Ukhuthazwa Kanjani “Umkhuba Wokubulala”?
“Ababaleki abayizingane abahlukumezekile eKosovo baqhelelene ngezinkulungwane zamakhilomitha nezingane zaseMelika ezichayeke ebudloveni nakwezinye izenzo ezibuhlungu, kodwa igebe elingokomzwelo alilikhulu kangako.”—UMarc Kaufman, The Washington Post.
Kungakhathaliseki ukuthi siyakuthanda noma cha, ukufa kusithinta sonke ngandlela-thile. Lokhu kuyiqiniso, kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi—ezweni elikhungethwe yimpi enobudlova noma elijabulela inhlalakahle.
UBUFAKAZI “bomkhuba wokubulala” bubonakala ngezinga elikhulu lokucindezeleka, usizi, ukuluthwa izidakamizwa, ukukhishwa kwezisu, izenzo zokuzibhubhisa, ukuzibulala kwabantu nokuqothulwa kwabantu namuhla. UProfesa Michael Kearl, we-Department of Sociology and Anthropology eTrinity University eSan Antonio, eTexas, e-U.S.A., wachaza mayelana nokusetshenziswa kabi kokufa: “Uma sibheka ingxenye yokugcina yekhulu lama-20 [u-1999], sithola ukuthi . . . ukufa kubhekwa njengamandla avuselela ukuphila, ubungqabavu nokuhlelwa komphakathi. Ukufa kushukumisa izinkolo zethu, amafilosofi, imibono yezombangazwe, ubuciko nobuchwepheshe bethu bezokwelapha. Kushukumisa abantu ukuba bathenge amaphephandaba nomshuwalense, kwenza izinhlelo zethu zethelevishini ziphile, futhi . . . kuqinisa izimboni zethu.” Ake sihlole ezinye izibonelo zokuthi lo mkhuba wokubulala ubonakaliswa kanjani ezikhathini zethu.
Ukuthengiswa Kwezikhali
“Ukudunyiswa kokufa” kubonakaliswa nsuku zonke ngokuthengiswa kwezikhali. Izikhali zisetshenziselwa ukubulala amasosha, kodwa ngokuyinhloko zibulala izakhamuzi ezingabuthiwe, okukhona phakathi kwazo abesifazane nezingane ezingenacala. Ezimpini, kungaba ngezombango noma zolunye uhlobo, njalo ukuphila akuyinto yalutho. Ingakanani imali esetshenziswa ababulali ekuthengeni izinhlamvu?
Ukutholakala kalula kwezikhali emiphakathini yakwamanye amazwe kuye kwabangela ukwanda okwesabekayo nokuqhubekayo kokufa kwabantu ngabanye nangamaqembu. Ngemva kwenhlekelele yokudutshulwa kwabantu esikoleni esiphakeme eLittleton, eColorado, ababhikishi bavuka umbhejazane ngenxa yokuthengiswa kabanzi kwezikhali nokutholakala kwazo kalula ezinganeni. Liyethusa inani labasha abafa ngobudlova e-United States—umagazini i-Newsweek uthi ngokwesilinganiso kufa abangu-40 ngesonto. Cishe abangamaphesenti angu-90 bafa ngokudutshulwa. Lokhu kulingana nezibhicongo zokubulawa kwabantu ezingu-150 ezifuze esaseLittleton unyaka ngamunye!
Ezokuzijabulisa
Amabhayisikobho akusebenzisa kabi ukufa. Ngokwesibonelo, ifilimu ingase idumise ukuziphatha okubi, ubudlova, ukushushumbisa izidakamizwa, noma ubugebengu obuhleliwe futhi ilulaze ukubaluleka kokuphila nezimiso zokuziphatha. Kunamafilimu akhazimulisa ukufa—aveza inganekwane yokuphila ngemva kokufa nokubuya kwabathile bezovakashela abaphilayo—okuwukudlala ngokufa.
Kungokufanayo nangezinye izinhlelo zethelevishini nomculo. Ngokombiko wezindaba, ababulali abasebancane baseLittleton babezifela ngomculi we-rock, osaziwa kabanzi “ngokuziphatha njengomuntu wesifazane ebe eyindoda, imifanekiso yobuSathane,” nezingoma “ezikhuluma ngokuvukela nokufa.”
E-United States, iye yabukezwa indlela izinhlelo zethelevishini ezihlelwe ngayo ukuze kuvikelwe izingane ezinhlelweni ezingezinhle. Kuye kwaba nemiphumela ephambene. Ebhala kuyi-Newsweek, uJonathan Alter uthi lokhu “kungase kubangele ukuba izingane zikulangazelele kakhulu okwenqatshelwe.” Wanezela wathi ukuze bathelwe ngehlazo labo abazenzayo futhi baphoqwe ukuba banciphise ubudlova ezinhlelweni, kuyodingeka ukuba uMongameli Clinton “azidalule obala zonke izinkampani ezinkulu (nabaphathi bazo)” ezingenzi nje kuphela amafilimu anobudlova futhi ziqophe umculo ‘we-rap enolimi lwasemgwaqweni’ kodwa futhi ezikhiqiza imidlalo yama-computer evumela izingane ukuba “zibulale abantu ‘ngokoqobo.’”
Ukufa Emidlalweni Yama-computer Nakuyi-Internet
Encwadini yakhe ethi The Deathmatch Manifesto, uRobert Waring uhlaziya indlela intsha eyithanda ngayo imidlalo ebizwa ngokuthi imidlalo yokufa (deathmatch).a UMnu. Waring ukholelwa ukuthi kuye kwaqubuka amaqembu ayimfihlo abadlali bale midlalo abahileleke kulo mkhuba. Ngempela le midlalo ayinalo ithonya lokufundisa okuhle, kodwa inethonya lokufundisa ukubulala. UWaring uyaphawula: “Ukudlala nomunye umuntu ongokoqobo ondawana-thile emhlabeni, futhi uzame ukunqoba, kungokuhlangenwe nakho okunamandla. Kulula kakhulu ukulutheka.” Intsha ibanjwa ugibe lwezithombe eziveza konke ngokucacile eziklanyelwe ukuvela ngemuva kulezi zimpi ezichitha igazi. Ngenxa yokungabi nayo i-Internet, abanye bathenga imidlalo yama-video abayidlala kuyithelevishini ekhaya. Abanye bakwenza umkhuba ukuya ezindaweni zomphakathi baqashe imishini yemidlalo yama-video futhi balwele ukufa ezimpini ‘ezingokoqobo’ nabanye abadlali.
Nakuba imidlalo ye-“deathmatch” ihlukaniswa ngokweminyaka yomdlali, iqiniso liwukuthi akulula ukuyilawula. U-Eddie oneminyaka engu-14 ubudala wase-United States waphawula: “Abantu bavame ukukutshela ukuthi useyingane, kodwa abakwenqabeli ukuba uwuthenge [lowo mdlalo].” Uthanda umdlalo othile onemibuthano yokudubulana. Nakuba abazali bekwazi lokhu futhi bengawuthandi lo mdlalo, abavamile ukumgada ukuthi uyawudlala yini. Omunye osemusha wafinyelela kulesi siphetho: “Isizukulwane sethu asisazweli ebudloveni ukwedlula noma isiphi esinye isizukulwane. Manje ama-TV asekhulisa izingane ukwedlula abazali, futhi ithelevishini yanelisa izifiso zobudlova zezingane .” Ebhala kuyi-Newsweek, uJohn Leland wathi: “Njengoba manje sekunentsha ebalelwa ezigidini ezingu-11 ene-Internet [e-United States], isikhathi esiningi sobusha sichithwa ezintweni abazali abangaziqondi.”
Izindlela Zokuphila Eziholela Ekufeni
Kuthiwani ngokuziphatha ngaphandle kwemidlalo ye-“deathmatch” namafilimu anobudlova? Nakuba ekuphileni okungokoqobo kungadingeki silwe nezidalwa ezingavamile kuze kube sekufeni, indlela yokuphila yabantu abaningi ihlanganisa izenzo zokuzibhubhisa. Ngokwesibonelo, naphezu kwethonya lomkhaya, ezenhlalakahle nezinye iziphathimandla ezixwayisa ngengozi yokubhema nokusebenzisa kabi izidakamizwa, le mikhuba iyaqhubeka yanda. Ezimweni eziningi iholela ekufeni kungakabi isikhathi. Ukuze andise inzuzo engemthetho, amabhizinisi amakhulu nabashushumbisi bezidakamizwa bayaqhubeka besizakala ngokukhathazeka, ukuphelelwa yithemba nokuba mpofu kwabantu ngokomoya.
Ngubani Oshoshozela Konke Lokhu?
Ingabe iBhayibheli libheka ukufa njengento efanelekayo yokuzijabulisa? Ingabe izindlela zokuphila ezingasiholela egodini zifanelekile? Cha. KumaKristu eqiniso, njengomphostoli uPawulu, ukufa ‘kuyisitha.’ (1 Korinte 15:26) AmaKristu awakubheki ukufa njengento ekhangayo futhi ejabulisayo, kodwa kunalokho, njengento ephambene nemvelo, umphumela oqondile wesono nokuvukela uNkulunkulu. (Roma 5:12; 6:23) Kusukela ekuqaleni ukufa kwakungeyona injongo kaNkulunkulu ngesintu.
Kuthiwa uSathane ‘unendlela yokubangela ukufa.’ Ubizwa ngokuthi ‘umbulali wabantu,’ hhayi ngoba ebangela ukufa ngokuqondile, kodwa ngoba usebenzisa ukukhohlisa, ngokuyengela abantu esonweni, ngokukhuthaza ukuziphatha okuletha ukonakala nokufa, nangokukhuthaza isimo sengqondo sokubulala emiqondweni nasezinhliziyweni zabesilisa, abesifazane, ngisho nezingane. (Heberu 2:14, 15; Johane 8:44; 2 Korinte 11:3; Jakobe 4:1, 2) Nokho, kungani intsha iyizisulu eziyinhloko? Yini esingayenza ukuze siyisize?
[Umbhalo waphansi]
a Lo mbiko uphawula ukuthi emidlalweni ye-“Deathmatch,” “abadlali bakhuthazwa ukuba babulalane kule midlalo enemifanekiso eveza konke ngokucacile.”
[Isithombe ekhasini 7]
“Isizukulwane sethu asisazweli ebudloveni ukwedlula noma isiphi esinye isizukulwane”