Umshuwalense Odingwa Yibo Bonke Abantu
KUNGAKHATHALISEKI ukuthi uhlala endaweni lapho umshuwalense uvame khona noma lapho ungekho khona, kunohlobo lomshuwalense ongase utholwe futhi okufanele utholwe yibo bonke abantu. Njengoba elithi “umshuwalense” lingase lisho “indlela yokuqinisekisa isivikelo noma ukuphepha,” ungawuthola kanjani umshuwalense onjalo?
Ungenza kanjalo ngokuthatha izinyathelo ezingokoqobo zokunciphisa izingozi obhekene nazo. IBhayibheli liphawula ukuthi ‘isikhathi nethuba’ kuthinta wonke umuntu. (UmShumayeli 9:11) Nokho, ngokungazifaki engozini ngokungadingekile, mancane amathuba okulimala noma okulahlekelwa okuthile.
Cabanga Ngekusasa
Ukubonisa ukuhlakanipha okusebenzayo kuyisivikelo. Phakathi nezikhathi zokuchuma ngokomnotho, ungase ukwazi ukubekelela okuthile okungasiza esikhathini sesidingo. Ezikhathini zasendulo indoda eyesaba uNkulunkulu uJosefa yazibonakalisa ‘ingumuntu oqaphelayo nohlakaniphileyo’ ngokugcinela lonke elaseGibithe ukudla phakathi nesikhathi senala. Lapho kamuva izwe lihlaselwa yindlala, izenzo zikaJosefa azizange nje zizuzise abaseGibithe kuphela kodwa futhi nomkhaya wakubo.—Genesise 41:33-36.
Ukulinganisela endleleni esisebenzisa ngayo imali nako kungaba yisivikelo. Singonga imali futhi sinciphise ukucindezeleka ngokuthi singaphishekeli imishini yamuva, imfashini noma ezokuzijabulisa—inkambo engakuthuthukisi ngempela ukulondeka kwethu kwangempela. Eqinisweni, njengoba sekuphawuliwe kakade, uma umuntu enezinto eziningi ezibonakalayo, kulapho eba makhulu khona amathuba okwebelwa noma okulahlekelwa.—Luka 12:15.
Phaphamela Ukuphepha
Singanciphisa eziningi zezingozi ekuphileni ngokumane siphaphamele ukuphepha. Zingaki izingozi zomgwaqo ebezingagwenywa ukube bonke abantu bebeshayela ngokucophelela nangesivinini esiphephile? Cabanga futhi ukuthi bangaki abantu abebengasinda ukube ubengekho oshayela ekhathele ngokweqile noma ngemva kokuphuza utshwala. Kukhona nezingozi zokushayela esingazilawula.
Ngokwesibonelo, emazweni amaningi umthetho wenqabela ukusebenzisa ucingo lapho ushayela. Ucwaningo oluthile lwaphetha ngokuthi ukusebenzisa ucingo ngale ndlela kwandisa amathuba okwehlelwa yingozi ngokuphindwe kane. Lokho kwandisa amathuba engozi njengokushayela unezinga elingu-0,1% lotshwala egazini, okuyizinga elenza umthetho ezindaweni eziningi ubheke umuntu njengodakiwe ukuba angashayela.
Ukusebenzisa amabhande esivikelo emotweni njalo nakho kunciphisa ingozi yokufa kwabashayeli nabagibeli. Kodwa ungaphethi ngokuthi ukuba nezinto ezinjalo zokuphepha njengamabhande emotweni nama-air bag noma ukuba nomshuwalense kukwenza kufaneleke ukuzifaka engozini. Ucwaningo lubonisa ukuthi ukucabanga ngaleyo ndlela kuholela ezingozini ezengeziwe.
Ukuphaphamela ukuphepha kuwumshuwalense omuhle ekhaya nasemsebenzini. Ingabe indawo ohlala kuyo nosebenza kuyo zicocekile futhi azinazo izinto ezingabangela ingozi? Ake uqalaze. Ingabe kukhona okusephasishini okungase kukhube abantu? Ingabe izinto ezicijile noma izinto ezishisayo—izitofu, ama-heater, ama-ayina—kusendaweni okungalimaza noma kushise kuyo abantu? Ingabe kunenqwaba yamaphepha noma ezinye izinto ezingase zibambe umlilo? Phaphamela kakhulu izingozi kubantwana. Ngokwesibonelo, ingabe iziphuzo ezidakayo nezinto zokuhlanza ezinobuthi kukude nabantwana abancane?
Nakekela Impilo Yakho
Ngokukhathalela impilo ngezinga elifanele, unganciphisa ingozi yokugula. Kulesi sici, ulwazi lungaba umshuwalense. Qaphela izinto eziyingozi empilweni yakho, futhi uthathe isinyathelo ngokushesha lapho kuphakama izinkinga zempilo. Okubaluleke nakakhulu, funda indlela yokulondoloza impilo yakho neyomkhaya wakho. Khumbula isisho sasendulo: “Kungcono ukuyinqanda okhalweni kunokuyikhipha ekhaya.”
Sekuyisikhathi eside i-Phaphama! inikeza ukwaziswa okukhuthaza abantu ukuba baphile ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli futhi ngokwenza kanjalo bagweme imikhuba nezindlela zokuphila ezilimaza impilo. Ngokwesibonelo, phakathi kwezihloko eziningi eziye zacatshangelwa kuyi-Phaphama! ukubaluleka kwenhlanzeko, ukudla okufanele, ukulala ngokwanele, nokuvivinya umzimba njalo kanye nesidingo sokunciphisa ukucindezeleka nokushesha kokuphila.
Uhlobo Olubalulekile Lomshuwalense
Kuleli zwe elingaphelele, umshuwalense ungaba yithuluzi eliwusizo kakhulu, kodwa awukho umshuwalense ongasivikela ngokuphelele noma usinxephezele ngokuphelele lapho silahlekelwe. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi banawo yini umshuwalense noma cha, kunabantu abaqinisekayo ukuthi ngeke basale dengwane. Ngani? Ngoba lapho kugadla inhlekelele, abalandeli bangempela bakaJesu Kristu—abakhonza uYise, uJehova uNkulunkulu—benza okusemandleni ukusizana ngemithwalo yabo.—IHubo 83:18; Jakobe 2:15-17; 1 Johane 3:16-18.
Ngaphezu kwalokho, uJehova ngokwakhe uthembisa ukuthi akasoze azishiye izinceku zakhe ezithembekile. Umhubi waseBhayibhelini wabhala: “Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela.” (IHubo 27:10) NjengoMthombo wokuphila, uJehova angabavusa abafileyo, futhi ngokusho kweBhayibheli, unikezé iNdodana yakhe, uJesu Kristu, amandla okuvusa abafileyo. (IHubo 36:9; Johane 6:40, 44) Nokho, iZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi akubona bonke abayovuswa. (Johane 17:12) Khona-ke, singaqiniseka kanjani ukuthi uNkulunkulu uyosikhumbula ovukweni?
ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni edumile, eqinisweni uJesu wakhuluma ngohlobo olunokwethenjelwa kakhulu lomshuwalense. Wathi: “Yekani ukuzibekelela imicebo emhlabeni, lapho inundu nokugqwala kudla khona, nalapho amasela egqekeza khona ebe. Kunalokho, zibekeleleni imicebo ezulwini, lapho kungoni nundu nakugqwala khona, nalapho amasela engagqekezi ebe khona. Ngoba lapho umcebo wakho ukhona, yilapho nenhliziyo yakho iyoba khona futhi.”—Mathewu 6:19-21.
Ngokuvamile abantu bacabanga ukuqongelela imali benethemba lokuthi iyobapha ukuphila okunethezekile lapho sebekhulile. Nokho, uJesu wakhomba uhlobo lomshuwalense oluphephe kakhudlwana. Inani lawo alinakulinganiswa, futhi ngeke uhluleke! Wachaza: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
Ngokuzuza ulwazi olunembile lukaNkulunkulu neNdodana yakhe nangokusebenzisa esikufundayo ekuphileni kwethu, siyozakhela igama elihle noNkulunkulu. (Heberu 6:10) Umphostoli uPetru noJohane, besekela izimfundiso zabo emfundisweni yeNkosi yabo, uJesu Kristu, bagcizelela ukuthi lesi simiso samanje sokubusa komuntu sizophela. Nokho, uJohane wachaza: “Lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”—1 Johane 2:17; Mathewu 24:3, 14; 2 Petru 3:7, 13.
Singaqiniseka ukuthi uma sikhonza uNkulunkulu, bese kwenzeka sifa, uyosivusa noma uma siphila kuze kube yisikhathi lapho eqeda khona lesi simiso sezinto, uyosilondoloza siphila singene ezweni lakhe elisha lokulunga. Yebo, uNkulunkulu uthembisa ukuthi “uyosula zonke izinyembezi emehlweni [ethu]” futhi enze “zonke izinto zibe zintsha.” (IsAmbulo 21:4, 5) Ukukhonza uNkulunkulu nokuthembela ezithembisweni zakhe ngempela kuwumshuwalense odl’ ubhedu. Futhi bonke abantu bangawuthola.
[Izithombe ekhasini 8, 9]
Ukuphaphamela ukuphepha nempilo kuwuhlobo lomshuwalense
[Isithombe ekhasini 10]
Ukufunda ngoNkulunkulu nokwenza intando yakhe kuwumshuwalense ongcono kakhulu wesikhathi esizayo