UMbhoshongo WaseCrest
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EFRANCE
IMIBHOSHONGO yomlando ime ngezindlela ezihlukahlukene futhi ayilingani kanti iye yasetshenziselwa izinjongo eziningi. Eminye yakhelwa ukugada ezindaweni ezazibalulekile empini, kanti eminye yayisetshenziswa njengamajele; kodwa manje eminingi isiyizindawo zokubukwa yizivakashi. Umbhoshongo owengamele idolobhana laseCrest osebeni loMfula iDrôme eningizimu-mpumalanga yeFrance uye wazifeza zontathu lezi zindima.
Ubukhulu boMbhoshongo WaseCrest buwenza ubonakale kude. Njengoba uhlangothi lwawo olubheke ngasenyakatho-mpumalanga lungamamitha angu-52 ukuphakama, ungeminye yemibhoshongo yaseFrance emide kakhulu. Uma uphezulu, akuve kukuhle ukubuka amagquma aseVercors, izintaba zase-Ardèche nesigodi saseRhone.
Awaziwa kahle umsuka walo mbhoshongo, kodwa ekuqaleni wawusebenza njengenqaba. Phakathi neMpi Yenkolo Yama-Albigenses ngekhulu le-13 leminyaka, amabutho amaKatolika kaSimon de Montfort, esizwa ababhishobhi bamaKatolika, ayithatha leyo nqaba. Ngaleso sikhathi yayisetshenziswa njengenkundla yokulwa yama-Albigenses.
Phakathi neziMpi Zenkolo (1562-98), le nqaba yahlaselwa amaProthestani izikhathi eziningana kodwa awazange ayithathe. Kwala kancane ibhujiswe iphele ngo-1633 lapho iNkosi uLouis XIII iyala ukuba kubhidlizwe uhlangothi lwayo oluqiné noluvikeleke kunazo zonke. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, yasetshenziswa njengejele leziboshwa ezivamile nabaphikisi bamakhosi kanye namaHuguenot. Ukuboshwa kwala maProthestani aseFrance kwaqondana nenkathi lapho kuyekwa phansi iSimemezelo SaseNantes, esasiye saletha ukubekezelelwa kwenkolo ngezinga elithile eFrance. Izindonga zasejele zisenemidwebo yezinye zeziboshwa zenkolo ezazilapho.
Namuhla uMbhoshongo WaseCrest uyisikhumbuzo somlando esithola izivakashi ezibalelwa ku-30 000 ngonyaka. Ngo-1998 wafakwa phakathi kwezenzakalo ezazigubha iminyaka engu-400 yeSimemezelo SaseNantes. Izindonga zawo ziyisikhumbuzo esibuhlungu salokho okungenzeka uma isimo sokubandlululwa ngokwenkolo sivunyelwa ukuba siqhubeke.