Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Izithombe Ezingcolile Ze-Internet Ngathola umagazini ka-June 8, 2000, onochungechunge oluthi “Izithombe Ezingcolile Ze-Internet—Ingabe Zingakulimaza?” Wangithinta ngokujulile! Esikhathini esingangenyanga ngaphambili, ngathola umyeni wami ebuka izithombe ezingcolile kuyi-computer; wayesanda kuyixhuma ngalo kanye lolo suku. Ngavula umnyango engalindele futhi ngamthola ebuka isithombe esingcolile. Angikwazi ukuchaza ukuthi lokhu kuye kwabuthinta kanjani ubuhlobo bethu. Uthi uyaxolisa, kodwa usewululazile umshado wethu.
L. K., United States
Ngithanda ukubonga ngalezi zihloko. Cishe sekuyiminyaka engu-8 ngilwa nenkinga yokubuka izithombe ezingcolile. Muva nje ngiye ngathandaza futhi ngazimisela ukuyeka ukuba umlutha wezithombe ezingcolile. Ngalo lolo suku ngathola lezi zihloko.
L. M., United States
Ezinyangeni ezimbalwa ezidlule, ngathuka ngizithela engosini ye-Internet enezithombe ezingcolile. Ngaqala ukugqigqa kwezinye izingosi ezinezithombe zobulili obuvezwa ingcaca. Ngenxa yalokho ngiye ngazihlukanisa nabanye futhi ngaphenduka unyube kanti ngiphelelwe nawuthando ngezinto ezingokomoya. Akuve kulula ukuzithola usuwumlutha walezi zithombe. Kodwa manje ngizolwa kanzima ukuze ngigqashule kulo mkhuba.
M. G., United States
Othayi Ngifisa ukubonga ngesihloko esithakazelisayo esithi “Othayi—Esikhathini Esidlule Nanamuhla.” (June 8, 2000) Ngingumama wezingane ezintathu, futhi ngizifundisa ukuthanda uJehova. Indodana yami endala ineminyaka engu-13 ubudala, futhi mina nayo sobabili sasingakwazi ukubopha uthayi ukuze ikwazi ukufeza izabelo zayo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Umyeni wami, ongakholwa, akakaze awufake uthayi. Siyabonga ngokusibonisa ukuthi uthayi uboshwa kanjani ngendlela elula kakhulu.
M. B., United States
Ngineminyaka engu-11 ubudala, futhi nakuba kungase kubonakale kuyinqaba, ekugcineni le mifanekiso ingifundisile ukubopha uthayi wami. Manje sengibasebenzisa bonke othayi enginabo!
A. P., Italy
Ukuziphendukela Kwemvelo Ezinye izithiyo zempikiswano eqotho ngokuziphendukela kwemvelo zavela esihlokweni esithi “Ingabe Ukuziphendukela Kwemvelo Kunengqondo?” (June 8, 2000) Nathi: “Ingabe kunengqondo ukuthi isicabucabu siye saveza icebo lokwakha eliyinkimbinkimbi kangangokuba umuntu akakaliqondi?” Vele! Ososayensi abanalo lonke ulwazi.
C. W., Australia
Ukwenza kwesicabucabu usilika kuhilela izinqubo eziningi eziyinkimbinkimbi ngokuxakile kangangokuba ososayensi abakaziqondi ngemva kwamashumi eminyaka becwaninga. Nokho, bagomela ngokuthi konke lokhu kuwumkhiqizo wokuziphendukela kwemvelo. Sikholelwa ukuthi lokhu kanye nezinye izibonelo eziningi kubonisa ukungabi nangqondo kokuziphendukela kwemvelo futhi kusikisela ukuthi ukukholelwa kuleyo nkolelo-mbono kufana nokukholelwa ezeni hhayi kuyisayensi.—ED.
Angikaze ngiyifunde into engathola ukuthi ngephuzu elilodwa nje ikuphikisa ngokugcwele ukuba nengqondo kokuziphendukela kwemvelo: Okhokho bethu (kungakhathaliseki ukuthi abanye abacabanga ukuthi babeyini) bahlukana kanjani futhi baba ubulili obubili obuhlukene? Ukuthi lokhu kwenzeka phakathi nezigidi zeminyaka kuthule nje, ngoba owesifazane ngeke akhulelwe kancane kancane.
H. R., United States
Umfundi wethu uveza iphuzu elibalulekile, esaliphawula kumagazini wethu ka-May 8, 1997, esihlokweni esithi “Ingabe Ukuziphendukela Kwemvelo Kuntula Isisekelo?” Sathi: “Kulindeleke ukuba sikholelwe ukuthi ngengozi ukuziphendukela kwemvelo kwakhiqiza owesilisa nowesifazane ngasikhathi sinye ukuze kuqhutshekiselwe phambili uhlobo lokuphila olusha. Okunciphisa lawo mathuba nakakhulu ukuthi kufanele futhi sikholelwe ukuthi owesilisa nowesifazane abavelanga nje ngasikhathi sinye kodwa futhi bavelela endaweni efanayo! Ukuba babengazange bahlangane, babengeke bazale!”—ED.