Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
I-Huntington Kufanele ngibonge ngokujulile ngesihloko esithi “I-Huntington—Ukuqonda Inhlekelele Yofuzo.” (March 22, 2000) Eminyakeni engu-20 nganginakekela umyeni wami owayephethwe yilesi sifo. Baningi abazosijabulela isihloko esinjengalesi, esibhalwe ngozwela nangokuqonda.
N. G., New Zealand
Ngiyabonga ngalesi sihloko. Incazelo yenu yayilula kunekadokotela wethu. Umama kwatholakala ukuthi une-Huntington [HD] eminyakeni emithathu edlule. Akuve kubuhlungu ukumbona ekhandleka ezama ukukhuluma, ukudla nokuhamba. Into eningayishongo ukuthi izinto ezenzeka kudala kubonakala kuyizo abazikhumbulayo kunezinto zamuva. Ngakho ukukhuluma ngabangane abadala noma ukubuka izithombe ezindala nomuntu one-HD esiyimbi kungase kube usizo futhi kumduduze.
J. M., United States
Umyeni wami kwatholakala ukuthi une-Huntington eminyakeni emine edlule. Cishe esikhathini esingangonyaka nesigamu esidlule, ngabhalela abanyathelisi be-Phaphama! ngicela usizo kule ndaba. Lapho ngibona lesi sihloko, ngakhala izinyembezi zenjabulo.
D. B., United States
Ukuthathelwana Kwesifo Sokusha Kwesibindi Kubonakala sengathi kwakunephutha engosini ethi “Ukubuka Okwezwe,” esihlokwaneni esithi “Igciwane Elandé Kakhulu Elithwalwa Igazi,” kumagazini ka-April 22, 2000. Nathi ukusha kwesibindi kohlobo C kuthathelwana ngokuhlangana ngokobulili noma ngegazi elinegciwane. Empeleni, akuvamile ukuba lithathelwane ngokuhlangana ngokobulili, kodwa kwenzeka ngaphansi kwezimo ezithile kuphela, njengalapho umuntu esesikhathini.
C. A., France
Kungenzeka ukuthi lesi sihlokwana sadlulisela umbono ongewona, ngoba ukuhlangana ngokobulili kubonakala sengathi akunayo indima enkulu ekusakazeni isifo sokusha kwesibindi kohlobo C njengokuzijova ngezidakamizwa. Ngokwe-“Harvard Health Letter” ka-February 1996, abangane bomshado babantu abanesifo sokusha kwesibindi kohlobo C abekho engozini. Noma kunjalo, isihloko esaphuma kuyi-“New England Journal of Medicine” ka-August 19, 1999, sabika okulandelayo mayelana nokwanda kwegciwane lalesi sifo e-United States kusukela ngo-1988 kuya ku-1994: “Izici eziyinhloko ezihlobene nesifo sokusha kwesibindi kohlobo C kwakuwukusebenzisa izidakamizwa ezingekho emthethweni nokuziphatha kobulili okuyingozi kakhulu.” Sathi futhi: “Nakuba ukusakazeka kwesifo sokusha kwesibindi ngobulili kungase kungavami, . . . inani elikhulu labantu abathola lesi sifo emphakathini livula amathuba amaningi okuba labo abahlanganyela ubulili nabantu abaningi basithole.”—ED.
Ukubhoboza Umzimba Ngiyabonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kuthiwani Ngokubhoboza Umzimba?” (March 22, 2000) Ngineminyaka engu-16 ubudala futhi sekuyisikhathi ngicabanga ukubhoboza umzimba wami. Nakuba sengibuze abantu abaningana ukuthi uyini umbono wabo ngalokhu, bengingaqiniseki ukuthi ngiphethe ngaliphi. Nokho, lesi sihloko esicacile nesifundisayo sangisiza ukuba ngibone ukuthi ukubhoboza umzimba akungifanele, ngisho nakuba kuthandwa kakhulu.
E. C., England
Njengoba ngangingumculi weqembu le-punk rock, isihloko senu esikhuluma ngokubhoboza umzimba safika ngesikhathi. Yeka ukuthi kuyindida kanjani ukuthi abantu bafuna ukuhluka ngokulandela izimfashini zamuva!
F. S., United States
Isimilo Izolo ngifunde uchungechunge lwezihloko ezithi “Kwenzekeni Esimilweni?” (April 8, 2000) Yeka ukudalulwa kwamaqiniso! Lolu chungechunge lubonisa ukuthi sibi kangakanani isono. Uma ngikhuluma iqiniso, ngaphambi kokuba ngibe omunye woFakazi BakaJehova, ngangiziphethe kabi kakhulu. Ngisho namanje ngisalwa nezifiso zenyama ezinamandla. Nokho, ngothando nokunakekela kukaJehova, usizo lwabadala abanothando, ukusekela kwabafowethu nodadewethu abangamaKristu nezihloko ezinjengalezi, manje ngiyanqoba.
J.C.P., United States