Intombazanyana Enethemba Eliqhakazile
ABANYATHELISI be-Phaphama! bathola incwadi evela entombazaneni enguStephanie eneminyaka engu-12 ubudala. Wabhala: “Ngifuna ukunitshela ukuthi izincwadi zenu zangisiza kanjani esikoleni. Muva nje sinikezwe umsebenzi onesihloko esithi ‘Ukuhlukahluka Kwamasiko.’ Mina nomkhaya wakithi sabheka ezincwadini, sasika ukwaziswa nezithombe ezazifanelana nalesi sihloko. Ngabe sengikunamathisela oqwembeni lokho esikutholile.” Uthisha kaStephanie wathi ikilasi malikhethe imisebenzi emihlanu elalicabanga ukuthi iphuma phambili. UStephanie uyabhala: “Ngakusasa ngathola ukuthi nowami wawuphakathi kwaleyo emihlanu ephume phambili.”
Omunye wemithombo uStephanie akhetha kuyo kwakuyi-Phaphama! ka-October 22, 1998, esembozweni enesihloko esithi “Ingabe Bonke Abantu Bayoke Bathandane?” Njengomunye woFakazi BakaJehova, uStephanie ukholelwa ngokuqinile ukuthi abantu abanamasiko ahlukahlukene bangaphila ndawonye ngokuthula. Ngempela, uyingxenye yobuzalwane bomhlaba wonke lapho ababeyizitha—kuhlanganise amaTutsi namaHutu, amaJalimane nabaseRussia, abase-Armenia nabaseTurkey, namaJapane namaMelika—beye bahlanganiswa iqiniso leBhayibheli. Balwela ukulingisa uMdali wabo ndawonye. Ngayiphi indlela? Omunye wemibhalo yeBhayibheli uStephanie ayisebenzisa emsebenzini wakhe, uyaphendula: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi asebenze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) OFakazi BakaJehova bayazikhandla ukuze babonise ukungakhethi okufanayo ekusebenzelaneni kwabo nabanye.
UStephanie ubheke phambili ekugcwalisekeni kwesithembiso seBhayibheli sokuthi ngokushesha uMbuso kaNkulunkulu uzoletha izimo zokulunga emhlabeni wethu. (IsAmbulo 21:3, 4) Ezweni lapho intsha eningi ibhekana nekusasa ngokwesaba nangokungaqiniseki, yena uvelele njengonethemba eliqhakazile.