Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ukuphelelwa Umsebenzi Bengifuna ukunitshela indlela esangikhuthaza ngayo isihloko esithi “Uphelelephi ‘Umsebenzi Wokuphila Konke’?” (October 8, 2000) Amacebiso okuthi umuntu angazilungiselela kanjani ukudilizwa nokuthi angabhekana kanjani nokuphelelwa umsebenzi ayemahle kakhulu. Ngizizwa ngikhululeke kakhudlwana njengoba ngizoba nengxoxo yokufuna umsebenzi.
F. W., United States
Ikhemisi LamaShayina Ngiyakhathazeka ngombono wokwelapha ngamakhambi ochazwe esihlokweni esithi “Ukuya Ekhemisi LamaShayina.” (November 8, 2000) Angimelene nokusetshenziswa kwamakhambi. Kodwa ingabe akukuningi yini okuhilelekile kuyi-yin ne-yang ngaphezu kokushisa nokubanda? Nayenza yaba lula ngokweqile imfundiso esekelwe ekulumbeni nasenkolweni yamanga. Ingabe lokho akuyenzi ibe yingozi?
V. A., United States
Kuyiqiniso ukuthi emazweni aseMpumalanga isimiso se-“yin” ne-“yang” siye sasetshenziswa ezintweni eziningi, kuhlanganise nokubhula. Kodwa lokho ngeke kuvimbele ukusetshenziswa kwaso ngezinye izindlela ezingenqatshelwe yimiBhalo, njengokuxilonga ogulayo. Ngakho umKristu ngamunye kumelwe anqume ukuthi angazisebenzisa yini izindlela zezokwelapha ezisekelwe kulesi simiso.—ED.
Izinkinga Zezingane Lwangithinta kakhulu uchungechunge oluthi “Izinkinga Zezingane—Ikhambi Ekugcineni!” (December 8, 2000) Nginezinkumbulo ezimbi zasebuntwaneni. Umama wayephuza futhi angihlukumeze zonke izinsuku. Njengoba isikhathi sasiqhubeka, ngacindezeleka futhi ngangihlale ngifuna ukufa. Lezi zihloko zangikhumbuza ukuthi sibaluleke kangakanani isibopho phakathi kwabantwana nabazali. Manje njengoba sengiye ngazizwela indlela uJehova angithanda ngayo, ngizama ukumqonda kangconywana umama; naye wakhula kanjalo.
U. P., Republic of Korea
Nginguthisha wase-Argentina ngokuzalwa futhi ngicabanga ukuthi bekungaba kuhle kakhulu uma bonke abazali nothisha bebengasebenzisa iseluleko salo magazini—neseBhayibheli, enisicaphuna njalo.
F. S., Spain
Intukuthelo Ngafunda isihlokwana esithi “Intukuthelo Nenhliziyo Yakho,” ngaphansi kwesithi “Ukubuka Okwezwe.” (December 8, 2000) Siyiqiniso kakhulu. Nginenkinga yenhliziyo evame ukungenza ngizizwe ngikhathele futhi ngigula. Isikole siyinselele kakhulu kimi ngoba ngicasulwa ubala. Nokho, ngenxa kaJehova ngiye ngaphumelela ekuqedeni intukuthelo ekuphileni kwami.
A. F., United States
Izinkinga Zendlala Yesinye Ngisazisé kakhulu isihloko samuva nje esithi “Ukubhekana Nezinkinga Zendlala Yesinye.” (December 8, 2000) Kodwa asizange sikhulume ngenqubo yokufakela imbewu ngemisebe. Isanda kunyatheliswa muva nje komagazini abayinhloko base-United States futhi mancane amathuba okuba nemiphumela engemihle.
H. Z., United States
Siyabonga ngokuqaphelisa abafundi bethu ngale nqubo yokwelashwa. Imibiko ibonisa ukuthi ukwelashwa ngokufakelwa imbewu ngemisebe (i-“brachytherapy”) akuzibangeli izinkinga ezinkulu iziguli njengendlela evamile yokuhlinza futhi kwezinye izimo kungase kuphumelele ngokufanayo. Nokho, kusazothatha isikhathi ngaphambi kokuba odokotela bayazi imiphumela yayo yesikhathi eside. Okwamanje, iziguli kufanele zaziswe ngokugcwele ngezinto ezingakhetha kuzo ngaphambi kokuba zikhethe.—ED.
IYellowstone Ngiyanihalalisela ngesihloko esithi “IYellowstone—Iziko Lamanzi, Amadwala Nomlilo”! (December 8, 2000) Mina nomkami sajabulela ukusebenza kuleli paki ngonyaka odlule. Umkami wasebenza ekuqoqeni ukwaziswa kocwaningo, mina ngahlola izindawo ezinamaxhaphozi. Ngakho lapho kuphuma lesi sihloko, sajabula kakhulu futhi sasifunda ngokushesha. Siwumsebenzi oncomekayo! Zikhethwe kahle izithombe futhi nocwaningo lwenziwe kahle. Ukwaziswa kwakunembile kuzo zonke izici. Kodwa umuntu kumelwe ahambe ayoyibona ngokoqobo le ndawo! Awudeli ukuyibuka.
D. S., United States