Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/10 kk. 10-12
  • Ngakhetha Umsebenzi Ongcono

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngakhetha Umsebenzi Ongcono
  • I-Phaphama!—2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwakheka Kobuntu Obusha
  • Ukutakulwa Iqiniso
  • Ukubuyela ELovech
  • Izibusiso Ezivela KuJehova
  • Ibhuloho Elingumafavuke
    I-Phaphama!—2008
  • Ukuphila Kwami Njengengcweti Yobuciko
    I-Phaphama!—2001
  • Buyini Ubuciko?
    I-Phaphama!—1995
  • Iphupho Lami Kwakuwukudlala Esekisini
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 4/10 kk. 10-12

Ngakhetha Umsebenzi Ongcono

Njengoba Ilandiswa Nguplamen Kostadinov

KWASE kusemini lapho ngivuka. Kwakugcwele amabhodlela yonke indawo, futhi kunuka ugwayi. Injabulo engangikade nginayo ephathini ngayizolo yayisiphele nyá. Ngazizwa ngikhungathekile futhi nginomzwangedwa kakhulu kunakuqala. Yonke into yayibonakala ingenanjongo! Ake ngikulandise ukuthi kwenzeka kanjani ukuba ngizithole ngikulesi simo esidabukisayo.

Lapho ngineminyaka engu-14 ubudala, ngangifuna ukuba ingcweti kwezokudweba. Kwakusehlobo ngo-1980. Ubaba wayesanda kungitshela ukuthi ngamukelwe ekolishi lokudweba edolobhaneni laseTroyan, eBulgaria. Ngajabula ngafa. Ekwindla yalowo nyaka, ngathutha edolobheni lakithi, eLovech, ngaya eTroyan.

Ngangikujabulela ukuhlala kude nabazali bami, ngenze lokho engikuthandayo. Ngaqala ukubhema, futhi ngezinye izikhathi, mina nabangane bami basesikoleni sasiphuza sidakwe. Esikoleni sasingavunyelwe ukubhema nokuphuza. Kwakungijabulisa nakakhulu ukwephula imithetho.

Uthando lwami ngokudweba lwaqhubeka lukhula. Nganginekhono elihle lokudweba, futhi isifiso sokuba nodumo sakhula enhliziyweni yami. Ngemva kokuqeda iminyaka eyisihlanu ngisesikoleni eTroyan, ngangifuna ukuqhubeka nezifundo zami eSikoleni Sezobuciko eSofia, inhloko-dolobha yaseBulgaria. Lesi kwakuyisikhungo esiphambili sokuqeqeshwa kulo lonke elaseBulgaria. Ngo-1988, ngaba omunye wabafundi abangu-8 kuphela ababekhethwe kulo lonke elakithi abamukelwa kulesi sikhungo. Ngangijabule kakhulu ngempumelelo yami! Ngolunye usuku, ngazibuka esibukweni futhi ngeqholo ngazitshela, ‘Plamen, manje akubuzwa nakubuzwa ukuthi uzoba umdwebi odumile!’

Ukwakheka Kobuntu Obusha

Ngokushesha ngaqala ukugqoka izingubo ezimnyama, ngayeka nezinwele ezinde nentshebe. Lokhu kwakubonakala kuyindlela okulindeleke ukuba umdwebi enze ngayo. Ngaqala ukuphila njengomdwebi ogqoka ngendlela yobudlabha. Lokho kwakuhlanganisa ukuqasha igumbi esikhungweni sabadwebi nokuligcina limafuhlufuhlu. Ngabe sengifuya ikati nemithinyana emithathu kanye nomdlwane. Nokusaphaza imali kwakuyindlela yami yokuphila.

Kodwa uthando lwami ngokudweba lwaqhubeka lukhula. Njalo ngangidweba imifanekiso engachazeki ukuze ngiveze imicabango yami eyinqaba. Ngangidweba ngisho nasezindongeni zegumbi lami. Ngangicabanga ukuthi lokho kwakuyisiqalo somsebenzi ophambili.

Ingxenye enkulu yokuphila kwami yayihlanganisa ukuya emaphathini njalo nabanye abafundi. Sasivame ukuhlangana egumbini lami, silalele umculo futhi siphuze kakhulu, ngisho nalapho sizobhala isivivinyo. Izingxoxo zethu zefilosofi zazigxile emculweni, kwezobuciko nasenjongweni yokuphila. Sasivame ukukhuluma ngamandla angaphezu kwemvelo nezidalwa ezihlala kwamanye amaplanethi. Lezi zingxoxo zazingenza ngicabange, ngibe nemibono emisha yemidwebo. Ngangifuna ukulondoloza leyo mizwa yenjabulo isikhathi eside, kodwa yayiqhubeka uma nje ngisadakiwe. Ngokuvamile, ngakusasa ngangivuka lingasekho nhlobo lelo sasasa.

Ngemva kokuphila le mpilo iminyaka engaba yishumi, ngazizwa nginganelisekile. Ngokuphambene nemibala egqamile engangidweba ngayo, kwakuya ngokuya kuba mnyama kimi ngaphakathi, futhi nganginomzwangedwa. Amaphupho ami okuba umdwebi odumile aqala ukushabalala. Ngangicindezelekile futhi ngingazi ukuthi ngingaqhubeka kanjani nokuphila kwami. Yilesi sikhathi-ke engisichaze ekuqaleni kwale ndaba.

Ukutakulwa Iqiniso

Ngo-1990, nganquma ukubukisa ngemidwebo yami eLovech. Ngamema uYanita, othile engangimazé esikoleni eSofia, ukuba abe khona embukisweni njengoba naye ayengowaseLovech. Lapho usuphelile umbukiso, mina noYanita saya endaweni yokudla eseduze ukuze siyojabula. Phakathi nengxoxo yethu, waqala ukukhuluma ngezinto ayezifunda eBhayibhelini noFakazi BakaJehova. Wangitshela ngezwe elisha elibikezelwa yiBhayibheli. Lokho kwangenza ngaba nesithakazelo.

UYanita waqhubeka nokufunda iBhayibheli eSofia, futhi ngezikhathi ezithile wayenginika izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Angisoze ngayikhohlwa indlela engayifunda ngayo incwajana ethi “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha” nendlela engashesha ngayo ukufunda incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni.a Kwakungenzima kimi ukwamukela ukuthi ukhona uNkulunkulu, futhi ngokushesha ngafuna ukwazi ukuthi ngingathandaza kanjani. Ngikhumbula ngithandaza okokuqala. Ngiguqile, ngamtshela uJehova izinto ezingikhathazayo. Ngangiqiniseka ngokugcwele ukuthi ungilalele. Esikhundleni somzwangedwa ngaqala ukuba nenjabulo nokuthula.

ESofia, uYanita wangethula embhangqwaneni othile woFakazi BakaJehova. Lo mbhangqwana wacela ukufunda nami iBhayibheli futhi wangimemela emihlanganweni yabo. Ngiyawukhumbula umhlangano wokuqala engaya kuwo ngo-June 1991. Ngafika kusasele amahora amabili ngaphambi komhlangano ngalinda epaki elincane. Nginovalo futhi ngingabaza, ngazibuza ukuthi kazi bazongamukela kahle yini. Ngamangala lapho bonke ababekhona bengamukela ngemfudumalo naphezu kokubukeka kwami kobudlabha. Kusukela ngaleso sikhathi, ngaya njalo emihlanganweni futhi ngaqhutshelwa isifundo seBhayibheli kabili ngesonto.

Ngajabula lapho ngithola iBhayibheli lami lokuqala. Ngangingakaze empilweni yami ngifunde into emangalisa nenethonya kangaka njengokuhlakanipha okutholakala eNtshumayelweni yaseNtabeni! Njengoba ngangiqhubeka ngifunda, ngazibonela ngokwami amandla eZwi likaNkulunkulu okuguqula umuntu achazwe kweyabase-Efesu 4:23: “Kufanele nenziwe basha emandleni ashukumisa ingqondo yenu.” Ngayeka ugwayi ngashintsha nokubukeka kwami okungekuhle. Lolu shintsho lwalulukhulu kakhulu kangangokuba ngolunye usuku lapho ubaba ezongihlangabeza esiteshini sesitimela eLovech, wangidlula engangiboni.

Ngaqala ukuhlanza indawo engihlala kuyo. Imfuhlumfuhlu eyayisegumbini lami, izindonga ezinemidwebo kanye nephunga likagwayi kwakungasayishukumisi ingqondo yami. Ngabona isidingo sokuhlanza yonke into. Ngapenda izindonga zaba mhlophe ngasula nomfanekiso wesidalwa esinamehlo amathathu engangiwudwebe odongeni.

Akudingeki nokuba ngize ngisho ukuthi abangane bami bangishiya, kodwa ngokushesha indawo yabo yathathwa abantu abaningi engahlangana nabo emihlanganweni yobuKristu, abasengabangane bami abathandekayo kuze kube namuhla. Ngenxa yobungane obakhayo, ngathuthuka ngokushesha. Ngo-March 22, 1992, ngabhapathizwa emhlanganweni wokuqala woFakazi BakaJehova eBulgaria, owawusedolobheni ePlovdiv.

Ukubuyela ELovech

Nakuba ngangazi ukuthi ngeke kube lula ngomdwebi ukuhlala edolobheni elincane, nganquma ukuthi ngemva ngokuphothula kwami izifundo ngizobuyela eLovech. Ngaqaphela ukuthi okungenani kimi, kwakuzoba nzima ukuphishekela umsebenzi wokudweba ngokuphumelelayo futhi ngesikhathi esifanayo uMbuso kaNkulunkulu uthathe indawo yokuqala ekuphileni kwami. Ngakho nganquma ukushintsha izinhlelo zomsebenzi wami ngafundisa abantu iBhayibheli. Ngenkathi ngiseseSikoleni Sezobuciko, uYanita, owayephothule izifundo zakhe eminyakeni emithathu ngaphambi kwami, wayeseshiseka emsebenzini wokufundisa abantu amaqiniso eBhayibheli eLovech. Nguye yedwa owayenguFakazi lapho.

Ngesikhathi engabuyela ngaso eLovech, kwakuneqembu elincane labantu ababefunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngangikujabulela kakhulu ukuvakashela abantu endlini ngendlu futhi ngibanikeze ithemba lekusasa engase nginalo. Nganquma ukuwenza njalo lo msebenzi.

Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, ngabhekana nobunzima. Ngo-1994 savalwa ngokomthetho njengenhlangano yenkolo futhi kwaqala umkhankaso omkhulu wokunyundelwa imithombo yezindaba.b Ngokuvamile, oFakazi babebizelwa esiteshini samaphoyisa futhi sasiphucwa nezincwadi. Phakathi nalezo zikhathi ezinzima, sasingakwazi ukuhlangana ngokusemthethweni ezindaweni zomphakathi. Noma kunjalo, sasiba nemihlangano njalo egumbini elingamamitha-skwele angu-12 emzini kaYanita. Ngesinye isikhathi sakwazi ukufaka abantu abangu-42 kulelo gumbi elincane. Ukuze singabaphazamisi omakhelwane, sasivala amafasitela lapho sicula izingoma zoMbuso. Ngezikhathi ezithile, uma kushisa kakhulu ngaphandle, kwakushisa kakhulu endlini kube nomswakama, kodwa sasikujabulela ukuba ndawonye.

Izibusiso Ezivela KuJehova

Ngangimazisa kakhulu uYanita ngokushisekela kwakhe ukukhulekela kweqiniso futhi ngokuhamba kwesikhathi saqala ukuthandana. Sashada ngo-May 11, 1996. Nakuba sinobuntu obungafani, sibambisene kahle. Ungumngane nomsizi wami omkhulu. Ngiyambonga uJehova ngokunginika inkosikazi ‘enenani elilidlula kude elamakhorali.’—IzAga 31:10.

Abanye ababengabangane bami bagcina bengabadwebi, indlela yokuphila engangiyifisa ngaphambili. Kodwa, ngiyajabula ukuthi ngakhetha engikubheka njengomsebenzi ongcono kakhulu. Ngisize abaningi ukuba bathole injongo ekuphileni kwabo, futhi manje sebengabafowethu nodadewethu abangokomoya. Alukho udumo noma ukwaziwa ebengingakuthola njengomdwebi okungaqhathaniswa nezibusiso engizijabulele enkonzweni kaJehova. Ngiyajabula ngokuthi ngiyamazi uMdwebi omkhulu kunabo bonke, uJehova uNkulunkulu.

[Imibhalo yaphansi]

a Zombili lezi zincwadi zanyatheliswa oFakazi BakaJehova. Ethi Ungaphila Phakade ayisanyatheliswa.

b Ngo-1998, ngemva kokufaka isikhalazo eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu eStrasbourg, oFakazi BakaJehova baphinde babhaliswa njengenhlangano esemthethweni eBulgaria.

[Isithombe ekhasini 12]

Nginomkami uYanita

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela