Ikhambi Ekugcineni!
AKE ucabange ngezwe lapho zonke izingane zifunwa khona ngempela, zithandwa ngempela futhi zibusiswe ngabazali abakhathalelayo nabanothando abanesifiso esiqotho sokuzinikeza isiqondiso esingcono kakhulu. Cabanga ngezwe lapho zonke izingane ziphila kahle ngokomzimba nangokwengqondo, lapho zingasekho izingane zasemgwaqweni futhi izingane zingasancishwa ithuba lokujabulela ukuba yizingane ngoba kudingeka zisebenzele izidingo zezomnotho!
Kuyafiseleka? Akubuzwa. Kuyakholeka? OFakazi BakaJehova bacabanga kanjalo, ngenxa yezizathu ezimbili.
Abazali Bangaliletha Ikhambi Ngokwengxenye
Ngokungangabazeki uzovuma ukuthi abantu abadala banamandla okuxazulula—ngezinye izikhathi ngisho nawokuvimbela—ezinye zezinkinga izingane ezibhekana nazo, uma bezimisele ukwenza kanjalo. Yebo, abazali ngokwabo baphethe elinye lamakhambi okuxazulula le nkinga.
Ngokwesibonelo, abantu abadala abalandela iseluleko seBhayibheli esithi “umfazi angamuki kumyeni wakhe . . . futhi indoda akufanele imshiye umkayo,” abanazo izingane ezihluphekayo ngenxa yokuhlala ekhaya elichithwe ukuhlala kwabazali ngokwehlukana noma abahlukanisile.—1 Korinte 7:10, 11.
Abantu abadala abafuna ukulandela iseluleko seBhayibheli sokuba ‘bahambe ngokufaneleyo, hhayi ngemibuthano exokozelayo nangezikhathi zokudakwa,’ abanazo izingane ezikhathazwa ukuba nabazali abadakwayo noma abayimilutha yezidakamizwa.—Roma 13:13; Efesu 5:18.
Abantu abadala abafuna ukulandela iseluleko seBhayibheli esithi ‘badede ebufebeni,’ banciphisa amathuba okuba izingane zabo zikhule zingafunwa, mhlawumbe emkhayeni onomzali oyedwa.—1 Thesalonika 4:3; Mathewu 19:9.
Abantu abadala abazimisele ukulandela iseluleko seBhayibheli esithi, “Ningabathukuthelisi abantwana benu, ukuze bangadangali,” futhi ‘abathanda abantwana babo,’ ngeke babe nezingane ezibhekana nobuhlungu obungokomzimba noma obungokwengqondo ngenxa yokuhlukunyezwa kwanoma yiluphi uhlobo.—Kolose 3:21; Thithu 2:4.
Kafushane nje, ukube bonke abantu abadala bebezimisele ukulandela iseluleko seBhayibheli esanikezwa nguJesu lapho ethi, “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo,” ingabe beziyoba khona izigidi zezingane ezingafunwa noma ezingathandwa?—Mathewu 7:12.
Kuyajabulisa ukuthi baningi abantu abadala abazimisele ukwenza konke lokhu okushiwo ngenhla. Kodwa kuyadabukisa ukuthi akubona bonke, futhi ilapho-ke inkinga. Futhi ngisho nalabo abazimisele bathola ukuthi imizamo yabo ivame ukuphazanyiswa ukungapheleli kobuntu nezinto ezingaphezu kwamandla abo. Abantu bangavela nengxenye yekhambi ezinkingeni zezingane, kodwa kusobala ukuthi abakwazi ukuletha ikhambi eliphelele.
Uhulumeni Waphezulu Oyoletha Ikhambi Eliphelele
Umlobi uJohn Ruskin, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele, wayekholelwa ngokujulile ukuthi “isibopho sokuqala sikaHulumeni ukuqiniseka ukuthi zonke izingane ezizalwayo zizoba nendawo yokuhlala ekahle, izingubo zokugqoka, ukudla nemfundo, zize zifike eminyakeni lapho sezizimele khona.” Nokho, uRuskin wavuma ukuthi “ukuze [kufezwe] lokhu, uHulumeni kufanele abe negunya kubantu, okuyinto esingayiphuphi nakuyiphupha okwamanje.”
Uhulumeni osekelwa nguNkulunkulu kuphela ongaba negunya elihle uRuskin akhuluma ngalo. Futhi uhulumeni onjalo uye wathenjiswa—lowo uJesu akhuluma ngawo kuMathewu 6:9, 10. Uma lo hulumeni kaNkulunkulu usulawula izindaba zasemhlabeni ngokuphelele, uyosebenzisa igunya lawo kubo bonke abantu—ngokunikeza zonke izikhonzi zawo, kuhlanganise nezingane, izindlu, izingubo zokugqoka, ukudla nemfundo. (Isaya 65:17-25) Kodwa lo hulumeni ophelele uyokwenza okwengeziwe.
UMbuso kaNkulunkulu uyobuyisela abantu esimweni sokuphelela, bakwazi ukukhulisa izingane ngokulinganisela okuphelele. (Jobe 33:24-26) Izingane ziyokhuliswa ngomoya wokuthula nokuzwana komhlaba wonke, umgomo weSimemezelo Samalungelo Engane Se-UN. (IHubo 46:8, 9) Ngeke siphinde sibe khona isidingo soNyaka Wezingane Emhlabeni Wonke noma iSivumelwano Samalungelo Engane.
Ukubuyisela impilo ephelele kubazali nasezinganeni ezikhubazekile kuyoba yinto elula kuKristu Jesu, iNkosi yalo hulumeni wasezulwini. Izimangaliso zokuphulukisa azenza ngesikhathi esemhlabeni ziyisiqinisekiso. (Luka 6:17-19; Johane 5:3-9; 9:1-7) Ngisho nokuvusa izingane nabazali abafile ngeke kube ngaphezu kwamandla akhe ukukufeza!—Mathewu 9:18-25.
Yeka injabulo okuyiyo ukwazi ukuthi siseduze isikhathi sikaNkulunkulu sokulwela izingane emhlabeni!
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 12]
Usizo Olulungiselelwe Intsha
OFakazi BakaJehova banesithakazelo esijulile ekusizeni intsha ukuba igweme izinkinga nasekuyiboniseni ukuthi ingabhekana kanjani kangcono nezinkinga ezingagwemeki. Ngenxa yalokho, sekuyiminyaka benyathelisa izincwadi eziningana eziwusizo eziklanyelwe ukuhlangabezana nezidingo zentsha—kusukela ezinganeni ezincane kuya kwesezikhulile. Lezi zincwadi zihlanganisa INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli nethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo kanye ne-video enesihloko esithi Young People Ask—How Can I Make Real Friends? Ungazithola koFakazi BakaJehova bangakini noma ngokubhalela abanyathelisi balo magazini.
OFakazi BakaJehova babonisa ezabo izingane ukuthi bayazidinga futhi bayazithanda ngokuxoxa nazo njalo ngezinkinga zazo. Abazali bavame ukusebenzisa ukwaziswa okuhle okutholakala kulezi zinsiza-kufundisa ezibalwe ngenhla njengesisekelo sohlelo lokuqeqesha intsha lwasikhathi sonke noluqhubekayo. Mhlawumbe nawe ungase uthande ukulandela inqubo efanayo ezinganeni zakho.