Izifundo Ezafundwa Esimweni SikaLoida
ISIHLOKO esithi “ULoida Ufunda Ukukhuluma” (May 8, 2000) sabangela ukusabela okuhlukahlukene kubafundi bethu. Izinhliziyo zabaningi zathinteka ekujuleni ngale ndaba yangempela yentombazanyana ene-cerebral palsy eyayingakwazi ukukhuluma kwaze kwaba yilapho isineminyaka engu-18 ubudala. Okulandelayo, ukukhulumela okumbalwa okuye kwatholwa.
“Ngakhala izinyembezi lapho ngifunda imiyalezo uLoida ayibhalela umkhaya wakubo lapho ekugcineni esekwazi ukuveza imizwa yakhe. Isibindi nokukhuthazela kwakhe naphezu kwezimo ezinzima kuyizinto engizolwela ukuzilingisa.”—K. G.
“Ngiwumqemane, kodwa ngezinye izikhathi ngiyaye ngizithole ngikhononda ngezinto ezihlukahlukene. Ngemva kokufunda ngoLoida, ngathandaza kuJehova, ngixolisa ngenxa yokungakwazisi lokho enginakho.”—R. H.
“Ngo-1980 umfowethu omncane wazalwa enezinkinga eziningi zempilo, kuhlanganise ne-cerebral palsy, futhi akakwazi ukukhuluma. Le ndaba yakhuthaza umkhaya wakithi ukuba ungakhathali, kungakhathaliseki ukuthi kunzima kangakanani.”—L. W.
“Ngiyintombazane eneminyaka engu-14 ubudala, futhi bengicabanga ukuthi yimina ngedwa onezinkinga. Ngingathanda ukubona uLoida ephilile futhi ngixoxe naye ePharadesi. Ungomunye wabantu engingathanda ukubabona futhi sibe abangane kuze kube phakade.”—R. K.
“Lesi sihloko sangithinta inhliziyo. Ngiye ngakhuthazelela izifo eziningi ezingokwengqondo nezingokomzwelo. Ukufunda indlela uLoida abheke phambili ngayo ezweni elisha likaNkulunkulu kungenza ngifune ukuba lapho ngisho nakakhulu.”—P. B.
“Nami ngine-cerebral palsy, kodwa anginankinga yokukhuluma. Lesi sihloko singitshela ukuthi uJehova uyakubona konke esibhekana nakho futhi usazisa sonke ngabanye ngalokho esingakwenza ekumkhonzeni.”—D. J.
“Okwangithinta kakhulu ukufunda ukuthi uLoida wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova esemncane nendlela ahlanganyela ngayo emsebenzini wokushumayela. Labo kithina abayimiqemane bangafunda okuningi kuLoida.”—A. R.
“Indaba kaLoida ingenzé ukuba ngilwele ukucabangela abanye kakhudlwana nokuthi yini engingabenzela yona. Angifuni ukulithatha kalula ilungelo lami lokukwazi ukukhuluma nabanye ngoJehova uNkulunkulu.”—B. M.
“Yeka isihloko esihle! Kunombhangqwana esiwaziyo ebandleni elingumakhelwane onendodakazi ene-cerebral palsy. Ngizowuthumelela ikhadi namuhla ngiwutshele ukuthi ngiyawazisa ngempela nakho konke okwenzela indodakazi yawo.”—T. G.
“Uma ngicindezelekile, ngezinye izikhathi ngiba nobugovu, kodwa uLoida unesithakazelo esikhethekile kwabanye. Yilokho engizama kanzima ukukwenza. Kufanele ngizame nakakhulu ukuba njengoLoida, ngithandaze kuJehova uma ngintula amandla.”—N. D.
“Ngineminyaka engu-14 ubudala futhi nginesifuba somoya. Ngezinye izikhathi ngicabanga ukuthi asikho isifo esibi njengalesi, kodwa lapho ngifunda le ndaba, ngaqaphela ukuthi akunjalo. Ngiyabonga ngale ndaba edabukisayo kodwa ngakolunye uhlangothi ejabulisayo nesinikeza ithemba.”—M. C.