Umsebenzi Ofezwa Yizisebenzi Zokuzithandela
NJALO ngoLwesihlanu ntambama uSirley, uthisha waseBrazil osekhulile, uguqula igumbi lakhe lokuphumula libe ikilasi. Cishe ngehora lesibili, kufika u-Amélia, omunye wabafundi. Akaphuthi ngisho nakwesisodwa isifundo futhi kakade usefunda kangcono kunentsha eningi esesikoleni esiphakeme. U-Amélia uneminyaka engu-82 ubudala.
U-Amélia ulandela isibonelo sabantu asebekhulile abangaphezu kuka-60 abaye baphothula emakilasini okufunda mahhala uSirley awaqhubayo edolobheni lakubo. Muva nje, umsebenzi kaSirley wokuzithandela wavezwa ephephandabeni laseBrazil i-Jornal do Sudoeste. Ngemva kokuphawula ukuthi “ubambé iqhaza elikhulu ekuphileni komphakathi,” isihloko sephephandaba sathi indlela kaSirley yokufundisa asebekhulile iphumelela kakhulu kangangokuba “ngemva kokufunda ekilasini amahora angu-120 kuphela, basuke sebekwazi ukubhala izincwadi, ukufunda iphephandaba nokubala nokwenza eminye imisebenzi yansuku zonke.” Lesi sihloko sinezela ukuthi incwadi uSirley ayisebenzisayo yincwajana ethi Funda Ukuzifundela Nokubhala, elotshwe oFakazi BakaJehova.a
Ukusuka Ekubeni Namahloni Kuya Ekubeni Nesithunzi
Omunye wabafundi bakaSirley, uDona Luzia oneminyaka engu-68 ubudala, ulandisa ukuthi ngaphambi kokuba afunde ukuzifundela nokubhala, wayenamahloni okuxoxa nabanye. Ngisho nokuyothenga kwakunzima. “Manje sengibhalela izihlobo zami izincwadi kwamanye amadolobhana, futhi sengiyaziphathela imali yami. Akusekho muntu ongiphambayo,” esho emomotheka. UMaria, naye oneminyaka engu-68 ubudala, ukhumbula indlela ayezizwa enamahloni ngayo ukusayina isheke lakhe lempesheni ngokugxiviza isithupha. Uthi: “Ngangizizwa ngingelutho.” Kodwa ngenxa yala makilasi ezifundo, uMaria usekwazi ukubhala isignesha yakhe ngenjabulo.
Ukuncoma okuhle kwabafundi kanye nalabo asebaphothula sekwenze uhlelo lwezifundo lukaSirley lwathandeka kangangokuba igumbi lakhe lokuphumula seliyaminyana. Maduze ikilasi lizothuthela endaweni evulekile.
Uhlelo Olwazuza Umklomelo
USirley ungomunye woFakazi BakaJehova. Akungabazeki ukuthi ujwayelene nomsebenzi wokufundisa iBhayibheli oFakazi BakaJehova abawenza ngokuzithandela. Kodwa-ke, impumelelo kaSirley ayihlukile. Amakilasi ezifundo aqhutshwa emaHholo OMbuso amaningi kulo lonke elaseBrazil kakade asesizé abantu abangaphezu kuka-22 000 kulelo zwe ukuba bafunde ukuzifundela nokubhala.
Izinhlelo ezifanayo zoFakazi BakaJehova ziye zaba yimpumelelo nakwezinye izingxenye zomhlaba. Ngokwesibonelo, ezweni lase-Afrika, iBurundi, uMnyango Kazwelonke Wemfundo Yabantu Abadala (oyingxenye yoMnyango Wezemfundo) wahlatshwa umxhwele yimiphumela yohlelo loFakazi lwezifundo kangangokuba waklomelisa abane kothisha balezi zifundo ngenxa “yokuzikhandla ekufundiseni abanye ukuba bazifundele.” Izikhulu zikahulumeni zihlabeke umxhwele kakhulu ngenxa yokuthi abangamaphesenti angu-75 balabo abafunde ukuzifundela nokubhala kwakungabesifazane abakhulile—iqembu elivame ukugwema ukuhlanganyela ezifundweni ezinjalo.
EMozambique, kunabafundi abangu-4 000 ababhalise emakilasini ezifundo zoFakazi, futhi kunabafundi abangaphezu kuka-5 000 abaye bafunda ukuzifundela nokubhala kule minyaka emine edlule. Othile owayengumfundi wabhala: “Ngifisa ukubonga ngokusuka enhliziyweni. Ngenxa yalesi sikole, sengiyakwazi ukufunda nokubhala.”
Usizo Oluphuthumayo ‘Olungokoqobo, Olungaphoqelelwe’
Ukunikeza usizo oluphuthumayo kungenye inkonzo yokuzithandela eyenziwa oFakazi BakaJehova. Esikhathini esingeside esidlule ifektri ethile eseduze neParis, eFrance, yayiyisikhungo esimatasa. Izisebenzi zokuzithandela ezingaba ngu-400 zasebenzisa impelasonto yazo zipakisha amabhokisi okudla, izambatho nemithi. Ngemva kwempelasonto, amabhokisi amakhulu angu-9 ayegcwele izinto zosizo ezingadla amaRandi ayizigidi ezingu-8, ayeselungele ukuthunyelwa. Ngokushesha ngemva kwalokho, le mpahla yafika e-Afrika Ephakathi ekhungethwe yizimpi, lapho izisebenzi zokuzithandela zendawo ezingoFakazi zába khona impahla ngokushesha. Iningi lempahla nalo lalinikelwe ngoFakazi.
Iphephandaba elithile laseCongo (Kinshasa) lancoma umsebenzi wosizo woFakazi BakaJehova lithi “ungokoqobo, awuphoqelelwe.” Izikhulu ze-United Nations High Commissioner for Refugees (UNHCR) nazo ziye zazwakalisa ukuwusekela kwazo. Isikhulu esithile se-UNHCR eDemocratic Republic of Congo sasihlabeke umxhwele kakhulu ngokuhleleka komsebenzi wosizo owenziwa oFakazi kangangokuba sanikeza izisebenzi zokuzithandela imoto yaso ukuba ziyisebenzise. Abantu bendawo nabo bahlabeka umxhwele. Lapho ababukele beqaphela indlela izinto zosizo ezafinyelela ngokushesha ngayo kubo bonke ababezidinga, abanye babuza bemangele: “Nihlelwa kanjani ukuba nikwazi ukufinyelela wonke umuntu?”
Imizamo yokunikeza usizo yoFakazi BakaJehova nezinhlelo zabo zezifundo kumane nje kuyizibonelo ezimbili zezinkonzo osekuphele amashumi eminyaka zenziwa oFakazi emhlabeni wonke. Nokho, oFakazi bahileleke nakolunye uhlobo lomsebenzi wokuzithandela—inkonzo eyenza umahluko ohlala isikhathi eside ngempela. Isihloko esilandelayo sizocabangela lokhu.
[Umbhalo waphansi]
a Incwajana ethi Funda Ukuzifundela Nokubhala (etholakala ngezilimi eziyisithupha) kanye nencwajana yamuva ethi Apply Yourself to Reading and Writing (etholakala ngezilimi ezingu-29) zinyatheliswa oFakazi BakaJehova. Ukuze uthole ikhophi yamahhala, thintana neHholo LoMbuso langakini noma nabashicileli balo magazini.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6, 7]
Isimo Esishintshayo Somsebenzi Wokuzithandela
Nakuba uJulie ehambela umhlaba wonke ngenxa yebhizinisi, uyasithola isikhashana sokwenza umsebenzi othile wokuzithandela—amahora ambalwa noma usuku ngezikhathi ezithile. Muva nje lapho eseNingizimu Melika, wachitha intambama esiza ekhaya lezintandane eSantiago, eChile. Uthi ukuhambela izindawo ezihlukahlukene kuvula “amathuba amaningi” okwenza inkonzo yokuzithandela.
NjengoJulie, inani elikhulayo lezisebenzi zokuzithandela lidela isikhathi—kodwa esiyingcosana kakhulu. “Umkhuba omusha,” kusho uSara Meléndez, umongameli weqembu labacwaningi eliqoqa izibalo zomsebenzi wokuzithandela. “Abantu bayazidela ngokuzithandela, kodwa uma bekwenza, kuba isikhashana nje kanye kuphela.” Ngenxa yalokho, abagqugquzeli basenkingeni yalokho abanye abathi “ukuntuleka kwezisebenzi zokuzithandela,” njengoba bebhekene nobunzima bokuthola izisebenzi ezinhlelweni zabo.
“Umsebenzi Wokuzithandela Ovumelana Nezimo”
Abanye abagqugquzeli banomuzwa wokuthi lo mkhuba omusha—ukunikela ngesikhathi esincane—ubangelwa ukushintsha kwesimo sengqondo sezisebenzi zokuzithandela. “Umqondo wokuthi ‘ngiyatholakala uma nje ningidinga’ awusekho emsebenzini wokuzithandela,” kusho uSusan Ellis, umxhumanisi wamaqembu ezisebenzi zokuzithandela. “Abantu abafuni ukuzibophezela.” Intatheli u-Eileen Daspin iyavuma. Ngemva kokuxoxa nabaqondisi abambalwa bamaqembu okuzithandela ngokuntuleka kwezisebenzi, yaphetha ngokuthi “umsebenzi wokuzithandela ubhekene nesimo esinzima sokwesaba kwabantu ukuzibophezela.”
Nokho, umqondisi we-New York Cares, uKathleen Behrens, ocashunwe ekuqaleni kulolu chungechunge, unomuzwa wokuthi labo abazinikela ngokuzithandela isikhashana abakwenzi lokho ngoba bengafuni ukuzibophezela, kodwa kungenxa yokuthi abanaso isikhathi. Abantu abachitha amahora angu-50 nangaphezulu ngesonto emsebenzini kuyilapho benakekela izingane noma abazali asebekhulile abanakukwazi ukuhlanganyela emsebenzini wokuzithandela ngaso sonke isikhathi. Uthi: “Kodwa-ke, lona kanye iqiniso lokuthi laba bantu abamatasa basabheka inkonzo yomphakathi njengengxenye yokuphila kwabo libonisa ukuthi bazimisele kakhulu.”
UBehrens uthi okungasiza izisebenzi zokuzithandela ezinjalo ezingenaso isikhathi “umsebenzi wokuzithandela ovumelana nezimo.” Izinhlangano eziningi zokuzithandela sezinanemisebenzi ethatha usuku olulodwa kuphela. “Lokhu kwenza abantu bazinikele ngezindlela eziwusizo kodwa bakwazi ukukwenza cishe njalo uma izimo zibavumela.”
Kukhona nenani elikhulayo labantu abazinikela ngokuzithandela besebenzisa ama-computer ekhaya, beqongelela ukwaziswa futhi becwaninga. I-Wall Street Journal ithi: “Ukuzinikela ngokuzithandela usebenzisa i-computer mhlawumbe kuyingxenye engavamile, futhi abanye bathi ethembisayo, yalokho osekubizwa ngokuthi ‘umsebenzi wokuzithandela ovumelana nezimo.’”
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 8]
Ukusiza EKobe!
Lapho idolobha eliyitheku laseKobe, eJapane, ligadlwa ukuzamazama komhlaba ngo-January 1995, kwaba nomonakalo omkhulu. Njengoba kwafa abantu abangaphezu kuka-5 000, lokhu kwakuwukuzamazama komhlaba okubi kakhulu eJapane kusukela ngo-1923. Ngokushesha, oFakazi BakaJehova eJapane nasemhlabeni wonke baqala ukuthumela izinto zosizo kwababethintekile. Lapho kuvulwa isikhwama sokunikeza usizo, kwanikelwa ngemali engaphezu kwamaRandi ayizigidi ezingu-8 ngezinsuku ezintathu. Kwatheleka izinto zosizo ezihlukahlukene eKobe.
Umdala othile ongumKristu owayehileleke emsebenzini wokusiza wathola iHholo LoMbuso lakubo ligcwele pháma izinto ezingaphezu kwalezo ababengazisebenzisa. Kwakuzokwenziwa njani ngazo zonke ezinye? Wasikisela ukuba kunikelwe ngezinye izinto esibhedlela esiseduze. OFakazi bagcwalisa iveni banqamula phakathi kwemvithi belibangise khona. Lolu hambo lwathatha amahora esikhundleni semizuzu embalwa njengokuvamile. Esibhedlela, bayinikeza udokotela oyinhloko le mpahla—kuhlanganise nezingubo, omatilasi, amanabukeni, izithelo nemithi evamile. Ngenjabulo, lo dokotela wathi isibhedlela sasingajabulela noma yini oFakazi ababengabapha yona. Izithelo zajatshulelwa kakhulu, ngoba kwakungekho ukudla okwanele zonke iziguli.
Njengoba oFakazi babediliza lezi zinto, udokotela wama lapho ebukele ethule—naphezu komsebenzi ophuthumayo ayebhekene nawo. Wabe esekhothama ngokuzithoba wababonga. Lapho oFakazi behamba, udokotela waqhubeka emile lapho ukuze abonise indlela ayebonga ngayo. Umdala owayehilelekile waphawula ukuthi kamuva sona lesi sibhedlela sasibambisana kakhulu neziguli ezingoFakazi BakaJehova.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 9]
Umsebenzi Wokuzithandela—Amandla Okuhle
Lapho iqembu lezisebenzi zokuzithandela eKabezi, umzana waseBurundi, lifuna ukwakha iHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova, umphathi wendawo wenza isicelo esingavamile. Wacela oFakazi ukuba balungise umgwaqo odlula ngasesizeni okwakuzokwakhiwa kuso. Ngenjabulo, oFakazi bavuma ukulungisa umgwaqo owonakele, benza wonke umsebenzi ngezandla. Lezi zisebenzi zokuzithandela zawenza kahle kakhulu lo msebenzi kangangokuba iziphathimandla zendawo zabonga ukuzikhandla kwazo nomoya wokuzimisela. Ngemva kwalokho, lezi zisebenzi zakha iHholo lazo loMbuso, eliboniswe ngenhla. Manje zinesakhiwo esihle esizothuthukisa imfundo yeBhayibheli eminyakeni eminingi ezayo. Yebo, umsebenzi wokuzithandela onhlobonhlobo ungaba nezinzuzo ezinkulu.
[Izithombe ekhasini 6, 7]
USirley uthola ukwaneliseka ngokufundisa abanye ukuba bazifundele
[Umthombo]
Nelson P. Duarte-Jornal do Sudoeste