Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
Imihlangano yaminyaka yonke yoFakazi BakaJehova ingezinye zezenzakalo ezivelele onyakeni. Uchungechunge lwemihlangano yesigodi eyaqala maphakathi no-1999 yayinesihloko esithi “IZwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho.” Isimiso sagcizelela ukubaluleka kokufunda iBhayibheli nsuku zonke futhi lokhu sakugcizelela ngedrama ekhuluma ngoJakobe no-Esawu. Izinkulumo zazihlanganisa nokubukeza iziprofetho ezisencwadini kaDaniyeli nengxoxo eningiliziwe yencwadi kaHabakuki. Isimiso saqokomisa ukuba seduze kwesiphelo salesi simiso esidala. Ngaphandle kokuxoxa ngomsebenzi wokufakaza owenziwayo manje, sagxilisa izingqondo zethu emathembeni ajabulisayo ahlanganiswe esithembisweni sikaJehova esithinta inhliziyo ‘sokwenza zonke izinto zibe zintsha.’—IsAm. 21:5.
Ababesemhlanganweni bakujabulela ukuthola incwadi entsha ethi, Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli! ngezilimi ezingu-47. EKorea kwaba nesinye isizathu sentokozo—yebo, intokozo enkulu—lapho kukhululwa i-New World Translation of the Holy Scriptures ngesiKorea.
Okumangalisayo ukuthi nakuba kwase kuyizinyanga impi ibambene eYugoslavia, kwakhululwa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiSerbia. Ngenxa yokubambisana eduze namanye amazwe, imiBhalo YamaKristu YesiGreki yakhululwa nangesiCroatia nangolimi lwaseMacedonia emazweni angomakhelwane. Lezi zincwadi zamukelwa ngezinyembezi zenjabulo.
Kwakunesizathu esikhethekile sentokozo eYugoslavia. Ngenyanga ka-March, leli zwe lalizilungiselele impi. Ukuqhunyiswa kweBelgrade ngamabhomu kwakuyosho ukuthi izingcingo zazingeke zisebenze kahle, futhi kwakuyoba nzima ukuthumela umsebenzi wabahumushi baseBelgrade endaweni yokunyathelisa eJalimane. NgoLwesibili, ngo-March 23, kwacaca ukuthi izindiza zazizohlasela kangangokuthi abazalwane baseBelgrade ababesebenza ngale ncwadi eyayizokhululwa emhlanganweni banquma ukusebenza ubusuku bonke. Ngakusasa ekuseni, ukwaziswa okwakudingeka kwase kuthunyelwe. Ngemva kwamahora ambalwa, kwaqhunyiswa amabhomu. Nakuba laphoqeleka ukuba licashele amabhomu endaweni ethile, iqembu labahumushi lalijabulile!
Intokozo yalo yaphelela ngemva kwezinyanga ezine ngesikhathi kukhululwa iBhayibheli eselinyathelisiwe emhlanganweni waseBelgrade, okwahambisana nesasasa elikhulu. Lapho wonk’ umuntu esethole ikhophi yakhe, ngokushesha indawo yomhlangano yayisikhala ibhungane. Abazalwane babeya ezindaweni zabo zokulala beyofunda iBhayibheli! Njengoba bezungezwe izwe elikuhlukana kwalo ngobuzwe nangenkolo kuye kwaphumela ekubulaleni nasenzondweni evuthayo, babeqiniseka ukuthi asikho isipho esihle esidlula lesi ababengasithola.
Ngempelasonto elandelayo, kwaqhutshwa umhlangano wokuqala ochungechungeni lwengu-8 e-Indonesia, izwe elikhulu eMpumalanga nalo eliye lahlushwa udlame lwezimpi zenkolo nezombangazwe. Emhlanganweni waseJakarta, kwakunabangu-15 666 bevela ezindaweni ezihlukahlukene zezwe. Kwakuqala ngqá ukuba ubhapathizo lwenzelwe khona kanye endaweni yomhlangano, futhi yayinkulu injabulo njengoba izethameli zazibukela kuma-TV amakhulu ngesikhathi kubhapathizwa abangu-430. Nokho, injabulo yaba nkulu nakakhulu lapho kumenyezelwa ukuthi i-New World Translation ephelele ngesi-Indonesia yayisinyathelisiwe futhi cishe yayizothalakala maduze nje ukuze ihanjiselwe abantu.
Ukulandela Indlela KaNkulunkulu Yokuphila
Yebo, unyaka wenkonzo ka-1999 waqala ngo-September 1998. Ezinyangeni zokuqala zonyaka wenkonzo, kwakuqhutshwa iMihlangano Yesigodi ‘Yendlela KaNkulunkulu Yokuphila.’ Eminingi yayisiqhutshiwe e-United States naseYurophu. Kodwa kusukela ngo-September kuya ku-January, kwaqhutshwa eminye imihlangano yezizwe engu-13 e-Afrika, Asia, Australia naseLatin America.
Umhlangano wokuqala kulo nyaka wenkonzo ka-1999 waba seSão Paulo, eBrazil, kusukela ngo-September 18 kuya ku-20, 1998. Le mihlangano yaqhutshwa kanye kanye nakwezinye izindawo ezingu-16, kuhlanganise nasenkundleni yezemidlalo enkulu iMaracanã Stadium, eRio de Janeiro. Kwafika izinkulungwane zezihambeli zivela emazweni angu-15. Phakathi kwazo kwakunezithunywa zevangeli ezingu-54, ezingu-23 kuzo ezazisuke eBrazil zayokhonza eMozambique. NgeSonto, ngesikhathi kwethulwa izwi lesinqumo elalithi indlela kaNkulunkulu iyindlela yokuphila engcono kunazo zonke, ingqikithi yabangu-516 333 kulezi zindawo ezingu-17 yalamukela ngo-Sim (Elethu) ohlokomayo!
Ngayo leyo mpelasonto, ezinye izihambeli ezingu-63 886 zagcwala e-Olympic Stadium eSeoul, eKorea. Ezinsukwini ezandulela umhlangano, izihambeli zaphesheya ezingu-3 046 zahlangatshezwa oFakazi baseKorea abaningi esikhumulweni sezindiza, kukhona nodade ababevunule ngezendabuko ezimibalabala. Ngemva kwenkulumo yokugcina, njengoba izihambeli zakwamanye amazwe zilibangisa emabhasini, izinkulungwane zababeze emhlanganweni zama ngapha nangapha, futhi njengoba izihambeli zidlula, oFakazi baseKorea babethi ezivakashini zabo, “Siyobonana ePharadesi!” bethi futhi, “Siyanithanda!” Abaningi babechiphiza izinyembezi zenjabulo.
Zingakomi nakoma izinyembezi zezihambeli zaseSeoul kwagadla iSiphepho uGeorges ePuerto Rico. Umhlangano wezizwe olandelayo kwakumelwe uqale ePuerto Rico ngoLwesihlanu olulandelayo. Wawusazoba khona? Ngenxa yesivunguvungu, kwakulindeleke ukuba sonke lesi siqhingi singabi nagesi amasonto amaningi. Amanzi avalwa; isikhumulo sezindiza iSan Juan savalwa; imizi yabazalwane bendawo ababezokwamukela amakhulu ezihambeli zaphesheya yathinteka. Ngenxa yale nhlekelele, yindawo yomhlangano eyodwa kuphela kwezine eyayingase isetshenziswe, iHiram Bithorn Stadium. Nokho, okumangalisayo ukuthi inkinga ngayinye yanqotshwa. Ababekhona kulowo mhlangano babengu-15 065 sebebonke!
Ngemva kwesikhathi esingaphezu kwenyanga, kusukela ngo-October 30 kuya ku-November 1, kwaqhutshwa imihlangano yezizwe emithathu e-Australia (eBrisbane, eMelbourne, naseSydney). UJohn Barr, uMilton Henschel, uLloyd Barry noTheodore Jaracz, beNdikimba Ebusayo, babekhona kule mihlangano. Laba ababili bokugcina bake bakhonza e-Australia. Kwakukhona nezithunywa zevangeli eziningi ezishisekayo ezazisuke e-Australia.
Ngasekupheleni kuka-1998, kwaba neminye imihlangano yezizwe e-Afrika. ENairobi, eKenya, abazalwane basemazweni angu-16 bajabulela ukuba phakathi kwabangu-24 502 ababuthana eMoi International Sports Centre ngo-December.
Ngesonto elilandelayo kwaba nemihlangano yezizwe emine eNingizimu Afrika, (eGoli, eKapa, ePitoli naseThekwini), kwaba nengqikithi yabangu-83 858, futhi kwabhapathizwa abangu-1 626. Le mihlangano yezizwe yalandelwa uchungechunge lwemihlangano yesigodi engu-18. Yahanjelwa abangu-53 901 futhi kwabhapathizwa abanye abangu-1 065. Kwakhululwa i-New World Translation ephelele ngesiTsonga. Uthando nobunye obabonakala kulabo ababekhona kule mihlangano kwakuwubufakazi obubonakalayo bokuthi bayifanela ngempela incazelo eyanikezwa uJesu lapho ethi: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”—Joh. 13:35.
Ngayo leyo mpelasonto yokuphela kuka-December, kwaba nomhlangano e-Abidjan, eCôte d’Ivoire, eNtshonalanga Afrika. Isimiso sasiqhutshwa ngesiFulentshi, isiNgisi nesiTwi. Nakuba kunabamemezeli abangaba ngu-6 000 kuphela kuleli zwe—mhlawumbe nabangu-500 ababevela ngaphandle—ababekhona bafinyelela enanini elimangalisayo lika-16 009 lababefuna ukufunda indlela kaNkulunkulu yokuphila!
Ekugcineni, ekuphetheni kwalolu chungechunge lomhlaba wonke lwemihlangano yezizwe engu-32, abamemezeli baseCosta Rica abangaphezu kuka-19 000 bakujabulela ukuba nabangu-34 431 ababebuthene lapho ngezinsuku ezintathu zokuqala ku-1999. Esikhumulweni sezindiza oFakazi bendawo abangaba ngu-4 000 bahlanganyela ekwamukeleni izihambeli ezafika ngezindiza ezihamba nakwamanye amazwe ezingu-42. Bama ngapha nangapha beshaya izandla futhi bebingelela izihambeli ezifikayo ngokuthi “Bienvenidos, hermanos!” (Siyanemukela, bafowethu!) Uthando olwaboniswa abazalwane lwaze lwenza nomdayisi othile esikhumulweni sezindiza ukuba acele isifundo seBhayibheli sasekhaya!
Lolu chungechunge lwemihlangano yezizwe lwaba nomphumela omuhle kwabangebona oFakazi ababona uthando olwaluboniswa izihambeli. Lwaqinisa nezibopho phakathi koFakazi BakaJehova basemazweni ahlukahlukene. Lwaluwubufakazi obubonakalayo bokuthi empeleni uJehova uqoqa “isixuku esikhulu . . . kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi”—abantu ababheke kuJehova naseNdodaneni yakhe, uJesu Kristu, ukuze basindiswe—ngombono wokuba balondolozwe bangene ezweni laKhe elisha lokulunga.—IsAm. 7:9, 10.
Ukuthanda “Ngesenzo Nangeqiniso”
Uthando oFakazi BakaJehova ababonisana lona ludlulela ngalé kokumoyizela nokuxhawulana emaHholo OMbuso abo. Luhilela okungaphezu kokubonisa umoya wokungenisa izihambi ezihambelini zomhlangano zakwamanye amazwe. Njengabafundi beBhayibheli, oFakazi BakaJehova bazi kahle ukuthi kweyoku-1 Johane 3:17, 18 kulotshwe ukuthi: “Noma ubani onezinto zalelizwe zokusekela ukuphila futhi abone umfowabo edinga kodwa nokho amvalele umnyango wobubele bakhe besisa, uthando lukaNkulunkulu luhlala kuye ngayiphi indlela? Bantwanyana, masibeni nothando . . . ngesenzo nangeqiniso.” Izivunguvungu ezinamandla, isomiso nezimpi zombango ngonyaka odlule kwenze abantu bakaJehova abaningi baba sezimweni ezinjalo zokuntula. Abazalwane bomhlaba wonke basabela kanjani?
Ngo-September 1998, izikhukhula zabhubhisa iChiapas State eMexico. Ngemva kwamasonto ambalwa, iSiphepho uGeorges sahlasela eSt. Kitts, eNevis, ePuerto Rico, eDominican Republic naseHaiti sabe sesihlasela ingxenye eseningizimu ye-United States. Cishe ngemva kwenyanga kwenzeke lokho, iSiphepho uMitch, sivunguza ngamakhilomitha angu-290 ngehora, sagasela eHonduras, sahlasela izingxenye zeNicaragua, sabe sesilalisa uyaca e-El Salvador naseGuatemala ngaphambi kokuba sidambe eMexico. AmaHholo OMbuso angu-50 nawoMhlangano angu-2, nemizi yoFakazi BakaJehova engaphezu kuka-1 800 yadilika noma yaba sesimweni esibi kakhulu. Izitshalo zaba imvithi. Izimpahla zabantu zonakala. Kwezinye izindawo, wonke amabandla kwadingeka asuswe ezindaweni zawo.
Sasisikhulu isidingo sokudla, amanzi, okokwembatha nemithi. OFakazi basezindaweni ezazingavithizwanga yilezi zivunguvungu basabela masinyane. Kwezinye izindawo, bathi bangezwa nje ngalo monakalo, oFakazi baqala ukufika ehhovisi legatsha bephethe ukudla, okokwembatha nemali yokusiza abafowabo abangamaKristu. Lapho abazalwane babehluleka khona ukungena ezindaweni zenhlekelele ngezimoto noma ngamaloli athwele izimpahla zosizo, babesebenzisa izikebhe, amabhayisikili nojosaka. Abadala bendawo babenza konke ababengakwenza ukuze basize babuyisele uphahla emizini yabazalwane. Odokotela abangoFakazi banikeza usizo.
INdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova yaqondisa ukunikezwa kosizo lwezimali kanye nokuthunyelwa kokudla, izingubo nezimpahla zokwakha ezazidingeka kakhulu nezazivela emazweni aseduze. Lezi zinto zazithunyelwa ngezindiza eziqashiwe, imikhumbi namaloli. Abazalwane nodade ezindaweni okwakwenzeke kuzo izinhlekelele abazange bawuvale umlomo, balwazisa ngokujulile uthando abaluboniswa abazalwane bomhlaba wonke.
AmaKomiti Okwakha Esifunda, anjongo yawo iwukusiza ekwakheni amaHholo OMbuso, ajutshwa ukuba asize ekukhucululeni nasekulungiseni imizi. Amaqembu ase-United States angu-7 anezisebenzi zokuzithandela ezingaba ngu-30 lilinye ahamba ngezindleko zawo ayohlala isonto elungisa imizi yabanye oFakazi eSt. Kitts naseNevis. Ezinye izisebenzi zokuzithandela ezingu-600 zahamba ngendiza zaya ePuerto Rico ziyosiza emsebenzini wokulungisa nokwakha kabusha. Ngokuvumelana nesiqondiso seBhayibheli esikweyabaseGalathiya 6:10, bagxila ekusizeni abafowabo nodadewabo abangokomoya. Kodwa balungisa nophahla lwesikole nemizi yomakhelwane asebegugile ababengenazo izingane ezingabasiza. EDominican Republic, oFakazi bendawo bakhuculula indawo engasesibhedlela.
EPuerto Rico iqembu labazalwane laya edolobheni laseYabucoa elisentabeni liyosiza ekwakheni kabusha indlu eyayihlala uFakazi othile nomyeni wakhe ongeyena uFakazi. Omakhelwane babemhleke usulu lapho ethi uyazi ukuthi abafowabo abangamaKristu babezofika bazomsiza. Lapho abazalwane befika, wajabulisa okwengane. Ngamahora ambalwa nje, kwase kuqoqane izibukeli ezingaba ngu-200 ngaphesheya komgwaqo. Usuku lonke zazibukela ngesikhathi abazalwane besebenza. Ngemva kokufaka isicabha sangaphambili, abazalwane banikeza lo dade isixha sezimbali nezihluthulelo zendlu yakhe entsha. Lapho kukhanyiswa ugesi, omakhelwane bashaya izandla. Ngenxa yalokho abakubona ngalelo langa, abaningi abahlala kulowo mgwaqo ababebagwema oFakazi ngaphambili, manje base bethanda ukulalela isigijimi soMbuso.
Kanti eYurophu izikhukhula ezinamandla e-Ukraine ngo-November nokuzamazama komhlaba okwenzeka eNingizimu Melika, eColombia ngo-January kwadala enye inhlekelele. Futhi abantu bakaJehova banikeza usizo olufanayo olushukunyiswa uthando.
Ngesikhathi impi yombango iphinde idlanga e-Angola ngo-1999, kwaba nababaleki abangu-1 700 000. Abazalwane baye basebenza kanzima besiza abanye oFakazi ababa ababaleki, kanye nabanye abaningi, ukuba bathole izidingo eziyisisekelo zokuphila. Amathani angu-34 okudla nezingubo avela emagatsheni ase-Italy, ePortugal naseNingizimu Afrika abelwa labo okwakuye kwadingeka bashiye imizi yabo namadolobha akubo. Ezinye zalezi zimpahla zathunyelwa ngisho nasezindaweni eyayisabambene kuzo impi, lapho ukuqhuma kwamabhomu kuye kwaqhubeka khona izinyanga eziningi.
Lapho kuqala unyaka wenkonzo, igatsha laseCongo (eKinshasa) latshela iNdikimba Ebusayo ukuthi ngenxa yempi yombango, leli gatsha lalidinga izimpahla zokusiza abantu abangaphezu kuka-200 000. Kwenziwa amalungiselelo aphuthumayo okuba amagatsha aseBrithani, eBelgium, eFrance, eSwitzerland naseNingizimu Afrika athumele ukudla nezimali zokuthenga izimpahla ezengeziwe kwamanye amazwe ase-Afrika. Kwaqoqwa amathani angaphezu kuka-75 ezimpahla zosizo zivela koFakazi BakaJehova eYurophu ayesethunyelwa ngendiza.
Kodwa yayingakapheli impi eCongo. Kwaqubuka izinxushunxushu ezintsha. Ngo-February 7, 1999, umkhaya waseBethel endlunkulu yomhlaba wonke eNew York wafundelwa lesi saziso esiphathelene nesimo saseDemocratic Republic of Congo: “Ngenxa yempi yombango, abamemezeli abangu-30 000 eMpumalanga yezwe bathembele ezimpahleni zosizo. Ihhovisi legatsha eKinshasa alikwazi ukuxhumana nalaba bazalwane ngenxa yempi. Nokho, iNdikimba Ebusayo ivumile ukuba iBelgium ihambise izimpahla zosizo ngendiza. Uhambo lokuqala luzoba kuleli sonto, olwesibili luqale ngo-February 20. Kolwesibili kuzothunyelwa neqembu labezokwelapha.” Abazalwane baseYurophu basebenzisana namakomiti angu-11 amiswe ngokomthetho akhiwe oFakazi BakaJehova eMpumalanga yeCongo.
Abanye ababaleki babebalekele emazweni aseduze. Izinkulungwane zazilibangise eZambia engumakhelwane. Izinhlangano ezinikeza usizo zanikeza usizo olukhulu lapho; oFakazi banezela ngezibhalala, izingubo nezinto zokupheka nezokulima. Lapho umzalwane osekhulile enikwa isibhalala, waquleka. Kwakungakaze kwenzeke ukuba anikezwe isibhalala esisha esizoba esakhe. Lapho umbonisi wesifunda eya eZambia, wathola umzalwane okhubazekile ngaphansi kwesihlahla. Lo mbonisi wamgibelisa ebhayisikilini lakhe wamqhuba. Uma indawo ikhuphukela kakhulu, lo mzalwane wayehla, agaqe ngamadolo aze afike phezulu, emadolweni ebophe iziqephu zenjoloba. Ekugcineni, bafika bephephile eKaputa, eZambia. Igatsha lalapho labanika bonke izincwadi zesiSwahili ababezozisebenzisa esifundweni. Ngo-April, emhlanganweni owawunababaleki abangaphezu kuka-2 000, abazalwane ababevela ehhovisi legatsha babanikeza isikhuthazo sothando esingokomoya. Futhi ababaleki—abantu abadala nezingane—abaningi bengenawo amaculo, bahlabelela ngezinhliziyo zabo zonke izingoma ezinjengethi “UJehova Ungumkhululi,” “UJehova Uyisiphephelo Sethu,” “Siyakubonga, Jehova,” nethi “Isithembiso SikaNkulunkulu SePharadesi.”
Intshiseko Ekushumayeleni Izindaba Ezinhle
Nokho, okuphawuleka nakakhulu uthando oluboniswa oFakazi BakaJehova ekumemezeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Besabela esiqondisweni esanikezwa uJesu Kristu, bazama ukufinyelela bonke abantu abangabafinyelela ngezindaba ezinhle. (Marku 13:10) Ngokwenza kanjalo basuke bezinikela futhi benikela nangempahla yabo ngokukhululekile. Kulo nyaka odlule, inani eliphakeme labangu-5 912 492 lahlanganyela kulo msebenzi, futhi lachitha amahora angu-1 144 566 849 kule nkonzo. OFakazi abaningi bahlela izimo zabo ukuze bakhonze njengamaphayona avamile noma asizayo.
La maphayona anezizinda ezihlukahlukene. Amaningi ayintsha esiqedile esikoleni noma ehlele izifundo zayo zesikole ngendlela yokuba ikwazi ukuphayona nakuba isafunda. Amanye angomama bemizi; amanye angamadoda asebenzayo ukuze ondle imikhaya yawo. Umdala ongumKristu noyinhloko yekhaya eSt. Lucia ukwazi ukuphayona ngoba uyaqikelela ukuthi ‘ugcina iso lakhe lilihle.’ (Math. 6:19-22) Ngesikhathi evulelwa ithuba lomsebenzi wokuziphilisa onemali muva nje, wawenqaba ngoba kwakuzosho ukuthi kumelwe asebenze amahora engeziwe kulo msebenzi, aphuthe emihlanganweni yobuKristu, ashiye umkhaya wakhe izinyanga eziyisithupha futhi ayeke nenkonzo yokuphayona. Wakhetha ukufuna uMbuso kuqala, eqiniseka ukuthi uJehova uzoqhubeka ebusisa imizamo yakhe yokunakekela umkhaya wakhe.
Sekuyisikhathi eside uFakazi wase-Antigua oneminyaka engu-95 ejabulela inkonzo yamaphayona asizayo kanye noma kabili ngonyaka. Echaza isizathu sokuqhubeka enza lo mzamo, uthi: “UJehova ungiphe amandla engeziwe, futhi lokhu ngikubheka njengethuba lokuba ngimbonise ukuthi ngiyamthanda.”
Udade waseDenmark oneminyaka eyevile ku-60 wanquma ukuthi uzoba iphayona elisizayo. Ngani? Wachaza: “Ngicabanga ukuthi ukufunda kwami iBhayibheli okwangishukumisa. . . . Ngokwesibonelo, ngiyaqiniseka ukuthi njengoba nje ithelevishini ingaba nethonya elibi kuwe, ukufunda iZwi likaJehova nsuku zonke kungaba nethonya elihle kuwe. Kwangikhuthaza kakhulu lokhu.”
Ngenxa yokucindezeleka okwandayo abantu abakutholayo yonke indawo lapho bezilungiselela izidingo zabo ezingokwenyama, ngo-January 1999 iNdikimba Ebusayo yenza ushintsho emahoreni afuneka kumaphayona avamile (yawanciphisa asuka ku-90 aya ku-70 ngenyanga) nakwasizayo (asuka ku-60 aya ku-50). Yeka isibusiso okube yiso lokhu! Kwenze abaningi abebevele bephayona baqhubeka, futhi kwabhalisa nabanye abayizinkulungwane. Kwabaningi, kwaba ubufakazi obengeziwe bokuthi “iNkosi inomusa.”—1 Pet. 2:3.
Ezinyangeni ezalandela lolu shintsho, inani lababhalisela inkonzo yamaphayona avamile egatsheni lase-Australia landa ngamaphesenti angaphezu kuka-400. EColombia ukwanda kwaba ngamaphesenti acishe abe ngu-300. E-Ukraine, inani lamaphayona lenyuka zinyanga zonke, futhi umbiko ubonisa ukwanda ngamaphesenti angu-42 kunawangonyaka odlule. EMicronesia, ngokwesilinganiso, ebandleni ngalinye kwenezelwa iphayona elingaphezu kwelilodwa. ELiberia, lapho abafowethu abaningi bedla khona imbuya ngothi, usuku nosuku bephila ngabakuthola ngokudayisa izinto ezingatheni, inani lamaphayona avamile landa izikhathi ezingu-8 zilandelana ngemva koshintsho lwamahora afunekayo.
Izinhlu zamaphayona asizayo nazo zanda. Ezinyangeni zokuqala ezintathu zika-1999 e-Austria, ayengaphezu kwawangonyaka ongaphambili ngamaphesenti angu-56. Ngaso leso sikhathi, iMalaysia yabika ukwanda kwamaphayona asizayo ngamaphesenti angu-103. IDenmark yathola ukwanda ngamaphesenti angu-91 ezinyangeni zokuqala eziyisithupha zonyaka. EKorea, lapho abantu bethanda ukwandisa umsebenzi ngo-January, abantu abangamaphesenti angu-57 babesenkonzweni yokuphayona yohlobo oluthile ngaleyo nyanga.
Ngesikhathi esifanayo, uhlelo oluthi “Amaphayona Asiza Amanye” luyaqhubeka luveza imiphumela emihle. Udade waseBandleni LaseFilipino e-Anchorage, e-Alaska, wathi: “Sengineminyaka engu-11 ngiseqinisweni. Inkonzo yasensimini ngangiyenza nje sakugcina icala, ngoba ngangiyenza ngingenamigomo engqondweni.” Kodwa ngemva kokusebenza isikhathi esithile nephayona lasebandleni, inkonzo yasensimini yaba nenjongo kuye. Wakuqaphela ukuphuthuma kwalo msebenzi. Waba nesithakazelo ngokwengeziwe kubantu futhi wakwazi ukuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya. ENingizimu Afrika, udade oyiphayona wasiza omunye ummemezeli ukuba athole ukwaneliseka okukhulu ngokuxoxa nabantu abadlulayo, angalindi nje kuphela ukuba abantu baze baphendule i-intercom. Babeye bahlale phansi ndawonye baxoxe ngemigomo ehlukahlukene abangazibekela yona enkonzweni. Lapho kuphela isimiso sezinyanga eziyisithupha, lo mmemezeli wayeseyiphayona elivamile. Ekanye nephayona elalimsiza, usethola intokozo enkulu enkonzweni kunanini ngaphambili.
Iqiniso LeBhayibheli Elinyathelisiwe
Kusukela ezinsukwini zikaMose, uJehova uye walungiselela imfundo engokomoya ebhalwe phansi. Njalo nje ibigcizelelwa ngokufundiswa ngomlomo. Kodwa ukwaziswa okubhalwe phansi bekulokhu kuyisici esibalulekile ekusakazeni izindaba ezinhle. IBhayibheli nezincwadi ezilichazayo kuye kwanyatheliswa ngamanani amakhulu. Kulo nyaka odlule uwodwa, oFakazi BakaJehova banyathelisa amakhophi e-Nqabayokulinda ne-Phaphama! angu-1 026 706 628; izincwadi ezingu-41 579 805, izincwajana ezingu-71 221 759 kanye nenqwaba yamapheshana. Lo msebenzi wenziwa ngezilimi ezingu-332.
Ezindaweni eziningi abantu baye bazuza kulo msebenzi. Iziqhingi zama-coral ezakha iTuvalu zinabantu abangu-9 403 kuphela. INqabayokulinda inyatheliswa ngolimi lwabo, futhi abantu abangu-45 manje bakhulekela uJehova kule ndawo. Nakuba iCentral African Republic iqhelelene nezindawo zasemadolobheni, INqabayokulinda ne-Phaphama! kuyasakazwa ezindaweni eziningi—ngesi-Arabhu, isiFulentshi, isiLingala, isiNgisi, isiSango nesiZande. KunoFakazi abangu-2 305 kulelo zwe, futhi eSikhumbuzweni sanyakenye kwaba khona inani eliphindwe izikhathi ezingaphezu kwezinhlanu. I-Angola ibhuqabhuqwa impi yombango futhi abantu abaningi babuswezi, kodwa kulo nyaka ophelile INqabayokulinda yaqala ukuphuma nyanga zonke ngesi-Umbundu ukuze kuzuze izifunda ezimbili zoFakazi BakaJehova e-Angola kanye nabantu abaningi ababasizayo ngokomoya. E-Ukraine kwahanjiswa omagazini abangaphezu kwezigidi ezingu-26 kulo nyaka ophelile. Ngemva kokufuna uNkulunkulu weqiniso iminyaka engaphezu kwengu-20, enye indoda yagculiseka ukuthi ilitholile iqiniso lapho ifunda i-Phaphama! eyodwa. Abamemezeli base-Ukraine abangu-107 045 bathokoza lapho bebona kubhapathizwa abangu-12 320 phakathi nonyaka.
EColombia ipheshana elithi Liyini Ithemba Ngabathandekayo Abafileyo? lanikezwa owesifazane owayekhathazekile. Wayengakaze ayithande inkolo, kodwa indodana yakhe yayibulawe ukuzamazama komhlaba, futhi le ndaba yabe isimthakazelisa. Laholela esifundweni seBhayibheli sasekhaya. ELithuania uFakazi othile wanikeza owesifazane incwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? Lona wesifazane wayeludinga ngokuphuthumayo usizo olunganikezwa uNkulunkulu kuphela. Wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya futhi ngokushesha wathuthukela ekuzinikezeleni nasobhapathizweni. Yebo, abaningi bayazazisa lezi zincwadi futhi zingamathuluzi ayigugu ekusakazeni izindaba ezinhle.
Ukufundiswa UJehova
Ngezindlela eziningi ezihlukahlukene, uJehova uyaqhubeka efundisa izinceku zakhe, ezihlomisela umsebenzi eziwenzayo manje, ezilungiselela nowesikhathi esizayo. (Isaya 54:13) Ngaphandle kwalokho, emazweni angaphezu kuka-230 abantu bamenyelwa ukuba bazozuza esimisweni sikaJehova semfundo esimangalisayo. Izigidi zabantu ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade’ ziye zasabela, futhi kulinganiselwa ukuthi inyanga ngayinye kulo nyaka ophelile, abantu abanjalo baqhutshelwe izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-4 433 884 mahhala. (IzE. 13:48) Yeka izibusiso abazithola lapho bezwa imiBhalo ikhuluma nabo ngendlela ababeyiqonda ngempela!
Imfundo uJehova ayinikeza ngenhlangano yakhe ihlanganisa nokuqeqeshwa okukhethekile emikhakheni ehlukahlukene. Nakulo nyaka, izinkulungwane zizuzile eSikoleni Senkonzo Samaphayona lapho ziqeda unyaka wokuqala zingamaphayona avamile. Phakathi nonyaka wenkonzo, emagatsheni angu-40 kwaqhutshwa iSikole Sokuqeqeshela Inkonzo. Abazalwane abafanelekayo baba khona bevela emazwekazini aseMelika, e-Asia, eYurophu, e-Afrika naseziqhingini zolwandle—amazwe angu-89 esewonke. Bangu-2 174 abathola le mfundo ekhethekile. Amalungu amaKomiti Egatsha amazwe angu-43 aya eWatchtower Educational Center ePatterson, eNew York, eyothola ukuqeqeshwa okukhethekile izinyanga ezimbili. Abafundi ababeseSikoleni SaseGileyadi, lapho bathola khona imfundo yeBhayibheli yezinyanga ezinhlanu ehlanganisa izici eziningi, banikezwa izabelo zokuba abashumayeli nabafundisi beZwi likaNkulunkulu emazweni angu-31 ahlukene.
Ngaphezu kwalokho, kwasungulwa isikole esisha sababonisi abajikelezayo eWatchtower Educational Center. Ikilasi lokuqala, elalinabangu-48, labhalisa ngo-May libhalisela imfundo eyayizothatha amasonto angu-8. Kwakukhona ababonisi besifunda nabesigodi base-United States naseCanada. Ukuqeqeshwa abakuthola kwakuhlukanisiwe, befunda ekilasini bese besebenza eMnyango Wenkonzo. Zonke izici zomsebenzi wabo zazibhekisiswa, futhi lokhu kuzobazuzisa kakhulu abazalwane nodade abayizinkulungwane eziningi emabandleni nasezifundeni abazikhonzayo. Amakhosikazi ababonisi abajikelezayo, ayehamba nabayeni bawo, achitha isikhathi sawo ePatterson enza izabelo zomsebenzi waseBethel nenkonzo yasensimini, esebenza namabandla aseduze. Isonto ngalinye ayelalela inkulumo eyayizowazuzisa ngokukhethekile wona kanye nabazalwane.
“Kuyophumela Ekubeni . . . Ubufakazi”
UJesu wabikezela ukuthi abalandeli bakhe ‘babeyohudulelwa phambi kwamakhosi nababusi.’ Izinga okwenzeke ngalo lokhu embulungeni yonke kuleli khulu lama-20 lenezela ebufakazini bokuthi siphila ezinsukwini zokugcina. Kungani kwenzeka lokhu? Akungoba oFakazi BakaJehova bengenamthetho. Kunalokho, ‘kungenxa yegama likaJesu Kristu’—ngoba baqaphela uKristu njengeNkosi yasezulwini, futhi njengoJesu, ‘abayona ingxenye yezwe.’ UJesu wabikezela nokuthi ‘kwakuyophumela ekubeni ubufakazi.’ (Luka 21:12, 13; Math. 24:9; Joh. 17:16) Kube njalo ngempela kulo nyaka ophelile wenkonzo. Emazweni amaningi izikhulu zanikezwa ubufakazi njengoba kwakwenziwa imizamo eqotho yokuvikela ilungelo loFakazi BakaJehova lokukhulekela ngaphandle kokuvinjelwa.
I-European Court of Human Rights yalifakela izibuko icala elalihilela oFakazi BakaJehova eBulgaria ngo-1998. Lalibangwe yini? Uhulumeni waseBulgaria wawungasabaqapheli ngokomthetho oFakazi BakaJehova, kanye namanye amaqembu enkolo angaba ngu-20. Babenqatshelwe ukuba badlulisele icala eNkantolo Ephakeme YaseBulgaria, ngoba phakathi kokunye, oFakazi BakaJehova abakholelwa kuZiqu-zintathu nakwezinye izimfundiso zeLobukholwa ezingasekelwe eBhayibhelini. Lokhu kwaholela ekuboshweni, ekuphazanyisweni kwemihlangano yokukhulekela nasekuthathweni kwezincwadi zenkolo. I-European Court yanxusa elaseBulgaria ukuba lixazulule le ndaba ngomoya omuhle noFakazi BakaJehova. Ngenxa yalokho, ngo-October 1998, iBulgaria yaphinde yabaqaphela ngokomthetho oFakazi BakaJehova. Kwabe sekuthunyelwa izithunywa zevangeli ezine zekilasi laseGileyadi le-106 eBulgaria ukuba ziyosiza abamemezeli bendawo ekuhlanganyeleni izindaba ezinhle zoMbuso nabantu balapho.
Izinkinga ezingokomthetho ezihilela oFakazi BakaJehova eFrance nazo ziholele ekunikezweni kobufakazi ezindaweni eziningi. OFakazi baye bahlanjalazwa obala. Izinhlangano ezimelene namahlelo ziye zanikeza imibiko emibi kwabezindaba ngabo. Ngo-1996 umbiko wasephalamende wachaza oFakazi BakaJehova ngokuthi ‘bayihlelo eliyingozi,’ kwathi ngo-January 1999 uhulumeni wafuna intela engamaphesenti angu-60 kuyo yonke iminikelo abayitholayo, nakuba lokhu kwakungakaze kwenziwe kwezinye izinkolo. OFakazi BakaJehova basabela ngokwenza umkhankaso wezinsuku ezintathu, owaqala ngo-January 29, 1999, lapho basakaza khona amakhophi ayizigidi ezingu-12 epheshana elithi People of France, You Are Being Deceived! (Bantu BaseFrance, Niyakhohliswa!).
Ngosuku lokuqala lwalo mkhankaso, kwaba nomhlangano nabezindaba ukuze bachazelwe lokho okwakwenziwa. Emini, iziteshi ze-TV nezomsakazo zase zikusakaza lokhu kwaziswa. Amaphephandaba nomagazini besizwe nabezifunda abangaphezu kuka-60 babika ngalo mkhankaso, kunezihloko ezinkulu ezinjengesithi “UJehova Wenza IFrance Ibe Ubufakazi” nesithi “Umkhankaso ‘Weqiniso’ Owenziwa OFakazi BakaJehova.”
Ngosuku lokuqala, abamemezeli abangamashumi ezinkulungwane basakaza leli pheshana ngaphandle kweziteshi zesitimela, emafektri, emahhovisi, ezitolo, ezimakethe nakwezinye izindawo. Bambalwa abalenqaba.
Unogada othile waya kumzalwane owayeshumayela eduze kwejele. Lapho ehanjiselwa ipheshana, lo nogada wathi: “Ngizodinga angaphezu kwaleli; kunenqwaba yabantu ngaphakathi.” Ngesikhathi abantu asebekhulile ababebuyela ekhaya labadala behamba ngebhasi, bathi badumele ngoba babengalitholanga leli pheshana. Umshayeli wathi labo ababelifuna abaphakamise izandla; wabe eseya lapho ayebone khona uFakazi futhi wacela inani elalidingeka.
Ngakolunye uhlangothi, emakethe edolobheni laseGrenoble, owesifazane owathola leli pheshana wathuka uFakazi owayemnikeze lona. Umzalwane wavele wazithulela. Kodwa abadayisi nabathengi, bedonswa ukumemeza kwalona wesifazane, bavele bampongoloza, bathi: “Mana Njalo Jehova!” Khona manjalo lo mphikisi wabe eseshay’ utshani.
Waba yini umphumela? Lo mkhankaso wawafaka ugqozi wonke amabandla aseFrance. Abaningi abase bepholile bezwa izinhliziyo zabo zibashukumisela ukuba bahlanganyele kulo mkhankaso okhethekile. Abamemezeli kulo lonke izwe bathi baneliseke ngokujulile ngokuthola ithuba lokuvikela ukholo lwabo ngale ndlela. Ihhovisi legatsha lathola izinkulungwane zezingcingo nezincwadi zivela emphakathini. Ezinye zazibandlulula. Eziningi zisekela. Kuyo yonke leyo mpelasonto abantu babecela ukuvakashelwa, futhi kwaqalwa izifundo zeBhayibheli eziningi.
Kuthiwani ngentela eyayifunwa uhulumeni? Ngenxa yesinyathelo esathathwa, izikhulu ziye zaboniswa izincwadi eziningi zomthetho eziphathelene noFakazi BakaJehova—ubufakazi ngempela! Isinqumo mayelana nentela sidlulisiwe, futhi siyoze sifike phezulu kuyi-European Court of Human Rights uma kudingeka.
Sekuyiminyaka eminingi iDolobha Lase-Oradell, eNew Jersey, e-U.S.A., liphazamisa ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle. Leli dolobha lama kwelithi oFakazi BakaJehova ngeke bayenze inkonzo yabo yasobala uma bengatholi imvume kuqala futhi bagqoke ibheji eligqamile. Yabhuntsha imizamo ephindaphindiwe yokubonisa umphathi-dolobha nomkhandlu wedolobha ukuthi azidingeki lezi zimfuneko ezingekho kumthetho-sisekelo. Ekugcineni, ukuze kuphikiswe lo mthetho wedolobha, kwafakwa icala kuyiDistrict Federal Court Yase-United States eSifundeni SaseNew Jersey. Eminyakeni engu-50 edlule, kwakuqala ukuba e-United States kwenziwe isenzo esinjalo ngenjongo yokuphoqelela ilungelo lethu lokuhlanganyela enkonzweni yasobala. Esikhalweni sethu esasiya enkantolo, kwakufaneleka ukuba sichaze uhlobo lomsebenzi wethu nemiBhalo osekelwe kuyo; ngakho kwanikezwa ubufakazi obuhle.
Ngo-March 8, 1999, iJaji leFederal District Magistrate lahlangana nabameleli bethu boMnyango Wezomthetho nabeDolobha Lase-Oradell futhi latshela abameleli bedolobha ukuba baguqule imithetho yalo. Ngo-March 16, emhlanganweni wabo womkhandlu wedolobha, umkhandlu nomphathi-dolobha benza isiphakamiso esikhulula izinhlangano zenkolo ezimfunekweni zemvume nebheji. Izindaba ezinhle sezingashunyayelwa futhi ngaphandle kwezithiyo ezingasekelwe kumthetho-sisekelo e-Oradell!
Noma nini lapho kuphathwa igama likaJehova noma abantu begama lakhe enkantolo, emhlanganweni wamalungu ephalamende noma eSishaya-mthetho, abantu “abasesikhundleni esiphakeme” okungenzeka abasizwa njalo isigijimi soMbuso, banikezwa ubufakazi. (1 Thim. 2:2) Kodwa ngezinye izikhathi, ithuba lokufakaza livele lizivelele futhi ubufakazi bufinyelela kude. Kube njalo eRussia.
Enkantolo eyayigcwele ikhuza phezulu eMoscow, eRussia, kusukela ngo-September 1998 kuya ku-March 1999 kwenziwa umzamo wokuzimisela wokuvala umsebenzi wenkolo woFakazi BakaJehova eMoscow. Kodwa esikhundleni sokuba ibavale umlomo oFakazi BakaJehova, le nkantolo yaba isigcawu esingavamile okwanikezwa kuso ubufakazi obunamandla.
IHhovisi Lomshushisi EMoscow, kamuva elajoyinwa uMnyango Wobulungisa WaseMoscow, uhlangene nenhlangano emelene namahlelo, yona ihlangene neSonto Lobu-Orthodox LaseRussia, bamangalela iBandla LoFakazi BakaJehova LaseMoscow ngamanga, befuna ukulihlakaza. Ngaphansi kwezimo ezivamile, inkantolo ethetha amacala angewona awobugebengu ayikwamukeli ukuhlaziywa kwezimfundiso nezinkolelo ezingokwenkolo phakathi enkantolo. Nokho, leli cala lalihilela izinkolelo nemikhuba yoFakazi BakaJehova, ngakho icala lagxila kulezi zinto.
Enkantolo, umshushisi wathi izincwadi zethu zidala ubutha obungokwenkolo. Kanjani? Sifundisa ukuthi siyinkolo yeqiniso. Ephendula lokho, ummeli wabamangalelwa, naye ongomunye woFakazi BakaJehova, wanikeza ijaji nomshushisi iBhayibheli, wabe esefunda eyabase-Efesu 4:5: “INkosi yinye, ukholo lunye, ubhapathizo lunye.” Eqhubeka nokuvikela izimfundiso ezingokomBhalo, umfowethu waseRussia wabonisa ukuthi ayengamanga namanye amacala ayesohlwini lwezikhalo olwaluphethwe umshushisi, ecaphuna imiBhalo enjengoJakobe 1:27, Johane 17:16 nesAmbulo 18:1-4, ebonisa isidingo ‘sokuzehlukanisa nezwe.’ Umshushisi waphikisa ngokuthi lo mbhalo wokugcina, okhuluma ngeBabiloni Elikhulu, uthuka izinkolo zabanye abantu uma uzibiza kanjalo. Nokho, kamuva uprofesa wefilosofi nonguthisha waseyunivesithi waphawula: “Lapho ochwepheshe bebeka oFakazi BakaJehova icala ngenxa yezimfundiso zabo, abaze bangaqaphela ukuthi empeleni basuke bebeka iBhayibheli icala.”
Leli cala lavula ithuba lokuba kufundelwe inkantolo izincwadi zoFakazi BakaJehova umshushisi ayezibhale ohlwini lwezikhalo. Kodwa manje izingcaphuno zase zifundelwa ukuthola umongo ukuze izinkolelo zethu ziqondwe kahle, ngaleyo ndlela kwachithwa noma iziphi izizathu zokumangalelwa ngokuthi senza okubi. Ochwepheshe abavelele baseRussia bakhipha imibiko engokwesayensi engaphezu kweyisihlanu ephikisa okwakushiwo umshushisi. Kwagcizelelwa nezinqumo nezivumelwano zezinkantolo zakwamanye amazwe ezazithi inkululeko engokwenkolo mayihlonishwe.
Ingabe kwakuyomhambela kanjani uJesu ngaphansi komthetho waseRussia wango-1997 owavulela umshushisi ithuba lokuba athathe isinyathelo esingokomthetho? Phakathi nokuqulwa kwecala, ummeli waseCanada owayeseqenjini labameli babamangalelwa, naye ongomunye woFakazi BakaJehova, waphendula lo mbuzo. Watshela inkantolo: ‘Kuyiqiniso ukuthi uJesu wagxeka abaholi benkolo bosuku lwakhe, ethi amazwi akuJohane 8:44, 45 asebenza kubo: “Nina nivela kuyihlo uDeveli.” Njengoba kubonisiwe kuMathewu 15:2-9, uJesu wawalahla amasiko aphikisana neZwi likaNkulunkulu. Ngokwalokho akusho kuMathewu 10:34-37, ingabe uJesu wayezama ukubhidliza imikhaya? Cha, wayemane esho umphumela ongenakugwenywa obangelwa indlela abantu abenza ngayo izinto. ULuka 18:15, 16 ubonisa nokuthi uJesu wabiza izingane ezincane ukuba zize kuye. Ingabe ngokusho lokhu wayeyenga izingane esezikhulile nezisencane ukuba zingene ebuKristwini? Futhi kungani abaphikisi benkolo babefuna ukuyekisa uJesu ukushumayela? UJohane 11:47, 48 ubonisa ukuthi yingoba abaningi babelandela uJesu, futhi abefundisi abangamaJuda babenomuzwa wokuthi balahlekelwa amalungu. Sibona izici ezithile ezifuze lezo namuhla.’ Kwaba sobala ukuthi ukube uJesu Kristu ubeshumayela eMoscow, amacala abekwa oFakazi BakaJehova kuleli cala wayezobekwa wona naye. Kodwa ubani onephutha? Kusobala ukuthi yilabo abamangalayo, ngoba uJesu “akenzanga sono.”—1 Pet. 2:22.
Ephendula imibuzo ephathelene nezimfundiso zoFakazi BakaJehova eyayibuzwe umshushisi, ummeli waseRussia ongumfowethu wafunda iBhayibheli kuDaniyeli 2:44, 45 nakweyesi-2 Thimothewu 3:1-5. Ntambama ngalolo suku uFakazi oyisizukulwane sesithathu emkhayeni wakubo, omlando wakhe wokuphila ubonisa ukuthi oFakazi BakaJehova banamashumi eminyaka bekhona eRussia wethula ubufakazi. Ubufakazi bakhe baba nayisikhumbuzo sokuhlupheka oFakazi BakaJehova abakukhuthazelela ngesikhathi bedingiselwe eSiberia nangenxa yezinye izenzo zokucindezela ezenzeka ngeminyaka yokuvinjelwa umbuso waseSoviet.—Bheka i-Phaphama! ka-April 22, 1999, amakhasi 20-5.
Ummeli wesithathu wabamangalelwa naye wayemele oFakazi BakaJehova. Akayena omunye woFakazi BakaJehova, kodwa unengqondo ehluzeke kakhulu futhi ungumakad’ ebona ekulweleni amalungelo abantu. Ngisho kwayena wathola ithuba lokuvula iBhayibheli afundele inkantolo amavesi ambalwa. Ngemva kokukhuluma ngesAmbulo 14:1; 16:16; 20:6; namaHubo 37:9, 10, waphonsa inselele “esazini” senkolo somshushisi ukuba sikhombe lapho oFakazi BakaJehova benephutha khona. Sehluleka.
Okuthakazelisayo ukuthi ngo-April 29, 1999, uMnyango Wezobulungisa WaseRussia wabhalisa kabusha oFakazi BakaJehova njengenhlangano engokwenkolo. Nokho, umphumela walokho akuzange kube ukusulwa kwecala eMoscow noma isinqumo senkantolo esivuna oFakazi BakaJehova. Kunalokho, inkantolo yamacala ilindele ukuhlaziywa kwezincwadi zoFakazi BakaJehova yisigungu “sezazi” esikhethwe ijaji. Noma isiphi isiphetho okungafinyelelwa kuso, singaqiniseka ukuthi ‘siyophumela ebufakazini.’—Math. 10:18.
Ngaphandle kobufakazi obanikezwa izikhulu enkantolo, izindaba eziphathelene naleli cala zazisematheni emaphephandabeni naku-TV kulo lonke elaseRussia. OFakazi BakaJehova eRussia nabo banikeza abezindaba nomphakathi umbiko wansuku zonke wokuthi icala liqhubeka kanjani. Kwanikezwa izingcaphuno eziphelele zezincwadi ze-Watch Tower umshushisi ayezihlanekezela futhi kwanikezwa nomlando omningi woFakazi. Iziteshi okungenani ezingu-7 zezindaba zakwamanye amazwe zazinabameleli ngezikhathi ezihlukahlukene zokuqulwa kwecala. Amanxusa akwamanye amazwe nezinhlangano zamalungelo abantu zabonisa isithakazelo esiqotho kuleli cala. Ngo-March 11, iPhalamende LaseYurophu lakhipha isiphakamiso sokuba iziphathimandla zaseRussia zayo yonke iminyango ziqinisekise inkululeko engokwenkolo futhi ngaleyo ndlela zenze ngokuvumelana nezivumelwano uhulumeni wazo ayingxenye yazo. Ngenyanga elandelayo, amalungu angu-11 eParliamentary Assembly of the Council of Europe asayina enye incwadi eyayibonisa ukukhathazeka ngendlela elaliqhubeka ngayo icala eMoscow.
Okwamanje, abazalwane eMoscow nakulo lonke elaseRussia bazi kahle ukuthi ‘bayizinto zokuzondwa’ abaphikisi besigijimi soMbuso. ESt. Petersburg kwaqhunyiswa ibhomu yegesi emhlanganweni webandla. Umphikisi wahlasela udade osekhulile ngesikhali esenkonzweni yasensimini. Futhi ukwesulwa kwezivumelwano zokuqasha indawo kwenza oFakazi abangu-2 000 eMoscow baswela izindawo zomhlangano, baphoqeleka ukuba bazifune engxenye. Kwabe sekuthi ngo-August, ngesikhathi oFakazi BakaJehova benomhlangano eMoscow naphezu kwemizamo yokuwuvimba, kwadingeka baphume enkundleni ngoMgqibelo ntambama ngenxa yokusongelwa ngebhomu. Noma kunjalo, kwabhapathizwa abangu-600 kulowo mhlangano, futhi abantu abangaphezu kuka-15 100 babuya ngeSonto bezolalela ingxenye esele yesimiso.
Uma kucatshangelwa izingcindezi eziningi nezihlukahlukene oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke ababhekana nazo lapho befeza inkonzo yabo, kwakufaneleka ukuba abazalwane abasezikhundleni bahlanganise amakhanda ngo-April 1999 badingide izidingo eziphakamayo ‘zokuvikela nokumisa ngokomthetho izindaba ezinhle.’—Fil. 1:7.
OFakazi BakaJehova bayaqiniseka impela ukuthi njengoba iBhayibheli lisho, akukho sikhali esenzelwa ‘izinceku zikaJehova’ esiyophumelela. (Isaya 54:17) Futhi kuJeremiya 1:19, kwenziwa lesi sithembiso: “‘Bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba nginawe,’ usho uJehova, ‘ukuba ngikophule.’”
[Isithombe ekhasini 6]
UDaniel Sydlik ekhulula incwadi ethi “Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!” ngesiNgisi
[Isithombe ekhasini 6]
UChong-il Park ekhulula i-“New World Translation” ngesiKorea
[Izithombe ekhasini 12, 13]
ENairobi, eKenya—omunye wemihlangano yezizwe engu-32
[Izithombe ekhasini 14]
Phezulu kwesobunxele: Kulayishwa izimpahla zosizo eBelgium ezizothunyelwa e-Afrika. Ngezansi: Ababaleki abavela eCongo bayafundiswa futhi bahlanganyela ekuhla-beleleleni uJehova izindumiso ngezinhliziyo zabo zonke
[Izithombe ekhasini 20, 21]
Izincwadi zilungiselelwa ukuthunyelwa zisuka endlunkulu yomhlaba wonke