Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 8/22 k. 31
  • Indima Ebalulekile Yobaba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indima Ebalulekile Yobaba
  • I-Phaphama!—2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubani Okufanele Afundise Izingane NgoNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Inkinga Ekhulayo Yobaba Abangekho
    I-Phaphama!—2004
  • Indlela Yokuba Ubaba Omuhle
    I-Phaphama!—2013
  • Zikhandle Ukuze Usindise Umkhaya Wakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 8/22 k. 31

Indima Ebalulekile Yobaba

“INANI elandayo lezinsizwa lifuna ukuba nendima ebalulekile ekukhuliseni izingane zalo. Amadoda angamaphesenti angu-82 aneminyaka engu-21 kuya kwengu-39 ákhetha isimiso somsebenzi esasiwavumela ukuba achithe isikhathi esithé xaxa nemikhaya yawo,” kusho iphephandaba laseCanada i-Toronto Star ngokuphathelene nocwaningo lwamuva lwaseHarvard University. Ngokwalolu cwaningo, lapho kwaxoxwa khona namadoda nabesifazane base-United States abangu-1 008 abaneminyaka engu-21 kuya kwengu-65 ubudala, izinsizwa ezingamaphesenti angu-71 zathi “zazingadela ingxenye ethile yeholo lazo ukuze zithole isikhathi esengeziwe ezizosichitha nemikhaya yazo.”

Kungani obaba abaningi befuna ukuba nengxenye ekuphileni kwezingane zabo? UDavid Blankenhorn, ongomunye wabasunguli be-National Fatherhood Initiative, ekhuthaza obaba ukuba bazibophezele futhi bazimisele, waphawula ukuthi kuyinhlolo-vo ka-1994 yamadoda angu-1 600 ase-United States, angamaphesenti angu-50 athi oyise babengawasekelanga ngokomzwelo lapho esakhula. Obaba abaningi namuhla abafuni ukuba kuvele isimo esifanayo.

Obaba abazihilelayo ekuphileni kwezingane zabo bangaba yithonya elakhayo. Lapho ibhekisela ocwaningweni olwanyatheliswa uMnyango Wezempilo Nezinkonzo Zomphakathi e-United States, i-Toronto Star yathi uma obaba bedla nezingane zabo, bashaywe umoya nazo, futhi bazisize ngomsebenzi wesikole, “izingane nentsha ziba nezinkinga ezimbalwa zokuziphatha, zizwana kangcono nabanye abantu futhi ziqhuba kahle kakhulu esikoleni.”

Okuchazwe ngenhla kuqokomisa ilungiselelo lokukhulisa izingane eliwusizo namuhla njengoba lalinjalo lapho liqala ukulotshwa eminyakeni engaphezu kwezinkulungwane ezintathu edlule. UMsunguli womkhaya wayala obaba ngokuqondile ukuba bahileleke ekukhuliseni izingane zabo. (Efesu 3:14, 15; 6:4) Obaba bayalwa ukuba bagxilise ukuthanda uNkulunkulu ezinhliziyweni zabantwana babo futhi babatshele ngezimiso nemiyalo kaNkulunkulu. UNkulunkulu wabatshela ukuba lokhu bakwenze ‘lapho behlezi ezindlini zabo, nalapho behamba endleleni, nalapho belala, nalapho bevuka.’—Duteronomi 6:7.

Ukukhulisa izingane kuwumsebenzi ohlanganyelwayo. IBhayibheli liyala izingane: “Yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.” (IzAga 1:8) Indima kababa ibalulekile. Ihlanganisa ukusekela nokuhlonipha umama nokuhlanganyela emisebenzini yokukhulisa izingane. Kudingeka nokuchitha isikhathi ubaba efundela izingane futhi exoxa nazo. Lokhu kugcwalisa isidingo sezingane esibalulekile esingokomzwelo.

Ngokuqinisekile, iBhayibheli liwumthombo onokwethenjelwa kakhulu weseluleko nezimiso ezinengqondo zomkhaya okahle. Ubaba ozinakekela ngentshiseko izidingo zomkhaya wakhe ezingokomoya, ezingokomzwelo nezingokwenyama ufeza umthwalo wemfanelo awabelwe uNkulunkulu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela