Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Izilwandle Namuhla ngifunde uchungechunge lwezihloko ezithi “Izilwandle Zembula Izimfihlakalo Zazo Ezijulile.” (November 22, 2000) Ngiyayithanda imvelo, kodwa bengingajwayelene nezinto ezisekujuleni kolwandle. Ngempela, lapho umuntu eqhubeka efunda ngomhlaba nezimangaliso zawo, kulapho kufanele ayihloniphe khona nakakhulu le planethi enezinto eziningi kanye noMdali wayo onokuhlakanipha okungenamkhawulo.
C. F., Italy
Siyabonga ngalolu chungechunge oluthakazelisayo. Ngangihlale ngizibuza ukuthi kungani uJehova adala izilwane ezinjengama-tube worm, ngoba abantu abaningi abazi nokwazi uthi kukhona izilwane ezinjalo. Ngalithanda iphuzu lokuthi ukuba khona kwalezi zilwane kubonisa indlela uJehova akhathalela ngayo ukuhlanzeka komhlaba—ukukhathalela okufanele sikulingise nathi.
H. S., Britain
Ukufunda lezi zihloko kwakunjengokuvakashela ngokoqobo ekujuleni kolwandle ngibone izimangaliso zalo ngibe ngithola incazelo eningiliziwe nefundisayo. Indlela enayibeka ngayo le ndaba yangisiza ukuba ngiziqonde ngokucacile izimfanelo zikaNkulunkulu njengoba zibonakala ezintweni azenzile.
J.M.M., Zambia
Lolu uchungechunge oluthakazelisa kakhulu engike ngalufunda kuyi-Phaphama! Lunikeza ubufakazi obengeziwe bokuthi uMuntu ohlakaniphile kuphela owayengadala iplanethi yethu nakho konke enakho. Izihloko ezinjengalezi ziqinisa isifiso sethu sokukhonza uMdali wethu Omkhulu.
S. G., Brazil
Obaba Abashiya Amakhaya Ubaba wasishiya lapho ngineminyaka eyisithupha ubudala. Manje sengineminyaka engu-20 ubudala, kodwa selokhu ahamba angikaze ngimbone. Bengilokhu nginomuzwa wokuthi wahamba ngenxa yami nokuthi wayengangithandi. Isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Wasishiyelani Ubaba?” (November 22, 2000) sacacisa yonke into. Ngiyabonga ngokuba niqonde imizwa yezingane ezingenabo obaba.
K. M., Japan
Sekuphele iminyaka emibili mina nomyeni wami sahlukana. Ngizamé konke okusemandleni ukuze ngenze indodana yami ingitshele indlela ezizwa ngayo ngokuhlukana komkhaya, kodwa angizange ngiphumelele. Manje ngokokuqala ngqá, indodana yami ivumile ukuthi kuye kwayithinta kakhulu ukuhlukana kwethu. Lokho kuye kwasusa umgoqo omkhulu. Kancane kancane, isiyaxoxa. Ngibonga ngiyanconcoza ngosizo olukhulu enilunikeza intsha kulo lonke usizi lwayo.
D. H., United States
Ngaphandle komusho owodwa, lesi sihloko sathi obaba bashiya amakhaya ngenxa yokuziphatha kabi kwabo. Kodwa, libonakala landa inani labafazi abashiya abayeni babo. Ngemva kweminyaka engu-18 sishadile, umkami waqala ukuziphatha kabi. Ngaphoqelelwa ukuba ngihambe emzini wami. Ngibé nomuzwa wokuthi kufanele ngisiveze lesi sici senkinga.
L. G., United States
Njengoba usho, savuma ukuthi abanye obaba bashiya imikhaya ngenxa yokuziphatha okungafanele komkabo. Izimiso eziningi okukhulunywe ngazo kulesi sihloko zingasebenza nakuleso simo.—ED.
Ukubulawa Kwezinzwa Esihlokweni esithi “Ukusuka Ezinhlungwini Kuya Ekubulaweni Kwezinzwa” (November 22, 2000), nathi zazingabulawa izinzwa ngaphambi kwawo-1840. USeishu Hanaoka wayehlinza abantu ngokuphumelelayo eJapane esikhathini eside ngaphambi kwawo-1840.
S. A., Japan
Ezokwelapha jikelele, azizange zikusebenzise ukubulawa kwezinzwa ngaphambi kwawo-1840. Kodwa i-“Kodansha Encyclopedia of Japan” ithi uSeishu Hanaoka (1760-1835) wathaka umuthi wokubulala izinzwa okuthiwa i-“mafutsusan” ngokuxuba “amakhambi ayisithupha.” “Wayisebenzisa ngokuphumelelayo ekuhlinzeni umdlavuza wamabele ngo-1805, eminyakeni engu-40 ngaphambi kokusetshenziswa kokuqala kwe-‘ether’ eMassachusetts General Hospital, eBoston.” Ngemva kwalokho uSeishu wasebenzisa ikhambi lakhe lokubulala izinzwa kaningi lapho ehlinza.—ED.