayibhelini namagama abangane namalungu omkhaya. Inelukuluku, indodakazi yami uRut yabuza uLoida ukuthi wayazi yini ukuthi igama elithi “Jehova” libhalwe kuphi. Ngokumangalisayo, uLoida waqonda odongeni wabeka ikhanda lakhe eduze nalapho kwakubhalwe khona igama likaNkulunkulu. URut wazibuza ukuthi uLoida wayengakwazi yini ukubona amanye amagama, ngakho wamhlola. URut wamangazwa ukuthi uLoida wayekwazi ukuwahlukanisa wonke—ngisho namagama ayengakaze ayibone indlela abhalwa ngayo ngaphambili! URut wabiza wonke umkhaya ukuba uzozibonela. ULoida wayekwazi ukufunda!

Ngokuhamba kwesikhathi, sathola indlela eyayizosiza uLoida ukuba “akhulume” nathi. Sanamathisela izinhlamvu zamagama odongeni olude lwephasishi. Ukunamathisela izinhlamvu ezincane ebhodini eliphathwayo kwakungasebenzi, ngoba uLoida akanawo amandla anele okulawula izandla zakhe ukuze akhombe uhlamvu ngalunye. Ngakho lapho uLoida efisa ukusho okuthile, wayakha amagama ngokuhamba aye ohlamvwini ngalunye ayelufuna odongeni. Njengoba ungase ucabange, lokhu kwakukhathaza kakhulu. Empeleni, kwakudingeka uLoida ahambe ibanga elide ukuze abhale ikhasi elilodwa nje lenkulumo, futhi kwakungathatha amahora amaningi ukuba aqede!

Noma kunjalo, uLoida ujabula kabi ngoba useyakwazi “ukukhuluma” nathi. Empeleni, amazwi akhe okuqala asibhalela wona ayethi: “Ngiyajabula ngoba ngenxa kaJehova, manje sengiyakwazi ukukhuluma.” Sibambe ongezansi, sabuza uLoida: “Ubuwenzani njengoba ubuhlezi usuku lonke?” ULoida wasitshela ukuthi wayecabanga ukuthi yini ayefisa ukusitshela yona. Yebo, uLoida wathi kwase kuphele iminyaka engu-18 efisa ukukhuluma. Wathi: “Lapho uRut eseqale ukuya esikoleni, ngangizifundela incwadi yesikole. Nganginyakazisa umlomo futhi ngenza imisinjwana, kodwa naningakuqondi engangikusho. Kungakho ngangivame ukukhala.”

Ngigcwele izinyembezi ngaxolisa ngokuthi ngangingakwazanga ukumqonda kangcono. ULoida waphendula: “Ungumama okahle, futhi awukaze ulilahle ithemba. Bengilokhu ngikujabulela ukuba seduze kwakho. Ngikuthanda kakhulu. Ngakho ungabe usakhala.”

Intuthuko Engokomoya

Kakade uLoida wayesenolwazi lweBhayibheli, futhi wayewabambe ngekhanda amanye amavesi eBhayibheli. Kodwa ngokushesha wasitshela ukuthi wayefuna ukuphendula eSifundweni sebandla se-Nqabayokulinda, okuyingxoxo yeBhayibheli yamasonto onke yemibuzo nezimpendulo. Wayezokwenza kanjani lokhu? Omunye wethu wayemfundela sonke isihloko. Khona-ke uLoida wayekhetha umbuzo ayefuna ukuwuphendula. Sasiyibhala phansi impendulo yakhe njengoba ayesibhalela yona ngezinhlamvu. Khona-ke, emhlanganweni, omunye wethu wayefunda impendulo kaLoida. ULoida wake wathi: “Kungijabulisa kakhulu ukukwazi ukuhlanganyela, ngoba kungenza ngizizwe ngiyingxenye yebandla.”

Lapho eseneminyaka engu-20 ubudala, uLoida waveza ukuthi wayefisa ukubhapathizwa. Lapho ebuzwa ukuthi wayazi ukuthi kwakusho ukuthini ukuzinikezela kuJehova, uLoida waphendula wathi kakade lokho wayekwenze eminyakeni engu-7 edlule—lapho eneminyaka engu-13 nje kuphela ubudala. Wathi: “Ngathandaza kuJehova, futhi ngamtshela ukuthi ngangifuna ukumkhonza kuze kube phakade.” Ngo-August 2, 1997, uLoida wabonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova ngokubhapathizwa emanzini. ULoida wathi: “Ngenxa kaJehova, isifiso sami esikhulu sifezekile!”

ULoida uyakujabulela ukutshela izihlobo nomakhelwane ngoMbuso kaNkulunkulu. Ngezinye izikhathi uyasiphelezela njengoba sishumayela kubantu emgwaqweni. Futhi kunencwadi ayibhala esiyishiya emnyango lapho singatholi muntu endlini. ULoida unesithakazelo esikhethekile kwasebekhulile nakulabo abagulayo. Ngokwesibonelo, sinodade ebandleni lethu owanqunywa umlenze. “Ngiyazi ukuthi kunjani ukungakwazi ukuhamba,” kusho uLoida, ngakho wabhalela lo dade incwadi eyisikhuthazo. Futhi kukhona uJairo, umfanyana okwelinye ibandla, okhubazeke ngokoqobo umzimba wonke. Lapho uLoida ezwa ngenkinga yakhe, wambhalela incwadi. Ngokwengxenye yayithi: “Ngokushesha uJehova uzosenza siphile. EPharadesi ngeke kusaba khona ukuhlupheka. Khona-ke ngiyokubekela inselele sincintisane ngokugijima. Ngiyahleka ngoba kuyojabulisa kakhulu. Ukucabanga ukuthi siyoba njengoba uJehova ayesidalile, singaguli . . . Akumangalisi?”

Wamsiza Ukuba Akhuthazele

Manje sengiyaziqonda izinto eziningi uLoida ayezenza esikhathini esidlule ezazivame ukungixaka. Ngokwesibonelo, uLoida uthi lapho esemncane wayengakuthandi ukwangiwa ngoba kwakumkhungathekisa. Wathi: “Kwakubonakala kungalungile ukuthi odadewethu babekwazi ukukhuluma futhi bafunde izinto kodwa mina ngingakwazi. Ngangithukuthela kakhulu. Kwakunezikhathi lapho ngangifisa khona sengathi ngangingafa.”

Ngisho noma esekwazi ukukhuluma, uLoida ubhekana nezinselele eziningi. Ngokwesibonelo, cishe nyanga zonke uba nemiqhakanyeko emenza kubonakale sengathi uyabindeka futhi izingalo zakhe nemilenze kunyakaza ngokungalawuleki. Ngaphezu kwalokho, noma yikuphi ukugula—ngisho nomkhuhlane omncane—kumenza abe buthaka kakhulu. Ngezinye izikhathi uLoida siyamcindezela kakhulu isimo sakhe. Yini emsiza ukuba akhuthazele? Makanitshele ngamazwi akhe:

“Umthandazo uye waba usizo kakhulu. Kungenza ngijabule kakhulu ukukhuluma noJehova, ukuzizwa ngisondelene naye. Ngiyalwazisa uthando nokunakwa engikuthola kwabanye eHholo LoMbuso. Ngizizwa nginenhlanhla ngempela ngokuthi naphezu kwezinkinga zami ezingokomzimba, ngiye ngakhuliswa abazali ababili abakahle abangithanda kakhulu. Ngiyokukhohlwa ngifile lokho odadewethu abangenzele kona. Lezo zinhlamvu ezinhle odongeni zasindisa ukuphila kwami. Ngaphandle kothando lukaJehova nothando lomkhaya wakithi, ukuphila kwami ngabe akunanjongo.”

[Umbhalo waphansi]

a Zinyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc. Ethi Ukulalela UMfundisi Omkhulu ayisanyatheliswa.

[Isithombe ekhasini 24]

ULoida nomkhaya wakubo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela