Izimo Ezesabekayo, Ukulokoza Kwethemba
“KWAKUZAMAZAMA IZAKHIWO NGAPHA NANGAPHA KWAMI FUTHI KUGQAMUKA AMALANGABI. NJENGOBA NGIBALEKA, ABANTU BABEKHALA YONKE INDAWO, BETHANDAZA FUTHI BECELA USIZO. NGANGICABANGA UKUTHI IZWE SELIYAPHELA.”—UG. R., OWASINDA EKUZAMAZAMENI KOMHLABA.
UNYAKA ngamunye kwenzeka ukuzamazama komhlaba okuyizigidi ongqimbeni lomhlaba wethu olunyakaza njalo. Kuyiqiniso ukuthi okuningi kwako akuzwakali.a Noma kunjalo, ngokwesilinganiso, cishe kwenzeka ukuzamazama komhlaba okungu-140 ngonyaka okukhulu ngokwanele ukuba kuthiwe “kunamandla,” “kuyinhloko,” noma “kukhulu.” Kuwo wonke umlando, lokhu kuye kwabulala izigidi zabantu futhi kwabangela nomonakalo wempahla ongenakulinganiswa.
Ukuzamazama komhlaba kunegalelo elikhulu ngokomzwelo kulabo abasindile. Ngokwesibonelo, ngemva kokuba kube nokuzamazama komhlaba izikhathi ezimbili e-El Salvador ekuqaleni kuka-2001, umqondisi wekomiti eyeluleka ngempilo yezengqondo emnyangweni wezempilo walelo zwe wathi: “Abantu baqalwa yizinkinga zengqondo ezibonakala ngokudumala, ukuphelelwa ithemba nentukuthelo.” Yingakho nje izisebenzi zezempilo e-El Salvador zabika ukwanda kwenani leziguli ezicindezelekile nezikhathazekile ngamaphesenti angu-73. Eqinisweni, ukuhlola kwabonisa ukuthi phakathi kwezidingo zalabo abasemakamu osizo, ukunakekelwa kwempilo yengqondo kwakungokwesibili ngemva kwesidingo samanzi.
Kodwa indaba yokuzamazama komhlaba ihilela okungaphezu nje kokufa, ukucekeleka phansi kwezinto nokuphelelwa yithemba. Ezimweni eziningi, lezi zinhlekelele ziye zashukumisela abantu ukuba babonise umusa nokuzidela okungaphezu kokuvamile. Ngempela, abanye baye basebenza ngokuzikhandla ukuze balungise izakhiwo ezibhidlikile basimamise nokuphila okuphazamisekile. Ithemba elinjalo liye lalokoza ngisho nasezimweni ezesabeka kakhulu, njengoba sizobona.
[Umbhalo waphansi]
a Lokhu kuhlanganisa nokuzamazama komhlaba okuncane kakhulu, okwenzeka izinkulungwane zako usuku ngalunye.
[Isithombe ekhasini 17]
E-Athens, eGreece, ubaba uyajabula ngokuthola ukuthi indodakazi yakhe eneminyaka emihlanu itakuliwe
[Umthombo]
AP Photos/Dimitri Messinis