Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 1/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2000
  • I-Vasa—Ukusuka Enhlekeleleni Kuya Ekukhangeni
    I-Phaphama!—2000
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 1/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

I-Vasa Ngifisa ukubonga ngesihloko esithi “I-Vasa—Ukusuka Enhlekeleleni Kuya Ekukhangeni.” (April 8, 2000) Njengesazi-mlando esiye senza umsebenzi othile ophathelene nalolu daba, ngingaqinisekisa ukuthi lesi sihloko sacwaningwa kahle kakhulu. Sazichaza kahle kakhulu izenzakalo ngendlela enokulinganisela.

T. W., Germany

Ukunqoba Emacaleni Omthetho Ngisanda kuvela phambi kwenkantolo ngenxa yempi yokuwina abantwana bami, futhi umyeni wami esesahlukana naye uye waphakamisa impikiswano ngezinkolelo zami ezingokwenkolo. Bekunzima. Lapho ngifunda isihloko esithi ‘Impi Akuyona Eyenu, NgekaNkulunkulu’ (April 22, 2000), ngakhala izinyembezi.

D. B., United States

Ngemva kokufunda lesi sihloko, ngasibonisa abameli bendawo. Akekho noyedwa owamelana naso. Abanye baze bangimemela emahhovisi abo ukuzojabulela ikhofi nengxoxo eyengeziwe. Abambalwa bacela amanye amakhophi ababezowanika abameli abasebenza nabo. Bonke laba bameli bamangala lapho ngibabonisa ukuthi uHayden Covington wayenqobe amacala angu-36 kwangu-45 phambi kweNkantolo Ephakeme yase-United States.

C. M., United States

Intsha Engobaba Ngibhala ukuze ngizwakalise ukwazisa kwami okujulile ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ukuba Nabantwana—Ingabe Kukwenza Indoda?” (April 22, 2000) Ngineminyaka engu-28 ubudala futhi angishadile, futhi ngiyiphayona elikhethekile, noma umshumayeli wesikhathi esigcwele. Kule ngxenye yeNtshonalanga Afrika, umuntu ongangami ongenayo inkosikazi noma intombi ubhekwa njengeqaba nanjengenyumba. Ngenxa yalokhu, ngivame ukugconwa futhi ngibukelwe phansi. Nokho, isihloko senu saqinisa ukuzimisela kwami ukuhlala ngihlanzekile.

A. E., Ghana

Ngalahlekelwa ubuntombi ngingakahlanganisi neminyaka engu-20 futhi ngafeba nabafana abaningi. Njalo ngangisala ngizizwa ngingcolile, futhi ngangixhashazwa njalo. Lokhu kwangenza ngacindezeleka. UJehova wangisiza ukuba ngihlanze ukuphila kwami, futhi manje ngijabulela ukuphila nendoda ekahle engishade nayo. Kodwa kuhle ukuba ninyathelise izihloko ezinjengalesi ukuze nisize izinsizwa ziqaphele ukuthi lokho ezikwenzayo kungalimaza intombazane ukuphila kwayo konke.

F.A.S., Germany

Ngizizwa ngishukumiseleka ukuba nginibonge ngokubeka okungenani ingxenye yomthwalo womama abangashadile lapho kufanele ube khona—kobaba babantwana! Baningi abantu abacabanga ukuthi njengoba kungabesifazane kuphela abakhulelwayo, imvelo ibonisa ukuthi lokhu kuyinkinga yabesifazane futhi amadoda awanacala. Qhubekani niqaphelisa izinsizwa indlela uNkulunkulu afuna abesifazane baphathwe ngayo.

J.M.O., Italy

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela