Ukulwa Kwami Ne-scleroderma
Njengoba Ilandiswa Ngumarc Holland
EMINYAKENI emihlanu edlule umkhaya wethu wawumatasa kakhulu enkonzweni yobuKristu. Ukuphila kwakubonakala kuhamba kahle.
Ngo-April 1996, mina nomkami, uLisa, sangenwa umkhuhlane. Lapho uLisa eseqala ukululama, mina angizange ngilulame. Umkhuhlane owawungiphethe waba i-pneumonia, eyathatha amasonto ayishumi. Ngemva kwalokho izandla nezinyawo zami zaqala ukuba buhlungu futhi zavuvukala. Lapho ngihamba, kwakuba sengathi nginyathela phezu kwamadwala. Ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi kwalokho—ngineminyaka engu-45 ubudala nesisindo esingamakhilogremu angu-75—ngangiwumqemane. Imiphumela yakho konke ukuhlolwa okwenziwa minyaka yonke yayimihle. Manje odokotela base bexakekile ukuthi nginani. Ubuhlungu baqhubeka bukhula emalungwini nasemisipheni, kwathi ngo-July isikhumba sami saqala ukoma. Ngangifuna indawo efudumele njalo futhi ngingezwani neziphephetha-moya.
Ngokushesha saqala ukucwaninga sifuna incazelo ngalesi sifo esiyinqaba. Ngo-July 1996 udokotela wangithumela kuchwepheshe wezifo zamathambo. Kwakubanda ehhovisi lakhe, futhi lapho udokotela engena, kwakusengathi ngigqoké amagilavu namasokisi aluhlaza. Ngemva kokungihlola, udokotela wangitshela izindaba ezingezinhle. Ngangiphethwe i-scleroderma (SD) ehlasela umzimba wonke.—Bheka ibhokisi elithi “I-scleroderma—Lapho Umzimba Uzihlasela Wona.”
Udokotela wachaza ukuthi alikho ikhambi lalesi sifo nokuthi siyabulala. I-SD ibuhlungu kakhulu, njengezihlobo zayo i-lupus ne-rheumatoid arthritis. Futhi ngenxa yokuthi ezinye izimpawu azibonakali—njengobuhlungu nokutubeka komzimba—abanye abantu bangase bangakuqondi ukulinganiselwa kogulayo.
Izinselele Ezintsha
Umkhaya wethu ubusebenza njengeqembu njalo enkonzweni kaJehova. Ngokwesibonelo, sasithuthele endaweni lapho kwakunendingeko enkulu yabafundisi beBhayibheli. Sasilokhu sijabulela ilungelo lokusebenza ngokuzithandela ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso amaningi e-United States nakwamanye amazwe. Sasihlanganyela nasemsebenzini wokunikeza usizo oluphuthumayo ezinhlekeleleni kwamanye amazwe. Eqinisweni, ngaphambi nje kokuphathwa umkhuhlane, sase silungele ukuthuthela eMexico ukuyosiza amaqembu oFakazi BakaJehova akhuluma isiNgisi nokusiza emsebenzini wokwakha kulelo zwe. Manje kwase kubonakala sengathi ukuphila kwethu kokuba matasa enkonzweni kwakuzoshintsha kakhulu.
Izinqumo ezibalulekile nemithwalo yemfanelo kwawela emahlombe kaLisa. Ngezinye izikhathi wayephelelwa amandla ngenxa yokuthi izinto zazenzeka ngokushesha kakhulu kangangokuba wayemane nje athi kuJehova, “Sicela usisize senze izinqumo ezihlakaniphile namuhla.”
Akwaziwa ukuthi i-SD ibangelwa yini, futhi lesi sifo asilapheki. Kunalokho, kumane kwelashwe izimpawu zaso. Lapho ngihlolwa kwatholakala ukuthi amaphaphu ami asebenza ngomfutho ongamaphesenti angu-60 kodwa kamuva waba amaphesenti angu-40 kuphela. Amaphaphu ami ayeqina, futhi okuwukuphela kwendlela engangingase ngelashwe ngayo kwakungamakhemikhali athiya noma abulala isimiso somzimba wami sokuzivikela ezifweni. Lokhu kwakuzongenza ngigule nakakhulu, kodwa nakuba kwakungase kungisize okwesikhashana, kwakungekho siqinisekiso sokuthi umphumela uyohlala isikhathi eside. Sanquma ukuthi kakade ngase ngigula kakhulu futhi ngenqaba ukwamukela lokhu kwelashwa. Esikhathini sokuqala kwezine ngisesimweni esibucayi, umkhaya wami wenza amalungiselelo omngcwabo wami.
Imiphumela Eqhubekayo Ye-SD
Abanye odokotela baye bathi isimo sami sibi kunazo zonke abake bahlangana nazo. Sasisibi kangangokuba ekupheleni kuka-September 1996, isikhumba sami sase some kusuka okhakhayini kwehle nomzimba kuze kuyofika ezinqulwini nokusuka ezinyaweni kuya ngemva kwamadolo. Lapho ngiphakamisa ikhanda, ngangizwa kudonseka nesikhumba esisemathangeni. Ngaqala ukuncipha, futhi ubuhlungu babunjunjutha. Kuleli qophelo odokotela babenomuzwa wokuthi ngizophila unyaka owodwa kuphela.
Kwakubonakala sengathi isikhathi sihamba kancane. Ezinyangeni eziyisithupha kusukela ngaphathwa umkhuhlane, ngase ngikhubazeke ngokuphelele, ngihlala ngisembhedeni ubusuku nemini. Manje ngase nginciphe ngengxenye yesithathu yesisindo sami. Ngangingakwazi ukuzigqokisa. Kwakungikhungathekisa ukuhluleka ukuzifunza, ngoba ngangizithela ngokudla ngingcolise nombhede. Izandla zami zase ziqala ukoma zivaleke njengokungathi ngiphethe ibhola elincane, futhi izihlakala zazingagobeki. Kwakunzima ukugwinya utho, ngoba umphimbo wami wawuqala ukoma. Ngangidinga usizo ukuze ngingene futhi ngiphume kubhavu kanye nokuhlala nokusukuma esihlalweni endlini encane. Ubuhlungu babunjunjutha futhi bubelesela. Ngangilala isikhathi eside, ngezinye izikhathi amahora angu-18 kuya kwangu-20 ngosuku.
Ngokucwaninga nge-SD, uLisa wathola ucwaningo oluphathelene nokusetshenziswa kwamaphilisi ekwelapheni lesi sifo.a Sathintana nabantu abaningi ababeke bayizama le ndlela, futhi abakusho kwakukhuthaza. Sakopisha konke lokhu kwaziswa saya kudokotela, samcela ukuba akufunde. Udokotela waba nomuzwa wokuthi ngeke enze isimo sibe sibi kunalokhu esiyikho, ngakho wagunyaza lawo maphilisi. Kwabonakala sengathi ayangisiza okwesikhashana.
Asiyilahlanga Imisebenzi Engokomoya
Ngaqhubeka ngenza umzamo wokuya emihlanganweni yobuKristu. Ukuze sithole usizo ngalokhu, sathenga iveni, ngoba ngangingakwazi ukugoba amadolo aqinile ukuze ngingene emotweni. Ngangivame ukuphatha indishi, ngoba ukuhamba ngemoto kwakungibangela isicanucanu. Ngangithatha nezingubo nezinto ezifudumalayo ukuze ngifudumale. Ukuze nginikeze izinkulumo, ngokuvamile ngangigitsheliswa epulatifomu bese ngihlaliswa esihlalweni, ngoba amalunga omzimba ayenganyakazi.
Ngangingasakwazi ukuhlanganyela emsebenzini wendlu ngendlu—umsebenzi engangiwuthanda kakhulu futhi owawube yingxenye enkulu yokuphila kwami. Kodwa-ke, ngangikwazi ukushumayela ngokwethukela kubahlengikazi nakodokotela. Ngangishayela nabantu engangifunda nabo iBhayibheli ucingo. Ukubona ukuphila kwethu okugxile emisebenzini engokwasezulwini kucishe kuma nsí kwakudumaza, futhi kucindezela. Phakathi naleyo nkathi sasingakwazi ukuhamba nendodana yethu uRyan enkonzweni yendlu ngendlu, ngoba kwakufanele umkami anginakekele amahora angu-24 ngosuku. Kodwa amaphayona athile, abashumayeli besikhathi esigcwele, ebandleni lakithi babekulungele ukusisiza ngalokho.
Nokho, njengoba ukugula kwami kwakudamba, saqala ukucabangisisa ngenkonzo yethu yobuKristu. Sadayisa umuzi wethu futhi sathuthela eduze kwendodakazi yethu uTraci nomyeni wayo, uSeth, ukuze bakwazi ukusisiza futhi basisekele ngokomzwelo.
Ngiyashiseka Nakuba Ngikhubazekile
Njengoba ngangihlala ngisembhedeni noma esihlalweni sabakhubazekile, ngangingasawenzi umsebenzi wokuziphilisa. Nokho, abazalwane basebandleni lethu elisha banginikeza imithwalo ethile yemfanelo. Ngasamukela ngenjabulo isabelo sokuhlela izinkulumo zangeSonto eHholo lethu loMbuso. Ngokuhamba kwesikhathi ngakwazi ukuba usizo oluthé xaxa ebandleni. Nakuba isimo sami sesingconywana futhi sengikwazi ukuhambahamba ngenkululeko, kusenzima ukuba ngime. Ngakho izinkulumo zami ngizinikeza ngihlezi phansi.
Ngenxa yolwazi lwethu kwezokwakha, sacelwa ukuba sisebenze ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso. Ngakho mina noLisa sisiza ngokuthenga izinto ezidingekayo. Lo msebenzi ngiwenzela embhedeni. Amathuba anjalo okwenza umsebenzi owengeziwe asigcina mina noLisa sisebenza ngenjabulo amahora ambalwa nsuku zonke.
Indodana yethu uRyan iye yaba yinsika, yathwala ingxenye yomsebenzi wokunginakekela, nakuba yayineminyaka engu-13 kuphela lapho le nkinga iqala. Kodwa kuye kwajabulisa ukuyibona ikhula njengendoda engokomoya. Ngemva nje kokuthutha kwethu, yaqala ukukhonza njengephayona.
Ukukhuthaza Abanye
Siye safunda okuningi esimweni sethu ngokuphathelene nokukhuthaza labo abanezifo ezimbi noma ezingamahlalakhona. Izimpawu ze-SD zobuhlungu nokutubeka azibonakali, kodwa zibangela ukukhandleka okukhulu ngokomzimba nangokomzwelo. Ngezinye izikhathi, ngiye ngicindezeleke. Izimpawu ezimbi ezibangelwa ukungaphenduki embhedeni nokukhubazeka komzimba kanye nokugogeka kwezandla nazo ziye zangicindezela ngempela.
Nokho, amakhadi amaningi nezingcingo ezivela kubangane kuye kwangisiza ukuba ngiqhubeke. Sibazisa kakhulu abangane abathandekayo ababesiqinisekisa ukuthi bayasibeka emithandazweni yabo. Nathi siye safuna futhi savakashela abanye abanalesi sifo ukuze sikhuthazane. Ngokwenza kanjalo, siye sazakhela abangane abasha abayigugu.
Ukuphila kwethu akulula. Eqinisweni, siye sibe nezinsuku ezinzima kakhulu, futhi asazi ukuthi ikusasa lisiphatheleni. Nakuba singakwazi ukwenza izinto esasizihlelile, akungabazeki ukuthi sisengajabula. Injabulo yethu ilethwa ngokuyinhloko ukuba nobuhlobo obuhle noJehova. Siye sathola nokuthi ngokuhlale simatasa ngemisebenzi yobuKristu naphezu kwezimo esikuzo, singalondoloza injabulo ethile. Siwubufakazi obuphilayo beqiniso lokuthi uJehova uvula iminyango yethuba futhi asisekele kakhulu ‘ngamandla angaphezu kwavamile.’ (2 Korinte 4:7) Sithola amandla ngokukhumbula isithembiso sikaNkulunkulu sokuthi maduze kuzofika isikhathi lapho ‘abakhé khona bengasayikusho ukuthi: “Ngiyagula.”’—Isaya 33:24.
[Umbhalo waphansi]
a La maphilisi ahlanganisa i-minocycline (i-Minocin) ne-tetracycline. I-Phaphama! ayikhulumeli noma ikuphi ukwelapha kwezempilo. Izinqumo eziphathelene nezindaba zempilo nemithi zingezomuntu ngokuphelele.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 23]
I-scleroderma—Lapho Umzimba Uzihlasela Wona
Igama elithi “scleroderma” (SD) livela kwelesiGreki elisho “isikhumba esiqinile,” nakuba kuthinteka zonke izicubu—hhayi isikhumba nje kuphela. Iyisifo sokuzihlasela komzimba esingalapheki esithinta ngokuyinhloko abesifazane futhi esibonakala ngokuqina kwesikhumba okungavamile. Ngokuvamile akulula ukusithola, kokunye kuze kuphele iminyaka, ngoba siveza izimpawu ezihlukile ngezindlela ezingafani esigulini ngasinye.
Imbangela ye-SD ayaziwa. Ososayensi bayavumelana ngokuthi uma umuntu ene-SD, umzimba ukhiqiza i-collagen eningi ngokweqile, ehlasela izicubu zomzimba eziphilile. Ngakho, ngokuvamile kuthiwa i-SD iyisifo sokuzihlasela komzimba ngokwawo.
Kunezinhlobo ezimbili eziyinhloko ze-SD kanye nezinye ezingavamile kakhulu. Uhlobo oluyingozi kakhulu kuthiwa i-diffuse noma i-systemic futhi lubonakala ngokuqina ngokushesha kwesikhumba, okuqala ezandleni nasebusweni kwehle ngezingalo nomzimba. Abantu abane-SD ehlasela umzimba wonke basengozini enkulu yokulimala kwezitho zangaphakathi lapho lesi sifo sisaqala. Olunye uhlobo oluyinhloko ngokuvamile kuthiwa i-limited noma i-localized SD.
Uma umuntu ene-SD ehlasela umzimba wonke, izingxenye zesikhumba esiqinile ziyasakazeka futhi zivame ukuvela ngemuva nangaphambili emzimbeni. I-SD ehlasela umzimba wonke ihlanganisa nokuvuvukala kwemisipha neminwe, izandla nezinyawo. Izinkinga zesisu zivamile, kodwa okubi nakakhulu ukuthinteka kwamaphaphu, inhliziyo nezinso.
Isimiso semithambo yegazi naso siyathinteka, ngokuvamile kuqala nge-Raynaud’s phenomenon, eyenza igazi lingafiki eminweni nasezinzwaneni bese ziba mhlophe, zibe bomvu, noma zibe luhlaza lapho zizwa amakhaza bese ziba buhlungu kakhulu.
Okwamanje azikho izindlela zokwelapha i-SD ezisebenzayo noma amakhambi azo zonke izinhlobo zayo.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 24]
Ukuqonda Abaphethwe Yi-scleroderma
Kudingeka sibaqonde kangcono abaphethwe yi-scleroderma (SD) ukuze sibasekele ngendlela ewusizo. Ngenxa yokuthi lesi sifo ngokuvamile asitholakali kalula, umuntu one-SD angagula iminyaka eminingi engazi ukuthi yini ngempela emphethe. Lapho siqala isifo, angase axilongwe ngezinqubo ezikhandlayo. Uma kungatholakali ngokushesha ukuthi uphethwe yini, angase azizwe ephelelwa ngamandla, elahliwe futhi esaba, azi ukuthi kunoshintsho olwenzeka emzimbeni wakhe olungachazeki.
Abagulayo ngokuvamile babhekana nokulahlekelwa, ukulinganiselwa noshintsho ezicini eziningi. Uma ukulinganiselwa komzimba kukwenza kudingeke ukuba ogulayo athembele kwabanye ukuze bamnakekele futhi bamelaphe, ukuzime-la kwakhe kungase kusongelwe. Kungase kube noshintsho ebuhlotsheni bakhe nabathandekayo njengoba izindima nemithwalo yomkhaya ishintsha. Ogulayo angase futhi angakwazi ukuchitha isikhathi nabangane noma ukuhlanganyela ekuzilibaziseni. Kungase kudingeke ukuba ashintshe umsebenzi wokuziphilisa noma ayeke ukusebenza ngokuphelele.
Ngenxa yalezi zinguquko, akuyona into engavamile ukuba umuntu ogulayo abe nemizwa yokuzinyeza. Kubalulekile ukuba ogulayo aqaphele ukuthi ukuzizwa ngaleyo ndlela kuwukusabela okungokwemvelo kulokhu kugula.
Okujabulisayo ukuthi abantu abaningi abane-SD baye bathola ukuthi uthando, injabulo nethemba ekuphileni kwabo kuye kwajula njengoba amalungu omkhaya nabanye benza umzamo wokubasiza. Nakuba ogulayo nabathandekayo bakhe bebhekana nezinselele ezinzima, bangakhetha ukulondoloza ithemba nesimo sengqondo esiqondile. Kuyaqondakala ukuthi uyoba nemizwa yokuphelelwa yithemba nokukhungatheka, kodwa akudingekile ukuba ogulayo ayivumele imnqobe.
[Isithombe ekhasini 25]
Indodakazi yethu uTrisha nomyeni wayo, uMatthew, bakhonza eBethel
[Isithombe ekhasini 25]
Ngiyasiza emisebenzini yokwakha ngisho nalapho ngisembhedeni
[Isithombe ekhasini 25]
Indodakazi yethu uTraci nomyeni wayo, indodana yethu uRyan, kanye nomkami, uLisa