Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 6/8 kk. 3-4
  • Izithombe Ezingcolile Seziyatholakala Kuyi-Internet

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izithombe Ezingcolile Seziyatholakala Kuyi-Internet
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izingane Nezithombe Ezingcolile
  • Ngingazigwema Kanjani Izithombe Ezingcolile?
    I-Phaphama!—2007
  • Izithombe Zobulili Ezingcolile—Ziyingozi Noma Cha?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Kungani Kufanele Ngigweme Izithombe Ezingcolile?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Kungani Zandé Kangaka Izithombe Ezingcolile Zobulili?
    I-Phaphama!—2003
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 6/8 kk. 3-4

Izithombe Ezingcolile Seziyatholakala Kuyi-Internet

NSUKU ZONKE, IZIGIDI ZABANTU EMHLABENI ZISEBENZISA i-Internet. Abaningi bayisebenzisela ukuqhuba ibhizinisi, bathole izindaba zezwe zamuva, bahlole isimo sezulu, bafunde ngamazwe ahlukahlukene, bathole ukwaziswa ngezokuvakasha, noma baxhumane nomkhaya nabangane abasemazweni ahlukahlukene. Kodwa abanye—abantu abadala abashadile nabangashadile kanye nenani elimangalisayo lezingane—bayisebenzisela isizathu esihlukile i-Internet: UKUBUKA IZITHOMBE EZINGCOLILE.

IZITHOMBE EZINGCOLILE EZIKUMA-COMPUTER, ezibizwa nangokuthi i-cyberporn, zithandwa kakhulu kangangokuba seziyibhizinisi elingenisa izindodla zemali. I-Wall Street Journal yaphawula: “Funa ingosi eyenza inzuzo futhi ngokunokwenzeka, uyothola ukuthi umsebenzi wayo nalokho ekuqukethe yizithombe ezingcolile [eziyingcaca].”

Le Journal yaqhubeka ichaza ukuthi kungani abantu beya kuyi-Internet ukuze babuke izithombe ezingcolile: “Amakhasimende angabuka izinto ezingcolile ngaphandle kokuya esitolo sezincwadi ezingcolile noma ngisho avakashele igumbi elingemuva esitolo sama-video esiseduze. Amakhasimende angabukela izinto ezingcolile ngokunethezeka esekhaya—noma ehhovisi.”

Izingane Nezithombe Ezingcolile

Ngokudabukisayo, iningi labantu ababuka izithombe ezingcolile kuma-computer yizingane. Abasha abenqatshelwa umthetho ukuba bathenge izincwadi noma ukuba baqashe ama-video ezithombe ezingcolile bangase bazithole ekhaya ngokumane baqhofoze inkinobho ye-computer. Bazitapela ngokuthanda.

Izingane eziningi zivame ukuvakashela izingosi ze-Internet abazali bazo bengazi. Empeleni, i-Detroit News ithi “izingane ezingaphezu kwezimbili kwezinhlanu ziye zavakashela ingosi ye-Internet ekhokhelwayo noma enye inkonzo etholakala kuyi-Internet nakuba cishe amaphesenti angu-85 abazali enemithetho ephikisana nokwenza kanjalo.”

Nakuba izingane eziningi—nabantu abadala—becophelela ukufihla iqiniso lokuthi babuka izithombe ezingcolile, akubona bonke abasibonayo isidingo sokwenza kanjalo. Abanye babheka lo mkhuba njengohlobo lokuzijabulisa olungalimazi. Abanye baphetha ngokuthi izithombe ezingcolile azizifanele izingane kodwa bathi abantu abadala bangenza noma yini esithe ngokuthanda kwabo.

Kwamanye amazwe impikiswano mayelana nezithombe ezingcolile isiphenduke impi eshubile yezombangazwe. Ngapha, labo abalwela inkululeko yokukhuluma basekela izithombe ezingcolile, kanti ngakolunye uhlangothi, labo abalwela izindinganiso zomkhaya bakhuthaza iziphathimandla ukuba zizivale izithombe ezingcolile.

I-Phaphama! ayithathi hlangothi kwezombangazwe. Injongo yalezi zihloko iwukuqaphelisa abafundi bethu ngezingozi zokubuka izithombe ezingcolile, ukusikisela izindlela abangazivikela ngazo bona nabathandekayo babo, nokunikeza ukusikisela okusekelwe eBhayibhelini kunoma ngubani oye wabanjwa ugibe lwezithombe ezingcolile futhi ofisa ukugqashula.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela