Ingabe Uphephile Ezingozini Zezimoto?
“Nginomlando omuhle wokushayela, ngakho akudingekile ukuba ngikhathazeke ngokwenza ingozi yemoto.” “Abashayeli abasebancane nababudedengu yibona kuphela abavelelwa yizingozi.” Abaningi bacabanga ukuthi abasoze bavelelwe yingozi yemoto. Ingabe yileyo ndlela ozizwa ngayo? Uma kuziwa ezingozini zezimoto, ingabe ugonyiwe?
IZIBALO zibonisa ukuthi uma uhlala ezweni elithuthukile, cishe uyolimala engozini yomgwaqo okungenani kanye ekuphileni kwakho. Izingozi ezinjalo ziyababulala abaningi. Emhlabeni wonke, manje kufa abantu abangaphezu kwesigamu sesigidi unyaka ngamunye ezingozini zomgwaqo. Mhlawumbe abaningi abafa kulo nyaka odlule babenomuzwa wokuthi kwakungasoze kwenzeke kubo. Yini ongayenza ukuze unciphise amathuba engozi? Isihluthulelo siwukuyivimbela. Cabangela indlela ongazivimbela ngayo izingozi ezibangelwa ukozela nemiphumela yokuguga.
Umshayeli Owozelayo
Ochwepheshe abathile bathi umshayeli owozelayo angaba yingozi njengomshayeli odakiwe. Imibiko ibonisa ukuthi ukozela kubangela inani elandayo lezingozi. Muva nje, i-Fleet Maintenance & Safety Report ibonisé ukuthi ngonyaka owodwa nje, umshayeli oyedwa kwabangu-12 eNorway wathi wazumeka lapho eshayela. Ngokwe-Star saseGoli, eNingizimu Afrika, ukukhathala kwabashayeli kubangela ingxenye yesithathu yazo zonke izingozi zokushayisana kwezimoto kulelo zwe. Imibiko yakwamanye amazwe yembula ukuthi ukukhathala kuyabaphazamisa abashayeli kuzo zonke izindawo. Kungani kunabashayeli abaningi kangaka abozelayo?
Ukuphila kwanamuhla okumatasa kunomthelela kule nkinga. Muva nje umagazini i-Newsweek ubiké ukuthi kungenzeka abantu baseMelika “balala isikhathi esingaphansi kwesivamile ngehora nesigamu ubusuku ngabunye kunasekuqaleni kwekhulu leminyaka elidlule—futhi le nkinga iya idlondlobala.” Ngani? Lo magazini wacaphuna uchwepheshe wezinkinga zokulala uTerry Young ethi: “Abantu babheka ukulala njengento abangazincisha yona. Ukungalali ngokwanele sekubhekwa njengophawu lokukhuthala nentuthuko.”
Kuthiwa ngokuvamile umuntu udinga ukulala amahora aphakathi kwayisithupha nesigamu nangu-9 ubusuku ngabunye. Uma bezincisha ubuthongo, abantu baba “nesikweletu sokulala.” Umbiko owasakazwa yi-AAA Foundation for Traffic Safety uthi: “Ngisho nokulala isikhathi esingaphansi kwesidingekile ngemizuzu engu-30 noma engu-40 ubusuku ngabunye phakathi nesonto kungadala isikweletu sokulala samahora amathathu kuya kwamane lapho kufika impelasonto, okuyisikhathi esanele ukwandisa ukozela emini.”
Ngezinye izikhathi, kungenzeka ungalali kahle ebusuku. Ukuqwasha, ukunakekela umntwana ogulayo, noma ezinye izinto ezingaphezu kwamandla akho kungakwenza ungalali kahle. Ungase uzithole wozela lapho ushayela ngakusasa. Kufanele wenzenjani uma lokhu kwenzeka?
Amakhambi athandwayo anjengokuphuza ikhofi, ukuvula ifasitela, ukuhlafuna ushungamu, noma ukudla okuthile okubabayo angase angakugcini uphapheme. Alikho nelilodwa kula makhambi elixazulula inkinga. Okudingayo ukulala. Ngakho kungani ungazami ukuthatha isihlwathi? I-New York Times yasikisela: “Isihlwathi sokuziqabula emini akufanele sibe ngaphezu kwemizuzu engu-30; ngalé kwalokhu uvele uzumeke, bese kuba nzima ukuvuka.” Ukuthatha isihlwathi kungase kukubambezele, kodwa kungandisa ukuphila kwakho.
Indlela yakho yokuphila ingase ikuchaye engozini yokuba umshayeli owozelayo. Ingabe uchitha isikhathi esiningi kuyi-Internet, noma ingabe uhlala kuze kube sebusuku ubukele ithelevishini? Ingabe uhamba imibuthano yokuzijabulisa ephela entathakusa? Ungavumi ukuba imikhuba enjalo ikuncishe isikhathi sokulala. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yake yagcizelela ukubaluleka ‘kokuphumula ngisho nokuncane.’—UmShumayeli 4:6, NW.
Omakadebona Kodwa Sebekhulile
Abashayeli asebekhulile ngokuvamile yibona abangomakadebona emgwaqweni. Ngaphezu kwalokho, abazifaki engozini ngokungadingekile futhi bayakwazi ukulinganiselwa kwabo. Nokho, abashayeli asebekhulile abagonyiwe engozini yokushayisana kwezimoto. Eqinisweni, bangehlelwa kalula yizingozi ezinjalo njengoba beguga. Umagazini wase-United States i-Car & Travel wabika: “Abantu abaneminyaka engaphezu kuka-70 ubudala bakha amaphesenti angu-9 omphakathi, kodwa bakha amaphesenti angu-13 kubantu abafa ezingozini zomgwaqo.” Ngokudabukisayo, liyanda inani lezingozi zokushayisana kwezimoto ezihilela abantu asebekhulile.
Cabangela okushiwo uMyrtle, oneminyaka engu-80 ubudala.a Waqala ukushayela eminyakeni engaphezu kwengu-60 edlule futhi akakaze ahileleke engozini yemoto. Kodwa, njengabanye abaningi, ubhekana nemiphumela yokuguga—imiphumela engase imenze ahileleke engozini. Usanda kutshela i-Phaphama! ukuthi: “Njengoba uya ukhula, yonke into ekuphileni [kuhlanganise nokushayela] iba yinselele.”
Wenzeni ukuze anciphise amathuba okwenza ingozi yemoto? UMyrtle uthi: “Njengoba iminyaka iqhubeka ngiye ngenza izinguquko ukuze ngivumelane nobudala bami.” Ngokwesibonelo, uye wanciphisa ukushayela, ikakhulukazi ebusuku. Lolu shintsho oluncane lumsiza ukuba alondoloze umlando wokushayela ngokuphepha ngaphandle kokuyeka ukushayela ngokuphelele.
Nakuba kunzima ukuvuma, ukuguga kukhinyabeza wonke umuntu. (UmShumayeli 12:1-7) Kuphakama izinkinga ezihlukahlukene zempilo, siqala ukunwabuluka, futhi amehlo ayafiphala—konke okwenza kube nzima ukushayela ngokuphepha. Nokho, ukuguga ngokwako akumenzi umuntu angakwazi ukushayela. Okubalulekile ukuthi umuntu ushayela kanjani. Ukuqaphela ukuthi amakhono ethu omzimba ayashintsha bese senza izinguquko ezifanele endleleni yethu yokuphila kungathuthukisa ikhono lethu lokushayela.
Ungase ungaqapheli, kodwa ayashintsha amehlo akho. Njengoba ukhula, awube usakwazi ukubona kude futhi udinga ukukhanya okukhulu. Incwajana ethi The Older and Wiser Driver ithi: “Umshayeli oneminyaka engu-60 ubudala udinga ukukhanya okuphindwe kathathu kunosemusha ukuze abone, futhi kumthatha isikhathi esiphindwe kabili ukuzivumelanisa nobumnyama lapho esuka ekukhanyeni.” Lokhu kushintsha kwamehlo ethu kwenza kube nzima ukushayela ebusuku.
UHenry uneminyaka engu-72 ubudala futhi sekuyiminyaka engaphezu kwengu-50 engumshayeli ophephile. Njengoba iminyaka yayiqhubeka, waqala ukuqaphela ukuthi izibani zemoto ebusuku ziyamxhopha zenze kube nzima nokushayela. Ngemva kokuxilongwa amehlo, wathola ukuthi wayedinga izibuko ezintsha ezinciphisa ukuxhopha kwezibani ebusuku. UHenry uthi: “Akuseyona inkinga ukushayela ebusuku.” Kuye, lolu shintsho oluncane lwenza lukhulu endleleni yakhe yokushayela. Kwabanye, njengoMyrtle, ikhambi lingase libe ukuyeka ngokuphelele ukushayela ebusuku.
Ukuguga kuphazamisa nendlela yokusabela komuntu. Abantu abadala bangase bahlakaniphe futhi babe nengqondo kunentsha. Kodwa lapho umuntu eguga, kumthatha isikhathi eside ukuqonda isimo nokuthatha isinyathelo. Lokhu kwenza ukushayela kube yinselele nakakhulu, ngoba izimo emgwaqweni zishintsha njalo. Lolu shintsho kufanele lucatshangelwe ngokushesha ukuze umuntu athathe isinyathelo esifanele ngesikhathi.
Umagazini i-Car & Travel ubika ukuthi “imbangela evame kakhulu yezingozi ezimbi phakathi kwabashayeli asebekhulile iwukuthi umshayeli osekhulile weqe irobhothi.” Ngani? Wona lo mbiko uyaqhubeka: ‘Kubonakala sengathi inkinga iba sezimweni lapho umshayeli osekhulile kumelwe ahlaziye khona isimo esishintshayo ngokubheka kwesokunxele nakwesokudla ngaphambi kokuba anqamule umgwaqo.’
Ungazivumelanisa kanjani nokunwabuluka? Qaphela lapho usondela ezimpambanweni zemigwaqo. Zijwayeze umkhuba wokubhekisisa izimoto ngaphambi kokuba usuke. Qapha nangokwengeziwe lapho ujika. Ukujika ezimpambanweni zemigwaqo kungaba yingozi ngempela, ikakhulukazi uma umgwaqo ojikela kuwo unqamula imizila yezimoto ophambana nazo.
E-United States, amaphesenti angu-40 ezingozi ezimbi ezimpambanweni zemigwaqo ezenziwa abashayeli abaneminyaka engaphezu kwengu-75 ahilela ukujikela kwesokunxele. Nakhu i-AAA Foundation for Traffic Safety ekusikiselayo kubashayeli bakulelo zwe: “Ngezinye izikhathi ungathatha indlela ejikela kwesokudla kathathu ukuze ugweme ukujikela kwesokunxele.” Ungase ukwazi ukuvumelanisa leso simiso nezimo zendawo ohlala kuyo. Ngokuhlela kahle kusengaphambili, ungase ukwazi ukugwema imigwaqo eyingozi nokunzima ukujika kuyo.
Isinqumo Okufanele Usicabangele
Yini engakusiza ukuba uhlaziye ikhono lakho lokushayela? Mhlawumbe ungacela umngane omhloniphayo noma ilungu lomkhaya ukuba lihambe nawe lihlaziye ikhono lakho. Yibe usulalelisisa noma yikuphi elikuphawulayo. Ungase unqume nokwenza izifundo zokushayela ngokuphepha. Izinhlangano eziningi zokushayela zinezifundo eziklanyelwe ngokukhethekile abashayeli asebekhulile. Ukusinda ngokulambisa ezingozini ezimbi izikhathi ezimbalwa kungase kube uphawu oluyisixwayiso sokuthi ikhono lakho lokushayela aliselihle njengangaphambili.
Uma sesibhekana neqiniso, kungase kube usizo kuwe ukuyeka ukushayela ngokuhamba kwesikhathi. Kungase kube nzima ukwenza lesi sinqumo. UMyrtle, okukhulunywe ngaye ngaphambili, uyazi ukuthi maduzane kuzodingeka ayeke ukushayela. Njengoba lolo suku lusondela, useqalile kakade ukujwayela ukuhamba nabanye. Uzizwa kanjani ngokucela abanye ukuba bamshayelele? Uthi: “Akuve kumnandi ukuba semotweni ukhululekile ungashayeli.”
Ngemva kokucabangisisa ngale ndaba, ungase uzizwe ngendlela efanayo. Ungakujabulela kakhulu ukuya esitolo, ukwenza izinto ezithile nokubona abanye abantu nokunye uhambisana nomngane. Mhlawumbe umngane angahambisana nawe ashayele imoto yakho. Ukuhamba kanjalo kungaphepha kakhudlwana futhi kujabulise kunokuhamba wedwa. Enye indlela engase ibe usizo kungaba ukusebenzisa izinto zokuhamba zomphakathi, uma zikhona. Khumbula ukuthi ukubaluleka kwakho akuxhomekile ekhonweni lakho lokushayela. Izimfanelo zakho ezinhle yizo ezikwenza ube yigugu ngempela emkhayeni wakho nakubangane bakho—kanye nakuNkulunkulu.—IzAga 12:2; Roma 14:18.
Kungakhathaliseki ukuthi ungumshayeli osemdala noma osemncane, ungumakadebona noma uyimfundamakhwela, awugonyiwe ezingozini zezimoto. Qaphela ukuthi ukushayela kuwumthwalo wemfanelo ongathi sína. Thatha izinyathelo zokuphepha ukuze unciphise amathuba okuhileleka engozini. Ngokwenza kanjalo, ungase uzivikele wena nabanye ezinkambweni eziningi osazozihamba.
[Umbhalo waphansi]
a Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.
[Isithombe ekhasini 12]
Qiniseka ukuthi umzimba wakho “uthola amandla anele” ngokulala kahle ebusuku
[Isithombe ekhasini 13]
Ukuthatha isihlwathi kungase kukubambezele, kodwa kungasindisa ukuphila
[Isithombe ekhasini 13]
Abashayeli asebekhulile bangomakadebona kodwa banezabo izinselele
[Isithombe ekhasini 14]
Kuyazuzisa ukuhamba nomngane