Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 6/8 kk. 7-10
  • Zivikele Wena Nalabo Obathandayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Zivikele Wena Nalabo Obathandayo
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uma Ufuna Ukugqashula
  • Ngingazigwema Kanjani Izithombe Ezingcolile?
    I-Phaphama!—2007
  • Kungani Kufanele Ngigweme Izithombe Ezingcolile?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Izithombe Zobulili Ezingcolile—Ziyingozi Noma Cha?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Umonakalo Odalwa Yizithombe Ezingcolile Zobulili
    I-Phaphama!—2003
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 6/8 kk. 7-10

Zivikele Wena Nalabo Obathandayo

I-INTERNET ingaba ithuluzi eliwusizo. Kodwa, njengamathuluzi amaningi, ingasetshenziswa kabi. Futhi i-cyberporn—izithombe ezingcolile ezitholakala kuyi-computer—iyisibonelo salokhu kusetshenziswa kabi.

Ngokwazi ukuthi umfanekiso ungaba namandla kangakanani, abazali kumelwe benze konke okusemandleni ukuze izingane zingakwazi ukungena ezingosini ze-Internet ezisolekayo. Ipheshana elithi Teen Safety on the Information Highway linikeza ukwaziswa okuwusizo ngale ndaba. Lithi: “Manje sekunezinkonzo ezihluza lokho izingosi ezikuqukethe kanye nezinhlelo ezisiza abazali ukuba bakwazi ukuvala izingosi abazibheka njengezingafaneleki. Lezi zinhlelo zisebenza ngezindlela ezingafani. Ezinye zivala izingosi ezaziwayo ukuthi zinokwaziswa okusolekayo. Ezinye zivimbela abasebenzisa i-computer ukuba bafake ukwaziswa okuthile njengegama nekheli labo. Ezinye izinhlelo zivimba izingane ukuba zingangeni ezingosini zengevu noma zithumele futhi zifunde i-E-mail. Ngokuvamile umzali angenza ukuba lezi zinhlelo zivale kuphela izingosi azibheka njengezisolekayo.”—Bheka nebhokisi elithi “Ukuvikela Izingane Ezithombeni Ezingcolile.”

Nokho, kumelwe kuvunywe ukuthi kulinganiselwe lokho abazali abangakwenza ukuvala izingosi ezingafiseleki ezingase zibonwe yizingane. Abakwazi ukuqapha izingane zabo ngaso sonke isikhathi. Futhi ingane noma osemusha ongazibuki izithombe ezingcolile ekhaya cishe angakwazi ukuzibuka ngokuthanda kuyi-computer esesikoleni noma ekhaya lomunye umfundi. Ngakho, ngaphezu kokwenza okusemandleni ukuvimbela izingane zabo ukuba zibuke izithombe ezingcolile, abazali kumelwe bazisize zihlakulele unembeza ozwelayo oyozishukumisela ukuba zona ngokwazo zingazibuki izithombe ezingcolile.

Kungaba yiphutha ukuphetha ngokuthi abantu abadala bakulungele ukubuka izithombe ezingcolile kunezingane. Njengoba sibonile esihlokweni esandulele, akekho umuntu olungelwe yizithombe ezingcolile!

Nokho, ake sithi sekuphele isikhathi esithile ubuka izithombe ezingcolile. Uyaqaphela ukuthi lokho okwenzayo akumthokozisi uNkulunkulu, futhi ufuna ukugqashula kulo mkhuba. Ingabe ungakwazi? Yebo, ungakwazi. Nsuku zonke abantu bayagqashula emikhubeni emibi. Uma ngempela ufuna ukugqashula ezithombeni ezingcolile, ungakwazi.

Uma Ufuna Ukugqashula

Isinyathelo sokuqala ukuyeka ukubuka izithombe ezingcolile—ngokushesha! Uma uthalalisa isikhathi eside, kuyokuba nzima ukuyeka. Nokho, kulula ukukhuluma ngokuyeka kunokukwenza ngempela. IBhayibheli likuveza ngokusobala ukuthi isono singase sijabulise okwesikhashana. (Heberu 11:25) Kodwa isono singaholela nasekufeni. (Roma 6:23) Ekuqaleni, ungase uzithole ubeka izaba ukuze uzibuke okokugcina izithombe ezingcolile. Ungawulaleli lowo mcabango! Futhi ungavumi ukuba unqotshwe isilingo sokuqhubeka ubuka!

Njengoba kubonisiwe ekuqaleni kulezi zihloko, ukubuka izithombe ezingcolile kungalilimaza ngempela izinga lokuphila kwakho. Yihlolisise ngobuqotho indlela lo mkhuba obuthinta ngayo ubuhlobo onabo nabomkhaya wakho nabangane bakho. Ingabe ungumyeni futhi ungubaba? Ngokunokwenzeka umkakho nabantwana baye baphawula izinguquko ezithile ekuziphatheni kwakho. Kusukela waqala ukubuka izithombe ezingcolile, kungenzeka ukuthi usuyashesha ukuthukuthela, uhlala unyukubele, unezimfihlo, noma uyazehlukanisa—mhlawumbe wena ungakuqapheli lokho. Ngezinye izikhathi ungase uphahluke ngolaka ngaphandle kwesizathu. Uma ubuka izithombe ezingcolile, cishe izenzo zakho ziyakuceba. Abangane namalunga omkhaya sebephawulile ukuthi kukhona okushaya amanzi. Ukuthi nje okwamanje abakazi ukuthi konakelephi!

