Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 4/8 k. 8-k. 11 isig. 8
  • Ukubhekana Nenselele Yokuba Ngumama

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubhekana Nenselele Yokuba Ngumama
  • I-Phaphama!—2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izithiyo Zokuba Ngumama
    I-Phaphama!—2002
  • Izinselele Omama Ababhekana Nazo
    I-Phaphama!—2005
  • Ikhasi Lesibili
    I-Phaphama!—2002
  • Ukuthola Ukwaneliseka Njengomama
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 4/8 k. 8-k. 11 isig. 8

Ukubhekana Nenselele Yokuba Ngumama

Uma izingane zimelela isizukulwane esizayo, khona-ke abesifazane, okungonina abaziqeqeshayo, ngempela bafanelwe inhlonipho, udumo nokusekelwa. Nakuba izwe lanamuhla linemibono edidayo ngokuba ngumama, iBhayibheli liqinisekisa ukuthi izingane ziyisibusiso esivela kuNkulunkulu futhi zingaba umthombo wenjabulo kubazali. (IHubo 127:3-5) Nokho, imiBhalo ayiwashalazeli amaqiniso okuba ngumama. IBhayibheli libika ngezinselele zako eziningi.

Izinqumo abazali abazenzayo ngokukhulisa izingane nangendima kamama zinethonya elijulile nelihlala njalo ekuphileni nasebuntwini bezingane zabo. Lezi zinqumo zingenza ushintsho olukhulu endleleni yokuphila yabazali, ngakho kudingeka bazenze ngokucophelela. Zihlanganisa imibuzo enjengokuthi: Ingabe umama kufanele asebenze ngaphandle kwasekhaya? Uma kunjalo, kangakanani? Ubani ozonakekela izingane uma umama engekho esemsebenzini? Ekugcineni, abazali kumelwe benze lokho abakholelwa ukuthi kungcono kakhulu ezinganeni zabo nalokho okulungile phambi kukaNkulunkulu.

Kodwa omama akufanele bazizwe bebodwa kulo mzabalazo wokwenza izinqumo ezihlakaniphile. Bangathola induduzo enkulu emazwini ka-Isaya 40:11, obonisa ukuthi uNkulunkulu unesithakazelo esikhethekile ezidingweni zomama abanabantwana abancane, ‘ayobahola kahle.’ UNkulunkulu ubonisa leso sithakazelo esijulile ngokunikeza iziqondiso eziningana eBhayibhelini ezingenza ukuba ngumama kujabulise futhi kuphumelele.

❖ Yiba ngonengqondo: AmaKristu kufanele aziwe ngokuba nengqondo kwawo. (Filipi 4:5) UJanet Penley, ongumlobi nomama, wafunda ukubaluleka kwalesi simiso. Uthi: “Ngaqala ukuba ngumama ngelikhulu iqholo. Ngangizoba ngumama ongcono kakhulu kunanoma yimuphi owake waba khona. Ngangifunda zonke izincwadi futhi ngilalela bonke ochwepheshe. Kodwa esikhundleni sokuzizwa ngiphumelela futhi ngenza kahle, ngazizwa ngintula futhi ngikhathazekile.” Waphawula ukuthi “ukuzama ukwanelisa lokho okulindelwe abanye nokuzama ukufinyelela indinganiso ‘yokuphelela’ kukuqeda amandla futhi kukwenze ukhathazeke ube nomuzwa wecala.”

❖ Yenza izinto zibe lula: Umagazini i-Newsweek uthi: “Kulokhu kuphila okumatasa ngokungenangqondo imikhaya isengozini yokulahlekelwa isikhathi sobuntwana nenjabulo yokuphila komkhaya.” Yingakho omama abaningi befuna ukuphila okulula. Ungakufinyelela kanjani lokhu? Okokuqala, hlela izinto eziza kuqala, unake ‘izinto ezibaluleke ngokwengeziwe,’ kuhlanganise nesikhathi sokuba nezingane zakho nokunakekela izidingo zazo. (Filipi 1:10, 11) Okwesibili, hlaziya indlela yakho yokuphila. Kungase kudingeke ubekele eceleni imisebenzi noma izinto ezingadingekile ngempela.

Yini ebaluleke kakhulu ekuphileni kwakho? Ingabe ukuba nazo zonke izinto kanyekanye, noma ingabe eminye imigomo ingahlehliswa kuyilapho uphishekela eminye? UCarolyn, umama onemali elinganiselwe, usitshela indlela abhekana ngayo nesimo: “Ngigcina izinto zilula futhi nginciphisa izindleko.” UGloria, umama wezingane ezintathu, uyakhumbula: “Sasingenayo imali yezingubo zikanokusho, kodwa ngangithungela izingane izingubo, futhi ngangizitshela ukuthi lezi zikhethekile ngoba akukho muntu omunye onazo.”

IZwi likaNkulunkulu lithi umuntu “ogcina ingqondo uyakufumana okuhle.” (IzAga 19:8) Ukuqonda kuyadingeka ukuze uhlaziye uhide lwezinto zokuzijabulisa, imishini nokuthambekela okukhungethe omama nezingane. UJudith, umama waseNingizimu Afrika, uthi: “Sihlale sitshelwa ngemikhiqizo emisha, ubuchwepheshe obungcono nezinkonzo ezengeziwe!” Nansi indlela u-Angela, umama wezingane ezine eJalimane abhekana ngayo naleyo nselele: “Kufanele uthole ukuthi yini ebalulekile newusizo kuwe, futhi usize izingane zakho zenze okufanayo.”

❖ Yenza ushintsho ongakwazi ukulwenza: “Sebenzisa ingqondo nokwahlulela okuhle,” kululeka iBhayibheli. (IzAga 3:21, Contemporary English Version) Uma usebenza ngaphandle kwasekhaya manje, ingabe umkhaya wakho ungakwazi ukuphila ngomholo womyeni wakho kuphela? Ukuze uphendule lo mbuzo, thola ukuthi ingakanani imali osala nayo ngemva kokukhokha izintela, ukunakekela ingane, izindleko zokugibela, izingubo zokugqoka, ukudla ngaphandle nezinye izindleko. Futhi, umholo womyeni wakho ungase utheliswe kakhulu uma umholo wenu senihlangene unibeka ezingeni labantu abahola kahle kakhulu. Ungase umangale ukuthola ukuthi kusala okuncane kangakanani.

Abanye basebenza amahora ambalwa noma basebenze eduze nasekhaya, okungase kusho ukuthola imali encane kodwa kubanike isikhathi esiningi sokuba nezingane. Uma unquma ukuyeka ukusebenza kanti umsebenzi wakho ububalulekile kuwe, ukwenza uzizwe uwutho futhi unomuzwa wokwaneliseka ngokufeza okuthile, cabanga ngendlela ongazilondoloza ngayo lezi zici ezibalulekile kuyilapho ususekhaya.

❖ Thola usizo: IZwi likaNkulunkulu libonisa ngokuphindaphindiwe ukuthi ‘ukukhalela usizo’ kungaletha imiphumela. (Eksodusi 2:23, 24; IHubo 34:15) Ukukhalela usizo kukamama kufanele kushukumise umyeni ukuba amsize. Ngokubambisana naye ungase ukwazi ukusungula isimiso sokuhlanganyela umsebenzi wasendlini ukuze nibe nesikhathi sokufeza imigomo eniyibeke ndawonye—njengokuba nesikhathi nezingane zenu. Uma kungenzeka, umama kufanele athole usizo kubantu abahlukene, kuhlanganise umkhaya nabangane abanokwethenjelwa, abanezithakazelo nemigomo efana neyakhe.

Omama abaningi bathola ukusekelwa okuwusizo ebandleni lobuKristu labakholwa nabo lasendaweni. UMaría, umama wezingane ezintathu, waqaphela ukuthi “ukusondelana nebandla” kungenye yezindlela “uNkulunkulu asibonisa ngazo uthando nobubele nokuthi uyasikhathalela.”

❖ Zinike isikhathi sokuphumula: Ngisho noJesu, owayengumuntu ophelele enamandla amaningi, wamema abafundi bakhe ukuba baye ‘ngasese endaweni engenabantu futhi baphumule kancane.’ (Marku 6:30-32) Ukuphumelela kwakho njengomama kuxhomeke ekhonweni lakho lokulinganisela ezikhathini ezinzima. Kuyiqiniso ukuthi izingane zakho ziyakudinga, kodwa nazo zifuna ujabule futhi waneliseke. Udinga ukuphumula isikhathi esithile.

U-Angela, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, unesu lokuphumula: “Ngibekela eceleni isikhathi sasekuseni lapho kusathule. Ngithatha okungenani isigamu sehora ngingedwa. Futhi mina nomyeni wami siba nosuku olulodwa noma ezimbili ngesonto lapho ebusuku izingane ziba sekamelweni elithile endlini zenze okuthile ngokuthula. Ngakho singaba nesikhathi sethu sodwa.”

❖ Beka izinto ezingokomoya phambili: Kuye kwaphawulwa ukuthi izinselele zokuba ngumama zenziwa nzima ukulahlekelwa injongo nokungabi nezinto eziza kuqala. Imikhaya yamaKristu ithola injabulo uma isebenza ndawonye ukuze ibeke intando kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwayo. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kunenzuzo ezintweni zonke, njengoba kunesithembiso sokuphila kwamanje nalokho okuzayo.” (1 Thimothewu 4:8) Umkhaya ophila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu futhi ulandele iziqondiso zakhe eziseBhayibhelini uyothola injabulo. Ngisho noma kuyilungu elilodwa kuphela lomkhaya elisebenzisa izimiso zeBhayibheli, izinto ziba ngcono kunalapho kungekho muntu ozisebenzisayo.

U-Adele, umama ongumKristu osebenza isikhathi esigcwele, uye wazibona izinzuzo zokubeka izinto ezingokomoya phambili. Uthi: “Sinesiqondiso nokwaziswa okuningi ezincwadini ezisekelwe eBhayibhelini ezisifundisa ngezinto izingane zethu ezibhekana nazo nokuthi singazisiza kanjani. Ukubona izingane zakho zamukela lokho ozondla ngakho ngokomoya kukwenza waneliseke. Uma ubona izinto ezinhle ezincane ekuziphatheni kwazo nasendleleni yokucabanga, uyaqaphela ukuthi ziyakwamukela ukufundiswa nokuthi imizamo yakho iyavuzwa.”a

Yebo, kungenzeka ukugijima ngokuphumelelayo kulo mncintiswano onezithiyo wokuba ngumama. UNkulunkulu ngokwakhe unikeza isiqinisekiso esiduduzayo sokuthi imizamo yomama abakhuthele nabazidelayo abathembela kuye ngeke ibe yize. Omama abahlakulela ubuhlobo bomuntu siqu naye bangathola induduzo esithembisweni sakhe ‘sokupha oyethileyo amandla.’—Isaya 40:29.

[Umbhalo waphansi]

a OFakazi BakaJehova baye banyathelisa izincwadi eziningana ezisekelwe eBhayibhelini eziklanyelwe ukuqeqesha izingane. Lezi zihlanganisa INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo nethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.

[Ibhokisi ekhasini 10]

Ithonya Likamama

Njengomama, ngezinye izikhathi ungase uzibuze ukuthi unethonya elingakanani ekuphileni kwengane yakho. Ngezinye izikhathi, kungase kubonakale sengathi ithonya lontanga, othisha, ezokuzijabulisa, imidlalo yama-video nomculo liyaledlula elakho.

Cabangela isibonelo sikaJokebedi, unina kaMose. Wayephila ezikhathini ezinzima kakhulu futhi kungengakanani angakusho ngalokho okwakuzokwenzeka endodaneni yakhe. Kodwa wasebenzisa amathuba ayenawo ukuze athonye ukukhula kukaMose. Okokuqala, wabonisa ukholo nesibindi ngokwenqaba ukuvumela ukuba uMose abulawe. UNkulunkulu wavuza ukholo lwakhe hhayi nje ngokulondoloza ukuphila kwengane kuphela kodwa futhi ngokuhlela izimo ezavumela ukuba uJokebedi abe umzanyana wayo—nonina.—Eksodusi 1:15, 16; 2:1-10.

Kusobala ukuthi uJokebedi wasiza ekuthonyeni ubuntu bendodana yakhe. Iqiniso lokuthi lapho uMose esemdala wazihlanganisa namaHeberu noNkulunkulu wawo naphezu kokuxhumana nabasebukhosini eGibithe, lifakazela ithonya labazali bakhe lapho esakhula.—Heberu 11:24-26.

Njengomama, cishe unamathuba amaningi okuthonya ingane yakho kunoJokebedi. Ingabe uyisebenzisa ngokunenzuzo iminyaka embalwa emifushane lapho ingane yakho isencane uyinikeze imfundo ehlala njalo yokuhlonipha uNkulunkulu? Noma ingabe uvumela isiko elandile ukuba libe nethonya elibusa ukukhula kwengane yakho?

[Izithombe ekhasini 10]

Hilela nabanye emsebenzini wasendlini, beka isikhathi sokuba wedwa, futhi ubeke izinto ezingokomoya kuqala

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela