Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 3/8 k. 20-k. 22 isig. 3
  • Kuthiwani Uma Ngihlangana Nothile Engifunda Naye Esikoleni?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kuthiwani Uma Ngihlangana Nothile Engifunda Naye Esikoleni?
  • I-Phaphama!—2002
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isibopho Sokushumayela
  • Inselele Yokushumayeza Ontanga
  • Ngingazishumayeza Kanjani Izingane Engifunda Nazo Esikoleni?
    I-Phaphama!—2002
  • Kungani Kufanele Ngikhulume NgoNkulunkulu?
    I-Phaphama!—1994
  • Basha—Yini Eniyiphishekelayo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ngingaba Kanjani Nesibindi Sokuba Ngohlukile?
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 3/8 k. 20-k. 22 isig. 3

Intsha Iyabuza . . .

Kuthiwani Uma Ngihlangana Nothile Engifunda Naye Esikoleni?

“Ukuya esikoleni ngoMsombuluko kwakunzima. Uma kunabangane bami abangibonile, ngangibeka izaba eziwubuqili. Ngokwesibonelo, ngangitshela abangane bami ukuthi bengiqongelela imali yoMbutho Wezisebenzi.”—UJames waseNgilandi.

“Esikoleni babengigcona abantu ababengibonile. Kwakungicindezela kakhulu.”—UDébora waseBrazil.

KUNGANI laba basha babesaba kangaka ukubonwa abangane babo? Ingabe babenza okuthile okungekho emthethweni? Ngokuphambene nalokho, babehlanganyela emsebenzini ohloniphekile nobaluleke kunayo yonke eyenziwa emhlabeni namuhla. Babenza umsebenzi uJesu ayala ukuba wenziwe lapho ethi: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.”—Mathewu 28:19, 20.

Ngokwenhlolo-vo kaGallup yase-United States, intsha engaphezu kwamaphesenti angu-90 iyakholelwa kuNkulunkulu. Cishe isigamu sayo siya esontweni isonto ngalinye. Nakuba intsha eningi ihileleke emisebenzini exhaswa yisonto, njengokucula ekwayeni, bambalwa kuyo abaxoxa nabangane babo ngoNkulunkulu. Kodwa-ke, oFakazi BakaJehova baziwa emhlabeni wonke ngomsebenzi wabo wokushumayela endlini ngendlu. Izinkulungwane zentsha engoFakazi zihlanganyela kulo msebenzi.

Uma ungosemusha onguFakazi, akungabazeki ukuthi nawe kakade usuyahlanganyela kulo msebenzi wokushumayela. Kodwa lokhu akusho ukuthi ukuthola kulula ukwenza kanjalo. Njengentsha ecashunwe esethulweni, ungase ukuthole kucindezela ukucabanga ngokuhlangana nomuntu ofunda naye esikoleni lapho usendlini ngendlu. Osemusha waseBrithani okuthiwa uJennie uyavuma: “Enye yezinto ezimbi kakhulu kwakuwukuhlangana nengane ethile esifunda nayo esikoleni ngigqoke kahle, ngigqoke isiketi, ngiphethe nesikhwama sezincwadi—ngimuhle kunalokho engangiba yikho esikoleni.”

Ukwesaba ukuhlangana nezingane zasesikoleni kungaba kukhulu kangangokuba amanye amaKristu asemasha agcina esekhohlisa. Osemusha okuthiwa uLeon uthi: “Kunosemusha onguFakazi engimaziyo ogqoka ibhantshi elinesigqoko uma esenkonzweni, ukuze azivale ubuso uma ehlangana nabangane bakhe basesikoleni.” Kanti enye intsha imane ikugweme ukushumayela kwezinye izindawo. Osemusha okuthiwa uSimon uyakhumbula: “Ngikhumbula ngithandazela ukuba singasebenzi emgwaqweni othile, ngoba ngangazi ukuthi ugcwele izingane zasesikoleni.”

Kungokwemvelo ukuzizwa unexhala ngokuhlangana nothile omaziyo lapho ushumayela. Nokho, ukuvumela lokho kwesaba kukunqobe kungakulimaza kakhulu. Osemusha waseJalimane okuthiwa u-Alicia uyavuma: “Ngangingakuthandi neze ukushumayela kangangokuthi ingokomoya lami laqala ukuwohloka.”

Kungani nje kufanele ushumayele—ikakhulukazi uma kuyinto okunzima ukuba uyenze? Ukuze siphendule, ake sicabangele ukuthi kungani uNkulunkulu ekuthwesa lesi sibopho. Siyobe sesibonisa ukuthi ungakwazi kanjani ukunqoba ukwesaba kwakho, uma wenza umzamo futhi uzimisele.

Isibopho Sokushumayela

Okokuqala, kungase kukusize ukucabangela iqiniso lokuthi akukho okusha noma okuyinqaba ngokuhlanganyela ukholo lwakho nabanye. Kusukela ezikhathini zasendulo, amadoda nabesifazane abesaba uNkulunkulu baye benza kanjalo. Ngokwesibonelo, uNowa udumé njengomakhi womkhumbi omkhulu. (Genesise 6:14-16) Kodwa ngokweyesi-2 Petru 2:5, wayebuye abe “umshumayeli wokulunga.” UNowa wazizwa enesibopho sokuxwayisa abanye ngembubhiso eyayisondela.—Mathewu 24:37-39.

Kamuva, nakuba amaJuda ayenganikezwanga imiyalo eqondile yokuba ashumayeze abangewona amaJuda, amaningi ayeluhlanganyela ukholo lwawo nabanye. Ngenxa yalokho, owezizwe okuthiwa uRuthe wafunda ngoJehova. URuthe wabonga uninazala ongumJuda, uNawomi, wathi kuye: “Abantu bakho bayakuba ngabantu bami, uNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami.” (Ruthe 1:16) Kamuva, iNkosi uSolomoni yaphawula ukuthi abantu abaningi abangewona amaJuda babeyokuzwa ‘ngegama likaJehova elikhulu’ futhi bakhulekele ethempelini laKhe.—1 AmaKhosi 8:41, 42.

Uma lezi zinceku zikaNkulunkulu zasendulo zazikhuluma nabanye—nakuba zazingayaliwe ngokuqondile ukuba zenze kanjalo—yeka ukuthi amaKristu namuhla kufanele azizwe enesibopho esingakanani sokuba ashumayele! Phela, siyalwe ukuba sishumayele “lezizindaba ezinhle zombuso.” (Mathewu 24:14) Sinjengomphostoli uPawulu ngokuthi kubekwé isidingo phezu kwethu sokumemezela lezi zindaba ezinhle. (1 Korinte 9:16) Kuhilela ukusindiswa kwethu. EyabaseRoma 10:9, 10 ithi: “Uma ulivuma obala lelozwi ‘elisemlonyeni wakho siqu,’ ukuthi uJesu uyiNkosi, . . . uyosindiswa. Ngoba ngenhliziyo umuntu ubonisa ukholo kube ukulunga, kodwa ngomlomo umuntu uvuma obala kube insindiso.”

Ungakwenza kuphi lokho ‘kuvuma obala’? Nakuba ukushumayela ngokwethukela kunendima yako, inkonzo yendlu ngendlu isengezinye zezindlela eziphumelela kakhulu zokufinyelela abanye. (IzEnzo 5:42; 20:20) Ingabe ukhululekile ukuba ungahlanganyeli kulo msebenzi ngenxa nje yokuthi usemncane? Lutho neze. IBhayibheli linikeza lo myalo kumaHubo 148:12, 13: “Nani zinsizwa nezintombi, nani maxhegu nabafana. Mabadumise igama likaJehova.”

Inselele Yokushumayeza Ontanga

Kuyiqiniso ukuthi kungase kube nzima futhi kukukhathaze ukuba senkonzweni bese uhlangana nothile ofunda naye esikoleni. Phela, kumane kungokwemvelo ukufuna ukwamukeleka kwabanye. Akekho umuntu ofuna ukugconwa noma ukuhlanjalazwa. Njengoba osemusha okuthiwa uTanya esho, “izingane zesikole zinonya kakhulu!” Ngakho kungokwemvelo ukuba uzibuze ukuthi ofunda nabo esikoleni bayothini lapho bekubona ugqoke kahle uphethe neBhayibheli. Ngeshwa, kungenzeka ngempela ukuthi bayokugcona. Osemusha waseBrazil okuthiwa uFelipe uyakhumbula: “Kwakunomfana esasifunda naye ekilasini owayengumakhelwane. Wayevame ukuthi, ‘Usuphethe iBhayibheli futhi! Sinani leso sikhwama?’”

Ukugconwa ngaleyo ndlela akujabulisi neze. IBhayibheli lisitshela ukuthi u-Isaka, indodana ka-Abrahama, wayegconwa ngonya olukhulu ngumfowabo ngoyise, u-Ishmayeli. (Genesise 21:9) Umphostoli uPawulu akazange ayithathe kalula leyo mpatho embi. KweyabaseGalathiya 4:29, lo mphostoli wayibiza ngokufanele ngokuthi ‘ushushiso.’

Ngokufanayo, uJesu waxwayisa ngokuthi abanye abantu babeyoba nobutha kubalandeli bakhe. Wathi: “Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi liye langizonda mina ngaphambi kokuba linizonde nina. Uma beniyingxenye yezwe, izwe belizothanda lokho okungokwalo. Manje ngenxa yokuthi aniyona ingxenye yezwe, kodwa nginikhethile kulelizwe, ngenxa yalokhu izwe liyanizonda.”—Johane 15:18, 19.

Khona-ke, njengomKristu, kufanele ukulungele ukubhekana noshushiso oluthile. (2 Thimothewu 3:12) Ngisho noma ungakaze ubashumayeze ontanga yakho ngeBhayibheli, abanye bangase bakushushise ngoba nje unezindinganiso zokuziphatha eziphakeme futhi ungahlanganyeli nabo ekuziphatheni okungafanele. (1 Petru 4:4) Kodwa-ke, uJesu usho nanka amazwi aduduzayo: “Niyajabula lapho abantu benihlambalaza, benishushisa futhi ngokuqamba amanga besho yonke inhlobo yento embi ngani ngenxa yami.” (Mathewu 5:11) Ukugconwa kungakwenza kanjani ujabule? Ngenxa yokuthi uyazi ukuthi uthokozisa inhliziyo kaJehova uNkulunkulu! (IzAga 27:11) Futhi ngokuthokozisa uNkulunkulu, uba sethubeni lokuthola umvuzo wokuphila okuphakade!—Luka 10:25-28.

Ngokujabulisayo, cishe akubona bonke—noma ababaningi—ofunda nabo esikoleni abayoba nobutha uma uhlangana nabo enkonzweni. Osemusha waseBrithani okuthiwa u-Angela uyasikhumbuza: “Uma ufika kubo kwengane ofunda nayo esikoleni, ngokuvamile yiyona eba novalo ngaphezu kwakho!” Eqinisweni, abanye bangase bafune ukwazi ngempela ukuthi ubaphatheleni. Kunoma ikuphi, amaKristu amaningi asemasha ajabulela impumelelo enkulu ngokushumayeza abanye abafundi. Isihloko sethu esilandelayo kulolu chungechunge sizodingida izindlela nawe ongakwenza ngazo lokhu.

[Isithombe ekhasini 20]

Intsha eningi iyesaba ukuhlangana nefunda nabo esikoleni lapho isenkonzweni

[Isithombe ekhasini 22]

Ungakuvumeli ukugconwa kukubangele amahloni ngokholo lwakho

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela