Intsha Iyabuza . . .
Ngingazishumayeza Kanjani Izingane Engifunda Nazo Esikoleni?
“Kwathi ngishumayela ngavele ngazithela kothile engimaziyo. Kwaphela nasozwaneni! Lo engangabiwe naye kwadingeka angenele angikhulumele.”—U-Alberto.
“Ngangazi ukuthi enye yezingane engifunda nazo ihlala kulo mgwaqo, ngakho ngacela umfowethu ukuba akhulume kuzo zonke izindlu. Ngemva kwesikhathi wakhathala futhi wangicela ukuba ngikhulume endlini elandelayo. Uma ngingqongqoza—wé babo—nansi le ngane! Ngesaba kakhulu!”—UJames.
INTSHA ivame ukuba nomuzwa wokuthi “iyalahla” uma ixoxa ngenkolo. Kodwa phakathi kwamaKristu eqiniso, intsha iyalazisa ilungelo elinikwe uNkulunkulu lokuhlanganyela ukholo lwayo nabanye. Ngakho izinkulungwane zentsha engoFakazi BakaJehova zihlanganyela emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu. Kodwa abanye benza kanjalo besaba ukuthi bangase bahlangane nothile wasesikoleni sabo. UJennifer uthi: “Namanje ngisathuka uma ngihlangana nabantu engangifunda nabo,” yize noma sekukade aqeda esikoleni esiphakeme.
Uma ungumKristu osemusha, ungase uzizwe ngendlela efanayo ngezinye izikhathi. Yiqiniso, sonke siyakwesaba ukwenqatshwa, ngakho kungokwemvelo ukuzizwa ukhathazekile ngokuxoxa ngenkolo nezingane ofunda nazo.a Kodwa asikho isizathu sokuba ungenwe amanzi emadolweni. Uyayikhumbula indoda iBhayibheli eliyibiza ngokuthi “uJosefa wase-Arimatheya”? Yayizikholwa izinto eyayizifunda kuJesu. Kodwa iBhayibheli lichaza uJosefa ‘njengomfundi kaJesu kodwa owayezifihlile ngenxa yokwesaba kwakhe amaJuda.’ (Johane 19:38) Wena ubungazizwa kanjani ngomngane ofuna ukugcina ubungane benu buyimfihlo? (Luka 12:8, 9) Ngakho akumangalisi ukuthi uNkulunkulu ulindele wonke amaKristu ukuba ‘aluvume obala’ ukholo lwawo. (Roma 10:10) Lokho kuhlanganisa nokuxoxa nentsha esikoleni senu.
UJosefa wase-Arimatheya wakunqoba ukwesaba kwakhe, okungenani waze wafuna nemvume yokungcwaba isidumbu sikaJesu. Ungakunqoba kanjani ukwesaba kwakho?
Ukuhlakulela Ukuzimisela Ukushumayela
Umphostoli uPawulu wayengenawo nakancane amahloni okuhlanganyela ukholo lwakhe nabanye. KumaRoma 1:15, uzichaza njengolangazelela ukumemezela isigijimi seBhayibheli. Yini eyabangela ukulangazelela okunjalo? Njengoba kulotshiwe evesini 16, uthi: “Anginamahloni ngezindaba ezinhle; eqinisweni, zingamandla kaNkulunkulu ensindiso kuwo wonke umuntu onokholo.” Kuthiwani ngawe? Ingabe ngempela usuzitholele ngokwakho iqiniso? (Roma 12:2) Ingabe uyaqiniseka ukuthi isigijimi seBhayibheli ‘singamandla kaNkulunkulu ensindiso’?
Ukumane nje uye emihlanganweni yobuKristu nabazali bakho akwanele. Osemusha okuthiwa uDeborah uthi: “Kulula ukumane uye emihlanganweni nje ngoba kusho abazali bakho. Kodwa lapho abantu bengibuza imibuzo ngeBhayibheli, ngangingazi ukuthi ngichaze ngithini.” Osemusha okuthiwa uMi Young naye uyavuma: “Kufanele siqiniseke thina ngokwethu ukuthi leli yiqiniso.”
Yini engakushukumisela ukuthi uhlanganyele ulwazi lwakho lweBhayibheli nabanye? Ukulitadisha wena ngokwakho. Osemusha okuthiwa uSean uthi: “Uma uqala ukwenza isifundo sakho siqu seBhayibheli, uqala ukwenza iqiniso libe ngelakho. Uzifundela wena ngokwakho.” Yiqiniso, akubona bonke abantu abakukhuthalele ngokwemvelo ukufunda. UShevon uyavuma: “Angikuthandi ukufunda. Ngakho ekuqaleni kwakunzima kimi ukufunda INqabayokulinda ne-Phaphama! noma ukufunda iBhayibheli nsuku zonke. Kodwa lapho isikhathi siqhubeka, ngaqala ukukwenza lokho.”
Ukufunda ngenkuthalo kanjalo kunamuphi umphumela? Umphostoli uPawulu uthi: “Ukholo lulandela into ezwiweyo.” (Roma 10:17) Njengoba ukholo nokuqiniseka kwakho kukhula, isimo sakho sengqondo sizoshintsha nakanjani. Osemusha waseBrazil okuthiwa u-Elisângela waphetha kanje: “Ukuba umKristu kuwudumo, hhayi into okufanele ube namahloni ngayo.” Ngempela, njengoba ukholo lwakho lukhula, uzithola ushukumiseleka ukuba ukhulume nabanye—kuhlanganise nezingane ofunda nazo. UPawulu wathi: “Sibonisa ukholo, ngakho-ke siyakhuluma.” (2 Korinte 4:13) Ngalé kwalokho, ungaba ‘msulwa kanjani egazini’ labanye uma ugodlela izingane ozibona nsuku zonke ulwazi olunika ukuphila?—IzEnzo 20:26, 27.
Nokho, enye intsha izizwa ingakuhlomele ukuxoxa nabanye ngeBhayibheli. Osemusha okuthiwa uJoshua uthi: “Uma ungazi ukuthi uzothini, akumnandi ukuzama ukushumayela.” Nalapha futhi, ukuliqonda ngokujulile iBhayibheli kuyokusiza ukuba uliphathe ngokufanele. (2 Thimothewu 2:15) Emabandleni oFakazi BakaJehova, intsha ingaya kubadala bebandla icele usizo ekuhlakuleleni amakhono okufundisa. Osemusha waseJalimane okuthiwa uMatthias uthi: “Lapho ngiqala ukukhuluma ngempela nabantu—hhayi ukubanika izincwadi zeBhayibheli nje kuphela—ngaqala ukukujabulela ukushumayela.”
Okokugcina, ungathandaza kuNkulunkulu ukuba akusize ukhulume ngesibindi. (IzEnzo 4:29) Umphostoli uPawulu wathola usizo lukaNkulunkulu kule ndaba. Kweyoku-1 Thesalonika 2:2, uthi: ‘Saqunga isibindi ngoNkulunkulu wethu ukuba sikhulume kini izindaba ezinhle zikaNkulunkulu ngokushikashikeka okukhulu.’ Enye incwadi ithi la mazwi angase athi, “UNkulunkulu wakhipha ukwesaba ezinhliziyweni zethu.” Ngakho kungani ungathandazi ucele uNkulunkulu ukuba akhiphe ukwesaba enhliziyweni yakho?
Ukuziveza
Ngokuvumelana nalowo mthandazo, ungase uthathe isinyathelo esiqinile. Osemusha waseBrithani okuthiwa uChic uyaluleka: “Tshela izingane ofunda nazo ukuthi ungumKristu.” Awufuni ukuba ‘umfundi oyimfihlo.’ Osemusha okuthiwa uRebecca uyavuma ukuthi wake wesaba ukuhlangana nomuntu amaziyo lapho eshumayela. Kodwa uthi wathola ukuthi “uma ubatshela ukuthi ungumKristu nokuthi uhamba indlu ngendlu, ngezinye izikhathi bazobuza, ‘Pho, uyoke uze kithi?’”
Kodwa kungani ulinda ukuba kuzenzakalele? Funa amathuba okuhlanganyela ukholo lwakho nabanye esikoleni. Khumbula imibuzo eyabuzwa ngumphostoli uPawulu: “Bayolubeka kanjani ukholo kulowo abangezwanga ngaye? Bayozwa kanjani kungekho oshumayelayo?” (Roma 10:14) Usethubeni elingcono kakhulu lokusiza ofunda nabo ukuba bezwe. Osemusha okuthiwa u-Iraida uyaphawula: “Isikole siyinsimu yokushumayela okuyithina kuphela esingayisebenza.” Ngakho intsha eningi isebenzisa kahle isimo sayo ngokushumayela ngokwethukela.
Kodwa ngezinye izikhathi kunezabelo zesikole ezikunikeza ithuba lokuhlanganyela nabanye amaqiniso eBhayibheli. Intombazane yaseBrithani okuthiwa uJaimie iyalandisa: “Sasixoxa ngokuziphendukela kwemvelo ekilasini lesayensi, ngabe sengisho izinkolelo zami. Omunye umfana wabukisa ngami wathi oFakazi BakaJehova abayinto yalutho futhi abakufanelekeli nokufunda esikoleni. Kodwa, khona manjalo, ezinye izingane ekilasini zangikhulumela.” Ngokusobala idumela lakhe njengomKristu oyisibonelo lavuzwa. UJaimie uyanezela: “Ngenxa yalokho, ngagcina sengihambisele omunye umfundi incwadi ethi Is There a Creator Who Cares About You?”b
Intombazane yaseRomania eneminyaka engu-14 ubudala okuthiwa uRoxana ilandisa indaba efanayo: “Uthisha wamemezela ukuthi kuzoba nengxoxo yekilasi ngotshwala, ugwayi nezidakamizwa. Ngakho ngeza ne-Phaphama! ka-March 22, 2000, enesihloko esithi ‘Indlela Ongakuyeka Ngayo Ukubhema.’ Enye ingane yawubona lo magazini, yawuthatha, futhi yenqaba ukuwubuyisa. Ngemva kokuwufunda, yathi yayizimisele ukuyeka ugwayi.”
Ungase ungatholi ukusabela okuhle kanje ngaso sonke isikhathi. Kodwa umShumayeli 11:6 uyasinxusa: “Hlwanyela imbewu yakho kusasa, ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa, ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela.” Uma kungekho kusabela, ukuhlanganyela izinkolelo zakho nabanye esikoleni kuyobeka isisekelo sengxoxo ekhululekile uma kwenzeka uhlangana nengane ofunda nayo enkonzweni yasensimini. Osemusha waseBrithani okuthiwa uJessica uthi: “Empeleni kulula ukufakaza ezinganeni ofunda nazo ngoba usuzijwayele.” Ungase umangale ukuthi ezinye izingane ofunda nazo zinelukuluku kangakanani ngezinkolelo zakho.
Yiqiniso, akubona bonke abayokwamukela ngomusa. Kodwa uJesu wanikeza lesi seluleko esiwusizo: “Nomaphi lapho umuntu enganamukeli khona noma angawalaleli amazwi enu, lapho niphuma kuleyondlu . . . nithuntuthe uthuli ezinyaweni zenu.” (Mathewu 10:14) Ngamanye amazwi, akufanele kukuphathe kabi ukwenqatshwa. Mane nje uhambe ngokuthula ufune umuntu ozimisele ukulalela. Ngokushesha uzothola abantu abanhliziyo ziqotho abalambele iqiniso futhi abazimisele ukulalela. Ingabe bekungeke kujabulise uma omunye wabo bekungaba enye yezingane ofunda nazo? Uma kunjalo, uyojabula ngokuthi waba nesibindi sokuhlanganyela ukholo lwakho nezingane ofunda nazo.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kuthiwani Uma Ngihlangana Nothile Engifunda Naye Esikoleni?” kuyi-Phaphama! ka-March 8, 2002.
b Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 16]
“Uma uqala ukwenza isifundo sakho siqu seBhayibheli, uqala ukwenza iqiniso libe ngelakho.”—USean
[Isithombe ekhasini 14]
Ungesabi ukuziveza ukuthi ungumKristu
[Isithombe ekhasini 14]
Izabelo zasekilasini zivame ukuveza amathuba okuhlanganyela amaqiniso eBhayibheli nabanye