Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 6/22 k. 20-k. 21 isig. 5
  • Ama-aspirin Nsuku Zonke—Ngiwaphuze Noma Cha?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ama-aspirin Nsuku Zonke—Ngiwaphuze Noma Cha?
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukopha Okubangelwa Imithi
  • Ukushisekela Ama-aspirin
  • Izizathu Zokuqapha
  • Izimila Umthombo Owusizo Wemithi
    I-Phaphama!—2004
  • Ingancishiswa Kanjani Ingozi?
    I-Phaphama!—1996
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2000
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 6/22 k. 20-k. 21 isig. 5

Ama-aspirin Nsuku Zonke—Ngiwaphuze Noma Cha?

Lesi senzakalo esilandelayo esalandiswa udokotela senzeka ngokoqobo. Ngokudabukisayo sibonisa inkinga evamile.

UMKHAYA wonke wawukhathazekile. Ngisho nodokotela wayesekhathazekile. “Uma lokhu kopha kunganqamuki ngokushesha,” kusho udokotela, “kungase kudingeke sicabangele ukumpompela igazi.”

Kwase kuphele amasonto ambalwa le ndoda yopha emathunjini kancane kancane, futhi kwatholakala ukuthi le nkinga ibangelwa ukudleka kolwelwesi lwesisu, noma i-gastritis. “Uyaqiniseka ukuthi ayikho imithi oyiphuzayo?” kubuza udokotela ekhungathekile.

“Cha. Ngigcina ngale mithi evamile yesifo sami samathambo,” kusho le ndoda.

Ngokushesha udokotela waqala ukulalelisisa. “Ake ngiyibone.” Lapho ehlola ilebula lezithako ngokucophelela, wakuthola ayekufuna. I-acetylsalicylic acid! Ekugcineni inkinga yaxazululeka. Lapho lesi siguli siyeka ukuphuza lesi sithako esine-aspirin futhi sinikwa ukudla okunokusansimbi nomunye umuthi wokwelapha isisu, ukopha kwanqamuka futhi kancane kancane umthamo waso wegazi wabuyela esimweni esivamile.

Ukopha Okubangelwa Imithi

Ukopha esiswini okubangelwa imithi kuyinkinga engathi sína kwezokwelapha namuhla. Nakuba kunemithi eminingi ethintekayo, iningi lezinkinga ezinjalo libangelwa yimithi yokwelapha isifo samathambo nezinhlungu. Lena ihlanganisa uhlobo lwemithi olubizwa ngokuthi ama-nonsteroidal anti-inflammatory drug, noma ama-NSAID. Amagama angase ahluke kuye ngamazwe.

I-aspirin itholakala ezinhlotsheni eziningi zemithi ethengiswayo, futhi eminyakeni yamuva nje emazweni amaningi baye banda abantu abayisebenzisayo. Kungani?

Ukushisekela Ama-aspirin

Ngo-1995 i-Harvard Health Letter yabika ukuthi “ukuphuza ama-aspirin njalo kuhlenga ukuphila.” Bekhuluma ngokucwaninga okumbalwa okwenziwa emhlabeni wonke, okuye kwaphindwa kaningi kusukela ngaleso sikhathi, abacwaningi baphetha ngokuthi: “Cishe wonke umuntu oseke wahlaselwa isifo senhliziyo noma ukufa uhlangothi, noma ophethwe i-angina, noma oye wahlinzelwa ukuxhumelela imithambo yenhliziyo kufanele aphuze ingxenye yephilisi le-aspirin kuya kwelilodwa nsuku zonke ngaphandle uma umzimba wakhe ungezwani nayo.”a

Abanye abacwaningi bathi kunezinzuzo ngamadoda aneminyaka engaphezu kuka-50 kanye nabesifazane abasengozini yokuhlaselwa isifo senhliziyo ukuba baphuze ama-aspirin nsuku zonke. Ngaphezu kwalokho, kunocwaningo olubonisa ukuthi ukuphuza ama-aspirin nsuku zonke kunganciphisa ingozi yokuhlaselwa umdlavuza kapopopo, futhi ukuphuza amaphilisi amaningi isikhathi eside kusiza ekwehliseni ushukela egazini kubantu abanesifo sikashukela.

Ama-aspirin akwazi kanjani ukuletha lezi zinzuzo okukhulunywa ngazo? Nakuba singayazi imininingwane ephelele, ubufakazi bubonisa ukuthi ama-aspirin enza ukuba izinhlayiyana zegazi zinganamathelani kalula, ngaleyo ndlela anciphise ukwakheka kwamahlule egazini. Kucatshangwa ukuthi lokhu kusiza ekuvimbeleni ukuvaleka kwemithambo emincane eya enhliziyweni nasebuchosheni, ngale ndlela kuvimbele ukulimala kwezitho ezibalulekile.

Njengoba kubonakala kuzuzisa kangaka ukuphuza ama-aspirin, kungani kungewona wonke umuntu owaphuzayo? Esinye isizathu siwukuthi kusekuningi kakhulu esingakwazi. Akucaci ukuthi singakanani isilinganiso esikahle okufanele sithathwe. Kutuswa ukuba umuntu aphuze iphilisi elilodwa elivamile kabili ngosuku kuya ekuphuzeni iphilisi elincane njalo ngemva kosuku. Ingabe isilinganiso esithathwa abesifazane kufanele sihluke kuleso esithathwa abesilisa? Odokotela abaqiniseki. Nakuba ama-aspirin okwelapha izinkinga eziphathelene namathumbu engase abonakale ewusizo ngandlela-thile, izinzuzo ze-aspirin ethakwe nokuthile ziseyindaba eyimpikiswano.

Izizathu Zokuqapha

Nakuba i-aspirin iyisithako esingokwemvelo—amaNdiya aseMelika ayezithola emagxolweni esihlahla somnyezane izakhi ze-aspirin—inemiphumela eminingi engemihle. Ngaphandle kweqiniso lokuthi kwabathile abangela izinkinga zokopha, ziningi ezinye izinkinga ezibangwa ama-aspirin, ezihlanganisa ukusabela kabi komzimba kubantu abangezwani nayo. Kusobala ukuthi akuwona wonke umuntu okufanele aphuze ama-aspirin nsuku zonke.

Nokho, umuntu osengozini yokuhlaselwa isifo senhliziyo noma unhlangothi, noma onezici eziphawulekayo ezimbeka engozini, angase abuze udokotela ngezingozi nezinzuzo zokuphuza ama-aspirin nsuku zonke. Yiqiniso isiguli siyofuna ukuqiniseka ukuthi asinazo izinkinga zokopha, umzimba waso awuxabani ne-aspirin, futhi asinazo izinkinga esiswini noma emathunjini. Ngaphambi kokuba kuqale ukwelapha kumelwe kuxoxwe nodokotela ngezinye izinkinga ezingase ziphakame noma imithi umzimba ongezwani nayo.

Njengoba kuphawuliwe ngaphambili, ama-aspirin nemithi efuze wona kunengozi enkulu ebangela ukopha. Futhi ukopha kungase kucashe, kungabonakali ngokushesha, futhi kube kubi njengoba isikhathi siqhubeka. Neminye imithi kufanele icatshangelwe ngokuqapha, ikakhulukazi imithi ethile eqeda ukuvuvukala. Qiniseka ukuthi uyamazisa udokotela uma usebenzisa noma yimiphi kuleyo mithi. Ezimweni eziningi kuyoba ukuhlakanipha ukuyiyeka le mithi ngaphambi kokuba uhlinzwe. Mhlawumbe ngisho nokuhlola umthamo wegazi njalo kuyosiza.

Uma sifuna ukuzivikela ezinkingeni zesikhathi esizayo, siyolalela isaga seBhayibheli esithi: “Oqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.” (IzAga 22:3) Kule ndaba yezokwelapha, kwangathi singaba phakathi kwalabo abasebenzisa ukuqonda ukuze singahlupheki ngempilo yethu.

[Umbhalo waphansi]

a I-Phaphama! ayitusi noma iluphi uhlobo lokwelashwa.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 20, 21]

Labo Abangase Bacabangele Ukuphuza Ama-aspirin Nsuku Zonke

● Abantu abanesifo senhliziyo noma imithambo ye-carotid evalekile (imithambo yegazi eyinhloko entanyeni).

● Abantu abanonhlangothi obangelwa ukucinana kwemithambo yegazi (okubangelwa amahlule) noma ukucinana kobuchopho okudlulayo.

● Abesilisa abaneminyaka engaphezu kuka-50 abanesinye salezi zici eziyingozi noma ezengeziwe ezingase zibangele isifo senhliziyo: ukubhema, umfutho wegazi ophakeme, isifo sikashukela, amafutha amaningi egazini, i-HDL cholesterol esezingeni eliphansi, ukukhuluphala ngokweqile, ukuphuza ngokweqile, umkhaya onomlando wokusheshe ungenwe isifo senhliziyo (ukuhlaselwa isifo senhliziyo ngaphambi kokuba uhlanganise iminyaka engu-55) noma unhlangothi nendlela yokuphila yokungawuvivinyi umzimba.

● Abesifazane abaneminyaka engaphezu kuka-50 abanalezi zici eziyingozi ezimbili noma ngaphezulu.

Ungase ufise ukuxoxa nodokotela ngaphambi kokuba wenze noma isiphi isinqumo kule ndaba.

[Umthombo]

Source: Consumer Reports on Health

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela