Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 10/8 k. 10-k. 12 isig. 4
  • Ukuba Umzali Ongayedwa Ongasele Dengwane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuba Umzali Ongayedwa Ongasele Dengwane
  • I-Phaphama!—2002
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibiko Yabaphumelele
  • Cabangela Abazali Abangabodwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Imikhaya Enomzali Oyedwa Ingaphumelela!
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Abazali Abangabodwa, Indathane Yezinselele
    I-Phaphama!—2002
  • Imikhaya Enomzali Oyedwa Iyanda
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 10/8 k. 10-k. 12 isig. 4

Ukuba Umzali Ongayedwa Ongasele Dengwane

“Ngikwazisa kakhulu ukuba umama lapho izingane zami zifika ekhaya zingigone, zingitshele ukuthi ziyangithanda.”—UDORIS, UNINA WEZINGANE EZIMBILI.

ABAZALI abangabodwa bangathola isiqinisekiso kula mazwi aseBhayibhelini: “Abantwana bayisibusiso nesipho esivela eNKOSINI.” (IHubo 127:3, Contemporary English Version) Lapho izingane zikhulela emkhayeni onomzali oyedwa, ziyigugu ngendlela efanayo kuNkulunkulu. UMdali wethu ufisa ukubona imikhaya enomzali oyedwa iphumelela. IBhayibheli lithi ngaye: “Uyaphasa intandane nomfelokazi.” (IHubo 146:9) Abazali abangabodwa bangaqiniseka ukuthi uNkulunkulu ukulungele ukubaphasa.

Yilungelo lazo zonke izingane ukukhulela endaweni enothando, ephephile nelondekile eyozivumela ukuba zikhule ngokomzimba, ngokomzwelo nangokomoya. Kuyisibopho futhi kuyilungelo kumzali ngamunye ukuba asetshenziswe uNkulunkulu ukuba aqeqeshe ingane.

Abazali abaningi abangabodwa baye bathola ukuthi ukuze baphumelele kudingeka ukuphikelela emthandazweni, ukungaguquguquki ekusebenziseni izimiso zeBhayibheli, nokuncika ngokuphelele kuJehova. Lokhu kuvumelana nesikhuthazo esitholakala kumaHubo 55:22: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa.”

Ngezikhathi ezithile, omkhulu nogogo, abadala bebandla, nabazali asebengomakad’ ebona ebandleni lobuKristu bangase batholakale ukuze basize umkhaya onomzali oyedwa ekusingatheni izimo ezithile. Yiqiniso, amalungu omkhaya nabakhulekeli esikanye nabo bangaba neqhaza elikhulu ekusekeleni imizamo yabazali abangabodwa, kodwa sekukonke, umthwalo wemfanelo ovela kuNkulunkulu ukubazali bengane.a

Ngokujabulisayo, abazali abaningi abangabodwa baye baphumelela ukusingatha izinselele eziyingqayizivele zesimo sabo futhi bakhulisa izingane ezinokwethenjelwa, eziziphethe kahle nezesaba uNkulunkulu. I-Phaphama! yaxoxa nabanye babo. Nazi ezinye zezinto abazali abanjalo abavumelana ngazo.

• Ukuphatha ikhaya kahle. Abazali abangabodwa abaphumelelayo balwela ukuba bahleleke kahle futhi basebenza kanzima ukuze benze izinto ngesikhathi esimisiwe. Kudingeka ube namacebo amahle kanye nokuhleleka okufanele. IBhayibheli lithi: “Amacebo okhuthele ayamzuzisa.”—IzAga 21:5, NW.

• Ukuzibophezela. Abazali abangabodwa abaphumelelayo benza ukuphila komkhaya wabo kube phakathi kwezinto eziza kuqala. Bagxila ekubekeni izidingo zezingane zabo ngaphambi kwezabo.—1 Thimothewu 5:8.

• Ukuba nombono olinganiselayo. Abazali abangabodwa abaphumelelayo abazinciphisi noma bazikhulise izinkinga; bafuna amakhambi. Bamukela ubunzima futhi bazame ukubhekana nabo ngaphandle kokuzidabukela noma bakwenze ngenhliziyo ebuhlungu.

• Ukukhulumisana okuhle. Abazali abangabodwa abaphumelelayo bakhuthaza ukukhulumisana. Bakhuthaza umkhaya ukuba uveze imicabango nemizwa ngendlela ecacile nekhululekile. Ubaba othile ongayedwa wathi ngezingane zakhe: “Ngikhuluma nazo ngawo wonke amathuba. Siba nezikhathi zokudla ingevu lapho sipheka. Yingaleso sikhathi ezingithululela ngaso okusezifubeni zazo ngempela.”

• Ukuzinakekela wena. Naphezu kwezinto eziningi ezidinga isikhathi sabo, abazali abangabodwa abaphumelelayo bayaqaphela ukuthi kubalulekile ukuba banakekele izidingo zabo siqu ezingokomoya, ezingokomzwelo, nezingokwenyama. U-Ethel, umama ongayedwa ohlukanisile onezingane ezimbili, wachaza: “Ngiyazama ukuba nesikhathi esithile engizibekela sona eceleni. Ngokwesibonelo, lapho umngane wami efundisa abantabami umculo, kunginika isikhathi esingangehora sokuba ngedwa. Ngiyaye ngihlale phansi ngingayivuli i-TV.”

• Isimo sengqondo esihle. Abazali abangabodwa abaphumelelayo balondoloza umbono omuhle ngokuba abazali nangokuphila sekukonke. Bayakwazi ukubona ubuhle ezimweni ezicindezelayo. Umama ongayedwa wezingane ezintathu esezikhulakhulile uthi: “Ngiqaphelé ukuthi zikhona izinto ezijabulisayo nalapho ungumzali ongayedwa.”

Imibiko Yabaphumelele

Ingabe lezi zimiso ziyasebenza? Yebo, njengoba kungabonwa emibikweni eminingi yabazali abangabodwa abaphumelele. UGloria waseNgilandi, ongumama ongayedwa ohlukanisile futhi osebenzayo, okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala, wakhulisa amadodana amabili nendodakazi. Bonke bakhula baba yizikhonzi ezingamaKristu zesikhathi esigcwele, benikela ukuphila kwabo ekusakazeni imfundo yeBhayibheli. Lapho ebuzwa ukuthi waphumelela kanjani, uGloria wachaza: “Inselele yokuqala yayiwukuba nesifundo somkhaya seBhayibheli esithakazelisayo esiqhutshwa zikhathi zonke. Ngangifuna ukuba izingane zijabule, zibe nokuthula kwengqondo, zaneliseke futhi zivikeleke ezihibeni. Ngathola umsebenzi wasebusuku. Umgomo wami wawuwukuba ngibe nezingane zami noma nini uma ithuba livuma. Ngaphambi kokuba ngiye emsebenzini, sasithandaza njengomkhaya bese ngizilalisa. Ngangishiya umama omncane ekhaya ngesikhathi ngisemsebenzini.”

UGloria wazisiza kanjani izingane zakhe ukuba zihlele izinto eziza kuqala? Uyaqhubeka: “Umgomo wami oyinhloko wawuwukuba ngibeke izinto ezingokomoya kuqala. Sasingenayo imali eningi, futhi ngangingazifihleli lokhu izingane. Izinto engangibathuma ukuba bazenze yizinto nami engangizenza, ngakho bonke babebambisana nami.” Lapho ekhumbula indlela akwazi ngayo ukugcina umkhaya ubumbene, uGloria uthi: “Imfihlo kwakuwukwenza izinto ndawonye. Akekho owayezivalela ekamelweni lakhe. Sasipheka, sihlanza futhi sihlobise ndawonye. Sasenza imisebenzi yethu ngokulinganisela. Ngangiqiniseka njalo ukuthi sasiba nanesikhathi sokuzilibazisa.”

UCarolyn, umama ongayedwa womfanyana okuthiwa uJoseph, uyajabula ngendlela akhula ngayo. Iyini imfihlo yakhe? Uthi: “Sifunda iBhayibheli ndawonye ngesikhathi sokulala bese ngimbuza ngalokho akufundile.” Ngaphezu kwalokho, sikhetha izigaba ezithile ezincwadini ezisekelwe eBhayibhelini sizifunde sibonise ukuthi zisebenza kanjani. Lokhu kuyamsiza uJoseph lapho ebhekene nezinkinga, njengalapho bemqinela esikoleni.” UCarolyn uyavuma ukuthi ukuphila kwakhe akulula neze, kodwa akazizwa eyedwa. Uthi: “Kuwumshikashika oqhubekayo, kodwa nginomuzwa wokuthi uJehova uye wangisiza ngempela. Futhi ngithola isikhuthazo esikhulu ebandleni lobuKristu.”

Imibiko yezinkulungwane zabazali abangabodwa abaphumelele njengoGloria noCarolyn, ifakazela ukuthi abazali namuhla bangancika ezimisweni zeBhayibheli osekuyisikhathi eside ziphumelela ekukhuliseni izingane eziqinile ngokomoya. (IzAga 22:6) Ungaphumelela! Ukuba umzali ongayedwa kunezinselele eziningi ezingamathuba okukhula nawokwabelana nabanye. Ukuncika ngokuphelele kuNkulunkulu nokuqiniseka ukuthi uyokusiza kuyindlela engcono kakhulu yokubhekana nezinselele zokuba umzali ongayedwa.—IHubo 121:1-3.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngendlela imikhaya enomzali oyedwa engaphumelela ngayo, bheka Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya, isahluko 9, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Izithombe ekhasini 11]

Isifundo seBhayibheli somkhaya sasiza izingane ezintathu zikaGloria ukuba zibe yizikhonzi ezingamaKristu zesikhathi esigcwele. Lapha, babheke incwadi nesithombe sendodana eyizibulo, manje eyisithunywa sevangeli

[Izithombe ekhasini 12]

UCarolyn nendodana yakhe, uJoseph

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela