Liyini Ikusasa Lamaphoyisa?
CISHE bekuyoba nesiyaluyalu ukuba amaphoyisa abengekho. Kodwa njengoba ekhona, ingabe kuphephile emhlabeni? Emadolobheni amaningi namuhla, njengasezindaweni eziningi zasemaphandleni, kukhalwa ngokungabi bikho kokulondeka. Ingabe singalindela amaphoyisa ukuba asophule ebugebengwini obuhleliwe nasezigebengwini ezivamile? Amaphoyisa angayenza yini imigwaqo iphephe? Azobehlula yini ubugebengu?
Encwadini yakhe ethi Police for the Future uDavid Bayley usika elijikayo: “Amaphoyisa awabunqandi ubugebengu. Empeleni amaphoyisa amane nje ayibhandishi kumuntu onomdlavuza. . . . Asinakuthembela emaphoyiseni ukuba ophule umphakathi ebugebengwini ngisho noma ezinikele ngempela ekunqandeni ubugebengu.” Ucwaningo luye lwabonisa ukuthi imisebenzi emithathu eyinhloko yamaphoyisa—ukuzulazula agade emigwaqweni, ukusiza ezimweni eziphuthumayo nokuphenya ngobugebengu—ayibunqandi ubugebengu. Kungani kunjalo?
Ukuzama ukunqanda ubugebengu ngokwandisa inani lamaphoyisa kungabiza izindodla zemali. Ngisho noma ibikhona imali, izigebengu azinandaba nobuningi bamaphoyisa. Ukufika kwamaphoyisa ngokushesha lapho ebizwe khona nakho akubuqedi ubugebengu. Amaphoyisa aye abika ukuthi uma kuze kuphele umzuzu owodwa engakafiki endaweni okwenzeke kuyo ubugebengu, cishe ngeke esasithola isigebengu. Izigebengu ziyazi ukuthi awavamile ukushesha ngaleyo ndlela. Ukuphenya ngobugebengu nako akusizi. Ngisho noma abaseshi bephumelela ukuthola izigebengu futhi bazibophe, kubonakala bunganqandeki ubugebengu. E-United States kuboshwa izigebengu eziningi ukwedlula wonke amazwe, kodwa noma kunjalo izinga lobugebengu liphakeme kakhulu; kuyilapho eJapane, nakuba kuneziboshwa ezimbalwa, lincane kakhulu izinga lobugebengu. Ngisho nezinhlelo ezinjengokugadana komphakathi azikakabi nempumelelo ehlala njalo, ikakhulukazi ezindaweni ezigcwele ubugebengu. Umbhidlango wokulwa nezenzo ezithile zobugebengu, njengokushushumbisa izidakamizwa noma ukuphanga, wenza kuthi damu okwesikhashana, kodwa isimo siphinde sibuyele kwesivamile.
I-Police for the Future ithi: “Abantu abacabangayo akufanele kubamangaze ukuthi amaphoyisa ayehluleka ukunqanda ubugebengu. Kuyinto eyaziwayo ukuthi izimo zenhlalo ezingaphezu kwamandla amaphoyisa nezingaphezu komnyango wezobulungisa yizona ezinquma izinga lobugebengu emphakathini.”
Bekuyokwenzekani Ukube Abengekho Amaphoyisa?
Wenzenjani uma kungekho maphoyisa akugadile? Ingabe usizakala ngokuthi awekho bese wephula umthetho? Kuyamangalisa ukuthi baningi kangakanani abantu abahloniphekile nezikhulu abangonakalisa idumela nekusasa labo ngenxa yezinzuzo ezingekho zokukhwabanisa emsebenzini. I-New York Times muva nje ibike ‘ngabangu-112 ababekwe icala lokukhwabanisa, okuthiwa bakhwabanisela izinkampani zomshuwalense wezimoto. Phakathi kwalabo ababekwa icala kwakunabameli, odokotela, abelapha ngokulungisa ukuma kwamathambo, owelapha ngokubhucunga umzimba, owelapha ngokutshopa nonobhala woMnyango Wamaphoyisa.’
Esinye isigigaba esikhulu sokukhwabanisa esisanda kushaqisa izinginga zomkhakha wobuciko esokuthi labo ababengabaphathi beSotheby’s eNew York neChristie’s eLondon basho amanani entengo okungeyiwo. Bona kanye nalezi zinkampani ezithengisa izinto endalini kufuneka bakhokhe imali eyizigidi zezinkulungwane zamaRandi eyinhlawulo nesinxephezelo. Ngakho ubugovu bemali bugcwele kubantu abakuwo wonke amazinga emphakathini.
Lokho okwenzeka eRecife, eBrazil, ngo-1997 ngesikhathi amaphoyisa etelekile kubonisa ukuthi kulula ukuba abantu abaningi benze ubugebengu uma kungekho sithikamezo. Noma iziphi izimfundiso zenkolo okungenzeka banazo aziyithinti indlela abaziphatha ngayo. Bangazehlisa kalula noma bazishiye izimiso zokuziphatha. Akumangalisi-ke ukuthi amaphoyisa emazweni amaningi asebenzela emuva ezweni elingenamthetho, kungakhathaliseki ukuthi awukho ngezinga elincane noma elikhulu.
Ngakolunye uhlangothi, abanye abantu balalela imithetho ngoba behlonipha igunya. Umphostoli uPawulu watshela amaKristu aseRoma ukuthi kufanele azithobe emagunyeni uNkulunkulu awavumele ukuba abe khona ngoba enza kube nokuthula ngezinga elithile emphakathini. Ngokuphathelene nalelo gunya wabhala: “Liyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokubonisa ulaka kulowo okwenza umkhuba okubi. Ngakho-ke kukhona isizathu esicindezelayo sokuba nizithobe, hhayi kuphela ngenxa yalololulaka kodwa futhi nangenxa kanembeza wenu.”—Roma 13:4, 5.
Ukushintsha Kwezimo Emphakathini
Umsebenzi wamaphoyisa ngempela uyazenza zibe ngcono izimo emphakathini. Uma ingasekho imilaliso nobudlova emigwaqweni, abantu bavame ukuphila ngokuvumelana nalelo dumela elihle lomphakathi. Kodwa uma sikhuluma iqiniso, ukuguqula umphakathi kungaphezu kwamandla anoma yimaphi amaphoyisa.
Ungacabanga yini ngomphakathi onabantu abahlonipha umthetho kangangokuthi abawadingi amaphoyisa? Ungalibona yini ngeso lengqondo izwe elinabantu abakhathalelana kangangokuba omakhelwane bahlale bezimisele ukusiza futhi kungadingeki kucelwe usizo lwamaphoyisa? Mhlawumbe lokho kuzwakala kuyiphupho. Kodwa la mazwi kaJesu, yize ayengakhulumi ngamaphoyisa, ayasebenza. Wathi: “Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.”—Mathewu 19:26.
IBhayibheli likhuluma ngesikhathi esizayo okuyothi ngaso bonke abantu babuswe uhulumeni kaJehova uNkulunkulu. “UNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso . . . uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso.” (Daniyeli 2:44) Ngokufundisa bonke abantu abaqotho indlela kaNkulunkulu yothando, lo hulumeni omusha uyoshintsha izimo zokuphila ezibangela ubugebengu emphakathini. “Umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.” (Isaya 11:9) INkosi emiswe uJehova, uJesu Kristu, iyokwazi ukuqeda bonke ubugebengu. “Akayikwahlulela ngokubona kwamehlo akhe, anganqumi ngokuzwa kwezindlebe zakhe. Kepha uyakwahlulela abampofu ngokulunga, anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba.”—Isaya 11:3, 4.
Ziyobe zingasekho izigebengu noma ubugebengu. Ayobe engasadingeki amaphoyisa. “Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa.” (Mika 4:4) Uma ungathanda ukuba yingxenye ‘yomhlaba omusha’ ochazwe eBhayibhelini, manje isikhathi sokuba uhlole lokho uNkulunkulu akuthembisile eZwini lakhe.—2 Petru 3:13.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]
Ungacabanga yini ngomphakathi onabantu abahlonipha umthetho kangangokuthi abawadingi amaphoyisa?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]
Ziyobe zingasekho izigebengu noma ubugebengu
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 11]
Amaphoyisa Alwa Namaphekula
Njengoba lokho okwenzeka ngo-September 11, 2001 eNew York City naseWashington, D.C. kubonisa, abathumbi bezindiza, abathumbi babantu namaphekula babekela amaphoyisa inselele enzima kakhulu ekuvikeleni umphakathi. Emazweni amaningi emhlabeni kuye kwaqeqeshwa amaqembu akhethekile amaphoyisa ukuba ahlasele izindiza ezipakiwe. Aye afundiswa nezindlela zokungena ezakhiweni ngesinyenyela—ehle ngezintambo ophahleni, agxume emafasiteleni futhi ajikijele amabhomu adiyazelisa abantu namathini anesisi esikhalisa unyembezi. Ezikhathini eziningi lawo maphoyisa aqeqeshiwe aye aphumelela ukuba ethuse futhi anqobe amaphekula ukuze angabalimazi kakhulu abathunjwa.
[Umthombo]
James R. Tourtellotte/U.S. Customs Service
[Isithombe ekhasini 12]
Izinto eziyobe zingasadingeki ezweni elisha likaNkulunkulu