Indlela Ongaphila Ngayo Emphakathini Okhonzé Ukulahla
“IMVELO . . . ayilahli lutho.” Umagazini i-Time uthi lowo mbono owesazi esihlonishwayo sokugaya kabusha izinto. Sasikhuluma ngendlela emangalisayo izinto ezifile noma ezilahliwe ezisendaweni okuhlala kuyo izinto eziphilayo ezisetshenziswa ngayo ngaso sonke isikhathi ukuze kusizakale ezikwezinye izindawo. Kubikwa ukuthi lesi sazi sinomuzwa wokuthi “abantu bangazilingisa izindlela zemvelo zokungalahli lutho, kodwa kuyodingeka ubuchwepheshe obusha noshintsho olukhulu esimweni sengqondo.”
Cishe iningi lethu akukho lutho elingakwenza ukuze lisungule ubuchwepheshe obusha. Kodwa isimo sethu sengqondo sona singasilawula! Futhi isimo sengqondo esihle ngezimiso ezithile zokuziphatha okuhle eziyisisekelo siyosisiza sikwazi ukubhekana nezinkinga zokuphila emphakathini okhonzé ukulahla.
Gwema Ukusaphaza
Umuntu oyedwa kwabahlanu emhlabeni ulala elambile. Ukwazi lokhu kufanele kugcizelele kithi isidingo sokwazisa ukudla futhi sigweme ukukusaphaza. Umbhangqwana othile owaphindela eYurophu ngemva kweminyaka engu-28 uyizithunywa zevangeli e-Afrika wathi enye yezinselele ezinkulu obhekene nazo ekuzijwayelaniseni nezwe lakubo ukubuka “indlela abantu abasaphaza ngayo ukudla bese beyakuchitha.”
Abazali abahlakaniphile bafundisa izingane zabo ukuphaka ukudla ezingakudla kuphela. Ukwenza kanjalo kunciphisa udoti nokusaphaza. Kungcono uqale uphake kancane bese ucela okunye. Kodwa abazali kumelwe babeke isibonelo. Sonke uJesu wasibekela isibonelo ngokubonisa ukuthi uwazisa ngempela amalungiselelo kaNkulunkulu, angokwenyama nangokomoya. IBhayibheli libonisa ukuthi uJesu waqikelela ukuthi akakusaphazi ukudla—yize kwakuvezwe ngokuyisimangaliso kwaba inala!—Johane 6:11-13.
Isimiso sokugwema ukusaphaza singasetshenziswa nasezingutsheni, efenisheni, nasemishinini. Ukugcina izinto zisesimweni esihle nokuzisebenzisa uma nje zisaphila kubonisa ukuthi siyakwazisa esinakho. Akudingeki sikhohliswe imizamo yabezokukhangisa yokusenza sizizwe singanelisekile ngesinakho ngokusigabisela ngezinto ezinkudlwana, ezingcono, ezisheshayo, neziqinile kunalezi esinazo. Yiqiniso, singazishintsha izimpahla ezisaphila uma sithanda. Kodwa singakazishintshi, singase sithande ukuhlola isimo sethu sengqondo nezisusa.
Gwema Ukuhaha
Ngesikhathi ehamba ehlane eya eZweni Lesithembiso, ama-Israyeli anikezwa ukudla okuyimana. Ngokusho kweBhayibheli, imana laliyiziduli zabasali. Kodwa ama-Israyeli adonswa ngendlebe ukuba angahahi; kwakumelwe athathe elilingene ukuba alidle ngaleso sikhathi. Labo abangalalelanga bathola ukuthi ukuhaha akubuyiseli, ngoba imana elalisele lazalela izibungu laqala nokunuka. (Eksodusi 16:16-20) IBhayibheli aligwegwesi, likulahla ngokuqinile nangokuphindaphindiwe ukuhaha.—Efesu 5:3.
Akulona lodwa iBhayibheli elisho lokhu. Ngokwesibonelo, uSeneca, isazi sefilosofi esingumRoma nesingumbhali wemidlalo sekhulu lokuqala, wabona ukuthi umuntu ohahayo akaneliseki nhlobo. Wathi: “Konke okudaliwe ngeke kumanelise umuntu ohahayo.” U-Erich Fromm, isazi sefilosofi sekhulu lama-20, safinyelela esiphethweni esifanayo: “Ukuhaha kuwumgodi ongagcwali kukhathaza umuntu olokhu ezama ukwanelisa isidingo esithile kodwa anganeliseki nhlobo.” Ngalé kokugwema ukuhaha nokusaphaza, kunezinyathelo ezithile ezinhle abaningi abakhethe ukuzithatha.
Funda Ukupha
Ngaphambi kokulahla izinto ezisaphila, cabanga ukuthi obani abangakujabulela ukuzithola. Ngokwesibonelo, lapho izingane zishiywa izingubo zazo, ezinye izingane zingembulelwa yini zona? Ungakwenza yini okufanayo nangezinye izimpahla ezisaphila kodwa ongasazisebenzisi kakhulu njengakuqala? Yiphe omunye into obukujabulela ukuba nayo ukuze naye ajabule. Umbhali nomenzi wamahlaya waseMelika uMark Twain wake wabhala: “Ukuze injabulo yakho iphelele kumelwe ube nothile ozoyihlanganyela naye.” Mhlawumbe ubonile ukuthi injabulo yakho iyanda uma uyihlanganyela nabanye. Ngaphandle kwalokho, ngokupha ngale ndlela, uyasiza ekuqedeni imiphumela emibi yesimo sengqondo sokuthanda ukulahla.
Ukupha abanye kuyimfanelo enhle iBhayibheli eliyitusa kakhulu. (Luka 3:11; Roma 12:13; 2 Korinte 8:14, 15; 1 Thimothewu 6:18) Ngempela, yeka ukuthi izwe beliyoba ngcono kanjani ukube bonke abakulo bebezimisele ukupha!
Yaneliswa Izinto Ezidingekayo
Umuntu owaneliswayo uyajabula. Leli iqiniso elaziwayo. Isaga sesiGreki sithi: “Umuntu onganeliswa okuncane ngeke aneliswe yilutho.” AmaJapane wona athi: “Uyahlupheka umuntu onganeliseki.” IBhayibheli nalo liyakutusa ukwaneliseka. Siyafunda: “Empeleni, kuyindlela yokuthola inzuzo enkulu, lokhu kuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kanye nokwaneliswa. Ngoba asilethanga lutho ezweni, futhi asinakuhamba nalutho. Ngakho, uma sinokudla nokokwembatha, siyokwaneliswa yilezi zinto.”—1 Thimothewu 6:6-8; Filipi 4:11.
Yiqiniso, ukwaneliswa yilokho esinakho kungase kudinge ‘ushintsho olukhulu esimweni sengqondo.’ Intokazi okuthiwa uSusanne muva nje iye yabona ukuthi kudingeka yenze ushintsho olunjalo. Yathi: “Nganquma ukuthi njengoba ngangingenakukuthola konke engikufunayo, kumelwe ngifunde ukuthanda lokho enginakho. Manje ngiyajabula futhi nganelisekile.”
Ukwaneliseka kuyayiletha ngempela injabulo. UProfesa Argir Hadjihristev, isazi sokuguga saseBulgaria, uthi: “Ububi bokuqala obubedlula bonke ukunganeliswa yilokho okuncane umuntu anakho.” Ekhuluma ngezinzuzo zempilo zokwaneliswa, uyanezela: “Umuntu ongazami ukuphila kangcono kunomakhelwane wakhe, ongalokhu ezama ukuthola okuningi, akaphili ngokuncintisana futhi ngenxa yalokho akacindezeleki. Futhi izinzwa zakhe ziphatheka kahle.”
Yebo, umphakathi okhonzé ukulahla awusoze wayiletha injabulo yangempela. Ingasaphathwa-ke eyesimo sengqondo sokuthanda ukulahla! Kubonakala sengathi abantu abaningi sebeyakubona lokhu. Wena?
[Isithombe ekhasini 9]
Izingane kudingeka zifunde ukuthi zingakugwema kanjani ukusaphaza ukudla
[Isithombe ekhasini 9]
UJesu wabeka isibonelo esihle sokugwema ukusaphaza
[Isithombe ekhasini 10]
Kungani ungayiniki abanye into ongasayisebenzisi esikhundleni sokuba uyilahle?