Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 8/8 kk. 14-15
  • Ingabe Ukudabuka Kumelwe Sikuveze?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukudabuka Kumelwe Sikuveze?
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuhlangenwe Nakho Komngcwabi
  • Isiko Elihlukile, Ukusabela Okuhlukile
  • “Ngingaphila Kanjani Nosizi Lwami?”
    I-Phaphama!—1987
  • Kulo Magazini: Usizo Kwabasosizini Lokushonelwa
    I-Phaphama!—2018
  • Ukubhekana Nosizi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Ngingaphila Kanjani Nosizi Engikulo?
    Lapho Ufelwa Othandekayo
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 8/8 kk. 14-15

Ingabe Ukudabuka Kumelwe Sikuveze?

ENCWADINI yakhe ethi On Children and Death, uDkt. Elisabeth Kübler-Ross uthi: “Abantu abaningi abadala bayahlupheka ngoba abazange bakwamukele ukulimala okwenzeka beseyizingane. Ngakho izingane kufanele zivunyelwe zikuveze ukudabuka kungashiwo ukuthi ziyatetema noma zintekenteke, noma zitshelwe amagama angenangqondo athi ‘Indoda ayikhali.’”

Lo mbono uyaphikisana nombono otholakala kwamanye amazwe othi umuntu kumelwe abambe imizwelo.

Okuhlangenwe Nakho Komngcwabi

Lo mehluko ubonakala kulokho okwashiwo uRobert Gallagher, umngcwabi waseNew York owaxoxa nomlobeli we-Phaphama! Wabuzwa ukuthi ukhona yini umehluko ayewuphawula ekusabeleni kokudabuka phakathi kwabantu abazalelwe eMelika nabafuduki abasuka emazweni aseLatin America.

“Ukhona ngokuqinisekile. Lapho ngiqala ukwenza lo msebenzi emuva eminyakeni yawo-1950, sasinemikhaya eminingi eyayifuduke isuka e-Italy. Yayibonisa imizwelo kakhulu. Manje sesisebenzelana nezingane nabazukulu bayo emingcwabeni, futhi abaningi abasakhali. Abasayivezi neze imizwelo yabo.”

Ezikhathini zeBhayibheli amaHeberu ayekuveza ukudabuka kwawo nemizwelo. Phawula indlela iBhayibheli elichaza ngayo indlela uJakobe asabela ngayo lapho etshelwa ukuthi indodana yakhe uJosefa yayidliwe isilo sasendle esinolaka: “UJakobe, eklebhula izingubo zakhe futhi embatha indwangu yesaka okhalweni, walilela indodana yakhe isikhathi eside. Onke amadodana akhe namadodakazi eza ezomduduza, kodwa wenqaba ukududuzwa. Wathi: ‘Cha, ngiyokwehlela eSheyoli endodaneni yami ngilila.’ Futhi uyise wamlilela.” (Genesise 37:34, 35, The Jerusalem Bible; omalukeke sizenzele.) Yebo, uJakobe wayengenawo amahloni okulilela indodana yakhe eyayimlahlekele.

Isiko Elihlukile, Ukusabela Okuhlukile

Yiqiniso, amasiko ayehluka. Ngokwesibonelo, ezindaweni eziningi eNigeria, nakuba imikhaya ivame ukuba nezingane eziningi futhi ukufa kuyinto evamile ngenxa yezifo ezihlukahlukene, “kusuka esikhulu isililo uma kushone ingane, ikakhulukazi uma iyizibulo futhi kungumfana,” kusho umbhali oseneminyaka engu-20 ehlala e-Afrika. “Umehluko uwukuthi eNigeria ukulila kuba kufushane kodwa kube kubi kakhulu. Akuthathi izinyanga noma iminyaka eminingi.”

Emazweni aseMediterranean noma aseLatin America, abantu baye bakhuliswa endaweni lapho ukuveza imizwa kubhekwa njengento evamile khona. Lapho, ukujabula nokudabuka kubonakaliswa obala. Ukubingelelana akugcini nje ngokuxhawulana; kuhlanganisa nokwangana okufudumele. Ngokufanayo, ukudabuka kuvame ukubonakaliswa obala ngezinyembezi nangokulila.

Umlobi uKatherine Fair Donnelly uthi ubaba ofelwe “akakhuthazeleli nje kuphela umuzwa ocindezelayo ngokwengqondo wokulahlekelwa ingane yakhe kodwa nokusaba ukulahlekelwa isithunzi njengendoda ngokuveza ukucindezeleka kwakhe obala.” Nokho, uthi “ukulahlekelwa ingane kweqela ngalé kwemithetho yezinto okufanele zenziwe nokungafanele zenziwe uma kuziwa ezenzweni ezishukunyiswa imizwelo. Ukubonisa imizwelo okuqotho okuhlanza umphefumulo ngezinyembezi zosizi kufana nokusika isilonda ukuze ukhame bonke ubovu.”

Ngakho kuyinto evamile ukuveza ukudabuka kwamanye amazwe. Kodwa ukudabuka nokukhala izinyembezi akumelwe kubhekwe njengophawu lokuba buthakathaka. Ngisho noJesu Kristu “wakhala izinyembezi” lapho kufe umngane wakhe uLazaru, nakuba uJesu ayazi ukuthi wayezomvusa ngokushesha.—Johane 11:35.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 14]

UJakobe wayengena- mahloni okulila lapho elahlekelwe indodana yakhe

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela