Ubani Okufanele Afundise Izingane NgoNkulunkulu?
“Umfundi akangaphezu komfundisi wakhe, kodwa wonke umuntu ofundiswe ngokuphelele uyoba njengomfundisi wakhe.”—LUKA 6:40.
ABANYE abazali bazizwa bengakufanelekeli ukufundisa izingane zabo ngoNkulunkulu. Bangase bacabange ukuthi abafundile kangako noma abanalo ulwazi olwanele ngenkolo, ngakho ngeke babe abafundisi abakahle. Ngenxa yalokho bangase bathambekele ekushiyeleni lo msebenzi obalulekile esihlotsheni noma kumfundisi.
Nokho, ubani ngempela osesimweni esikahle sokufundisa izingane amaqiniso enkolo nezimiso zokuziphatha? Cabangela lokho iBhayibheli elikushoyo ngale ndaba, bese ukuqhathanisa nalokho okutholwe abacwaningi.
Iyini Indima Kababa?
Okufundiswa iBhayibheli: “Boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.”—Efesu 6:4, IBhayibheli lesiZulu elivamile.
Okutholwe Abacwaningi: Obaba bazuza kanjani uma benezinkolelo eziqinile ezingokwenkolo? Isihloko esithi Fathers’ Religious Involvement and Early Childhood Behavior, esanyatheliswa ngo-2009, sathi: “Ukuba yilungu lenkolo kungasiza amadoda ukuba abe obaba abangcono. Inkolo yenza abantu baxhumane nabanye futhi ibafundise izindlela zokuphila ukuphila okuhle.”
IBhayibheli ligcizelela kakhulu ukubaluleka kwendima kababa ekukhuliseni nasekuqeqesheni izingane. (IzAga 4:1; Kolose 3:21; Hebheru 12:9) Kodwa ingabe leso seluleko siyasebenza namuhla? Ngo-2009, i-University of Florida yanyathelisa isihloko esixoxa ngethonya obaba abanalo ezinganeni zabo. Abacwaningi bathola ukuthi izingane ezinobaba abafake isandla kakhulu ekukhuleni kwazo zivame ukuba nozwela nokuzethemba. Ezabafana azivamile ukuba yizichwensi futhi ezamantombazane zivame ukuba nempilo engcono ngokwengqondo. Ngokuqinisekile, iseluleko seBhayibheli sisabenza.
Ibaluleke Kangakanani Indima Kamama?
Okufundiswa iBhayibheli: “Ungawushiyi umthetho kanyoko.”—IzAga 1:8.
Okutholwe abacwaningi: Ngo-2006, i-Handbook of Child Psychology yathi: “Ngokwesilinganiso, omama bachitha isikhathi esiphakathi kwamaphesenti angu-65 nangu-80 ngaphezu kwaleso esichithwa obaba bekhuluma futhi bekanye nezingane zabo futhi lezi zilinganiso ziyafana emazweni ahlukahlukene.” Njengoba umama enesikhathi esingako nezingane, izinto azikhulumayo, azenzayo nendlela acabanga ngayo kunethonya elikhulu kakhulu ekukhuleni kwengane.
Lapho umama nobaba besebenza ndawonye ekufundiseni izingane zabo iqiniso ngoNkulunkulu, basuke bezinika okungenani izipho ezimbili eziyigugu. Esokuqala, izingane zithola ithuba lokwakha ubuhlobo noYise wasezulwini, ubuhlobo obungazizuzisa ukuphila kwazo konke. Esesibili, zizibonela ngokwazo ukuthi indoda nomfazi kufanele babambisane kanjani ukuze bafinyelele imigomo ebalulekile. (Kolose 3:18-20) Nakuba abanye bengase bakwazi ukusiza abazali, empeleni ngabazali abanomthwalo wokufundisa izingane zabo ngoNkulunkulu nangokuthi ufuna umkhaya uphile kanjani.
Nokho, abazali kufanele bazifundise kanjani izingane zabo? Iziphi izindlela ezingase ziphumelele kakhulu?