Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 1/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Awuzwani Ne-lactose?
    I-Phaphama!—2000
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2000
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2001
  • Igazi
    Ukubonisana NgemiBhalo
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 1/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Amabhomu Agqitshwayo Ngashukunyiswa uchungechunge oluthi “Yini Engenziwa Ngamabhomu Agqitshwayo?” (May 8, 2000) Kuyashaqisa ukuthi ziningi kangaka izakhamuzi ezingabuthiwe ezingenacala ezibulawa amabhomu agqitshwayo unyaka nonyaka.

E. U., Finland

Ngadumala lapho ngifunda ngala mathuluzi anonya abantu abawasebenzisela ukulimaza abanye. UNkulunkulu unezizathu ezizwakalayo zokungenela futhi asuse ububi emhlabeni wethu.

G. S., Brazil

Lolu chungechunge lwaluwushintsho, lwaqaphelisa umphakathi ngendaba engathi sína. Umfanekiso osesembozweni wawuvusa isithakazelo.

R. H., United States

Ukwelashwa Ngaphandle Kwegazi Isihloko esithi “Uzokufa!” (May 8, 2000) sangikhumbuza lokho okwenzeka kubaba. Eminyakeni eminingi edlule washaywa unhlangothi lapho eshayela. Imoto yakhe yagingqika, futhi lapho ephaphama udokotela wamtshela ukuthi kufanele ampontshelwe igazi. Lapho ubaba enqaba, udokotela wathi: “Uma ungalamukeli igazi, uzokufa.” Ubaba wenqaba noma kunjalo. Ngakusasa udokotela weza egumbini lakhe wambuza: “Uzizwa unjani?” Ubaba wathi: “Ngiyaphila!” Namanje ubaba usaphila futhi ukhonza uJehova ngangokusemandleni akhe.

T. M., United States

Nginomdlavuza wegazi ongavamile, futhi lapho ngixilongwa udokotela wangitshela ukuthi ngizokufa ezinyangeni eziyisithupha uma ngingaqali ngokushesha ukumpontshelwa igazi. Lokhu kwenzeka ngo-1991. Ngathola udokotela ohlonipha izinkolelo zami ngegazi, futhi ngaphansi kokuqondisa kwakhe, ngenza isinqumo somuntu siqu sokwamukela imijovo ene-erythropoietin masonto onke, eye yasiza ekwandiseni umthamo wami wegazi.

E. G., United States

Ngayifunda indaba kaLeanne Karlinsky futhi njengodokotela ngashaqiswa unya lwalabo abamshaya indiva ngemva kokuhlinzwa [ngenxa yokuthi wayenqabe ukumpontshelwa igazi]. Kunzima ukukholelwa ukuthi kukhona abantu abanamakhanda aqine kanje!

C. C., United States

Ukulwa Nokuphelelwa Yithemba Njengoba ngihlushwa ukucindezeleka, ngokushesha nje lapho ngithola umagazini ngafunda isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Indlela Yokubhekana Nokuphelelwa Yithemba.” (May 8, 2000) Njengoba nasho, kuyakhuthaza ngempela ukuxoxa nomuntu olalela ngokuqonda. Ngiyabonga ngezihloko zenu ezinhle.

A. D., Lithuania

Ukungezwani Ne-lactose Umkami waya kudokotela ngoba wayegula. Udokotela wathi kungenzeka ukuthi akezwani ne-lactose. Ngangiqala ukuzwa into enjalo, ngakho siyabonga ngesihloko esithi “Ingabe Awuzwani Ne-lactose?” (May 8, 2000) Lokhu kwaziswa okuhle kwafika ngesikhathi.

E. P., United States

IBrazil Isihloko esithi “IPantanal—Indawo Evikelekile Ethakazelisayo” (September 8, 1999) savusa isifiso sami sokuzibonela mathupha le ngxenye yendalo kaJehova. Ngakho mina nodadewethu sahlela ukuvakashela eBrazil, futhi isihloko esithi “Umlando Omangalisayo ‘Wezwe Elinezinto Ezinhlobonhlobo’” (May 8, 2000) safika emasontweni amabili ngaphambi kokuba sifike lapho. Saba isiqondiso esihle kakhulu sezindawo ezinhle esasingazivakashela.

E. V., England

Izinyoni Neziboshwa Ngiye ngaba nenjabulo yokufuya izinyoni ezimbalwa—ngase ngizidedela zaya ehlathini. Isihloko esithi “Inyoni Ingasifundisani Isiboshwa?” (May 8, 2000) sangenza ngacabanga ngendlela ngisho nendalo encane kaJehova engasifundisa lukhulu ngayo.

E. D., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela