Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 11/8 k. 3-k. 5 isig. 2
  • Buyini Ubuciko?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Buyini Ubuciko?
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuchaza Ubuciko
  • Ingcweti Yalobu Buciko
  • Ingcweti Eshaywa Indiva Kunazo Zonke Esikhathini Sethu
    I-Phaphama!—1995
  • Ukuphila Kwami Njengengcweti Yobuciko
    I-Phaphama!—2001
  • Ukukhonza Ingcweti Enkulu Kunazo Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ngakhetha Umsebenzi Ongcono
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 11/8 k. 3-k. 5 isig. 2

Buyini Ubuciko?

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ESPAIN

IYIPHI into enhle kakhulu owake wayibona? Ingabe kwakuwukushona kwelanga kwasendaweni eshisayo, izintaba zokhahlamba ezineqhwa, ukuqhakaza kwezimbali eziningi ogwadule, imibala ekhangayo yehlathi ekwindla?

Iningi lethu liyasazisa isikhathi esikhethekile lapho sakhangwa khona ubuhle bomhlaba. Uma sikwazi, siyathanda ukuchitha amaholide ezindaweni eziyipharadesi, futhi sizama ukulondoloza izinto eziphawulekayo ngokuzithatha izithombe.

Ngokulandelayo lapho ubuka lobu buhle obungonakalisiwe, kunemibuzo ongase uyicabangele. Ubungeke yini ucabange ukuthi okuthile akuhambi kahle ukuba yonke imifanekiso endaweni yobuciko yayiphawulwe ukuthi “Okungaziwa”? Ukuba ubushukunyiswe ngokujulile izinga lobuhle bemifanekiso embukisweni, ubungeke yini ufune ukwazi ukuthi ubani owayeyingcweti? Ingabe kufanele saneliswe ukucabanga ngezimangaliso ezinhle zomhlaba bese siyishaya indiva iNgcweti eyazidala?

Yiqiniso, kunalabo abathi abukho ubuciko emvelweni—ukuthi ubuciko budinga ikhono lomuntu lokusungula nokuchaza izinto. Nokho, mhlawumbe incazelo yobuciko enjalo ilinganiselwe kakhulu. Buyini ngempela ubuciko?

Ukuchaza Ubuciko

Incazelo yobuciko enganelisa wonke umuntu cishe ayinakutholakala. Kodwa incazelo enhle itholakala kuyi-Webster’s Ninth New Collegiate Dictionary, ethi ubuciko “buwukusebenzisa ngokucophelela ikhono namandla okuqamba izinto [ikakhulukazi] ekukhiqizeni izinto ezinhle.” Ngalesi sisekelo singasho ukuthi ingcweti kudingeka ibe nekhono namandla okuqamba izinto. Lapho ihlanganisa lezi ziphiwo ezimbili, ingenza okuthile abanye abangakuthola kujabulisa noma kukhanga.

Ingabe ikhono namandla okuqamba izinto kulinganiselwe emisebenzini yobuciko bomuntu? Noma ingabe kuyabonakala futhi nasemvelweni esizungezile?

Ngezindlela ezihlukene, izihlahla eziphakeme zaseCalifornia, amadwala amakhulu ama-coral asePacific, izimpophoma ezinkulu zasemahlathini emvula, nemihlambi emihle yasenkangala yase-Afrika kuyigugu kakhulu esintwini ‘kunoMona Lisa.’ Ngenxa yaleso sizathu, i-UNESCO (United Nations Educational, Scientific, and Cultural Organization) iye yabiza iRedwood National Park, e-U.S.A.; i-Iguaçú Falls, e-Argentina/Brazil; iGreat Barrier Reef, e-Australia; neSerengeti National Park, eTanzania, ngokuthi ingxenye ‘yeFa Lomhlaba’ lesintu.

Lamagugu angokwemvelo ahlanganisiwe ezintweni eziyigugu zomuntu. Ngani? Injongo iwukulondoloza noma yini “eyigugu ngokwehlukile endaweni yonke.” I-UNESCO ithi kungakhathaliseki ukuthi ubuhle obeTaj Mahal, eNdiya, noma obeGrand Canyon, e-U.S.A., kufanele bulondolozelwe izizukulwane ezizayo.

Kodwa akudingeki ukuba uye endaweni yombuso yokulondoloza imvelo ukuze ubone ikhono lokusungula izinto. Isibonelo esihamba phambili umzimba wakho siqu. Abaqophi bemifanekiso baseGreece yasendulo babebheka umzimba womuntu njengomfuziselo wobungoti, futhi babezama ukuwufanekisa ngokuphelele ngangokunokwenzeka. Ngolwazi esinalo namuhla ngokusebenza komzimba, singaliqonda nakakhulu ikhono eliphakeme elalidingeka ekuwudaleni nasekuwuklameni.

Kuthiwani ngekhono lokuqamba izinto? Ake ubuke ubuhle bezimpaphe zepikoko lapho lizivulile, ubuhle bokuqhakaza kwembali, noma ukutshuza kwe-hummingbird. Ngokuqinisekile, ubuciko obunjalo babuwubuciko, ngisho nangaphambi kokuba umuntu abudwebe noma abuthathe isithombe. Umlobi we-National Geographic, ehlatshwe umxhwele iziqu zomnduze i-tacca, wabuza usosayensi osemusha ukuthi yayiyini injongo yazo. Waphendula kalula: “Zembula ikhono likaNkulunkulu lokuqamba izinto.”

Akukhona kuphela ukuthi imvelo igcwele ikhono namandla okuqamba izinto kodwa bekulokhu kuwumthombo wesikhuthazo ezingcwetini ezingabantu. U-Auguste Rodin, umqophi wemifanekiso odumile waseFrance, wathi: “Imvelo ithululela isifuba engcwetini. Izimbali zikhuluma nayo ngokugoba kweziqu zazo nangokuqhakaza ngokuvumelana kwezimbali zazo ezimibalabala.”

Ezinye izingcweti zakuphawula ngokusobala ukulinganiselwa kwazo lapho zizama ukulingisa ubuhle bemvelo. “Umsebenzi wangempela wobuciko umane uyisithunzi sokuphelela kwaphezulu,” kuvuma uMichelangelo, obhekwa njengomunye wezingcweti eziphambili ezake zaba khona.

Ososayensi, kanye nezingcweti, bangase bahlatshwe umxhwele ubuhle bemvelo. Uprofesa we-mathematical physics, uPaul Davies, encwadini yakhe ethi The Mind of God, uchaza ukuthi “ngisho nabantu ababuphika ngokuqinile ubukhona bukaNkulunkulu ngokuvamile banalokho okuye kwabizwa ngokuthi umuzwa wokuhlonipha imvelo, ukuhlatshwa umxhwele nokuhlonipha ukujula nobuhle nokufihleka kwayo, okuhlobene nokwesaba okungokwenkolo.” Kufanele kusifundiseni lokhu?

Ingcweti Yalobu Buciko

Umfundi wobuciko ufunda ngengcweti ukuze aqonde futhi azise ubuciko bayo. Uyaqaphela ukuthi umsebenzi wengcweti uveza ubuntu bayo. Ubuciko bemvelo nabo buveza ubuntu bomsunguli wemvelo, uNkulunkulu uMninimandla onke. “Izimfanelo zakhe ezingabonakali zibonakala ngokucacile . . . ngezinto ezenziwe,” kuchaza umphostoli uPawulu. (Roma 1:20) Ngaphezu kwalokho, uMenzi womhlaba akayena neze umuntu ongaziwa. Njengoba uPawulu atshela izazi zefilosofi zase-Athene zosuku lwakhe, ‘uNkulunkulu akakude kulowo nalowo kithi.’—IzEnzo 17:27.

Ubuciko endalweni kaNkulunkulu abuyona into engenanjongo noma evele ngengozi. Ngaphandle kokucebisa ukuphila kwethu, bembula amakhono, amandla okuqamba izinto, nobuhle beNgcweti ephambili, uMklami Wendawo Yonke, uJehova uNkulunkulu. Isihloko esilandelayo sizocabangela indlela lobu buciko obungasisiza ngayo ukuba sazi kangcono leNgcweti Ephakeme.

[Imithombo ekhasini 3]

Musei Capitolini, Roma

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela