Umonakalo Odalwa Yizithombe Ezingcolile Zobulili
IZITHOMBE zobulili zalo lonke uhlobo zitholakala kalula ngethelevishini, amabhayisikobho, ama-video omculo nange-Internet. Ingabe le nsada ebeleselayo yezithombe ezingcolile zobulili ayinangozi, njengoba abaningi bengase bathande ukuba sikholelwe?a
Imiphumela Yezithombe Ezingcolile Kubantu Abadala
Kungakhathaliseki ukuthi abazivikelayo bathini, izithombe ezingcolile zinemiphumela eyingozi kakhulu emibonweni abantu abanayo ngobulili nasendleleni abaziphatha ngayo ngokobulili. Abacwaningi be-National Foundation for Family Research and Education baphetha ngokuthi “ukuchayeka ezithombeni ezingcolile zobulili kufaka abazibukayo engozini enkulu yokuba nemikhuba ehlanekezelwe yobulili.” Ngokwalo mbiko “inganekwane yabadlwenguli (inkolelo yokuthi abesifazane bazibangela bona ukuba badlwengulwe futhi bayakujabulela, nokuthi akukho okonakele ngabadlwenguli) yande kakhulu kubantu besilisa abanomkhuba wokubuka izithombe ezingcolile zobulili.”
Abanye abacwaningi bathi ukubuka izithombe ezingcolile njalo kungaphazamisa ikhono lokujabulela nokuhlanganyela ebuhlotsheni bobulili obuvamile emshadweni. UDkt. Victor Cline, onguchwepheshe ekwelapheni ukuluthwa ubulili, uye waphawula umkhuba oqhubekayo wokubuka izithombe ezingcolile. Uma unganqandwa, umkhuba wokuzibuka nje ngankathi izithombe ezingcolile ungagcina uholele ekubukeni izithombe ezingcole nakakhulu nezihlanekezelwe. Uthi lokhu kungaholela ezenzweni zobulili ezihlanekezelwe. Ochwepheshe bokuziphatha bayavuma. UDkt. Cline ubika ukuthi “noma yikuphi ukuziphatha okuhlanekezelwe kobulili kungahlakuleleka ngale ndlela . . . futhi akunakuqedwa ngisho nayimizwa ejulile yecala.” Ekugcineni, ozibukayo lezi zithombe angase azame ukuwafezekisa amaphupho okuziphatha okubi asukela kuzo, okuvame ukuba nemiphumela eyinhlekelele.
UCline waphetha ngokuthi le nkinga ingase ikhule kancane kancane inganakeki. Uthi: “Njengomdlavuza, iyaqhubeka ikhula futhi isakazeka. Ayivamile ukuzinciphela ngokwayo, futhi kunzima kakhulu ukuyelapha. Ngokuvamile cishe umlisa owumlutha uyayiphika le nkinga enqabe ukubhekana ngqo nayo, futhi cishe ngaso sonke isikhathi lokhu kubangela ukungezwani emshadweni, ngezinye izikhathi nesehlukaniso, kanye nokuwohloka kobunye ubuhlobo obuseduze ngezinye izikhathi.”
Umonakalo Entsheni
Izibalo zibonisa ukuthi abantu ababuka izithombe ezingcolile ngokuyinhloko abafana abaneminyaka engu-12 kuya kwengu-17 ubudala. Eqinisweni, abaningi bafunda ngobulili ngokuyinhloko ezithombeni ezingcolile. Lokhu kunemiphumela eshaqisayo. Umbiko othile uthi: “Izithombe ezingcolile zobulili azisho lutho ngokukhulelwa kwentsha nangezifo ezitholwa ngocansi njengengculaza, okunikeza umbono oyiphutha wokuthi ukuziphatha okuvezwa ezithombeni ezingcolile akunayo imiphumela emibi.”
Abanye abacwaningi bathi ukuchayeka ezithombeni ezingcolile kungathikameza nokukhula okungokwemvelo kobuchopho bengane. UDkt. Judith Reisman, ongumongameli we-Institute for Media Education, uyaphetha: “Ucwaningo lwezempilo lokusebenza kwezinzwa oluphathelene nokusabela kwengqondo okungokwemvelo lapho umuntu ebona futhi ezwa ngezithombe ezingcolile, lubonisa ukuthi ukubuka izithombe ezingcolile zobulili kunethonya elikhulu elikhubaza ubuchopho ekwamukeleni kuphela izinto umuntu azihlolile wazamukela—futhi lokho kuyingozi ebuchosheni ‘obuthambile’ bezingane [obulolongeka kalula] ngoba kulimaza indlela eziziqonda ngayo izinto ezingokoqobo ngaleyo ndlela kulimale nempilo yazo yengqondo neyomzimba, inhlalakahle yazo nokuphishekela kwazo injabulo.”
Umphumela Wazo Ebuhlotsheni
Izithombe ezingcolile zilolonga izimo zengqondo zithonye nokuziphatha. Imiyalezo yazo iyanxenxa ngokuyinhloko ngenxa yokuthi zingamaphupho, ngakho zivezwa njengento ejabulisa ngaphezu kwalokho okuyikho ngempela. (Bheka ibhokisi elithi “Uyokwamukela Muphi Umyalezo?”) Umbiko othile uthi: “Abantu ababuka izithombe ezingcolile zobulili baba namathemba angelona iqiniso, onakalisa ubuhlobo.”
Izithombe ezingcolile zingaqeda ukuthembana nokukhulumisana okukhululekile, okuyizimfanelo ezibalulekile emshadweni. Ngenxa yokuthi ngokuyinhloko zibukwa ngasese, izithombe ezingcolile ziholela ekukhohliseni nasekuqambeni amanga. Abangane bomshado bazizwa bekhohlisiwe. Abaqondi ukuthi yini eyenza abangane babo bomshado babathole bengasakhangi.
Umonakalo Ongokomoya
Ukubuka izithombe ezingcolile kubangela umonakalo omkhulu ngokomoya. Kungaba yisithiyo sangempela kumuntu ofuna ukuba nobuhlobo noNkulunkulu.b IBhayibheli lihlobanisa isifiso sobulili nokuhaha kanye nokukhonza izithombe. (Kolose 3:5) Umuntu ohahela into ethile uyifisa kakhulu kangangokuba iba yinto esemqoka ekuphileni kwakhe, isithibeze noma yini enye. Empeleni, abantu abaluthwe yizithombe ezingcolile zobulili babeka isifiso sabo sobulili ngaphambi kukaNkulunkulu. Kanjalo siba isithixo kubo. Umyalo kaJehova uNkulunkulu uthi: “Akumelwe ube nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.”—Eksodusi 20:3.
Izithombe ezingcolile zobulili ziwohloza ubuhlobo obunothando. Umphostoli uPetru, naye owayeshadile, wakhuthaza abayeni abangamaKristu ukuba bazise omkabo. Indoda engakwenzi lokho iyothola ukuthi imithandazo yayo kuNkulunkulu iyathiyeka. (1 Petru 3:7) Ingabe ukubuka ngasese izithombe ezihlazisayo zabesifazane kuwukuphatha umkakho ngokwazisa? Uyozizwa kanjani uma ezwa ngalokho? Futhi uyocabangani uNkulunkulu oyoletha “umsebenzi wazo zonke izinhlobo ekwahluleleni” ‘nolinganisa imimoya’? (UmShumayeli 12:14; IzAga 16:2) Ingabe umuntu obuka izithombe ezingcolile angalindela ukuba uNkulunkulu ayilalele imithandazo yakhe?
Ukubuka izithombe ezingcolile kushukunyiswa ukuphikelela ukufuna ukuzanelisa kobugovu kungakhathaliseki ukuthi iyini imiphumela. Ngenxa yalokho, ukubuka izithombe ezingcolile akubonisi uthando. Kululaza imizamo yomKristu yokulondoloza ubumsulwa nokuma okuhlanzekile phambi kukaNkulunkulu. Umphostoli uPawulu wabhala: “Yilokhu uNkulunkulu akuthandayo, . . . ukuba nidede ebufebeni; ukuze ngamunye wenu azi ukuthi angasilawula kanjani isitsha sakhe siqu ngokungcweliswa nangodumo, kungabi ngesifiso sobulili sokukhanuka . . . , ukuba kungabikho muntu ofinyelela eqophelweni lokulimaza umfowabo futhi angenele emalungelweni akhe.”—1 Thesalonika 4:3-7.
Izithombe ezingcolile zobulili zixhaphaza ikakhulukazi abesifazane nezingane. Ziyabalulaza futhi zibaphuca isithunzi namalungelo abo. Umuntu obuka izithombe ezingcolile uhlanganyela ekuxhaphazeni okunjalo futhi uyakusekela. Abacwaningi uSteven Hill noNina Silver bathi: “Kungakhathaliseki ukuthi indoda . . . icabanga ukuthi ilunge kangakanani, ukuzamukela kwayo buthule izithombe ezingcolile kuyenza okungenani ibe [umuntu ongenazwela], kanti okubi nakakhulu iba ngumuntu ozonda abesifazane, izonde yena kanye umuntu ethi iyamkhathalela.”
Ukugqashula Emkhubeni Wezithombe Ezingcolile
Kuthiwani uma kumanje nje unenkinga yokuluthwa yizithombe ezingcolile? Kukhona yini okungenziwa ukuze ugqashule? IBhayibheli linikeza ithemba! Ngaphambi kokwazi uKristu, amanye amaKristu okuqala ayeyizifebe, iziphingi nabantu abahahayo. “Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka,” kusho uPawulu. Kwenzeka kanjani lokho? Waphendula: ‘Seniye nangcweliswa ngomoya kaNkulunkulu wethu.’—1 Korinte 6:9-11.
Ungawabukeli phansi amandla omoya ongcwele kaNkulunkulu. IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu uthembekile, futhi ngeke akuvumele ukuba nilingwe ngokungaphezu kwalokho eningakuthwala.” Yebo, uyokunika indlela yokuphuma. (1 Korinte 10:13) Ukuthandaza ngobuqotho—uyibeke njalo inkinga yakho phambi kukaNkulunkulu—kuyoba nemiphumela. IZwi lakhe liyakhuthaza: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela.”—IHubo 55:22.
Kodwa-ke, kufanele wenze ngokuvumelana nemithandazo yakho. Kudingeka wenze umzamo wokuzimisela noqotho wokuhlukana nezithombe ezingcolile. Umngane omethembayo noma ilungu lomkhaya lingaba usizo olukhulu, likunike ukusekelwa nesikhuthazo osidingayo ukuze unamathele esinqumweni sakho. (Bheka ibhokisi elithi “Ukuthola Usizo.”) Ukukhumbula ukuthi inkambo enjalo iyomthokozisa nakanjani uNkulunkulu kungakusiza ukuba unamathele enkambweni yakho. (IzAga 27:11) Ngaphezu kwalokho, ukwazi ukuthi ukubuka izithombe ezingcolile kuyamcasula uNkulunkulu nakho kungaba esinye isizathu sokukuyeka. (Genesise 6:5, 6) Le mpi ngeke ibe lula, kodwa ungayinqoba. Ungagqashula emkhubeni wokubuka izithombe ezingcolile!
Izingozi zokubuka izithombe ezingcolile zingokoqobo. Ziyingozi futhi ziyonakalisa. Zonakalisa labo abazikhiqizayo kanye nalabo abazibukayo. Zihlazisa amadoda nabesifazane, ziyingozi ezinganeni, futhi ziwumkhuba okufanele wenqatshwe.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe ngezingozi zezithombe ezingcolile ze-Internet, ucelwa ukuba ubheke uchungechunge lwezihloko ezithi “Izithombe Ezingcolile Ze-Internet—Ingabe Zingakulimaza?” kuyi-Phaphama! ka-June 8, 2000, amakhasi 3-10.
b Ukuze uthole umbono weBhayibheli ngezithombe ezingcolile zobulili, siza ubheke i-Phaphama! ka-July 8, 2002, amakhasi 13-15.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 26]
Ukuthola Usizo
Impi yokugqashula ezithombeni ezingcolile akufanele ithathwe kancane; ingase ibe yimpi enzima. UDkt. Victor Cline, oselaphe amakhulukhulu emilutha yobulili, uthi: “Izithembiso azanele. Izisusa ezinhle azisho lutho. [Umlutha wobulili] awunakuphumelela uwodwa lokhu.” UCline uthi imfuneko eyinhloko yokwelashwa okuphumelelayo iwukuhilela umngane womshado, uma umuntu eshadile. Uthi: “Kuyashesha uma bobabili behilelekile. Bobabili balimele. Bobabili badinga usizo.”
Uma umuntu engashadile, ngokuvamile umngane omethembayo noma ilungu lomkhaya lingaba usizo. Kungakhathaliseki ukuthi ubani ohilelekile ekwelashweni, uCline unomthetho owodwa ongaguquki: Khuluma ngokukhululekile ngenkinga nanganoma yikuphi ukwehluleka kwesikhashana. Uthi: “Izimfihlo ‘ziyakubulala.’ Zibangela amahloni nomuzwa wecala.”
[Ishadi ekhasini 25]
Uyokwamukela Muphi Umyalezo?
Umyalezo Wezithombe
Ezingcolile Umbono WeBhayibheli
◼ Ukulala nanoma ubani, ◼ “Umshado mawuhlonishwe
noma nini, ngaphansi kwanoma yibo bonke, nombhede
yiziphi izimo, nanganoma womshado ungangcoliswa,
iyiphi indlela kulungile ngoba uNkulunkulu
futhi akunamiphumela emibi. uyozahlulela izifebe
neziphingi.”—Hebheru 13:4.
“Lowo ofebayo wona owakhe
umzimba.”—1 Korinte 6:18;
bheka neyabaseRoma 1:26, 27.
◼ Umshado uyisithiyo ◼ “Ujabule ngomfazi wobusha
sokwaneliseka ngokobulili. bakho . . . Kwangathi njalo
ungagajwa uthando lwakhe.”
—IzAga 5:18, 19; bheka
noGenesise 1:28; 2:24;
◼ Abesifazane badalelwe ◼ “[Mina Jehova uNkulunkulu]
injongo eyodwa vó—ukwanelisa ngizomenzela umsizi, abe
izidingo zamadoda zobulili. umphelelisi wakhe.”
—Genesise 2:18; bheka
◼ Amadoda nabesifazane ◼ “Ngakho-ke, bulalani
bayizigqila zezinkanuko amalungu emizimba yenu
zabo zobulili. asemhlabeni ngokuqondene
nobufebe, ukungcola, isifiso
sobulili, isifiso esilimazayo,
nokuhaha, okuwukukhonza
izithombe.”—Kolose 3:5.
“Ngamunye wenu [kufanele] azi
ukuthi angasilawula kanjani
isitsha sakhe siqu
ngokungcweliswa
nangodumo.”—1 Thesalonika 4:4.
Phatha “abesifazane abadala
njengawonyoko, abesifazane
abasebasha njengawodadewenu
ngabo bonke ubumsulwa.”
—1 Thimothewu 5:1, 2; bheka
[Isithombe ekhasini 23]
Abanye abacwaningi bathi ukuchayeka ezithombeni ezingcolile kungathikameza ukukhula okungokwemvelo kobuchopho bengane
[Isithombe ekhasini 24]
Izithombe ezingcolile zingawohloza ukwethembana nokukhulumisana okukhululekile emshadweni
[Isithombe ekhasini 26]
Umthandazo oqotho uyoba nemiphumela