Uma uzithola ubuyela ezithombeni ezingcolile, ungazami ukuyilwa wedwa le mpi. Thola usizo. Khuluma nomngane onokuhlangenwe nakho. Yiqiniso, kudinga isibindi ukuba uvume ukuthi unenkinga yokubuka izithombe ezingcolile, kodwa umngane ovuthiwe uyokuncoma ngokuthi uthathe isinyathelo sokuqala sokuyeka lo mkhuba.

Isifiso esijulile sokuthokozisa uNkulunkulu ngokuqinisekile siyisizathu esinamandla sokulwa nokubuka izithombe ezingcolile. Uma sibambelela enkambweni enhle, sithokozisa inhliziyo kaNkulunkulu. (IzAga 27:11) Uma siphishekela inkambo embi, simenza ‘adabuke enhliziyweni yakhe.’ (Genesise 6:6) Uma ungumKristu, akungabazeki ukuthi uyayikhathalela indlela uNkulunkulu azizwa ngayo. Futhi kufanele ukhathalele indlela oyisebenzisa ngayo ingqondo nenhliziyo yakho, okunikezelwe kuNkulunkulu futhi okufanele kuhlale kuhlanzekile kugcinelwe inkonzo yakhe. (Hezekeli 44:23) IBhayibheli linxusa amaKristu ukuba azihlanze ‘kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, aphelelise ubungcwele ekwesabeni uNkulunkulu.’ (2 Korinte 7:1) Yebo, ukwesaba okunempilo ukudumaza uNkulunkulu, obona zonke izinto, kungakushukumisela ukuba ugqashule ezithombeni ezingcolile.

Nokho, ake sithi ngesikhathi usazabalaza ukuze ugqashule, ngengozi uvula ingosi ebonisa izithombe ezingcolile. Yivale ngokushesha leyo ngosi! Uma kudingekile, yivale i-Internet! Uma ulingeka ukuba ubuyele, phendukela kuNkulunkulu ngomthandazo oqotho, umcele ukuba akusize umelane nalesi silingo. “Kukho konke,” kusho iBhayibheli, “izicelo zenu mazaziwe uNkulunkulu.” Uma uzithola uhlushwa imicabango engalungile, thandaza uze uthole ukukhululeka. Khona-ke ‘ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyoqapha inhliziyo yakho namandla akho engqondo.’ (Filipi 4:6, 7) Yiqiniso, esikhundleni semicabango engahlanzekile kuyodingeka ufake ‘eyiqiniso, enokubaluleka okungathi sína, elungileyo, emsulwa, ethandekayo nokukhulunywa kahle ngayo.’—Filipi 4:8.

Ungase ukuthole kuwusizo ukubamba ngekhanda futhi uzindle ngemibhalo yeBhayibheli enjengalena elandelayo.

“Nina enithanda uJehova zondani okubi.”—IHubo 97:10.

“Ngiyawutuba umzimba wami futhi ngiwuhola njengesigqila, ukuze kuthi, ngemva kokuba sengishumayele kwabanye, mina ngokwami ngingabi ongamukeleki ngandlela-thile.”—1 Korinte 9:27.

“Ngakho-ke, bulalani amalungu emizimba yenu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungahlanzeki, isifiso sobulili.”—Kolose 3:5.

“Ngamunye wenu azi ukuthi angasilawula kanjani isitsha sakhe siqu ngokungcweliswa nangodumo, kungabi ngesifiso sobulili sokukhanuka.”—1 Thesalonika 4:4, 5.

“Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane ukuze amkhanuke usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.”—Mathewu 5:28.

“Amadoda kufanele abe athanda omkawo njengemizimba yawo siqu. Lowo othanda umkakhe uzithanda yena.”—Efesu 5:28.

Kunezizathu eziningi zokugwema izithombe ezingcolile. Kungakuphazamisa kakhulu ukuphila kwakho, kungasonta ukwahlulela kwakho, kulimaze ubuhlobo bakho nabanye futhi, okubaluleke kakhulu, konakalise ubuhlobo bakho noNkulunkulu. Uma ungakawuqali umkhuba wokubuka izithombe ezingcolile, ungaqali. Uma usuwuqalile, uyeke ngokushesha! Kungakhathaliseki ukuthi zisencwadini noma kumagazini noma kuyi-computer, izithombe ezingcolile aziwafanele amaKristu. Zigweme ngazo zonke izindlela!

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]

Ukuvikela Izingane Ezithombeni Ezingcolile

Ukusikisela okulandelayo kungakusiza ukuba uvikele izingane zakho ezingozini zezithombe ezingcolile ezikuyi-Internet.

• Ungayivumeli ingane yakho ukuba isebenzise i-Internet ekamelweni layo. Beka ama-computer axhunywe kuyi-Internet egumbini elisetshenziswa yiwo wonke amalungu omkhaya.

• Zazi izinhlelo zama-computer ezisetshenziswa yingane yakho.

• Hlola ukuthi ingane yakho ayizakhelanga yini ingosi yayo ye-Internet wena ungazi. Ukuze wenze lokhu, zama ukubheka igama layo kuma-browser ahlola yonke i-Internet. Libhale liphelele igama layo ulifake ezingcaphunweni ukuze ugweme ukuvula izingosi okungezona.

• Ungayivumeli ingane yakho ukuba iyohlangana ngokoqobo nomuntu ongamazi exoxa naye nge-computer.—Bheka ibhokisi elithi “Kungaphezu Kokuzixoxela Nje.”

• Ungayiphenduli imiyalezo noma izaziso ezisikisela ubulili, ezinenhlamba, ezinobudlova, noma ezisongelayo.

• Xwayisa izingane zakho ngokufunda izinto ezingafanele kuyi-Internet. Zifundise ukuba zikwazi ukuzikhuza uma ungekho. Khumbula ukuthi ama-computer asesikoleni noma ekhaya lomngane kungenzeka awahlelelwe ukuba avikele izingane ezithombeni ezingcolile.

[Umthombo]

Material based, in part, on Child Safety on the Information Highway and an article in the Los Angeles Times, July 5, 1999.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 10]

Kungaphezu Kokuzixoxela Nje

Kumelwe uqaphe kakhulu lapho usebenzisa ingosi yengevu kuyi-computer. Ingosi yengevu iyithuluzi elivumela abantu abasebenzisa i-Internet ukuba bakwazi ukuxoxa. Yiqiniso, abantu abaningi baxhumana nabangane babo besebenzisa i-E-mail. Abanye abahlala kude namalungu omkhaya bayakwazi ukuxhumana nawo njalo ngale ndlela. Kodwa kunomehluko phakathi kokuthumela i-E-mail kumuntu omaziyo nokuthumelela umuntu ongamazi. Ungayishaya yini inombolo yocingo ongayazi bese wakha ubuhlobo nanoma ngubani ophendula ucingo? Lutho neze! Khona-ke kungani wakha ubuhlobo nomuntu ongamazi nhlobo kuyi-computer?

Enye inkinga yokuxoxa nomuntu ongamazi ukuthi angase angabi yilokho ocabanga ukuthi uyikho. Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi ungumnukubezi wezingane onethemba lokunukubeza ingane noma osemusha ongaqaphile.

UParry Aftab, ummeli osebenza ngamacala ahilela i-⁠Internet, wachaza ukuthi lokhu kungenzeka kalula kanjani. Waphawula: “Ngokuvamile izingane zingena ezingosini zengevu. Abanukubezi bezingane bayakuqaphela lokhu, balandelele ingxoxo futhi bafune izingane ezinesizungu. Ingane ingase ithumele imiyalezo enjengokuthi ‘Abazali bami bayahlukana . . . Ngiyamzonda umama, akafuni ukungithengela umdlalo we-computer engiwufunayo.’ . . . Umnukubezi wezingane ube esephendula kuyi-computer athi ‘Abazali bami bayahlukana . . . Ngiyamzonda umama . . . Bengingeke ngiwuthole umdlalo engiwufunayo, kwaze kwaba yilapho uMalume uTimmy engithengela wona . . . Okumelwe ukwenze nje ukuya ezitolo uyohlangana noMalume uTimmy.’” Empeleni “uMalume uTimmy” ungumnukubezi ozingelayo.

Ngenxa yalokho, abazali kufanele balondoloze ubuhlobo obufudumele, obunothando nezingane zabo. Gcinani imizila yokukhulumisana ivulekile ukuze kungadingeki ukuba abasebancane baye ezindaweni ezingafanele ukuze bathole ukusekelwa okungokomzwelo.

Abantu abadala abanesizungu noma abangajabule emshadweni akumelwe baphendukele ezingosini zengevu ze-computer ukuze bathole ukusekelwa okungokomzwelo. Kuyingozi ukuphendukela kubantu ongabazi. Abanye abantu abadala baye bashiya abangane babo bomshado ukuze bayohlala nothile “abahlangane naye” kuyi-Internet.a

[Umbhalo waphansi]

a Uma ufuna ukwaziswa okwengeziwe ngezingosi zengevu ze-computer, siza ubheke isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . . Ngingazigwema Kanjani Izingozi Ze-Internet?” kuyi-Phaphama! ka-January 22, 2000.

[Isithombe ekhasini 8]

Umthandazo ungamsiza umuntu ukuba amelane nesilingo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela