‘Usuku Olumnandi Kunazo Zonke Ekuphileni Kwethu’
UMSHADO uyisenzakalo esijabulisayo. Imibhangqwana eminingi iye yathi: “Kwakuwusuku olumnandi kunazo zonke ekuphileni kwethu.” Kodwa futhi kungase kube olunye lwezinsuku ezikhandlayo. Umakoti nomkhwenyana nemikhaya yakubo bangase bacindezeleke futhi bakhathale kakhulu ngenxa yazo zonke izinqumo namalungiselelo adingekayo kanye nabantu abaningi umakoti nomkhwenyana abazobabona ngalolo suku.
Umshado uphawula ukuqala kwendlela entsha yokuphila kombhangqwana. Kodwa ngeke kube yiwo kuphela othintekayo. Njengoba ukushada kwendodakazi, indodana, udadewenu noma umfowenu ngokuvamile kusho ukuthi lowo othandekayo usezoba nomuzi wakhe, ngokuvamile umkhaya uzoba nemizwa exubile.
Imishado iyashiyana emazweni ahlukene, futhi akunakwenzeka ukuba sixoxe ngayo yonke lapha. Lezi zihloko zizogxila kulokho osekuvamile emazweni aseNtshonalanga nakwamanye afana nawo. Lapho, ukushada kungabiza kakhulu. Abanye bachitha imali eshisiwe ngosuku lomshado, kuhlanganise nokuqasha ihholo noma indawo yokudlela lapho umcimbi uzokwenzelwa khona kanye nokudla okuzodliwa. Kulinganiselwa ukuthi e-Italy umshado ovamile ubiza ngaphezu kuka-R90 000. EJapane, njengakwezinye izindawo, leli nani lingase libe phezulu kakhulu. Ngokuvamile izindleko azikhokhwa umakoti nomkhwenyana. Zikhokhwa abazali.
Imishado iyibhizinisi elikhulu. Izinkampani eziningi zigqugquzela umshado “ophelele,” onayo yonke into. Phela, zithi “lolu usuku olumnandi kunazo zonke ekuphileni kwakho!” Ngakho zikunikeza inqwaba yezinto nezinkonzo “ezibalulekile” ekwenzeni usuku lwakho olukhulu “luphelele.” Kungase kube nezimemo ezihlukile ezenziwe ngendlela yakho, ingubo yakho yomshado okade wawuyifisa, izingubo namasudi ezimpelesi. Bese kuba izimbali, izimoto zokuhamba, mhlawumbe nendawo yokudlela lapho kuzokwenzelwa khona idili, umthwebuli wezithombe, iqembu labaculi nokunye. Uhlelo lwakho konke lokho umakoti nomkhwenyana abangase bakudinge, kanjalo nezindleko ezihambisana nakho, lungenza obaba abaningi bathuthumele.
Emiphakathini ehlukahlukene kugcizelelwa kakhulu ukubaluleka kokugcinwa kwesiko. Kunendlela ebekiwe okufanele zonke izinto zenziwe ngayo, futhi kulindeleke ukuba umakoti nomkhwenyana bavumelane nayo. Yebo, ziningi izinto okumelwe bazikhumbule, kodwa silinganiselwe isikhathi sokuzihlela zonke.
Ingabe lokhu kungokuthile okulangazelela ngenjabulo noma okulindele ngendumalo? Kungakhathaliseki ukuthi ithini impendulo yakho, ukucabanga ngakho konke okungase kuhileleke emshadweni kuphakamisa imibuzo eminingana. Kusho ukuthini ukushada ezinsukwini zanamuhla? Ingabe konke lokhu kuyadingeka ngempela ukuze ushade “kahle”? Bunganqotshwa kanjani ubunzima obungokoqobo nobungokomzwelo obuhlukahlukene okubhekwana nabo?
Naphezu kwakho konke ukucindezeleka, abaningi baye bahlela umshado ngokuphumelelayo futhi bawujabulela. Lokho abaye bakwenza kungase kusize abanye abalungiselela isenzakalo esifanayo. Futhi kunezimiso zeBhayibheli ezingasiza lapho kwenziwa amalungiselelo omshado, ukuze lolo suku lujabulise, lube mnandi futhi lwakhe bonke abakhona.