Ukuzijabulisa Ngamagangangozi—Kungani Kukhanga Kangaka?
ENKUNDLENI yamaRoma yasendulo, izixuku ezivukwe amadlingozi—ezibalelwa ku-50 000—zazimagange. Kwase kuyizinsuku zimagange njengoba izikhangiso ezazisakazwe kabanzi zazimemezele ukuthi lezi zenzakalo zaziyoba “indumezulu okungamelwe ikuphuthele.”
Nakuba imibukiso yezomlingo, opopayi nabenzi bamahlaya yayisabizela izindimbane zabantu ezindaweni zemidlalo yaseshashalazini, izenzakalo zasenkundleni zaziyingqayizivele. Abantu babekhohlwa ukuthi bahlezi ezihlalweni eziqinile bakhohlwe nayizinkathazo zosuku lapho becabanga ngemidlalo evusa amadlingozi eyayizokwethulelwa izibukeli.
Kwakungena abahlabeleli, balandelwe umpristi owayevunule ngezokholo. Khona-ke, kwakuba nodwendwe lwabaphethe impepho belandelwa abaphethe izithombe zonkulunkulu nonkulunkulukazi, bephakanyiselwe phezulu ukuze babonwe uwonk’ uwonke. Lokhu kwakwenza le mikhosi ibonakale sengathi inesibusiso sawonkulunkulu.
Kwakubulawa Izilwane
Manje kwase kuzoqala izenzakalo zangempela zokuzijabulisa. Okokuqala, izintshe nezindlulamithi, izibukeli eziningi ezaziqala ukuzibona, zazidedelwa enkundleni zingenandlela yokuphunyuka. Abacibisheli abaningi abanekhono abahlome ngeminsalo nemicibisholo babezibulala lezi zilwane ezingenakuzisiza, baziqothe ngothi lwazo, kujabule izibukeli ezivukwe yiqungo.
Ngokulandelayo izixuku ezihalalisayo zazijatshuliswa ngempi kawafawafa phakathi kwezindlovu ezinkulu ezimbili okwakufakwa emazinyweni azo izinsimbi ezinde ezicijile. Kuhlokoma ihlombe lapho esinye salezi zilwane ezinkulu siwela esihlabathini esigcwele igazi silimele kabi. Lesi senzakalo sasimane nje siyisandulela sombukiso omkhulu owawuzolandela emizuzwini engemingaki.
Umbukiso Omkhulu
Izixuku ezinequngo ziyasukuma njengoba kungena izilwi enkundleni, zihalalise ngehlombe. Ezinye zihlome ngezinkemba nezihlangu kanye nezigqoko zensimbi noma imimese, kanti ezinye azihlomile kahle futhi zigqoke izingubo ezilula. Zilwa bukhoma, ngokuvamile kuze kube yilapho esinye sazo noma zombili sezifile izibukeli zibe zihlokoma ngehlombe. Umlando ubonisa ukuthi kwesinye isenzakalo kwabulawa izilwane ezingu-5 000 ngezinsuku eziyikhulu. Kwesinye futhi isenzakalo kwabulawa izilwi ezingu-10 000. Noma kunjalo, izibukeli zazisafuna okwengeziwe.
Izigebengu neziboshwa zempi kwakuyizona ezihileleka kule midlalo njalo. Kodwa incwadi ethile ithi “akufanele zididaniswe neqembu lezilwi ezinekhono ezazilwa ngezikhali, ezazithola imali eshisiwe, futhi ezazingagwetshelwe ukudilikelwa yijele.” Kwezinye izindawo izilwi zaziya ezikoleni ezikhethekile ziyofundela ubuciko bokulwa bukhoma. Zinequngo, zazithatheka ngesasasa lalo mdlalo nokukhanga kwawo okubulalayo. Isifiso esiyinhloko sasiwukuqhubeka zilwa. Incwadi ethile iphetha ngokuthi “isilwi esasilwa izimpi ezingamashumi amahlanu ngaphambi kokuba sithathe umhlalaphansi sasibhekwa njengesiphumelele kakhulu.”
Ukulwa Nezinkunzi
Izwe selingene enkulungwaneni entsha yeminyaka osukwini lwethu. Kodwa kusobala ukuthi azikadambi izifiso zabantu abaningi abakhangwa yimidlalo engamagangangozi, ikakhulukazi leyo efaka ukuphila engozini. Ngokwesibonelo, sekungamakhulu eminyaka ukulwa nezinkunzi kuyisenzakalo esithandwayo eNingizimu Melika naseMexico. Namuhla, kuwumdlalo ochumayo eLatin America, ePortugal naseSpain.
Kubikwa ukuthi kunezinkundla ezibalelwa ku-200 eMexico nezingaphezu kuka-400 eSpain. Inkundla ethile eMexico ihlalisa abantu abangu-50 000. Eziningi zalezi zinkundla zigcwala phama abantu abazobukela amadoda elwa nezinkunzi ezivuke umbhejazane. Uma olwa nenkunzi ebonisa ubuvaka izihlwele ziyakloloda zibonise ukuthi azijabule.
Manje sekunezilwi zabesifazane, ezithola izindodla zemali ngokubulala izinkunzi. Owesifazane othile olwa nezinkunzi okwaxoxwa naye kuthelevishini wabonisa ukuthi akukho okwanelisa iqungo lakhe njengokulwa nenkunzi evuke umbhejazane, naphezu kosongo oluhlala lukhona lokuba imhlabe imbulale.
Ukujahwa Yizinkunzi
“Kunezihlwele ezenzé imigqa emine kwaSixto eCalle Estafeta ePamplona, futhi zenza umsindo ohlokomayo,” kusho umbiko othile. “Abakhona bakhuluma izilimi ezihlukahlukene—isiBasque, isiCastile, isiCatalonia nesiNgisi.” Izixuku ziyashesha ukubuthana zizobona lesi senzakalo. Izinkunzi ezigcinelwe impi zigcinwa ezibayeni eziqhele enkundleni ngebanga elingangekhilomitha.
Ekuseni ngosuku lwempi, amasango ezibaya ayavulwa, kudedelwe izinkunzi eziyisithupha, kuhlanganise neyodwa egciniwe, ezolwa ngalobo busuku. Umgwaqo uphahlwe yizakhiwo, futhi kuvinjwe nemigwaqo esemaceleni. Lokhu kuvula indlela enhle izinkunzi ezizogijima kuyo ziye enkundleni, okuyothatha imizuzu engaba mibili uma konke kuhambe kahle.
Eminyakeni eminingi edlule, amadoda azifaka engozini, anquma ukubona ukuthi angekwazi yini ukugijima ashiye lezi zinkunzi. Minyaka yonke akhona asakuzama lokhu. Ngokuhamba kwesikhathi, lokhu kwaba yisenzakalo somhlaba wonke. Izinkunzi ziye zawalimaza kabi amaningi, kanti amanye ziye zawahlaba afa. Omunye walaba bagijimi wathi: “Uma ucabanga ukuthi ungagijima uzishiye, uyazikhohlisa.” AbeSiphambano Esibomvu baseSpain bathi enkathini eyiminyaka engu-20, “kwakuba khona umuntu oyedwa owayehlatshwa usuku ngalunye.” Abanye abantu abangu-20 kuya kwabangu-25 babelashwa amanxeba nsuku zonke.
Kungani abantu bekhangwa yilo mdlalo oyingozi? Omunye umgijimi waphendula: “Leyo mizuzwana lapho uphakathi kwalezi zinkunzi, ugijima nazo, uzwa iphunga lazo nokukhala kwezinselo zazo, ubona izimpondo zazo zehla zenyuka eduze kwakho—yilokho kanye okukwenza ujabule.” Abagijimayo bagqugquzelwa yizihlwele ezihalalisayo. Ingabe bakhona abayodumala uma bengaboni muntu ehlwatshwa yinkunzi afe noma kungekho muntu ophonswa phezulu yinkunzi evuke umbhejazane? Kungenzeka yini ukuthi ukuchitheka kwegazi kukhanga abanye babo ngendlela okwakukhanga ngayo izihlwele ezinkundleni zaseRoma?
Ukudlala Ngokufa
Kukhona-ke nalabo abathanda ukudlala ngokufa ngezinye izindlela. Kunabagibeli bezithuthuthu abanamagangangozi abazifaka engozini yokufa noma yokulimala kabi ngokweqa uxhaxha lwezimoto ezingu-50 noma ngokweqa idlanzana lamabhasi amakhulu noma ngokweqa umhosha obanzi. Omunye umgibeli onjalo wesithuthuthu wabika ukuthi wayephuke amathambo omzimba angu-37 futhi waquleka izinsuku ezingu-30. Wathi: “Akusangethusi ukuphuka amathambo noma izingalo. . . . Ngiye ngenziwa ukuhlinzwa kwamathambo okukhulu izikhathi ezingu-12. Uyasikwa bese kufakwa ungcwecwe noma izipikili. Ngicabanga ukuthi ngiye ngafakwa izipikili ezingu-35 noma ezingu-40, ukuze kuhlanganiswe amathambo. Ngiphila esibhedlela.” Ngesinye isikhathi lapho elimala eprakthiza futhi engakwazi ukweqa idlanzana lezimoto, izihlwele zamklolodela zidumele.
Abantu abaningi abanamagangangozi bahlanganyela emidlalweni eyingozi, kuhlanganise nemigilingwane yokudlala ngokufa enjengokucaca amabhilidi amade ngaphandle kwezintambo, ukushwibeka ngoqwembe wehle intaba ephakeme ngamamitha angu-6 000, ukugxuma emibhoshongweni nasemabhulohweni aphakeme, ukuphuma nge-parachute endizeni uboshelwe emhlane womunye umuntu, noma ukucaca amawa aqethukile ambozwe yiqhwa ungaphethe lutho ngaphandle kwamagejambazo amancane. Othile ocaca izintaba zeqhwa wathi: “Ngihlala ngilindele ukuthi kunabangane bami abathathu noma abane abazofa ngonyaka.” Lena eminye yemigilingwane efaka ukuphila engozini esiyintandokazi kwezemidlalo. “Ithuba lokwehlelwa yinhlekelele yilona elenza imidlalo eyingozi ikhange kangaka,” kusho umlobi othile.
Umagazini i-U.S.News & World Report wabhala: “Ngisho nemidlalo eyingozi kakhulu kunayo yonke iyachuma. Ukushweza esibhakabhakeni, lapho ochwepheshe bama-parachute benza khona imigilingwane ngezingqwembe zepulangwe besebangeni elingamamitha angu-4 000 emoyeni, kwakungekho ngo-1990; manje sekukhanga izinkulungwane zabantu. Kanti umdlalo okuthiwa i-BASE jumping (owukweqa ezakhiweni, emibhoshongweni, emabhulohweni nasezimpakamweni zomhlaba), owasungulwa ngo-1980, manje ukhanga amakhulu abantu, abeqa ngama-parachute—ngokuvamile ngokungemthetho nasebusuku—ezintweni ezinjengemibhoshongo yomsakazo noma amabhuloho.” Kakade lo mdlalo usubulele abantu abaningi. “Ababaningi abantu abalimalayo kuyi-BASE jumping,” kusho umakad’ ebona kulo mdlalo. “Kuphakathi kokuthi uyaphila noma uyafa yini.”
Ukucaca amadwala emaqeleni ezintaba ungaphethe lutho nhlobo kukhanga izinkulungwane. Ngisho nezikhangiso zethelevishini nezomagazini ezikhangisa yonke into kusukela emalolini kuya emaphilisini ekhanda ziveza abaqwali bezintaba belenga ngendlela eyingozi emaweni ezintaba aphakeme kakhulu, bebanjwe yindophi nje encane. Kubikwa ukuthi ngo-1989 abantu abangaba ngu-50 000 e-United States babehlanganyela kulo mdlalo; muva nje sebebalelwa engxenyeni yesigidi abakhangwa yilo mdlalo oyingozi. Amanani abo ayanda emhlabeni wonke.
E-United States, “inani elandayo labafana namantombazane ‘avamile’ liyafa noma ligogeke ngenxa yokudlala imidlalo emisha eyingozi yobuhlanya,” kubika umagazini i-Family Circle. “Ukushweza ngemoto”—ukuphuma ngefasitela lemoto edla amagalani ume ophahleni lwayo—noma ukuma phezu kwekheshi elihambayo noma phezu kwesitimela esigijimayo sekubulale intsha eningi.
Ngisho nokuqwala iNtaba i-Everest sekuthandwa kakhulu kunanini ngaphambili. Abaqwala bengaqeqeshiwe bakhokha imali engaba ngu-R633 000 ukuze kube nobaholayo lapho bekhuphuka intaba nalapho behla. Kusukela ngo-1953, kunabaqwali abangaphezu kuka-700 abaye bafinyelela esiqongweni. Abaningi abakwazanga ukwehla. Ezinye izidumbu ziselapho entabeni. Intatheli ethile yabhala: “Abaqwalayo manje sebencintisana ngokufuna ukuqopha umlando ngokuba abaqwali be-Everest abancane, abadala, nabashesha kakhulu kunabo bonke.” Enye yabhala: “Ngokungafani nanoma yimuphi omunye umdlalo, ukuqwala izintaba kudinga ukuba umuntu azimisele ukufa.” Ingabe kufanele umuntu azifake engozini ukuze abonise ukuthi unesibindi? “Ukuba nesibindi akusho ukwenza izinto ezingenangqondo,” kuxwayisa umqwali wezintaba ongumakad’ ebona. Phakathi ‘kwezinto ezingenangqondo’ ubala “‘ukuthatha amashansi’ okuqwala iNtaba i-Everest ube ungeyena uchwepheshe wokuqwala izintaba.”
Yilokho kanye okwenzekayo. Inani nezinhlobo zemidlalo enamagangangozi esivamile emhlabeni wonke alinamkhawulo, kuya ngokuthi abayisungulayo bacabangani. Isazi esithile sokusebenza kwengqondo sibikezela ukuthi imidlalo eyingozi, lapho abadlali belengela khona egodini, “iyoba yimidlalo ephambili enezibukeli eziningi nabahlanganyeli ekhulwini lama-21.”
Kungani Bekwenza?
Abashisekeli abaningi bezemidlalo bathi ukuhlanganyela kwabo emidlalweni efaka ukuphila engozini kuyindlela yokubalekela isithukuthezi. Becikwe yimisebenzi evamile, abanye baye bayeka imisebenzi yokuziphilisa futhi baphishekela umsebenzi omusha emkhakheni wemidlalo eyingozi. Othile wathi: “Ngaqala umkhuba wokweqa ezindaweni eziyingozi njengesidakamizwa, njengendlela yokukhohlwa izinkinga. Ngangeqa bese ngithi, ‘Izinkinga? Ziphi zona?’” Umagazini othile wathi ngaye: “Ungumakad’ ebona oseqé izikhathi ezingu-456, kuhlanganise nokweqa e-El Capitan yaseYosemite, ebhulohweni laseSan Francisco Bay, nasekheshini eliphakeme kunawo wonke emhlabeni eFrance.”
Omunye ohlanganyela emidlalweni eyingozi wathi: “Uyakhohlwa yisikhathi. Awunamsebenzi nokwenzeka emhlabeni.” Omunye wathi: “Izinto esizenzela ukuzijabulisa [kwabaningi okuhlanganisa nomvuzo wemali], abantu abaningi bebengeke bazenze noma bekhonjwe ngesibhamu.” Umagazini i-Newsweek wathi: “Bonke baphokophele ukuthola injabulo.”
Ezinye izazi zokusebenza kwengqondo ziye zacwaninga kabanzi ngemidlalo enamagangangozi. Esinye sichaza abantu abanamagangangozi ngokuthi abantu abathola injabulo ngokuzifaka engozini, ngezinto ezihlasimulisa umzimba, ezikwenza uvukwe yiqungo, nesasasa. Sithi: “Kunabantu abakwazisayo ukuphila—banamathela emithethweni nasemasikweni. Abantu abanamagangangozi abanandaba nokuphila. Baziphilela ngendlela yabo.” Ubonisa ukuthi ucwaningo lubonisa ukuthi abantu abanjalo behlelwa yizingozi zomgwaqo ngokuphindwe kabili kunabanye. “Izingozi ziyimbangela eyinhloko yokufa kwentsha, ngokuvamile ngenxa yokuthi izifaka ezimweni eziyingozi ngoba ifuna ukuzijabulisa.”
Ososayensi nezazi zokusebenza kwengqondo bayavuma ukuthi akuyona into engokwemvelo ngomuntu ukufuna imidlalo enezingozi eziningi. Ukuthi abaningi baye bathola izingozi ezimbi, ezisongela ukuphila, kodwa kwathi lapho belulama ngemva kokuhlala isikhathi eside esibhedlela nasezikhungweni zezokwelapha babuyela emidlalweni yabo efaka ukuphila engozini, kubonisa ukuthi kukhona okungahambi kahle ekucabangeni kwabo. Kodwa, ngokuvamile laba ngabantu abahlakaniphe kakhulu.
Ochwepheshe abaqiniseki ukuthi yini eyengela abantu abanamagangangozi ekufakeni ukuphila kwabo engozini. Basikisela ukuthi kungenzeka izimpendulo zisebuchosheni. Bathi: “Awunakuwunqanda lowo muzwa wokufuna injabulo, kodwa uzama ukubavimbela bangazifaki ezingozini ezibulalayo. Okungenani, ulwela ukubenza bagweme ukufaka abanye abantu engozini.”
Umbono WamaKristu
AmaKristu abheka ukuphila njengesipho esiyigugu esivela kuJehova uNkulunkulu. Uma umuntu ngamabomu efaka ukuphila kwakhe engozini ngokungadingekile ukuze abonise ukuthi unesibindi—aveze ubuqhawe bakhe—noma ukuze ajabulise izihlwele noma anelise umuzwa wakhe wokufuna ukuvukwa amadlingozi, empeleni usuke edelela isipho sokuphila esimangalisayo esisiphiwe uNkulunkulu. Ngokuqinisekile uJesu wabonisa inhlonipho ejulile ngokuphila kwakhe futhi akazange akufake engozini ngokungadingekile. Wenqaba ukuvivinya uNkulunkulu.—Mathewu 4:5-7.
AmaKristu nawo anesibopho sokubonisa inhlonipho ngokuphila. “Ngake ngacaca idwala eliqethukile ngazithola ngingakwazi ukuhlehla noma ukuya phambili,” kubhala umKristu othile. “Nanamuhla ngisathuthumela uma ngicabanga ukuthi kwasala kancane ngife. Yeka ukuthi kwakuyoba ubuwula kangakanani ukufela ubala!”
UmKristu othile osemusha wabhala: ‘Endaweni engihlala kuyo, izingane zihlanganyela emidlalweni eminingi engamagangangozi. Zihlale zizama ukunginxenxa ukuba ngizijoyine. Kodwa ezindabeni ngivame ukubona imibiko yabantu abafayo noma abalimala kabi kule midlalo okuthiwa eyokuzijabulisa izingane ezingibelesela ngayo. Ngiyaqaphela ukuthi kungaba ubuwula ukuba ngikufake engozini ukuphila uJehova uNkulunkulu anginike kona, ukuze nje ngithole injabulo yesikhashana.’ Kwangathi nawe ungaba nomqondo nokuhluzeka okufanayo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 19]
© Reuters NewMedia Inc./CORBIS
[Umthombo Wesithombe ekhasini 22]
Steve Vidler/SuperStock